Bible Society of South Africa

Induduzo evela eZwini – Day 17

Amaculo endumiso

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

Ihubo 89

Umkhuleko wocela ukusizwa

IMaskili* lika-Ethani umEzra.

1Ngiyakuhlabelela ngomusa kaJehova kuze kube phakade,

ngomlomo wami ngazise izizukulwane

ngezizukulwane ukuthembeka kwakho.

2Ngokuba ngithe: “Umusa uyakwakhiwa kuze kube phakade;

ezulwini uyaqinisa ukuthembeka kwakho.”

Ihubo 89:1-2ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 103

Ihubo lokudumisa uNkulunkulu ngomusa wakhe

1Mbonge uJehova, mphefumulo wami;

konke okuphakathi kwami makubonge igama lakhe elingcwele.

2Mbonge uJehova, mphefumulo wami,

ungakhohlwa imisebenzi yonke yakhe yomusa,

3yena othethelela zonke izono zakho,

owelapha zonke izifo zakho;

4okhulula ukuphila kwakho ekubhujisweni,

okuqhelisa ngomusa nangobubele;

5osuthisa ukulangazela kwakho ngokuhle,

ubusha bakho bubuyiswe njengokhozi.

6UJehova ubenzela bonke abacindezelwayo

ukulunga nokwahlulela.

7Wamazisa uMose izindlela zakhe,

nabantwana bakwa-Israyeli izenzo zakhe.

8UJehova unobubele nesihawu;

wephuza ukuthukuthela, kuvama umusa.

9Akathethi njalonjalo;

akagcini intukuthelo yakhe kuze kube phakade.

10Akasiphathi njengokufanele izono zethu,

akasivuzi njengokwamacala ethu.

11Ngokuba njengokuphakama kwezulu phezu komhlaba

unjalo umusa wakhe phezu kwabamesabayo.

12Njengokuba impumalanga yahlukene nentshonalanga,

udedisile kangaka kithi iziphambeko zethu.

13Njengoyise ehawukela abantwana bakhe,

kanjalo uJehova uyabahawukela abamesabayo.

14Ngokuba uyakwazi ukubunjwa kwethu;

uyakhumbula ukuthi siluthuli.

15Izinsuku zomuntu zinjengotshani;

uyakhahlela njengembali yasendle.

16Ngokuba umoya uyadlula phezu kwayo, bese yinyamalala,

nendawo yayo ingabe isayazi.

17Kepha umusa kaJehova uphezu kwabamesabayo kwaphakade kuze kube phakade,

nokulunga kwakhe kubantwana babantwana,

18kubo abagcina isivumelwano sakhe

bekhumbula iziyalezo zakhe ukuba bazenze.

19UJehova umisile isihlalo sakhe sobukhosi ezulwini;

nombuso wakhe ubusa phezu kwakho konke.

20Bongani uJehova nina zingelosi zakhe,

nina maqhawe anamandla enenza okwezwi lakhe

nilalela ukukhuluma kwezwi lakhe.

21Bongani uJehova nina mabandla onke akhe,

nina zinceku zakhe enenza intando yakhe.

22Bongani uJehova nina misebenzi yakhe yonke

ezindaweni zonke zombuso wakhe.

Mbonge uJehova, mphefumulo wami.

Ihubo 145

Ubukhulu nobumnene bukaJehova

Indumiso kaDavide.

1Ngiyakukuphakamisa wena Nkulunkulu wami, Nkosi,

ngilituse igama lakho phakade naphakade.

2Imihla yonke ngiyakukubonga,

ngilidumise igama lakho phakade naphakade.

3Mkhulu uJehova, umelwe ukudunyiswa kakhulu;

ubukhulu bakhe abuphenyisiseki.

4Isizukulwane siyakubabaza kwesinye imisebenzi yakho,

simemezele izenzo zakho zamandla.

5Ngiyakuzindla ngenkazimulo nodumo lobukhosi bakho

nangezimangaliso zakho.

6Abantu bayakukhuluma ngamandla ezenzo zakho ezesabekayo;

ubukhulu bakho ngiyakubumemezela.

7Bayakweneka kakhulu inkumbulo yobuhle bakho obukhulu,

bahube ngokulunga kwakho.

8UJehova unesihe nobumnene;

uyephuza ukuthukuthela,

mkhulu ngomusa.

9UJehova muhle kubo bonke;

uyayihawukela imisebenzi yakhe yonke.

10Yonke imisebenzi yakho iyakukudumisa,

abangcwele bakho bakubonge.

11Ngenkazimulo yombuso wakho bayakukhuluma,

bashumayele ngamandla akho

12ukuba babazise abantwana babantu izenzo zakho zamandla

nenkazimulo yobukhosi bombuso wakho.

13Umbuso wakho ungumbuso kuze kube phakade;

ubukhosi bakho busezizukulwaneni ngezizukulwane.

14UJehova uyaphasa bonke abawayo,

abavuse bonke abathotshisiweyo.

15Amehlo abo bonke alinda wena;

uyabanika ukudla ngesikhathi esiyiso.

16Uyavula isandla sakho,

usuthise ukufisa kwakho konke okuphilayo.

17UJehova ulungile ezindleleni zakhe zonke,

unomusa emisebenzini yakhe yonke.

18UJehova useduze nabo bonke abambizayo,

bonke abambizayo ngeqiniso.

19Uyasuthisa ukufisa kwabamesabayo;

uyezwa ukukhala kwabo, abasindise.

20UJehova uyalondoloza bonke abamthandayo,

kepha ababi bonke uyakubabhubhisa.

21Umlomo wami uyakukhuluma udumo lukaJehova,

inyama yonke ibonge igama lakhe elingcwele kuze kube phakade.

Ihubo 146

Ukudumisa uJehova, umsizi olungileyo

1Haleluya!

Dumisa uJehova, mphefumulo wami.

2Ngisaphila ngiyakumdumisa uJehova,

ngihube kuNkulunkulu wami ngisekhona.

3Ningethembi ezikhulwini nasendodaneni yomuntu

okungekho kuyo ukusiza.

4Umoya wakhe uyaphuma,

yena abuyele emhlabathini wakhe;

ngalona lolo suku amacebo akhe ayaphela.

5Ubusisiwe yena omsizi wakhe unguNkulunkulu kaJakobe,

othemba lakhe likuJehova uNkulunkulu wakhe

6owenzile izulu nomhlaba,

nolwandle, nakho konke okuphakathi kwakho,

ogcina iqiniso kuze kube phakade;

7obenzela abacindezelweyo ukwahlulela,

obapha abalambileyo ukudla;

uJehova uyakhulula iziboshwa.

8UJehova uyenza ukuba izimpumputhe zibone;

uJehova uyavusa abathotshisiweyo;

uJehova uyathanda abalungileyo.

9UJehova uyalondoloza abafokazi;

uyaphasa intandane nomfelokazi;

kepha indlela yababi uyayiphambanisa.

10UJehova uyabusa kuze kube phakade,

uNkulunkulu wakho, Siyoni, ezizukulwaneni ngezizukulwane.

Haleluya!

Ihubo 147

Ukudumisa uJehova, uSomandla noMninimusa

1Haleluya!

Ngokuba kuhle ukuhlabelela kuNkulunkulu wethu, yebo, kumnandi;

ukudumisa kufanele.

2UJehova uyalakha iJerusalema;

abaxoshiweyo bakwa-Israyeli uyababutha.

3Uyaphilisa abenhliziyo echobozekileyo;

izilonda zabo uyazibopha.

4Uyabala inani lezinkanyezi,

azibize zonke ngamagama.

5INkosi yethu inkulu,

makhulu amandla ayo;

ukuqonda kwakhe akunakulinganiswa.

6UJehova uyaphakamisa abathobekileyo;

ababi uyabawisa phansi emhlabathini.

7Hubelani uJehova ngokubonga,

nimdumise uNkulunkulu wethu ngehabhu,*

8osibekela izulu ngamafu,

olungisela umhlaba imvula,

ohlumisa utshani ezintabeni.

9Unika izinkomo ukudla kwazo,

namazinyane egwababa akhalayo.

10Akathokozi ngamandla ehhashi,

akajabuleli imilenze yomuntu.

11UJehova uyathokoza ngabamesabayo,

abathemba umusa wakhe.

12Jerusalema, mbabaze uJehova;

Siyoni, mdumise uNkulunkulu wakho.

13Ngokuba uqinisile imigoqo yamasango;

ubusisile abantwana bakho phakathi kwakho.

14Uyenza ukuthula emikhawulweni yakho;

uyakusuthisa ngokolweni omuhle.

15Uyathumela umyalo wakhe emhlabeni;

izwi lakhe ligijima ngejubane elikhulu.

16Uyanika iqhwa njengoboya;

uhlakaza isithwathwa njengomlotha.

17Uyaphonsa isichotho sakhe njengezinhlamvu;

ngubani ongema phambi kwamakhaza akhe na?

18Uyathuma izwi lakhe, likuncibilikise;

uyavusa umoya wakhe,

amanzi agobhoze.

19Uyatshengisa izwi lakhe kuJakobe,

izimiso zakhe nezahlulelo zakhe ku-Israyeli.

20Akenzanga njalo kwesinye isizwe nesisodwa:

izahlulelo zakhe asizazi.

Haleluya!

Uma umuntu engaphansi kwengcindezi futhi edinga amandla kanye nenduduzo evela eNkosini, kuvamise ukuba azizwe ephelelwa amandla. Lezi zingxenye zeZifundo ezitholakala kuMahubo zibekwe ndawonye ngaphansi kwezihloko ukukusiza ukuba uthole amavesi eSifundo esifanelekile ezimweni zakho ezithile.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU