Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 67

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

AbAhluleli 4

UDebora

1Abantwana bakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaJehova, esefile u-Ehudi. 2UJehova wathengisa ngabo esandleni sikaJabini inkosi yaseKhanani, owabusa eHasori, onduna yempi yakhe yayinguSisera owahlala eHarosheti labezizwe. 3Abantwana bakwa-Israyeli bakhala kuJehova, ngokuba wayenezinqola ezingamakhulu ayisishiyagalolunye zensimbi; wacindezela kakhulu abantwana bakwa-Israyeli iminyaka engamashumi amabili.

4UDebora umprofethikazi, umkaLapidoti, wahlulela u-Israyeli ngaleso sikhathi. 5Wayehlala phansi kwesundu likaDebora phakathi kweRama neBethele ezintabeni zakwa-Efrayimi; abantwana bakwa-Israyeli bakhuphukela kuye ukuba bahlulelwe. 6Wathuma wabiza uBaraki indodana ka-Abinohama waseKedeshi Nafetali, wathi kuye: “UJehova uNkulunkulu ka-Israyeli akayalanga yini ngokuthi: ‘Hamba usondele entabeni yaseThabori, uye nabantu abayizinkulungwane eziyishumi babantwana bakwaNafetali nabantwana bakwaZebuloni, na? 7Ngiyakusondeza kuwe emfudlaneni iKishoni uSisera induna yempi kaJabini, nezinqola zakhe, nesixuku sakhe, ngimnikele esandleni sakho.’ ”

8UBaraki wathi kuye: “Uma uhamba nami, ngiyakuhamba; kepha uma ungahambi nami, angiyikuhamba.”

9Wathi kuye: “Impela ngiyakuhamba nawe, kodwa indlela oyakuhamba ngayo ayiyikuba ngeyodumo lwakho, ngokuba uJehova uyakumthengisa uSisera esandleni sowesifazane.” Wayesesuka uDebora, wahamba noBaraki, baya eKedeshi. 10UBaraki wabiza oZebuloni noNafetali ukuba beze eKedeshi; kwakhuphuka abantu abayizinkulungwane eziyishumi ezinyathelweni zakhe; naye uDebora wakhuphuka naye.

11Kepha uHebere umKheni wayezahlukanisile namaKheni, abantwana bakwaHobabi umukhwe kaMose, wamisa itende lakhe kwaze kwaba se-okini* laseShananimi eliseduze neKedeshi.

UBaraki uyanqoba uSisera

12Bamtshela uSisera ukuthi uBaraki indodana ka-Abinohama ukhuphukele entabeni yaseThabori. 13USisera wayesebutha zonke izinqola zakhe, izinqola ezingamakhulu ayisishiyagalolunye zensimbi, nabantu bonke ababenaye, kusukela eHarosheti labezizwe kuze kube semfudlaneni iKishoni.

14UDebora wathi kuBaraki: “Vuka, ngokuba yilolu suku uJehova anikele ngalo uSisera esandleni sakho; uJehova akaphumanga phambi kwakho na?” UBaraki wehla entabeni yaseThabori nabantu abayizinkulungwane eziyishumi emva kwakhe. 15UJehova wamngquzula uSisera nazo zonke izinqola zakhe nempi yakhe yonke ngosiko lwenkemba phambi kukaBaraki; uSisera wehlika enqoleni yakhe, wabaleka ngezinyawo. 16Kepha uBaraki waxosha izinqola nempi kwaze kwaba seHarosheti labezizwe; yonke impi kaSisera yawa ngosiko lwenkemba, akwasala muntu.

17Kepha uSisera wabaleka ngezinyawo, wafika etendeni likaJayeli umkaHebere umKheni, ngokuba kwakukhona ukuthula phakathi kukaJabini inkosi yaseHasori nendlu kaHebere umKheni.

18UJayeli waphuma ukumhlangabeza uSisera, wathi kuye: “Phambuka, nkosi yami; phambukela kimi, ungesabi.” Waphambukela kuye etendeni, wamembesa ingubo.

19Wayesethi kuye: “Ake ungiphuzise ingcosana yamanzi, ngokuba ngomile.” Wavumbulula igabha lobisi, wamphuzisa, wamembesa.

20Wathi kuye: “Yima emnyango wetende; kuyakuthi nxa kufika umuntu abuze kuwe athi: ‘Kukhona muntu lapha na?’ uthi: ‘Qha.’ ”

21UJayeli umkaHebere wayesethatha isikhonkwane setende, waphatha isando ngesandla, wanyonyobela kuye, wambethela esikhaleni sendlebe ngesikhonkwane, sagqobhoza, saphumela emhlabathini, ngokuba wayelele ubuthongo obukhulu ediniwe; wafa kanjalo.

22Bheka, uBaraki esamxosha uSisera, uJayeli waphuma ukumhlangabeza, wathi kuye: “Woza, ngikubonise omfunayo.” Waya kuye; bheka, uSisera wayelele efile, isikhonkwane sisesikhaleni sendlebe yakhe.

23Ngalolo suku uNkulunkulu wamnqoba uJabini inkosi yaseKhanani phambi kwabantwana bakwa-Israyeli. 24Isandla sabantwana bakwa-Israyeli saqhubeka saba namandla njalo phezu kukaJabini inkosi yaseKhanani, baze bamqeda uJabini inkosi yaseKhanani.

AbAhluleli 5

Ihubo likaDebora noBaraki

1Base behlabelela oDebora noBaraki indodana ka-Abinohama ngalolo suku, bethi:

2“Ngokuba abaholi beholile

kwa-Israyeli,

ngokuba abantu bezinikela ngenhliziyo,

bongani uJehova.

3“Yizwani nina makhosi;

bekani indlebe nina zikhulu;

mina, yebo, mina ngiyakuhlabelela kuJehova,

ngihubele kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.

4“Jehova, ekuphumeni kwakho eSeyiri,

ekusukeni kwakho ezweni lakwa-Edomi

umhlaba wazamazama, namazulu aconsa,

yebo, amafu aconsa amanzi.

5Izintaba zathuthumela ebusweni

bukaJehova,

yebo, nalo iSinayi lelo,

ebusweni bukaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.

6“Ezinsukwini zikaShamgari indodana

ka-Anati,

ezinsukwini zikaJayeli imendo yayishiyiwe;

ababeyakuhamba ngemendo bahamba ngemikhondo.

7Abaholi baphela kwa-Israyeli,

banqamuka,

ngaze ngavuka mina Debora,

ngavuka ngingunina kwa-Israyeli.

8Bakhetha onkulunkulu abasha;

lapho kwafika impi emasangweni;

kwabonwa isihlangu noma umkhonto yini

phakathi kwezinkulungwane ezingamashumi amane kwa-Israyeli na?

9Inhliziyo yami ikubabusi

bakwa-Israyeli

abazinikelayo ngenhliziyo phakathi kwabantu;

bongani uJehova.

10“Nina enigibela izimbongolo

ezimhlophe,

nina enihlezi emacansini,

nani enihamba ngendlela, kulandeni.

11Ekwahlukaniseni impango phakathi

kwemiqengqe yamanzi

balanda khona izenzo ezilungileyo zikaJehova,

ukulunga kokubusa kwakhe kwa-Israyeli;

khona abantu bakaJehova behlela emasangweni.

12“ ‘Vuka, vuka, Debora!

Vuka, vuka, uhube ihubo!

Vuka, Baraki, uthumbe abathunjwa bakho,

wena ndodana ka-Abinohama!’

13“Khona wayenza insali ukuba ibuse

abakhulu;

abantu bakaJehova bangibeka ukuba ngibuse iziqhwaga.

14Kwavela kwa-Efrayimi abampande yabo ikuma-Amaleki;

emva kwakho nguBenjamini phakathi kwabantu bakho.

KwaMakiri kwavela ababusi,

kwaZebuloni abaphethe intonga yomholi.

15Izikhulu zakwa-Isakare zazinaye

uDebora;

njengo-Isakare, kanjalo noBaraki;

behlela ngokushesha esigodini ezinyathelweni zakhe.

Ngaseminonjaneni yakwaRubeni

kwakukhona ukululekana okukhulu kwenhliziyo.

16Wahlalelani ezibayeni zezimvu

ukuzwa ikhwelo lemihlambi na?

Ngaseminonjaneni yakwaRubeni

kwakukhona ukululekana okukhulu kwenhliziyo.

17UGileyadi wahlala phesheya

kweJordani;

uDani walibalelani emikhunjini na?

U-Asheri wahlala ngasogwini lolwandle,

wasala ngasemathekwini akhe.

18UZebuloni wayengabantu abazidela

kwaze kwaba sekufeni,

uNafetali kanjalo ezindaweni eziphakemeyo zezwe.

19“Amakhosi afika alwa,

alwa amakhosi aseKhanani

eThahanaki ngasemanzini aseMegido;

awathathanga nzuzo yamali.

20Kwaliwa ezulwini;

izinkanyezi ezindleleni zazo zalwa noSisera.

21Umfudlana iKishoni wabakhukhula,

umfudlana wamandulo, umfudlana iKishoni.

Awu, mphefumulo wami, nyathela ngamandla.

22Khona zadubuza izinselo zamahhashi

ngokugadula, ukugadula kwezinkweli zawo.

23‘Qalekisani iMerozi,’ kwasho ingelosi

kaJehova;

‘qalekisani nokuqalekisa abantu balo,

ngokuba abezanga ukumsiza uJehova

ukuba bamsize uJehova ukulwa neziqhwaga.’

24“Uyakubusiswa phezu kwabesifazane

uJayeli

umkaHebere umKheni,

abusiswe phezu kwabesifazane basematendeni.

25Wacela amanzi, wamupha ubisi,

wamlethela amangqanga ngesitsha samakhosi.

26Wafaka isandla sakhe

esikhonkwaneni,

esokunene sakhe esandweni sezisebenzi;

ngesando wamshaya uSisera,

wadebeza ikhanda lakhe,

yebo, wamgqobhoza, wambhoboza esikhaleni sendlebe.

27Wakhothama ngasezinyaweni zakhe,

wawa, walala;

ngasezinyaweni zakhe wafola, wawa;

lapho wakhothama khona, wawela khona efile.

28“Wabheka efasiteleni, wamemeza,

unina kaSisera wathi eheleni:

‘Inqola yakhe ilibalelani ukufika na?

Zilibaziselwani izinyawo zezinqola zakhe na?’

29Amakhosazana akhe ahlakaniphileyo amphendula,

yebo, wazibuyisela yena uqobo impendulo ngokuthi:

30‘Angithi batholile babelana impango?

Intombi, yebo, izintombi ezimbili endodeni ngayinye;

kuSisera impango yezingubo ezinemibala,

impango yezingubo ezinemibala ezifekethisiweyo;

izingubo ezimbili ezinemibala ezifekethisiweyo zezintamo

zaba yimpango.’

31“Mazibhubhe kanjalo zonke izitha

zakho, Jehova;

kepha abamthandayo mababe njengelanga,

lapho liphuma ngamandla alo.”

Izwe selaba nokuthula iminyaka engamashumi amane.

AbAhluleli 4:1-5:31ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU