Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 76

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

1 iziKronike 4

Izizukulwane zikaJuda noSimeyoni

1Amadodana kaJuda: ngoPheresi, noHesironi, noKarmi, noHure, noShobali. 2URewaya indodana kaShobali wazala uJahati; uJahati wazala o-Ahumayi noLahadi. Leyo yayiyimindeni yamaSorati. 3Yilaba abangabakayise ka-Etamu: oJizreyeli, no-Ishima, no-Idibashi, igama likadadewabo lalinguHaseleliponi 4noPhenuweli, uyise kaGedori, no-Ezeri, uyise kaHusha. Yilabo ababe ngamadodana kaHure izibulo lika-Efratha, uyise kaBetlehema. 5U-Ashuri uyise kaThekhowa wayenabafazi ababili, oHela noNahara. 6UNahara wamzalela o-Ahuzamu, noHeferi, noThemeni, noHawahashitari. Yilabo ababe ngamadodana kaNahara. 7Amadodana kaHela: ngoSereti, noJisihari, no-Ethinani. 8UKhosi wazala o-Anubi, noSobeba, nemindeni ka-Ahariheli indodana kaHarumu.

9UJabesi wayetuseka kunabafowabo; unina wamqamba igama lokuthi uJabesi,* ethi: “Ngokuba ngamzala ngibuhlungu.” 10UJabesi wabiza uNkulunkulu ka-Israyeli, wathi: “Sengathi ungangibusisa nokungibusisa, wandise umkhawulo wami, isandla sakho sibe nami, ungivikele ebubini, ngingehlelwa ngubuhlungu.” UNkulunkulu wamnika akucelayo.

11UKelubi umfowabo kaShuba wazala uMehiri owayenguyise ka-Eshitoni. 12U-Eshitoni wazala uBeti Rafa, noPhaseya, noThehina uyise ka-Iri Nahashi. Yilabo ababe ngamadodana kaRekha.

13Amadodana kaKenazi: ngo-Otheniyeli noSeraya; amadodana ka-Otheniyeli: nguHathati. 14UMehonothayi wazala u-Ofira; uSeraya wazala uJowabe uyise wesigodi sabakhandi, ngokuba babe ngabakhandi.

15Amadodana kaKalebi indodana kaJefune: ngo-Iru, no-Ela, noNahamu, namadodana ka-Ela, noKenazi.

16Amadodana kaJehaleli: ngoZifi, noZifa, noThiriya, no-Asareli.

17Amadodana ka-Ezra: ngoJetheri, noMeredi, no-Eferi, noJaloni; wazala oMiriyamu, noShamayi, no-Ishiba uyise ka-Eshitemowa. 18Umkakhe umJudakazi wazala uJeredi uyise kaGedori, noHebere uyise kaSoko, noJekuthiyeli uyise kaZanowa. Kepha abanye babe ngamadodana kaBithiya indodakazi kaFaro eyathathwa nguMeredi.

19Amadodana omkaHodiya udadewabo kaNahamu ayenguyise kaKeyila umGarimi no-Eshitemowa umMahakha.

20Amadodana kaShimoni: ngo-Amnoni, noRina, noBeni Hanani, noThiloni. Amadodana ka-Ishi: ngoZoheti noBeni Zoheti.

21Amadodana kaShela indodana kaJuda: ngu-Eri, uyise kaLekha, noLahada uyise kaMaresha, nemindeni yendlu yabaluka ilineni elicolekileyo bendlu ka-Ashibeya, 22noJokimi, nabantu baseKhozeba, noJowashi, noSarafi ababebusa kwaMowabi, noJashubi Lehemi. Ngezasendulo kodwa lezi zindaba. 23Labo babe ngababumbi nabakhileyo eNethayimi naseGedera; bahlala khona nenkosi ngomsebenzi wayo.

24Amadodana kaSimeyoni: ngoNemuweli, noJamini, noJaribi, noZera, noShawule, 25noShalumi indodana yakhe, noMibisamu indodana yakhe, noMishima indodana yakhe. 26Amadodana kaMishima: ngoHamuweli indodana yakhe, noZakuri indodana yakhe, noShimeyi indodana yakhe.

27UShimeyi wayenamadodana ayishumi nesithupha namadodakazi ayisithupha; kepha abafowabo babengenabantwana abaningi, nomndeni wabo awandanga njengabantwana bakwaJuda. 28Bahlala eBeri Sheba, naseMolada, naseHasari Shuwali, 29naseBiliha, nase-Esemi, naseTholadi, 30naseBetuweli, naseHorma, naseSikilagi, 31naseBeti Marikaboti, naseHasari Susimi, naseBeti Biri, naseShaharayimi. Yileyo eyayiyimizi yabo kwaze kwabusa uDavide. 32Imizana yabo yayiyi-Etamu, ne-Ayini, neRimoni, neThokheni, ne-Ashani, imizi eyisihlanu, 33kanye nayo yonke imizana eyayiyizungeza le mizi kwaze kwaba seBali. Lezo zaziyizindawo zabo, bebhalwe ngezizukulwane zabo.

34Futhi oMeshobabi, noJamileki, noJosha indodana ka-Amasiya, 35noJoweli, noJehu kaJoshibiya kaSeraya ka-Asiyeli, 36no-Eliyohenayi, noJahakhoba, noJeshohaya, no-Asaya, no-Adiyeli, noJesimiyeli, noBenaya, 37noZiza kaShifi ka-Aloni kaJedaya kaShimri kaShemaya.

38Labo ababizwe ngamagama babeyizikhulu emindenini yabo; izindlu zawoyise zanda kakhulu. 39Baya ngasekungeneni eGedori ngasohlangothini lwasempumalanga kwesigodi ukufunela izimvu zabo idlelo. 40Bafumana idlelo elivundileyo nelihle; izwe lalibanzi nxazombili, lizolile, linokuthula, ngokuba ababehlala khona kuqala babe ngabakwaHamu.

41Labo abalotshwe ngamagama bafika ezinsukwini zikaHezekiya inkosi yakwaJuda, bachitha amatende abo namaMehuni afunyanwa khona, bawaqothula kuze kube namuhla, bahlala esikhundleni sabo, ngokuba kwakukhona idlelo lezimvu zabo lapho. 42Abanye babo, amadodana kaSimeyoni, abantu abangamakhulu ayisihlanu, baya entabeni yaseSeyiri benezinduna zabo oPhelathiya, noNehariya, noRefaya, no-Uziyeli, amadodana ka-Ishi. 43Bachitha insali yama-Amaleki ephunyukileyo, bahlala khona kuze kube namuhla.

1 iziKronike 5

Isizwe sakwaRubeni nesakwaGadi nenxenye yakwaManase

1Amadodana kaRubeni, izibulo lika-Israyeli ngokuba wayeyizibulo; kepha njengokuba wangcolisa umbhede kayise, ubuzibulo bakhe banikwa amadodana kaJosefa indodana ka-Israyeli, futhi akabhalwa ngezizukulwane njengezibulo. 2Noma uJuda ebenamandla kunabafowabo, kwavela kuye umbusi, ubuzibulo nokho babungobukaJosefa. 3Amadodana-ke kaRubeni, izibulo lika-Israyeli: ngoHanoki, noPhalu, noHesironi, noKarmi.

4Amadodana kaJoweli: nguShemaya indodana yakhe, noGogi indodana yakhe, noShimeyi indodana yakhe, 5noMika indodana yakhe, noRewaya indodana yakhe, noBali indodana yakhe, 6noBera indodana yakhe, owathunjwa nguThiligati Phileneseri inkosi yase-Asiriya; wayeyisikhulu sabakwaRubeni.

7Nabafowabo ngemindeni yabo, bebhalwe ngezizukulwane zabo: ngoJehiyeli inhloko noZakariya, 8noBela ka-Azazi kaShema kaJoweli, owahlala e-Aroweri kwaze kwaba seNebo noBali Mehoni. 9Ngasempumalanga wakha kwaze kwaba sekuqaleni kwehlane elisuka emfuleni u-Ewufrathe, ngokuba izinkomo zabo zanda ezweni lakwaGileyadi. 10Emihleni kaSawule baphaka impi kumaHagiri, awa ngesandla sabo; bahlala ematendeni abo ngasempumalanga yonke yakwaGileyadi.

11Amadodana kaGadi ahlala malungana nabo ezweni laseBashani kwaze kwaba seSaleka: 12ngoJoweli inhloko, noShafamu owesibili, noJahanayi, noShafati eBashani; 13nabafowabo ngezindlu zawoyise: ngoMikayeli, noMeshulamu, noSheba, noJorayi, noJakani, noZiya, no-Ebere, beyisikhombisa. 14Labo babe ngamadodana ka-Abihayili kaHuri kaJarowa kaGileyadi kaMikayeli kaJeshishayi kaJahido kaBuzi; 15u-Ahi ka-Abidiyeli kaGuni wayeyinhloko yezindlu zawoyise. 16Bahlala kwaGileyadi eBashani nasemizini yalo nasemadlelweni onke aseSharoni kwaze kwaba semikhawulweni yawo.

17Bonke labo babhalwa ngezizukulwane zabo emihleni kaJothamu inkosi yakwaJuda nasemihleni kaJerobowamu inkosi yakwa-Israyeli.

18Amadodana kaRubeni, nabakwaGadi, nenxenye yesizwe sakwaManase, amadoda anamandla, amadoda aphatha ihawu nenkemba, ansala umnsalo, ayefunde ukulwa, ayeyizinkulungwane ezingamashumi amane nane namakhulu ayisikhombisa namashumi ayisithupha aphuma impi. 19Aphaka impi kumaHagiri, noJeturu, noNafishi, noNodabi. 20Asizwa ekulweni nabo, amaHagiri anikelwa ezandleni zawo nabo bonke ababe nawo, ngokuba akhala kuNkulunkulu empini, amncenga, ngokuba ayemethemba. 21Asusa izinkomo zabo, namakamela ayizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu, nezimvu eziyizinkulungwane ezingamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, nezimbongolo eziyizinkulungwane ezimbili, nabantu abayizinkulungwane eziyikhulu. 22Ngokuba kwawa abaningi befile, lokhu impi yayingekaNkulunkulu. Ahlala esikhundleni sabo aze athunjwa.

23Abantwana benxenye yesizwe sakwaManase bahlala kulelo zwe, kusukela eBashani kuze kube seBali Hermoni naseSeniri nasentabeni yaseHermoni.

24Nazi izinhloko zezindlu zawoyise: o-Eferi, no-Ishi, no-Eliyeli, no-Aziriyeli, noJeremiya, noHodaviya, noJahidiyeli, amaqhawe anamandla, amadoda anegama, izinhloko zezindlu zawoyise.

25Kepha baphambuka kuNkulunkulu wawoyise, balandela ngokuphinga onkulunkulu babantu balelo zwe, uNkulunkulu abachithayo phambi kwabo. 26UNkulunkulu ka-Israyeli wavusa umoya kaPhuli inkosi yase-Asiriya nomoya kaThiligati Philineseri inkosi yase-Asiriya, wabathumba: abakwaRubeni, nabakwaGadi, nenxenye yesizwe sakwaManase, wabayisa eHala, naseHabori, naseHara, nasemfuleni iGozani kuze kube namuhla.

1 iziKronike 6

Isizwe sakwaLevi nemizi yaso

1Amadodana kaLevi: ngoGereshoni, noKohati, noMerari. 2Amadodana kaKohati: ngo-Amramu, noJisihari, noHebroni, no-Uziyeli. 3Abantwana bakwa-Amramu: ngo-Aroni, noMose, noMiriyamu. Amadodana ka-Aroni: ngoNadabi, no-Abihu, no-Eleyazare, no-Itamari. 4U-Eleyazare wazala uFinehasi; uFinehasi wazala u-Abishuwa; 5u-Abishuwa wazala uBuki; uBuki wazala u-Uzi; 6u-Uzi wazala uZeraya; uZeraya wazala uMerayoti; 7uMerayoti wazala u-Amariya; u-Amariya wazala u-Ahithubi; 8u-Ahithubi wazala uSadoki; uSadoki wazala u-Ahimahasi; 9u-Ahimahasi wazala u-Azariya; u-Azariya wazala uJohanani; 10uJohanani wazala u-Azariya; nguye owayengumpristi ethempelini elakhiwa nguSolomoni eJerusalema; 11u-Azariya wazala u-Amariya; u-Amariya wazala u-Ahithubi; 12u-Ahithubi wazala uSadoki; uSadoki wazala uShalumi; 13uShalumi wazala uHilikiya; uHilikiya wazala u-Azariya; 14u-Azariya wazala uSeraya; uSeraya wazala uJehosadaki; 15kepha uJehosadaki wamuka lapho uJehova ethumba uJuda neJerusalema ngesandla sikaNebukadinesari.

16Amadodana kaLevi: ngoGereshomu, noKohati, noMerari. 17Nanka amagama amadodana kaGereshomu: oLibini noShimeyi. 18Amadodana kaKohati: ngo-Amramu, noJisihari, noHebroni, no-Uziyeli. 19Amadodana kaMerari: ngoMaheli noMushi. Nansi imindeni yamaLevi njengezindlu zawoyise: 20abakwaGereshomu: nguLibini indodana yakhe, noJahati indodana yakhe, noZima indodana yakhe, 21noJowa indodana yakhe, no-Ido indodana yakhe, noZera indodana yakhe, noJewatherayi indodana yakhe. 22Amadodana kaKohati: ngu-Amindaba indodana yakhe, noKora indodana yakhe, no-Asiri indodana yakhe, 23no-Elkana indodana yakhe, no-Ebiyasafa indodana yakhe, no-Asiri indodana yakhe, 24noTathi indodana yakhe, no-Uriyeli indodana yakhe, no-Uziya indodana yakhe, noShawule indodana yakhe.

25Amadodana ka-Elkana: ngo-Amasayi no-Ahimoti. 26U-Elkana-ke, amadodana ka-Elkana: nguSofayi indodana yakhe, noNahati indodana yakhe, 27no-Eliyabe indodana yakhe, noJerohamu indodana yakhe, no-Elkana indodana yakhe. 28Amadodana kaSamuweli: izibulo nguJoweli, nowesibili ngu-Abiya. 29Amadodana kaMerari: ngoMaheli, noLibini indodana yakhe, noShimeyi indodana yakhe, no-Uza indodana yakhe, 30noShimeya indodana yakhe, noHagiya indodana yakhe, no-Asaya indodana yakhe.

31Nampa uDavide abamisela ukuhola ukuhlabelela endlini kaJehova, umphongolo usubekiwe khona. 32Bakhonza ngokuhlabelela phambi kwetabernakele* letende lokuhlangana, uSolomoni waze wakha indlu kaJehova eJerusalema. Bema emsebenzini wabo njengomthetho wabo.

33Yilaba ababemi namadodana abo: kumadodana amaKohati: nguHemani, umhlabeleli, kaJoweli kaSamuweli 34ka-Elkana kaJerohamu ka-Eliyeli kaThowa 35kaSufi ka-Elkana kaMahati ka-Amasayi 36ka-Elkana kaJoweli ka-Azariya kaZefaniya 37kaThati ka-Asiri ka-Ebiyasafa kaKora 38kaJisihari kaKohati kaLevi ka-Israyeli; 39futhi umfowabo u-Asafa owayemi ngakwesokunene sakhe, u-Asafa kaBerekiya kaShimeya 40kaMikayeli kaBahaseya kaNalikhiya 41ka-Ethini kaZera ka-Adaya 42ka-Ethani kaZima kaShimeyi 43kaJahati kaGereshomu kaLevi. 44Amadodana kaMerari abafowabo ayengakwesokunene: ngu-Ethani kaKishi ka-Abidi kaMaluki 45kaHashabiya ka-Amasiya kaHilikiya 46ka-Amisi kaBani kaShemeri 47kaMaheli kaMushi kaMerari kaLevi.

1 iziKronike 4:1-6:47ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU