Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 77

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

1 iziKronike 6

48Abafowabo amaLevi banikelelwa yonke inkonzo yetabernakele* lendlu kaNkulunkulu. 49Kepha u-Aroni namadodana akhe bashiya iminikelo e-altare leminikelo yokushiswa nase-altare lempepho, benza nawo wonke umsebenzi wendawo engcwelengcwele, benzela u-Israyeli ukubuyisana njengakho konke ayale ngakho uMose inceku kaNkulunkulu.

50Nanka amadodana ka-Aroni: u-Eleyazare indodana yakhe, noFinehasi indodana yakhe, no-Abishuwa indodana yakhe, 51noBuki indodana yakhe, no-Uzi indodana yakhe, noZeraya indodana yakhe, 52noMerayoti indodana yakhe, no-Amariya indodana yakhe, no-Ahithubi indodana yakhe, 53noSadoki indodana yakhe, no-Ahimahasi indodana yakhe.

54Lezi ziyizindawo zawo zokuhlala njengamakamu* awo emikhawulweni yawo: amadodana ka-Aroni emindeni yamaKohati ngokuba yiwona adliwa yinkatho yokuqala 55wona bawanika iHebroni ezweni lakwaJuda namadlelo alizungezayo. 56Kodwa amasimu omuzi nemizana yawo bakunika uKalebi, indodana kaJefune. 57Banika amadodana ka-Aroni imizi yokuphephela, iHebroni neLibina namadlelo awo, neJatiri, ne-Eshitemowa namadlelo awo, 58neHileni namadlelo alo, neDebiri namadlelo alo, 59ne-Ashani namadlelo alo, neBetiShemeshi namadlelo alo, 60nasesizweni sakwaBenjamini, iGeba namadlelo alo, ne-Alemeti namadlelo alo, ne-Anathoti namadlelo alo. Yonke imizi yawo ngemindeni yawo yayiyimizi eyishumi nantathu.

61Amadodana aseleyo kaKohati anikwa ngenkatho emndenini wesizwe, enxenyeni yesizwe, inxenye kaManase, imizi eyishumi, 62namadodana kaGereshomu ngemindeni yawo esizweni sakwa-Isakare, nasesizweni sakwa-Asheri, nasesizweni sakwaNafetali, nasesizweni sakwaManase, eBashani, imizi eyishumi nantathu, 63namadodana kaMerari ngenkatho ngemindeni yawo esizweni sakwaRubeni, nasesizweni sakwaGadi, nasesizweni sakwaZebuloni imizi eyishumi nambili.

64Abantwana bakwa-Israyeli banika amaLevi leyo mizi namadlelo ayo. 65Banika ngenkatho leyo mizi ebizwe ngamagama esizweni sabantwana bakwaJuda, nasesizweni sabantwana bakwaSimeyoni, nasesizweni sabantwana bakwaBenjamini.

66Eminye imindeni yamadodana kaKohati yayinemizi yemikhawulo yayo esizweni sakwa-Efrayimi. 67Bayinika imizi yokuphephela: iShekemi ezintabeni zakwa-Efrayimi namadlelo alo, neGezeri namadlelo alo, 68neJokimeyamu namadlelo alo, neBeti Horoni namadlelo alo, 69ne-Ajaloni namadlelo alo, neGati Rimoni namadlelo alo, 70nasenxenyeni yesizwe sakwaManase i-Anere namadlelo alo, neBileyamu namadlelo alo, ibe ngeyomndeni oseleyo wamadodana kaKohati.

71Amadodana kaGereshomu anikwa emndenini wenxenye yesizwe sakwaManase iGolanu, eBashani, namadlelo alo ne-Ashitaroti namadlelo alo; 72nasesizweni sakwa-Isakare iKedeshi namadlelo alo, neDaberati namadlelo alo, 73neRamoti namadlelo alo, ne-Anemi namadlelo alo; 74nasesizweni sakwa-Asheri iMashali namadlelo alo, ne-Abidoni namadlelo alo, 75neHukoki namadlelo alo, neRehobe namadlelo alo; 76nasesizweni sakwaNafetali iKedeshi eGalile namadlelo alo, neHamoni namadlelo alo, neKiriyatayimi namadlelo alo.

77Aseleyo, amadodana kaMerari, anikwa esizweni sakwaZebuloni iRimono namadlelo alo neGhabori namadlelo alo, 78naphesheya kweJordani ngaseJeriko ngasempumalanga kwaseJordani esizweni sakwaRubeni iBeseri ehlane namadlelo alo, neJahasa namadlelo alo, 79neKedemoti namadlelo alo, neMefahati namadlelo alo; 80nasesizweni sakwaGadi iRamoti kwaGileyadi namadlelo alo, neMahanayimi namadlelo alo, 81neHeshiboni namadlelo alo, neJazeri namadlelo alo.

1 iziKronike 7

Isizwe sakwa-Isakare, nesakwaBenjamini, nesakwaNafetali, nesakwaManase, nesakwa-Efrayimi, nesakwa-Asheri

1Amadodana ka-Isakare: ngoThola, noPhuwa, noJashubi, noShimroni, bebane. 2Amadodana kaThola: ngo-Uzi, noRefaya, noJeriyeli, noJahemayi, no-Ibisamu, noShemuweli, izinhloko zezindlu zawoyise, abakwaThola, amaqhawe anamandla ngezizukulwane zawo; umumo wawo ngezinsuku zikaDavide wawuyizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili namakhulu ayisithupha. 3Amadodana ka-Uzi: nguJizirahiya; amadodana kaJizirahiya: ngoMikayeli, no-Obadiya, noJoweli, noJishiya, beyisihlanu, beyizinhloko bonke. 4Kanye nawo kwakukhona ngezizukulwane zawo ngezindlu zawoyise amaviyo empi yokulwa, abayizinkulungwane ezingamashumi amathathu nesithupha, ngokuba babe nabafazi abaningi namadodana amaningi. 5Abafowabo kuyo yonke imindeni ka-Isakare, amaqhawe anamandla, babe yizinkulungwane ezingamashumi ayisishiyagalombili nesikhombisa, bebhalwe bonke ngezizukulwane zabo.

6Amadodana kaBenjamini: ngoBela, noBekeri, noJediyayeli, bebathathu. 7Amadodana kaBela: ngo-Esiboni, no-Uzi, no-Uziyeli, noJerimoti, no-Iri, beyisihlanu, izinhloko zezindlu zawoyise, amaqhawe anamandla, beyizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili namashumi amathathu nane, bebhalwe ngezizukulwane zabo.

8Amadodana kaBekeri: ngoZemira, noJowashi, no-Eliyezeri, no-Eliyohenayi, no-Omri, noJeremoti, no-Abiya, no-Anathoti, no-Alemeti. Bonke labo babe ngamadodana kaBekeri. 9Babhalwa ngezizukulwane zabo, beyizinhloko zezindlu zawoyise, amaqhawe anamandla, beyizinkulungwane ezingamashumi amabili namakhulu amabili.

10Amadodana kaJediyayeli: nguBilihani; amadodana kaBilihani: ngoJewushe, noBenjamini, no-Ehudi, noKhenahana, noZethani, noTharishishi, no-Ahishahari. 11Bonke labo babe ngamadodana kaJediyayeli ngezinhloko zezindlu zawoyise, amaqhawe anamandla, beyizinkulungwane eziyishumi nesikhombisa namakhulu amabili abangaphuma impi ukuyokulwa. 12OShuphimi noHuphimi babe ngamadodana ka-Iri; uHushimi wayeyindodana ka-Aheri.

13Amadodana kaNafetali: ngoJasiyeli, noGuni, noJeseri, noShalumi, amadodana kaBiliha.

14Amadodana kaManase: ngu-Asiriyeli owamzalelayo umkakhe; isancinza sakhe umAramukazi sazala uMakiri uyise kaGileyadi. 15UMakiri wathathela oHuphimi noShuphimi abafazi; igama likadadewabo lalinguMahakha. Igama lowesibili lalinguSelofehadi; uSelofehadi wayenamadodakazi. 16UMahakha umkaMakiri wazala indodana, waqamba igama layo ngokuthi uPhereshi; igama lomfowabo lalinguShereshi; amadodana akhe ayengo-Ulamu noRakemi.

17Amadodana ka-Ulamu: nguBedani. Labo babe ngamadodana kaGileyadi kaMakiri kaManase. 18Udadewabo uHamoleketi wazala o-Ishihodi, no-Abiyezeri, noMahela. 19Amadodana kaShemida ayengo-Ahiyani, noShekemi, noLikihi, no-Aniyamu.

20Amadodana ka-Efrayimi: ngoShuthela, noBeredi indodana yakhe, noTahati indodana yakhe, no-Eleyada indodana yakhe, noTahati indodana yakhe, 21noZabadi indodana yakhe, noShuthela indodana yakhe, no-Ezeri no-Eleyadi ababulawa ngabantu baseGati ababezelwe kulelo zwe, ngokuba behla ukuthatha izinkomo zabo. 22U-Efrayimi uyise walila izinsuku eziningi; abafowabo beza ukumduduza. 23Wangena kumkakhe; wamitha, wazala indodana, waqamba igama layo ngokuthi uBeriya,* ngokuba indlu yakhe yayisengozini. 24Indodakazi yakhe yayinguSheyera owakha iBeti Horoni laseNzansi nelaseNhla, ne-Uzeni Sheyera.

25URefa wayeyindodana yakhe, noReshefi, noThela indodana yakhe, noThahani indodana yakhe, 26noLadani indodana yakhe, no-Amihudi indodana yakhe, no-Elishama indodana yakhe, 27noNuni indodana yakhe, noJoshuwa indodana yakhe. 28Ifa labo nezindawo zabo zokuhlala kwakuyiBethele nemizana yalo, nangasempumalanga iNaharani, nangasentshonalanga iGezeri nemizana yalo, neShekemi nemizana yalo, kwaze kwaba se-Aya nemizana yalo; 29nangasemikhawulweni yabantwana bakwaManase iBeti Sheyani nemizana yalo, neThahanaki nemizana yalo, neMegido nemizana yalo, neDori nemizana yalo. Kuleyo kwahlala abantwana bakaJosefa indodana ka-Israyeli.

30Amadodana ka-Asheri: ngoJimna, no-Ishiva, no-Ishivi, noBeriya, kanye noSera udadewabo. 31Amadodana kaBeriya: ngoHebere noMalikiyeli owayenguyise kaBirizayiti. 32UHebere wazala oJafeleti, noShomeri, noHothamu, noShuwa udadewabo. 33Amadodana kaJafeleti: ngoPhasaki, noBimihali, no-Ashivati. Labo babe ngabantwana bakaJafeleti. 34Amadodana kaShemeri: ngo-Ahi, noRohiga, noJehuba, no-Aramu. 35Amadodana kaHelemi umfowabo: ngoSofa, noJimna, noSheleshi, no-Amali. 36Amadodana kaSofa: ngoShuwa, noHarineferi, noShuhali, noBeri, no-Imra, 37noBeseri, noHodi, noShama, noShilisha, noJitrani, noBeyera. 38Amadodana kaJetheri: ngoJefune, noPhisipha, no-Ara. 39Amadodana ka-Ula: ngo-Ara, noHaniyeli, noRisiya.

40Bonke labo babe ngabantwana baka-Asheri, izinhloko zezindlu zawoyise, amaqhawe akhethekileyo anamandla, izinhloko zezikhulu. Umumo wabo ubhalwe ngezizukulwane zabo ukuba balwe empini wawungabantu abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nesithupha.

1 iziKronike 8

Umndeni kaSawule wesizwe sakwaBenjamini

1UBenjamini wazala uBela izibulo lakhe, no-Ashibeli owesibili, no-Ahara owesithathu, 2noNoha owesine, noRafa owesihlanu. 3UBela wayenamadodana: ngo-Adari, noGera, no-Abihudi, 4no-Abishuwa, noNahamani, no-Ahowa, 5noGera, noShefufani, noHuramu.

6Nanka amadodana ka-Ehudi, izinhloko zezindlu zawoyise zabakhe eGeba, ezathunjelwa eManahati, 7zathunjwa ngoNahamani, no-Ahiya, noGera owazala o-Uza no-Ahihudi.

8UShaharayimi wazala abantwana ezweni lakwaMowabi esemukisile oHushimi noBahara omkakhe. 9Wazala kuHodeshi umkakhe oJobabi, noSibiya, noMesha, noMalikamu, 10noJewuse, noShakiya, noMirima. Labo babe ngamadodana akhe, izinhloko zezindlu zawoyise. 11Wazala kuHushimi o-Abithubi no-Eliphahali.

12Amadodana ka-Eliphahali: ngo-Ebere, noMishamu, noShemedi, abakha i-Ono neLodi nemizana yawo, 13noBeriya, noShema, ababe yizinhloko zezindlu zawoyise zabakhe e-Ajaloni, abaxosha abakhe eGati; 14no-Ahiyo, noShashaki, noJeremoti, 15noZebadiya, no-Aradi, no-Edere, 16noMikayeli, noJishipha, noJoha, amadodana kaBeriya, 17noZebadiya, noMeshulamu, noHiziki, noHebere, 18no-Ishmerayi, noJiziliya, noJobabi, amadodana ka-Eliphahali, 19noJakimi, noZikiri, noZabidi, 20no-Eliyenayi, noSilethayi, no-Eliyeli, 21no-Adaya, noBeraya, noShimrati, amadodana kaShimeyi, 22noJishiphani, no-Ebere, no-Eliyeli, 23no-Abidoni, noZikiri, noHanani, 24noHananiya, no-Elamu, no-Anithothiya, 25no-Ifideya, noPhenuweli, amadodana kaShashaki, 26noShamusherayi, noShehariya, no-Athaliya, 27noJahareshiya, no-Eliya, noZikiri, amadodana kaJerohamu. 28Labo babe yizinhloko zezindlu zawoyise, izinhloko ezizukulwaneni zabo, bahlala eJerusalema.

29EGibeyoni kwahlala uyise kaGibeyoni ogama lomkakhe lalinguMahakha; 30izibulo lakhe lalingu-Abidoni, kanye noSuri, noKishi, noBali, noNadabi, 31noGedori, no-Ahiyo, noZekeri. 32Kepha uMikiloti wazala uShimeya. Nabo bahlala nabafowabo eJerusalema malungana nabafowabo.

33UNeri wazala uKishi; uKishi wazala uSawule; uSawule wazala oJonathani, noMaliki Shuwa, no-Abinadaba, no-Eshi Bali.

34Indodana kaJonathani yayinguMeribi Bali; uMeribi Bali wazala uMika. 35Amadodana kaMika: ngoPhithoni, noMeleki, noThareya, no-Ahazi. 36U-Ahazi wazala uJehohada; uJehohada wazala o-Alemeti, no-Azimaveti, noZimri; uZimri wazala uMosa; 37uMosa wazala uBineya; uRafa wayeyindodana yakhe; ngu-Eleyasa indodana yakhe, ngu-Aseli indodana yakhe; 38u-Aseli wayenamadodana ayisithupha; amagama awo yilawa: o-Azirikamu, noBokeru, no-Ishmayeli, noShehariya, no-Obadiya, noHanani. Bonke labo babe ngamadodana ka-Aseli. 39Amadodana ka-Esheki umfowabo: ngu-Ulamu izibulo lakhe, noJewushe owesibili, no-Elifeleti owesithathu. 40Amadodana ka-Ulamu ayengamaqhawe anamandla, ansala umnsalo; ayenamadodana amaningi namadodana amadodana amaningi, eyikhulu namashumi ayisihlanu. Labo babe ngamadodana kaBenjamini.

1 iziKronike 6:48-8:40ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU