Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 66

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

AbAhluleli 1

Ukulwa kwabakwa-Israyeli namaKhanani, esefile uJoshuwa

1Kwathi emva kokufa kukaJoshuwa abantwana bakwa-Israyeli bambuza uJehova, bathi: “Ngubani phakathi kwethu oyakusikhuphukelela kuwo amaKhanani kuqala ukulwa nawo na?”

2UJehova wathi: “Kuyakukhuphuka uJuda; bheka, ngilinikele izwe esandleni sakhe.”

3UJuda wayesethi kuSimeyoni umfowabo: “Khuphuka nami, siye esabelweni sami, silwe namaKhanani, nami ngiye esabelweni sakho.” USimeyoni wayesehamba naye.

4UJuda wakhuphuka; uJehova wanikela esandleni sabo amaKhanani namaPherizi, babulala kuwo abantu abayizinkulungwane eziyishumi eBezeki. 5EBezeki bafumana u-Adoni Bezeki, balwa naye, bawabulala amaKhanani namaPherizi. 6Kepha u-Adoni Bezeki wabaleka; bamxosha, bambamba, bamnquma izithupha nawoqukula.

7Wayesethi u-Adoni Bezeki: “Amakhosi angamashumi ayisikhombisa enqunyiwe izithupha nawoqukula acosha ukudla kwawo phansi kwetafula lami; njengalokho ngenzile, kanjalo uNkulunkulu uphindisele kimi.” Bamyisa eJerusalema, wafela khona.

8Abantwana bakwaJuda balwa neJerusalema, balithatha, balichitha ngosiko lwenkemba, bathungela umuzi ngomlilo.

9Ngasemuva behla abantwana bakwaJuda ukuba balwe namaKhanani ayakhe ezintabeni, nangaseningizimu, nasenzansi. 10UJuda wayesehlasela amaKhanani ayakhe eHebroni igama leHebroni laliyiKiriyati Araba kuqala babulala oSheshayi, no-Ahimani, noTalimayi.

11Wasuka lapho, waya kwabakhe eDebiri; igama leDebiri laliyiKiriyati Seferi kuqala. 12UKalebi wathi: “Onqoba iKiriyati Seferi, alithathe, yena ngiyakumnika u-Akisa indodakazi yami abe ngumkakhe.” 13U-Otheniyeli indodana kaKenazi, umnawe kaKalebi, walithatha; wayesemnika u-Akisa indodakazi yakhe abe ngumkakhe. 14Kwathi ekufikeni kwakhe wamnxusa ukuba acele insimu kuyise; wehla embongolweni yakhe; uKalebi wathi kuye: “Ukhala ngani?”

15Wathi kuye: “Ngiphe isipho; lokhu unginike izwe laseningizimu ngiphe nemithombo yamanzi.” UKalebi wamupha imithombo yasenhla nemithombo yasenzansi.

16Abantwana bomKheni umukhwe kaMose benyuka emzini wamasundu nabantwana bakwaJuda, baya ehlane lakwaJuda elingaseningizimu kwase-Aradi; baya bakha nabantu bakhona.

17UJuda wahamba noSimeyoni umfowabo, bachitha amaKhanani ayakhe eSefati, baliqothula. Igama lomuzi laliyiHorma. 18UJuda wathatha iGaza nomkhawulo walo, ne-Ashikeloni nomkhawulo walo, ne-Ekroni nomkhawulo walo.

19UJehova wayenaye uJuda, waxosha abasezintabeni; wayengenakuxosha kodwa abakhe esigodini, lokhu bebenezinqola zensimbi. 20Bamnika uKalebi iHebroni, njengalokho ebekhulumile uMose; waxosha khona amadodana amathathu ka-Anaki. 21Abantwana bakwaBenjamini abawaxoshanga amaJebusi ayakhe eJerusalema, kepha amaJebusi ahlala nabantwana bakwaBenjamini eJerusalema kuze kube namuhla.

22Kwenyukela eBethele nabendlu kaJosefa; uJehova wayenabo. 23Abendlu kaJosefa bathuma bahlola iBethele; igama lomuzi laliyiLuze kuqala. 24Zase zibona izinhloli umuntu ephuma emzini, zathi kuye: “Ake usikhombise intuba yokungena emzini, siyakukwenzela umusa.” 25Wazikhombisa intuba yokungena emzini, zawuchitha umuzi ngosiko lwenkemba; kepha zamvumela lowo muntu nomndeni wakhe ukuba bahambe. 26Lowo muntu wayesengena ezweni lamaHeti, wakha umuzi, waqamba igama lawo ngokuthi iLuze okuyigama lawo kuze kube namuhla.

27UManase akaxoshanga abaseBeti Sheyani nemizana yalo, nabaseThahanaki nemizana yalo, nabakhe eDori nemizana yalo, nabakhe eJibileyamu nemizana yalo, nabakhe eMegido nemizana yalo; amaKhanani aphumelela ukuhlala kulelo zwe. 28Kwathi u-Israyeli esenamandla, bawasebenzisa amaKhanani, kepha abawaxoshanga nokuwaxosha. 29Naye u-Efrayimi akaxoshanga amaKhanani ayakhe eGezeri; kepha amaKhanani ahlala phakathi kwabo eGezeri. 30UZebuloni akaxoshanga abakhe eKitroni, nabakhe eNahaloli; kepha amaKhanani ahlala phakathi kwabo, asetshenziswa. 31U-Asheri akaxoshanga abakhe e-Ako, nabakhe eSidoni, nase-Ahlabi, nase-Akizibi, naseHelba, nase-Afiki, naseRehobe; 32kepha ama-Asheri ahlala phakathi kwamaKhanani ayakhe kulelo zwe, ngokuba abawaxoshanga. 33UNafetali akaxoshanga abakhe eBeti Shemeshi nabakhe eBeti Anati, kepha wahlala phakathi kwamaKhanani ayakhe kulelo zwe; kodwa abakhe eBeti Shemeshi naseBeti Anati basetshenziswa yibo. 34Ama-Amori adudulela abantwana bakwaDani ezintabeni, ngokuba awabavumelanga ukwehlela esigodini. 35Kepha ama-Amori aphumelela ukuhlala entabeni yaseHeresi, nase-Ajaloni, naseShahalabimi; kodwa isandla sendlu kaJosefa sahlula, aze asetshenziswa. 36Umkhawulo wama-Amori wasukela ekwenyukeni kwe-Akarabimi naseSela, waya ngenhla njalo.

AbAhluleli 2

Ukujeziswa kokungalaleli kwabakwa-Israyeli

1Ingelosi kaJehova yakhuphuka eGiligali, yaya eBokimi. Yathi: “Nganikhuphula eGibithe, nginilethile ezweni engalifungela oyihlo; ngathi: ‘Angisoze ngaphula kuze kube phakade isivumelwano sami nani, 2kepha aniyikwenza sivumelwano nabakhe kuleli zwe; niyakudiliza ama-altare abo.’ Kodwa anililalelanga izwi lami. Nenzeleni lokho na? 3Ngalokho ngithi manje: Angiyikubaxosha phambi kwenu, kepha bayakuba sezinhlangothini zenu, onkulunkulu babo babe lugibe kini.”

4Kwathi ingelosi kaJehova isikhulumile lawo mazwi kubo bonke abantwana bakwa-Israyeli, abantu badazuluka, bakhala. 5Baqamba igama laleyo ndawo ngokuthi iBokimi, bahlabela uJehova khona.

6UJoshuwa esemukisile abantu, abantwana bakwa-Israyeli bahamba, yilowo nalowo waya efeni lakhe ukuba balidle izwe. 7Abantu bamkhonza uJehova izinsuku zonke zikaJoshuwa nezinsuku zonke zamalunga asalayo emva kukaJoshuwa, ayebonile wonke umsebenzi omkhulu ayewenzele u-Israyeli.

8UJoshuwa indodana kaNuni, inceku kaJehova, wafa eneminyaka eyikhulu neshumi. 9Bammbela emkhawulweni wefa lakhe eThimnati Heresi ezintabeni zakwa-Efrayimi ngasenyakatho kwentaba yakwaGahashi.

10Naso sonke leso sizukulwane sabuthelwa koyise; savela esinye isizukulwane emva kwaso esasingamazi uJehova nomsebenzi ayewenzele u-Israyeli. 11Abantwana bakwa-Israyeli benza okubi emehlweni kaJehova, bakhonza oBali; 12bamshiya uJehova uNkulunkulu wawoyise owabakhipha ezweni laseGibithe, balandela abanye onkulunkulu, onkulunkulu babantu ababebazungeza, babakhothamela, bamcunula uJehova. 13Bamshiya-ke uJehova, bakhonza oBali no-Ashitaroti. 14Intukuthelo kaJehova yavuthela abakwa-Israyeli, wabanikela esandleni sabaphangi ababaphanga, wathengisa ngabo esandleni sezitha zabo nxazonke. Ababe besaba nakuma phambi kwezitha zabo. 15Nomaphi lapho bephumela khona, isandla sikaJehova sasimelene nabo sibenzela okubi njengokukhuluma kukaJehova nanjengokufunga kukaJehova kubo; bantula kakhulu.

16UJehova wavusa abahluleli ababasindisa esandleni sababaphangayo. 17Nabahluleli ababalalelanga, ngokuba baya baphinga nabanye onkulunkulu, babakhothamela; baphambuka masinyane endleleni abahamba ngayo oyise, belalela imiyalo kaJehova; bona abenzanga njalo.

Isimo sesikhathi sabahluleli

18Lapho uJehova ebavusela abahluleli, uJehova wayenaye umahluleli, wabasindisa esandleni sezitha zabo izinsuku zonke zomahluleli, ngokuba uJehova waba nesihe ngokubulawa kwabo ngenxa yababacindezelayo nababakhathazayo. 19Kepha kwathi ekufeni komahluleli babuyela emuva, bona kakhulu kunawoyise, ngokulandela abanye onkulunkulu ukuba babakhonze, babakhothamele; abayekanga izenzo zabo nendlela yabo yenkani.

20Intukuthelo kaJehova yavuthela u-Israyeli, wathi: “Ngokuba lesi sizwe seqile isivumelwano sami engabayala ngaso oyise, singalalelanga izwi lami, 21angiyikuphinda ngixoshe phambi kwabo noyedwa walezo zizwe azishiyayo uJoshuwa ekufeni kwakhe, 22ukuze ngivivinye ngazo u-Israyeli, uma beyakugcina indlela kaJehova ukuba bahambe ngayo njengalokho oyise bebeyigcina, noma qha.” 23UJehova wayeseyeka lezo zizwe zingaxoshwa masinyane, futhi kazinikelanga esandleni sikaJoshuwa.

AbAhluleli 3

1Lezi ziyizizwe aziyekile uJehova ukuze amvivinye ngazo u-Israyeli, bonke abakwa-Israyeli ababengazi mpi eKhanani, 2kuphela ukuba izizukulwane zabantwana bakwa-Israyeli zazi, zifundiswe impi, ikakhulu labo ababengayazi ngaphambili. 3Amakhosi ayisihlanu amaFilisti, nawo onke amaKhanani, namaSidoni, namaHivi ahlala entabeni yaseLebanoni, kusukela entabeni yaseBali Hermoni kuze kube sekuyeni eHamati. 4Zazingezokuba u-Israyeli avivinywe ngazo, kwazeke uma beyakulalela imiyalo kaJehova abayala ngayo oyise ngesandla sikaMose.

5Abantwana bakwa-Israyeli bahlala phakathi kwamaKhanani, namaHeti, nama-Amori, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi, 6bathatha amadodakazi awo aba ngomkabo, banika amadodana awo amadodakazi abo, bakhonza onkulunkulu bawo.

U-Otheniyeli

7Abantwana bakwa-Israyeli benza okubi emehlweni kaJehova, bamkhohlwa uJehova uNkulunkulu wabo, bakhonza oBali no-Ashitaroti. 8Ngalokho intukuthelo kaJehova yavuthela u-Israyeli, wathengisa ngabo esandleni sikaKushani Rishatayimi inkosi yase-Aramu Naharayimi; abantwana bakwa-Israyeli bamkhonza uKushani Rishatayimi iminyaka eyisishiyagalombili. 9Kepha abantwana bakwa-Israyeli bakhala kuJehova; uJehova wabavusela abantwana bakwa-Israyeli umsindisi owabasindisa, u-Otheniyeli indodana kaKenazi, umnawe kaKalebi. 10UMoya kaJehova wayephezu kwakhe, wahlulela u-Israyeli, waphuma impi, uJehova wanikela uKushani Rishatayimi inkosi yase-Aramu Naharayimi esandleni sakhe; isandla sakhe samahlula uKushani Rishatayimi. 11Izwe lase liba nokuthula iminyaka engamashumi amane. Wafa u-Otheniyeli indodana kaKenazi.

U-Ehudi

12Abantwana bakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaJehova; uJehova wamnika u-Egiloni inkosi yakwaMowabi amandla phezu kuka-Israyeli, lokhu benze okubi emehlweni kaJehova. 13Wazibuthela abantwana bakwa-Amoni nabakwa-Amaleki, waya wachitha u-Israyeli, badla umuzi wamasundu. 14Abantwana bakwa-Israyeli bamkhonza u-Egiloni inkosi yakwaMowabi iminyaka eyishumi nesishiyagalombili.

15Kepha abantwana bakwa-Israyeli bakhala kuJehova, uJehova wabavusela umsindisi, u-Ehudi indodana kaGera, umBenjamini, umuntu oyinxele; abantwana bakwa-Israyeli bathuma isipho ngaye ku-Egiloni inkosi yakwaMowabi. 16U-Ehudi wazenzela inkemba ebukhali izinsiko zombili, ubude bayo buyingalo, wayibhinca phansi kwengubo yakhe ethangeni lokunene.

Ukufa kuka-Egiloni

17Wamnika u-Egiloni inkosi yakwaMowabi isipho, kepha u-Egiloni wayengumuntu okhulupheleyo kakhulu. 18Kwathi eseqedile ukumnika isipho, wamukisa abantu ababesithwele isipho. 19Kepha yena wabuya endaweni yezithombe ezibaziweyo engaseGiligali, wathi: “Nginendaba eyisifuba kuwe nkosi.”

Wathi: “Thulani.” Base bephuma bonke ababemi ngakuye.

20U-Ehudi wasondela kuye; wayehlezi ekamelweni eliphezulu elipholileyo; wayesethi u-Ehudi: “Nginodaba oluvela kuNkulunkulu kuwe.” Wasukuma esihlalweni sakhe. 21U-Ehudi wayeselula isandla sakhe sokhohlo, wabamba inkemba ethangeni lakhe lokunene, wamgwaza esiswini sakhe; 22kwangena nesibambo emva kwenkemba, amanoni azungeza inkemba, ngokuba akayikhiphanga inkemba esiswini sakhe; yaphumela emuva. 23U-Ehudi wayesephumela ekamelweni eliphambili, wazivalela iminyango yekamelo eliphezulu, wayihluthulela.

24Nxa esephumile yena, kwafika izinceku zakhe; zabona, bheka, iminyango yekamelo eliphezulu yayihluthulelwe; zathi: “Mhlawumbe uyembesa ezinyawo zakhe ekamelweni lakhe elipholileyo.” 25Zalinda zaze zajabha; bheka, akayivulanga iminyango yekamelo eliphezulu; ngalokho zathatha ukhiye, zayivula; bheka, inkosi yazo yayiwele phansi ifile.

26U-Ehudi waphunyuka zisalinda, wadlula endaweni yezithombe ezibaziweyo, wabalekela eSeyiri. 27Kwathi esefikile, wabetha icilongo ezintabeni zakwa-Efrayimi, abantwana bakwa-Israyeli behla naye ezintabeni, yena ephambi kwabo.

28Wathi kubo: “Ngilandeleni, ngokuba uJehova unikele izitha zenu abakwaMowabi esandleni senu!” Behla emva kwakhe, bavimba amazibuko aseJordani ababewela ngawo abakwaMowabi, abavumanga ukuba kuwele muntu. 29Babulala kwabakwaMowabi ngaleso sikhathi kungathi abantu abayizinkulungwane eziyishumi abayizidlakela namajaha, akwaphunyuka muntu. 30UMowabi wathotshiswa kanjalo ngalolo suku phansi kwesandla sakwa-Israyeli. Izwe laba nokuthula iminyaka engamashumi ayisihiyagalombili.

UShamgari

31Emva kwakhe kwafika uShamgari indodana ka-Anati owabulala kuwo amaFilisti abantu abangamakhulu ayisithupha ngocijo lwenkabi; naye wasindisa u-Israyeli.

AbAhluleli 1:1-3:31ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU