Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 262

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UJobe 1

Isimo sikaJobe; ukuhlupheka kwakhe nokubekezela kwakhe

1Kwakukhona umuntu ezweni lase-Uzi ogama lakhe lalinguJobe; lowo muntu wayengenasici elungile, wayemesaba uNkulunkulu, wabalekela okubi. 2Wazala amadodana ayisikhombisa namadodakazi amathathu. 3Impahla yakhe yayiyizimvu eziyizinkulungwane eziyisikhombisa, namakamela ayizinkulungwane ezintathu, namabhangqa angamakhulu ayisihlanu ezinkabi, nezimbongolo zezinsikazi ezingamakhulu ayisihlanu, nezinceku eziningi kakhulu; wayemkhulu lowo muntu kunabo bonke abantu basempumalanga.

4Amadodana akhe ayehamba enza idili endlini yaleyo naleyo ngosuku lwayo; ayesethuma ebiza odadewabo abathathu ukuba badle, baphuze nawo. 5Kwathi lapho seziphelile izinsuku zedili lawo, uJobe wathuma wawangcwelisa, wavuka ekuseni, wanikela ngeminikelo yokushiswa njengomumo wawo onke; ngokuba uJobe wathi: “Mhlawumbe amadodana ami onile, amthukile uNkulunkulu ezinhliziyweni zawo.” Wenze njalo uJobe imihla yonke.

6Kwathi ngelinye ilanga kwafika amadodana kaNkulunkulu ema phambi kukaJehova, kwafika noSathane phakathi kwawo. 7UJehova wayesethi kuSathane: “Uvelaphi na?”

USathane wamphendula uJehova, wathi: “Ekuzuleni emhlabeni nasekuhambahambeni kuwo.”

8Wayesethi uJehova kuSathane: “Inhliziyo yakho iyiqaphele inceku yami uJobe na? Ngokuba akakho onjengaye emhlabeni, umuntu ongenasici nolungileyo, omesaba uNkulunkulu, obalekela okubi.”

9USathane wamphendula uJehova, wathi: “UJobe uyamesaba uNkulunkulu ngeze na? 10Wena awumbiyelanga yini yena nendlu yakhe nakho konke okwakhe nxazonke, wabusisa umsebenzi wezandla zakhe na? Impahla yakhe yandile emhlabeni. 11Kepha ake welule isandla sakho, uthinte konke anakho, impela uyakukuthuka ebusweni bakho.”

12Wathi uJehova kuSathane: “Bheka, konke anakho kusesandleni sakho; kuphela kuyena uqobo ungabeki isandla sakho.” Wayesephuma uSathane ebusweni bukaJehova.

13Kwathi ngolunye usuku lapho amadodana akhe namadodakazi akhe edla, ephuza iwayini endlini yomfowabo oyizibulo, 14kwafika isithunywa kuJobe, sathi: “Izinkabi bezilima, izimbongolo ziklabile eceleni kwazo, 15lapho amaSheba etheleka, azithatha; izinceku azibulele ngosiko lwenkemba; mina ngedwa kuphela ngisindile, ukuze ngikubikele.”

16Esakhuluma lowo, kwafika nomunye, wathi: “Umlilo kaNkulunkulu uwile ezulwini, washisa izimvu nezinceku, waziqeda; mina ngedwa kuphela ngisindile, ukuze ngikubikele.”

17Esakhuluma lowo, kwafika nomunye, wathi: “AmaKaledi enza amaviyo amathathu, ahlasela amakamela, awathatha, azibulala izinceku ngosiko lwenkemba; mina ngedwa kuphela ngisindile, ukuze ngikubikele.”

18Esakhuluma lowo, kwafika nomunye, wathi: “Amadodana akho namadodakazi akho ayedla, ephuza iwayini endlini yomfowabo oyizibulo; 19bheka, kwafika, kwadabula ihlane umoya omkhulu, washaya amagumbi omane endlu, yawa phezu kwezinsizwa, zafa; mina ngedwa kuphela ngisindile, ukuze ngikubikele.”

20Wayesesukuma uJobe, waklebhula ingubo yakhe, waphucula ikhanda lakhe, wawela emhlabathini, wakhuleka, 21wathi:

“Ngaphuma ngize esizalweni sikamame;

ngiyakubuyela khona ngize;

uJehova wapha, uJehova uthathile;

malibongwe igama likaJehova.”

22Kukho konke lokho uJobe akonanga, akamthelanga uNkulunkulu okubi.

UJobe 2

UJobe uyalingwa futhi; ukubekezela kwakhe

1Kwathi futhi ngelinye ilanga afika amadodana kaNkulunkulu, ema phambi kukaJehova; noSathane wafika phakathi kwawo ukuba eme phambi kukaJehova. 2UJehova wathi kuSathane: “Uvelaphi na?”

USathane wamphendula uJehova, wathi: “Ekuzuleni emhlabeni nasekuhambahambeni kuwo.”

3Wayesethi uJehova kuSathane: “Inhliziyo yakho iyiqaphele inceku yami uJobe na? Ngokuba akakho onjengaye emhlabeni, umuntu ongenasici nolungileyo, omesaba uNkulunkulu, obalekela okubi; usabambelela ekupheleleni kwakhe, noma ungivusele ukumchitha engenacala.”

4USathane wamphendula uJehova, wathi: “Isikhumba ngesikhumba, yebo, konke umuntu anakho uyakunika ngokuphila kwakhe. 5Kepha ake welule isandla sakho, uthinte amathambo akhe nenyama yakhe, impela uyakukuthuka ebusweni bakho.”

6UJehova wayesethi kuSathane: “Bheka, usesandleni sakho; gcina ukuphila kwakhe kodwa.”

7Wayesephuma uSathane ebusweni bukaJehova, wamshaya uJobe ngamathumba amabi, kusukela ematheni onyawo kuze kufike okhakhayini. 8Wathatha udengezi ukuzozenwaya ngalo; wayehlezi phakathi komlotha.

9Wayesethi umkakhe kuye: “Usabambelela ekupheleleni kwakho na? Thuka uNkulunkulu, ufe.”

10Kepha wathi kuye: “Ukhuluma njengalokhu owesifazane oyisiwula ekhuluma. Siyakwamukela okuhle kuphela kuNkulunkulu, singamukeli nokubi, na?” Kukho konke lokho uJobe akonanga ngomlomo wakhe.

11Lapho abangane abathathu bakaJobe sebezwe ngakho konke lokho okubi okumehleleyo, bafika kuye bevela, kwaba yilowo nalowo endaweni yakhe: ngu-Elifazi umThemani, noBilidadi umShuhi, noSofari umNahama; bavumelana ukuba baye bamkhalele, bamduduze. 12Lapho bephakamisa amehlo abo besekude, abamazanga; badazuluka bakhala, baklebhula, kwaba yilowo nalowo ingubo yakhe, bafafaza amakhanda abo ngothuli beluphonsa phezulu. 13Bahlala phansi naye emhlabathini izinsuku eziyisikhombisa nobusuku obuyisikhombisa, akukhulumanga muntu kuye, ngokuba babona ukuthi usizi lwakhe lwalulukhulu kakhulu.

UJobe 3

UJobe uqalekisa usuku lwakhe lokuzalwa; ufisa ukufa

1Emva kwalokho uJobe wavula umlomo wakhe, waqalekisa usuku lwakhe.

2UJobe wathatha wathi:

3“Makubhubhe usuku engazalwa ngalo,

nobusuku obathi: ‘Ukhulelwe umntwana wesilisa.’

4Lolo suku malube ngubumnyama;

uNkulunkulu makangalunaki ephezulu,

ukukhanya makungakhanyiswa kulo.

5Ubumnyama nethunzi lokufa maluphiwe khona,

kuhlale ifu phezu kwalo;

okwenza mnyama usuku makulwesabise.

6Ubusuku lobo isigayegaye masibubambe;

mabungajabuli phakathi kwezinsuku zomnyaka,

bungangeni phakathi komumo wezinyanga.

7Bheka,

lobo busuku mabungabi nalutho,

kungangeni ukujabula kubo.

8Mababuqalekise abathuka amalanga,

abalungele ukuvusa uLeviyathani.

9Izinkanyezi zokuhwelela kwabo maziphenduke ubumnyama;

mabulinde ukukhanya kungabikho,

bungaboni izinkophe zokusa,

10ngokuba abuvalanga izivalo zesizalo sikamame,

abufihlanga ukuhlupheka emehlweni ami.

11“Angifanga ngani esizalweni na?

Angibhubhanga ngani ekuphumeni kwami esiswini na?

12Amadolo angamukeleleni,

namabele ukuba ngincele, na?

13Ngokuba kalokhu ngakube ngilele, ngithule;

khona ngakube ngilele ubuthongo nginokuphumula

14kanye namakhosi nabeluleki bomhlaba

abazakhela izinqaba zamathuna,

15noma kanye nezikhulu ezinegolide

ezazigcwalisa izindlu zazo ngesiliva,

16noma ngangingekho njengokuphuphumileyo

okuthukusiweyo,

njengezingane ezingazange zibone ukukhanya.

17Lapho amashinga ayekile ukudlova;

lapho baphumule abaphelile amandla.

18Lapho iziboshwa ziyatabhaya kanyekanye;

azizwa izwi labazicindezelayo.

19Lapho nabancane nabakhulu bayafanana;

isigqila sikhululekile enkosini yaso.

20“Odiniweyo unikelwani ukukhanya nabanomunyu

emphefumulweni ukuphila;

21abalinda ukufa kungafiki,

abakumba kunengcebo;

22abathokoza baze bethabe,

bajabule, uma belithola ithuna,

23nomuntu ondlela yakhe isithekile,

uNkulunkulu ambiyeleyo nxazonke zakhe, na?

24Ukugquma kwami kufika phambi kwesinkwa sami,

nokububula kwami kuthululwa njengamanzi,

25ngokuba engikwesabayo sekuyangifikela,

nenginovalo ngakho sekuyangehlela.

26Anginakuthula, angizolile, anginakuphumula;

kepha ukuyaluza kuyafika.”

UJobe 4

Inkulumo yokuqala ka-Elifazi; uNkulunkulu ulungile; akakho olungile phambi kukaNkulunkulu

1Wayesethatha u-Elifazi, umThemani, wathi:

2“Uma kulingwa ukukhulunywa kuwe,

uyakukhathazeka na?

Kepha ngubani ongazibamba, angakhulumi, na?

3Bheka, uqondisile abaningi;

uqinisile izandla ezibuthakathaka.

4Amazwi akho amisile okhubekayo;

usimamisile amadolo athuthumelayo.

5“Kepha sekufikile kuwe, uyakhathazeka;

kuyakuthinta wena, uyashaywa luvalo.

6Ukumesaba kwakho uNkulunkulu akusilo ithemba lakho yini,

nokuphelela kwezindlela zakho akusiso isisekelo sakho na?

7Ake ukhumbule ukuthi ngubani owake wachithwa engenacala na?

Babhujiswaphi abalungileyo na?

8Njengokubona kwami abalima okubi

bahlwanyele ukona, bayakuvuna.

9Babhubha ngokuphephetha kukaNkulunkulu;

ngomoya wentukuthelo yakhe bayaphela.

10Ukubhonga kwengonyama nezwi lebhubesi kuyaphela,

namazinyo amabhongo ayaphuka.

11Ibhubesi elinamandla liyabhubha ngokuswela impango;

amawundlu ebhubesikazi ayahlakazeka.

12“Kwanyenyiselwa kimi izwi,

indlebe yami yabamba ukunyenyezwa kwalo.

13Ngokudlala kwemicabango ivuswe yimibono yasebusuku,

lapho abantu sebehlelwe ngubuthongo obunzima,

14ngafikelwa yingebhe nokuthuthumela

okwaqhaqhazelisa onke amathambo ami.

15Kwadlula umoya ebusweni bami;

uboya bomzimba wami bavuka.

16Kwema okuthile, kepha angaqonda ukubonakala kwakho;

isimo sasiphambi kwamehlo ami;

kwathula;

ngase ngizwa izwi, lathi:

17‘Umuntu ulungile kunoNkulunkulu na?

Umuntukazana uhlambulukile kunoMenzi na?

18Bheka, nasezincekwini zakhe akethembi,

nezingelosi zakhe uyazibeka icala;

19kakhulu kangakanani abahlezi ezindlini zodaka,

abazisekelo zabo zisothulini,

abachotshozwa njengenundu.

20Bagxotshwa kusukela ekuseni kuze kube kusihlwa;

babhubha kuze kube phakade benganakwa muntu.

21Intambo yetende labo ayisishulwa yini phakathi kwabo,

bafe bengazelele, na?’

UJobe 5

Inkulumo yokuqala ka-Elifazi isaqhubeka: ukubhubha koyisiwula; ukuphakanyiswa kolungileyo

1“Ake umemeze; ukhona okuphendulayo na?

Uyakuphendukela kumuphi kwabangcwele na?

2Ngokuba isiwula siyabulawa ngukukhathazeka,

nomhawu uyachitha oyisiphukuphuku.

3Mina ngibonile isiwula sigxilile,

kepha ngaqalekisa indlu yaso ngokuzumayo.

4Abantwana baso bakude nokusindiswa,

bachotshozwa esangweni;

akakho obophulayo,

5abakuvuna kwabo kudliwa ngabalambileyo,

bakukhipha nasemeveni;

abanxanelayo basezela impahla yabo.

6Ngokuba usizi aluveli othulini,

nokuhlupheka akuphumi emhlabathini,

7ngokuba umuntu uzalelwa ukuhlupheka,

njengokuba izinhlansi ziqhashela phezulu.

UJobe 1:1-5:7ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU