Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 345

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

KumaHeberu 5

Umpristi omkhulu ufanele abe ngumuntu obiziwe nguNkulunkulu

1Ngokuba yilowo nalowo mpristi omkhulu okhethwa kubantu umiselwa abantu kokukaNkulunkulu, ukuze anikele izipho nemihlatshelo ngenxa yezono; 2angabekezelela abangazi lutho nabadukayo, lokhu naye uzungeziwe ngubuthakathaka; 3ngenxa yabo kufanele ukuba, njengalokhu enikela ngezono zabantu, anikele kanjalo nangezakhe. 4Akukho muntu ozithathela leso sikhundla, kuphela obizelwa kuso nguNkulunkulu njengo-Aroni.

UKristu ungumpristi obiziweyo

5Kanjalo noKristu akazidumisanga yena aze abe ngumpristi omkhulu, kepha wadunyiswa nguye owakhuluma kuye, wathi:

“UyiNdodana yami wena,

namuhla ngikuzele,”

6njengokuba esho nakwenye indawo ngokuthi:

“Wena ungumpristi kuze kube phakade

ngokokuma kukaMelkisedeki,”

7owathi esenikele emihleni yenyama yakhe ngemikhuleko, nokunxusa, nokudazuluka okukhulu, nezinyembezi kuyena onamandla okumsindisa ekufeni, wezwiwa ngenxa yokumesaba uNkulunkulu. 8Noma eyiNdodana, wafunda ukulalela ngalokho ahlupheka ngakho; 9esephelelisiwe waba yisisusa sokusindiswa okuphakade kubo bonke abamlalelayo, 10ebizwa nguNkulunkulu ukuthi umpristi omkhulu ngokokuma kukaMelkisedeki.

Basengabantwana ekukholweni

11Sinokuningi esingakusho ngalokho, okulukhuni ukuchasisela, lokhu senaba buthuntu ekuzweni. 12Ngokuba noma benifanele ukuba nibe ngabafundisi, uma kuya ngesikhathi, nisadinga futhi ukuba kube khona onifundisa iziqalo zezifundiso zamazwi kaNkulunkulu; senaba ngabadinga ubisi, kungesikho ukudla okuqinileyo. 13Ngokuba lowo odla ubisi akakaqondi lutho lwezwi lokulunga, ngokuba uyingane. 14Kepha ukudla okuqinileyo kungokwabakhulileyo, abathi ngokujwayela ukuwusebenzisa umqondo, sebenawo osulungele ukwahlukanisa okuhle nokubi.

KumaHeberu 6

Kuhle baqhubeke ekwazini kokukholwa; ukusilela kulokho kunengozi

1Ngakho-ke masidlule esifundisweni sokuqala ngoKristu, siqhubekele kokupheleleyo, singabuyi sibeke isisekelo sokuphenduka emisebenzini efileyo, nokukholwa nguNkulunkulu, 2nesifundiso sombhapathizo nokubeka izandla, nokuvuka kwabafileyo nokwahlulelwa okuphakade. 3Siyakukwenza lokho, uma uNkulunkulu evuma.

4Ngokuba akunakwenzeka ukuba labo asebake bakhanyiswa banambitha isiphiwo sasezulwini, benziwa abahlanganyeli kuMoya oNgcwele, 5banambitha izwi elihle likaNkulunkulu namandla ezwe elizayo, 6babuye bahlubuka – akunakwenzeka ukuba babuye bavuswe, baphenduke, lokhu sebezibethelela iNdodana kaNkulunkulu, bayithela ngehlazo obala.

7Ngokuba umhlabathi, ophuze imvula efika kaningi phezu kwawo, umilisa imifino ebasizayo abawulinyelwayo, uyabusiswa nguNkulunkulu; 8kepha uma uveza ameva nekhakhasi, uyaleka, useduze nokuqalekiswa, ukuphela kwawo ngukushiswa.

9Kepha siyethemba ngani bathandekayo okuhle kunalokho, ngisho okuqondene nokusindiswa, noma sikhuluma kanje. 10Ngokuba uNkulunkulu kasiye ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nothando enalubonakalisa ngakulo igama lakhe, lokhu nibakhonzile abangcwele, nisabakhonza.

Mabafane nawokhokho ababambelela esithenjisweni

11Kepha sinxanela ukuba yilowo nalowo kini abonakalise lokho kukhuthalela, lize liphelele ithemba kuze kube sekupheleni, 12ukuba ningabi buthuntu, kodwa nibalingise labo abadla ifa lesithembiso ngokukholwa nangokubekezela.

13Ngokuba lapho uNkulunkulu wamthembisa u-Abrahama, wazifunga yena, lokhu kungekho omkhulu kunaye angamfunga, 14wathi: “Impela ngiyakukubusisa nokukubusisa, ngiyakukwandisa nokukwandisa,” 15kanjalo kwathi esebekezele, wakuzuza okwathenjiswayo.

16Ngokuba abantu bafunga omkhulu kunabo; kubona isifungo siyaqeda ukuphikisana konke, siqinise. 17Kulokhu-ke uNkulunkulu, ethanda kakhulu impela ukubonisa izindlalifa zesithembiso ukungaguquleki kwecebo lakhe, walamula ngesifungo, 18ukuze ngezinto ezimbili ezingeguquleke, uNkulunkulu angeqambe amanga ngazo, sibe nenduduzo enamandla thina esibalekele ekulibambeni ithemba esilimiselweyo, 19esinalo njengehange* lomphefumulo, liqinile, ligxilile, lingena kokungaphakathi kwesihenqo, 20lapho uJesu eyisigijimi sokusandulela wangena khona, esewaba ngumpristi omkhulu kuze kube phakade ngokokuma kukaMelkisedeki.

KumaHeberu 7

UKristu ongumpristi omkhulu ngokukaMelkisedeki

1Ngokuba uMelkisedeki lo, inkosi yaseSalema, umpristi kaNkulunkulu oPhezukonke, owahlangabeza u-Abrahama mhla ebuya ekubulaleni amakhosi, wambusisa; 2u-Abrahama wamabela okweshumi kukho konke yena ogama lakhe lithi kuqala ukuhunyushwa kwalo inkosi yokulunga, bese kuba yinkosi yaseSalema, okungukuthi inkosi yokuthula, 3engenayise, engenanina, engenaluzalo, engenakuqala kwezinsuku nakuphela kokuphila, kepha efaniswe neNdodana kaNkulunkulu, uhlala engumpristi njalonjalo.

4Qondani-ke ukuthi ungakanani yena owanikwa okweshumi kwempango ngu-Abrahama ukhokho. 5Nalabo bamadodana kaLevi abamukeliswa ubupristi banomyalo wokuthatha okweshumi kubantu ngokomthetho, okungukuthi kubafowabo, ingani baphume okhalweni luka-Abrahama; 6kepha yena ongabalwa ozalweni lwabo uthathile okweshumi ku-Abrahama, wambusisa lowo onezithembiso. 7Kepha akunakuphikwa ukuthi omncinyane ubusiswa ngomkhulu. 8Lapha-ke abantu abafayo bamukeliswa okweshumi, kepha lapho ngofakazelwa ukuthi uyaphila. 9Futhi kungathiwa noLevi owamukela okweshumi watheliswa okweshumi ngaye u-Abrahama, 10ngokuba wayesesokhalweni lukayise mzukwana uMelkisedeki emhlangabeza.

11Uma-ke kwakukhona ukuphelela ngobupristi bukaLevi ngokuba isizwe samiselwa bona ngomthetho – kwakusaswelekelani ukuba kuvele omunye umpristi ngokukaMelkisedeki engabizwa ngokokuma kuka-Aroni na? 12Ngokuba uma ubupristi buguquliwe, kuyadingeka ukuba kuguqulwe nomthetho. 13Kepha lowo okushiwo lokho ngaye ungowesinye isizwe okungabanga bikho kuso umuntu owake wakhonza e-altare. 14Ngokuba kusobala ukuthi iNkosi yethu ivele kuJuda, isizwe uMose angakhulumanga lutho ngaso ngobupristi. 15Ikakhulu kusobala lokho, uma kumiswa omunye umpristi ofana noMelkisedeki, 16ongamiswanga ngomthetho womyalo wenyama kodwa ngamandla okuphila okungabhubhiyo. 17Ngokuba kufakazwa ngaye ukuthi: “Wena ungumpristi kuze kube phakade ngokokuma kukaMelkisedeki.”

18Ngokuba umthetho wokuqala uyachithwa ngenxa yobuthakathaka bawo nokungasizi kwawo, 19lokhu umthetho awuphelelisanga lutho, kepha sekungeniswa ithemba elingcono, esisondela ngalo kuNkulunkulu.

20Futhi ngalokho ukuthi akubanga ngaphandle kokufunga – ngokuba labo kambe babekwa babe ngabapristi ngaphandle kokufunga, 21kepha yena wabekwa ngokufunga nguye owasho kuye ukuthi:

“INkosi yafunga, ayiyikuzisola, yathi:

‘Wena ungumpristi kuze kube phakade.’ ”

22Ngokungakho-ke uJesu waba yisiboniso sesivumelwano esingcono.

23Kulabo-ke baba baningi ababekwa babe ngabapristi, ngokuba bathiyeka ngenxa yokufa ukuba baqhube njalo; 24kepha yena, ngenxa yokuba ehlala phakade, unobupristi obungenakuguquka; 25ngakho-ke unamandla okusindisa ngokupheleleyo abeza kuNkulunkulu ngaye, lokhu ephilela njalo ukubamela.

26Ngokuba umpristi omkhulu onjalo usifanele thina, ongcwele, ongenacala, ongenabala, owahlukanisiwe nezoni, owenziwa aphakame phezu kwamazulu, 27ongadingi imihla ngemihla njengalabo bapristi abakhulu ukunikela ngemihlatshelo ngenxa yezakhe izono kuqala nangasemuva ngenxa yezabantu; ngokuba wenza lokho kanye mhla ezinikela yena. 28Ngokuba umthetho umisa abantu babe ngabapristi abakhulu abanobuthakathaka, kepha izwi lesifungo elalandela umthetho limisa iNdodana epheleliswe kuze kube phakade.

KumaHeberu 8

UKristu usenguye umpristi omkhulu nasezulwini

1Kepha okuyindikimba kwesikushoyo yilokhu: sinompristi omkhulu onjalo osewahlala ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi soMkhulu emazulwini, 2isikhonzi sokungcwele nesetabernakele* lempela elamiswa yiNkosi kungemuntu.

3Ngokuba yilowo nalowo mpristi omkhulu umiselwa ukunikela ngeminikelo nemihlatshelo; ngakho-ke kuyadingeka ukuba naye lo abe nakho okuthile kokunikela. 4Ngokuba uma ebesemhlabeni, ubengayikuba ngumpristi nakanye, ngokuba bakhona abapristi abanikela ngeminikelo ngomthetho, 5bekhonza okungumfanekiso nesithunzi sokwasezulwini, njengokuba uMose wayalwa esezakwenza itabernakele* ngokuthi: “Bheka, wokwenza konke ngesifanekiso owaboniswa sona entabeni,” 6kepha kalokhu unikiwe inkonzo enhle kakhulu, njengalokhu engumlamuleli wesivumelwano esihle kakhulu, esimisiwe ngokwezithembiso ezinhle kakhulu.

Isivumelwano esisha sikhulu kunesidala

7Ngokuba uma leso sivumelwano sokuqala besingasoleki, bekungayikufunwa indawo yesibili. 8Ngokuba lapho ebasolayo, uthi kubo:

“Bhekani, izinsuku ziyeza, isho iNkosi,

lapho ngiyakwenza isivumelwano esisha nendlu ka-Israyeli,

nendlu kaJuda,

9kungenjengesivumelwano engasenzayo nawoyise

mhla ngibabamba ngesandla

ukubakhipha ezweni laseGibithe,

ngokuba abahlalanga esivumelwaneni sami,

nami angibanakanga, isho iNkosi.

10Ngokuba yilesi esiyisivumelwano engiyakusenza nendlu ka-Israyeli

emva kwalezo zinsuku, isho iNkosi:

ngiyakufaka imithetho yami engqondweni yabo,

ngiyilobe ezinhliziyweni zabo,

ngibe nguNkulunkulu wabo,

bona babe ngabantu bami.

11Abasayikufundisa kube yilowo nalowo owakubo,

nalowo umfowabo, ngokuthi:

‘Yazi INkosi;’

ngokuba bonke bayakungazi,

kusukela komncane kuze kufike komkhulu wabo.

12Ngokuba ngiyakuba nesihawu ngokungalungi kwabo,

nezono zabo angisayikuzikhumbula.”

13Ngokusho lokho ukuthi: “Esisha,” uthe esokuqala sigugile; kepha okugugayo osekukudala kuseduze nokunyamalala.

KumaHeberu 5:1-8:13ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU