Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 344

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

KumaHeberu 1

UKristu mkhulu kunezingelosi zonke

1UNkulunkulu esekhulumile endulo kokhokho ngabaprofethi ngamathuba amaningi nangezindlela eziningi, 2ekugcineni kwale mihla ukhulume kithina ngeNdodana ayimise ibe yindlalifa yakho konke, owadala ngayo futhi izwe. 3Yona ethi ingukumenyezela kwenkazimulo yakhe, ifuze yena uqobo, iphasa konke ngezwi lamandla ayo, isiyenzile ukuhlanzwa kwezono, yahlala ngakwesokunene soMkhulu kweliphezulu, 4seyaba nkulu kunezingelosi, njengalokhu igama eliyifa layo likhulu kunelazo.

UKristu uyiNdodana kaNkulunkulu

5Ngokuba yiyiphi yezingelosi ake asho kuyo ukuthi:

“UyiNdodana yami wena,

namuhla ngikuzele,” na?

nokuthi:

“Ngiyakuba nguYise kuyona,

yona ibe yiNdodana kimina,” na?

6Futhi mhla engenisa oyizibulo emhlabeni uthi:

“Nezingelosi zonke zikaNkulunkulu mazikhuleke kuye.”

7Ngezingelosi uthi:

“Owenza izingelosi zakhe zibe yimimoya,

izikhonzi zakhe zibe ngamalangabi omlilo.”

8Kepha ngeNdodana uthi:

“Isihlalo sakho sobukhosi, Nkulunkulu,

singesaphakade naphakade;

intonga yobuqotho iyintonga yombuso wakho.

9Uthandile ukulunga,

wazonda ububi;

ngalokho-ke uNkulunkulu,

uNkulunkulu wakho,

ukugcobile ngamafutha enjabulo

ngaphezu kwabafowenu,”

10nokuthi:

“Wena Nkosi,

ekuqaleni wabeka isisekelo somhlaba;

amazulu angumsebenzi wezandla zakho.

11Wona ayakubhubha,

kepha wena umi njalo;

wona onke ayakuguga njengengubo.

12Njengesambatho uyakuwagoqonga,

njengengubo ayakuguquka.

Kepha wena unguye njalo,

iminyaka yakho ayiyukuphela.”

13Kepha yiyiphi yezingelosi ake asho kuyo ukuthi:

“Hlala ngakwesokunene sami,

ngize ngenze izitha zakho

zibe yisenabelo sezinyawo zakho,” na?

14Azisibo yini zonke omoya bokukhonza abathunyelwe ukukhonza ngenxa yabayakudla ifa lokusindiswa na?

KumaHeberu 2

Ukudelela izwi likaKristu lensindiso kunesijeziso esikhulu

1Ngalokho kakhulu nga siqaphelisisa esikuzwileyo, funa mhlawumbe sikhukhulwe. 2Ngokuba uma izwi elakhulunywa ngezingelosi laqiniseka, nakho konke ukuphambuka nokungalaleli kwaphindiselwa ngokufaneleyo, 3thina siyakuphunyuka kanjani, uma sidebesela ukusindiswa okungaka na? – okwakhulunywa kuqala ngeNkosi, kwaqiniswa kithina yilabo abamuzwayo, 4uNkulunkulu futhi efakaza kanye nabo ngezibonakaliso, nangezimangaliso, nangemisebenzi yamandla eyizinhlobo nhlobo, nangokwabelwa kukaMoya oNgcwele ngokwentando yakhe.

UKristu waba mncane kunezingelosi esasebenza umsebenzi wensindiso emhlabeni

5Ngokuba kwakungesizo izingelosi athobisela phansi kwazo izwe elizayo esikhuluma ngalo. 6Kepha omunye ufakazile endaweni ethile ngokuthi:

“Umuntu uyini ukuba umkhumbule,

noma indodana yomuntu ukuba uyinake, na?

7Isikhashana wamenza waba mncinyane kunezingelosi;

wambeka umqhele wenkazimulo nodumo,

wammisa phezu kwemisebenzi yezandla zakho,

izinto zonke wazibeka phansi kwezinyawo zakhe.”

8Ngokuba ekubekeni izinto zonke phansi kwakhe kashiyanga lutho olungabekwanga phansi kwakhe. Kepha kalokhu asikaziboni izinto zonke zibekiwe phansi kwakhe; 9kodwa siyambona owenziwe waba mncinyane isikhashana kunezingelosi, uJesu, ebekiwe umqhele wenkazimulo nodumo ngenxa yokuhlupheka kokufa, ukuze ngomusa kaNkulunkulu ezwe ukufa ngenxa yabo bonke.

10Ngokuba kwakumfanele yena, okukhona konke ngenxa yakhe nokukhona konke ngaye, ukuba, lapho eyisa amadodana amaningi enkazimulweni, amphelelise ngezinhlupheko yena oyinkosi yokusindiswa kwabo. 11Ngokuba ongcwelisayo nabangcweliswayo bonke baphuma kumunye; ngakho-ke akananhloni ukubabiza ngokuthi: Ngabafowethu, 12ethi:

“Ngizakushumayeza abafowethu igama lakho,

ngihlabelele ngawe phakathi kwebandla,”

13futhi:

“Ngiyakubeka ithemba lami kuye,”

futhi:

“Bheka mina nabantwana uNkulunkulu anginike bona.”

14Ngakho-ke njengokuba abantwana bahlanganyela igazi nenyama, naye uqobo wahlanganyela khona lokho, ukuze ngokufa amchithe obe nawo amandla okufa onguSathane, 15abakhulule bonke labo abathi ngokwesaba ukufa ekuhambeni kwabo konke babeboshelwe ebugqileni. 16Ngokuba akahlangulisi izingelosi, kodwa uhlangulisa inzalo ka-Abrahama. 17Ngakho-ke kwamfanela ukuba abe njengabafowabo kukho konke, ukuze abe ngumpristi omkhulu ohawukelayo nothembekayo kokukaNkulunkulu, kube yinhlawulo yezono zabantu. 18Ngokuba lokhu wahlupheka yena uqobo elingwa, unamandla okusiza abalingwayo.

KumaHeberu 3

UKristu mkhulu kunoMose, eyindodana yasendlini

1Ngakho-ke, bazalwane abangcwele, enihlanganyela ukubiza kwasezulwini, qaphelani umPhostoli nomPristi omkhulu wesivumo sethu uJesu, 2owayethembeka kuyena owammisayo, njengoMose naye wayenjalo endlini yakhe yonke. 3Ngokuba lowo kwathiwa ufanele inkazimulo enkulu kunoMose, njengalokhu oyakhileyo indlu unodumo olukhulu kunendlu. 4Ngokuba yileyo ndlu yakhiwa ngothile; kepha owakha konke nguNkulunkulu. 5UMose kambe wayethembekile endlini yakhe yonke njengenceku, kuze kube ngubufakazi balokho obekuzakukhulunywa, 6kepha uKristu uthembekile njengendodana phezu kwendlu yakhe, esiyindlu yakhe thina, uma sibambisisa isibindi nentokozo yethemba liqine kuze kube sekupheleni.

Abakholwayo mabangadeleli izwi lakhe

7Ngalokho njengokusho kukaMoya oNgcwele ukuthi:

“Namuhla, uma nilizwa izwi lakhe,

8ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenu njengasekucunuleni

ngosuku lokulingwa ehlane,

9lapho oyihlo bangilinga bengihlola,

noma bebona imisebenzi yami iminyaka engamashumi amane;

10ngalokho nganengwa yileso sizukulwane,

ngathi: ‘Bayaduka njalonjalo enhliziyweni yabo,

abazazanga izindlela zami,’

11ngaze ngafunga ekuthukutheleni kwami,

ngathi: ‘Abayikungena ekuphumuleni kwami.’ ”

12Xwayani, bazalwane, ukuba nakoyedwa kini kungabikho nhliziyo embi, engakholwayo, emhlubukisa kuNkulunkulu ophilayo; 13kepha yalanani imihla ngemihla kusathiwa namuhla, ukuze kungabikho kini owenziwa lukhuni ngokukhohlisa kwesono, 14ngokuba sesingabahlanganyela kuKristu, uma sibambisisa ithemba lethu lokuqala kuze kube sekupheleni. 15Uma kuthiwa:

“Namuhla, uma nilizwa izwi lakhe,

ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenu

njengasekucunuleni,”

16pho-ke, yibaphi abezwayo bacunula na? Akusibo bonke abaphuma eGibithe ngoMose na? 17Yibaphi-ke anengwa yibo iminyaka engamashumi amane na? Kwakungesibo abonayo, abazidumbu zabo zawa ehlane na? 18Yibaphi afunga kubo ngokuthi abayikungena ekuphumuleni kwakhe, uma kungesibo abangalalelanga na? 19Siyabona-ke ukuthi babengenakungena ngenxa yokungakholwa kwabo.

KumaHeberu 4

Mababambisise ezwini levangeli, baze bathole ukungena ekuphumuleni

1Ngakho-ke masesabe ukuba, kuthi kusekhona isithembiso sokungena ekuphumuleni kwakhe, kungabikho noyedwa kini obonakala esele emuva. 2Ngokuba phela nathi sashunyayezwa ivangeli njengabo; kepha izwi abalizwayo alibasizanga bona, lokhu lingahlangananga nabezwayo ngokukholwa. 3Ngokuba siyangena ekuphumuleni thina esikholwayo njengokusho kwakhe ukuthi:

“Kanjalo ngafunga ekuthukutheleni kwami,

ngathi: ‘Abayikungena ekuphumuleni kwami,’ ”

nakuba imisebenzi yayenziwa kwasekusekelweni kwezwe. 4Ngokuba ushilo endaweni ethile ngosuku lwesikhombisa ukuthi: “UNkulunkulu waphumula ngosuku lwesikhombisa emisebenzini yakhe yonke,” 5nakule ndawo uthi futhi: “Abayikungena ekuphumuleni kwami.”

6Ngakho-ke lokhu kusasele ukuba abanye bangene kukho, nalabo abashunyayezwa kuqala ivangeli bengangenanga ngokungalaleli, 7uyanquma futhi usuku oluthile oluthiwa Namuhla, esho ngoDavide emva kwesikhathi esingaka njengokushiwo kuqala ukuthi:

“Namuhla, uma nilizwa izwi lakhe,

ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenu.”

8Ngokuba uma uJoshuwa wayebaphumuzile, wayengayikukhuluma emva kwalokhu ngolunye usuku. 9Ngakho-ke kubasalele abantu bakaNkulunkulu ukuphumula kwesabatha. 10Ngokuba ongenile ekuphumuleni kwakhe yena uphumula emisebenzini yakhe njengoNkulunkulu kweyakhe.

11Ngakho-ke masikhuthalele ukungena kulokho kuphumula, ukuze kungawi muntu ngaleso siboniso sokungalaleli.

Izwi likaNkulunkulu liphilile, linamandla

12Ngokuba izwi likaNkulunkulu liphilile, linamandla, libukhali kunezinkemba zonke ezisika nhlangothi zombili, lihlaba kuze kwahlukaniswe umphefumulo nomoya, amalungu nomnkantsha, lahlulela imicabango nezizindlo zenhliziyo; 13futhi akukho nto edaliweyo engabonakali phambi kwakhe, kepha konke kwambuliwe kusobala emehlweni akhe esiyakuzilanda kuye.

SinomPristi omkhulu ongasisiza

14Ngakho-ke lokhu sinomPristi omkhulu kakhulu odabulile amazulu, uJesu iNdodana kaNkulunkulu, masibambelele kuso isivumo sethu. 15Ngokuba asinaye umPristi omkhulu ongenakuzwelana nobuthakathaka bethu, kepha olingiwe kukho konke njengathi, engenasono. 16Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni somusa ukuba samukeliswe isihawu, sifumane umusa wokusiza ngesikhathi esifaneleyo.

KumaHeberu 1:1-4:16ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU