Bible Society of South Africa

Induduzo evela eZwini – Day 1

Ukuthembela kuNkulunkulu

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

Ihubo 123

Umkhuleko wocela ukusizwa ezidelelini

Igama lokukhuphuka.

1Ngiyaphakamisela kuwe amehlo ami,

wena ohlezi ezulwini.

2Bheka, njengamehlo ezinceku ekuzo izandla zamakhosi azo,

namehlo encekukazi ekuso isandla senkosikazi yayo,

kanjalo amehlo ethu akuye uJehova uNkulunkulu wethu,

aze abe nomusa kithi.

3Sihawukele, Jehova sihawukele,

ngokuba sesidiniwe kakhulu ngukudelelwa.

Ihubo 123:1-3ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 146

3Ningethembi ezikhulwini nasendodaneni yomuntu

okungekho kuyo ukusiza.

4Umoya wakhe uyaphuma,

yena abuyele emhlabathini wakhe;

ngalona lolo suku amacebo akhe ayaphela.

5Ubusisiwe yena omsizi wakhe unguNkulunkulu kaJakobe,

othemba lakhe likuJehova uNkulunkulu wakhe

Ihubo 146:3-5ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 121

Ukwethemba ukulondoloza kukaNkulunkulu

Igama lokukhuphuka.

1Ngiphakamisela amehlo ami ezintabeni;

usizo lwami luvelaphi na?

2Usizo lwami luvela kuJehova

owenzile izulu nomhlaba.

3Akayikuvuma ukuba unyawo lwakho lushelele;

okulondolozayo akayikozela.

4Bheka, olonda u-Israyeli akozeli,

akalali.

5UJehova ungumlondi wakho;

uJehova ungumthunzi wakho ngasesandleni sakho sokunene.

6Ilanga aliyikukushaya emini nenyanga ebusuku.

7UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke;

uyakulonda umphefumulo wakho.

8UJehova uyakulondoloza ukuphuma kwakho nokungena kwakho

kusukela kulesi sikhathi kuze kube phakade.

Ihubo 121:1-8ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Uma umuntu engaphansi kwengcindezi futhi edinga amandla kanye nenduduzo evela eNkosini, kuvamise ukuba azizwe ephelelwa amandla. Lezi zingxenye zeZifundo ezitholakala kuMahubo zibekwe ndawonye ngaphansi kwezihloko ukukusiza ukuba uthole amavesi eSifundo esifanelekile ezimweni zakho ezithile.

Bible Society of South Africav.4.27.6
SITHOLE KU