Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 225

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UHezekeli 28

1Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: 2“Ndodana yomuntu, thana kuso isikhulu saseTire: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi:

“ ‘Ngokuba inhliziyo yakho iziphakamisile,

wathi: “Ngingunkulunkulu, ngihlala esihlalweni sikaNkulunkulu

enhliziyweni yolwandle,”

ingani ungumuntu, ungesiye uNkulunkulu,

noma umise inhliziyo yakho njengenhliziyo kaNkulunkulu

3bheka, uhlakaniphile kunoDaniyeli,

ayikho imfihlakalo abangakufihlela yona;

4ngokuhlakanipha kwakho nangokuqonda kwakho

uzizuzele imfuyo,

wafaka igolide nesiliva engcebeni yakho;

5ngokuhlakanipha kwakho okukhulu kokuthenga

wandisile imfuyo yakho;

inhliziyo yakho iziphakamisile ngenxa yengcebo yakho.

6“ ‘Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi:

“ ‘Ngenxa yokuba umisile inhliziyo yakho

njengenhliziyo kaNkulunkulu,

7ngalokho bheka,

ngiyakukwehlisela abafokazi,

abesabekayo bezizwe;

bayakuhoshela ubuhle bokuhlakanipha kwakho

izinkemba zabo,

bangcolise ukukhazimula kwakho.

8Bayakukwehlisela egodini,

ufe ukufa kwabagwaziweyo enhliziyweni yolwandle.

9Usasho phambi kokubulalayo ukuthi:

“Ngingunkulunkulu mina,”

ingani ungumuntu,

ungesiye uNkulunkulu,

esandleni sokugwazayo, na?

10Uyakufa ukufa kwabangasokile ngesandla sabafokazi,

ngokuba mina ngikhulumile, isho iNkosi uJehova.’ ”

11Izwi likaNkulunkulu lafika kimi, lathi: 12“Ndodana yomuntu, yenza isililiselo ngenkosi yaseTire, uthi kuyo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi:

“ ‘Wawuluphawu lokupheleleyo;

wawugcwele ukuhlakanipha,

wawuphelele ngobuhle.

13Wawuse-Edene,

insimu kaNkulunkulu;

onke amatshe anqabileyo ayeyisisibekelo sakho,

isardiyu,* netopazi,* nedayimani,*

neshohamu,* nejaspi,* nesafire,*

nesimaragidu,* nekrisolithe;*

nezivunulo zakho nezisekelo zamatshe zaziyigolide,

zilungisiwe ngosuku lokudalwa kwakho.

14Wawuyikherubi* eligcotshiweyo elisibekelayo;

ngakubeka, waba sentabeni engcwele kaNkulunkulu,

wahamba phakathi kwamatshe omlilo.

15Wawuphelele ezindleleni zakho

kusukela osukwini lokudalwa kwakho

kwaze kwafumaniseka ukungalungi kuwe.

16Ngobuningi bokuthenga kwakho wagcwaliswa ngobudlova, wonile;

ngalokho ngakulahla ungcolile entabeni kaNkulunkulu,

ngakuchitha wena kherubi* elisibekelayo,

ungabikho phakathi kwamatshe omlilo.

17Inhliziyo yakho yakhukhumala ngobuhle bakho,

wonakalisa ukuhlakanipha kwakho ngokukhazimula kwakho;

ngikulahlele phansi,

ngikubeke phambi kwamakhosi ukuba akubone.

18Ngobuningi bobubi bakho ekuthengeni kwakho okungalungile

ungcolisile izindlu zakho ezingcwele;

ngase ngiphumisa umlilo phakathi kwakho, wakuqeda;

ngakwenza umlotha emhlabeni

emehlweni abo bonke abakubonayo.

19Bonke abakubonayo phakathi kwabantu bamangala ngawe;

usuluvalo, awusayikubakho kuze kube phakade.’ ”

Isiprofetho ngeSidoni

20Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: 21“Ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bakho kulo iSidoni, uprofethe ngalo, 22uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi:

“ ‘Bheka, ngimelene nawe Sidoni;

ngiyakudunyiswa phakathi kwakho,

bazi ukuthi nginguJehova,

lapho ngenza ukwahlulela kulo,

ngingcweliswe phakathi kwalo.

23Ngiyakuthuma kulo isifo negazi ezitaladini zalo;

abagwaziweyo bayakuwa phakathi kwalo

ngenkemba ephezu kwalo nxazonke,

bazi ukuthi nginguJehova.

24“ ‘Akusayikubakho ikhakhasi elihlabayo neva elilimazayo kuyo indlu yakwa-Israyeli kubo ababahaqayo nababenza okwamafundululu kubo, bazi ukuthi ngiyiNkosi uJehova.

25“ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Lapho ngibutha indlu yakwa-Israyeli ezizweni abahlakazekele phakathi kwazo, ngingcweliswe kubo emehlweni ezizwe, bayakuhlala ezweni labo engalinika inceku yami uJakobe. 26Bayakuhlala kulo belondekile, bakhe izindlu, batshale izivini, yebo, bahlale ngokulondeka, lapho ngenza ukwahlulela kubo bonke abanamafundululu kubo phakathi kwababahaqayo, bazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wabo.’ ”

UHezekeli 29

Isiprofetho ngeGibithe

1Ngomnyaka weshumi, ngenyanga yeshumi, ngolweshumi nambili lwenyanga lafika kimi izwi likaJehova, lathi: 2“Ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bakho kuFaro inkosi yaseGibithe, uprofethe ngaye nangalo lonke iGibithe, 3ukhulume uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi:

“ ‘Bheka, ngimelene nawe Faro, nkosi yaseGibithe,

drako* omkhulu, obuthisa phakathi kwemifula yakho

uthi: “Umfula ungowami,

mina ngiwenzile.”

4Ngiyakufaka izindobo emihlathini yakho,

nginamathelise izinhlanzi zemifula yakho

ezingcwecweni zakho,

ngikukhuphule phakathi kwemifula yakho

kanye nazo zonke izinhlanzi zemifula yakho

ezinamathela ezingcwecweni zakho.

5Ngiyakukulahla ehlane,

wena nazo zonke izinhlanzi zemifula yakho,

uwe ebusweni bomhlabathi;

awuyikubuthwa, ulandwe;

ngiyakukunika ube ngukudla kwezilwane zomhlaba

nokwezinyoni zezulu.

6Bonke abakhileyo eGibithe bayakwazi ukuthi nginguJehova,

ngokuba bebeludondolo lohlanga

kuyo indlu yakwa-Israyeli.

7Lapho bekubamba ngesandla, uyaphuka,

uklebhula zonke izinhlangothi zabo;

nalapho bencika kuwe, uyaphuka,

untengantengise zonke izinkalo zabo.

8“ ‘Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngiyakwehlisela phezu kwakho inkemba, nginqume kuwe abantu nezilwane. 9Izwe laseGibithe liyakuba yincithakalo nehlane, bazi ukuthi nginguJehova, ngokuba wathi: “Umfula ungowami, mina ngiwenzile.” 10Bheka, ngalokho ngimelene nawe nemifula yakho; ngiyakwenza izwe laseGibithe libe yihlane lamahlane nencithakalo, kusukela eMigidoli kuze kube seSevene, kuze kube semkhawulweni waseKushe. 11Akuyikudabula kulo unyawo lomuntu, akuyikudabula kulo unyawo lwesilwane, aliyikuhlalwa iminyaka engamashumi amane. 12Ngiyakwenza izwe laseGibithe libe yincithakalo phakathi kwamazwe ayincithakalo, imizi yalo phakathi kwemizi echithekileyo ibe yincithakalo iminyaka engamashumi amane, ngihlakazele abaseGibithe ezizweni, ngibasabalalisele emazweni.

13“ ‘Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngasekupheleni kweminyaka engamashumi amane ngiyakubabutha abaseGibithe kubantu abahlakazekele kubo, 14ngibuyise ukuthunjwa kwaseGibithe, ngibabuyisele ezweni lasePhatirosi, izwe lokudabuka kwabo, babe ngumbuso ophansi khona. 15Liyakuba phansi emibusweni, alisayikuziphakamisa phezu kwezizwe; futhi ngizakubanciphisa ukuba bangabusi izizwe. 16Alisayikuba yithemba kuyo indlu yakwa-Israyeli, likhumbuza ngokona lapho bebaphendukela, bazi ukuthi ngiyiNkosi uJehova.’ ”

17Kwathi ngomnyaka wamashumi amabili nesikhombisa ngenyanga yokuqala, ngolokuqala lwenyanga, lafika kimi izwi likaJehova, lathi: 18“Ndodana yomuntu, uNebukadinesari inkosi yaseBabele wasebenzisa impi yakhe umsebenzi omkhulu ngeTire; onke amakhanda aphuculwa, onke amahlombe acothulwa, nokho yena nempi yakhe babengenankokhelo evela eTire ngomsebenzi abalenzela wona. 19Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngizakunika uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, izwe laseGibithe; uyakuyisusa ingcebo yalo, aphange impango yalo, agcugce ingcugco yalo, kube yinkokhelo yempi yakhe. 20Ngiyamnika izwe laseGibithe ngomsebenzi owakhonza ngawo, abawenza kimi, isho iNkosi uJehova.

21“Ngalolo suku ngiyakuhlumisa uphondo endlini ka-Israyeli, ngikuvumele ukuba uvule umlomo phakathi kwabo, bazi ukuthi nginguJehova.”

UHezekeli 30

1Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: 2“Ndodana yomuntu, profetha uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi:

“ ‘Hhewulani, nithi:

“Wo ngalolo suku!”

3Ngokuba usuku luseduze,

usuku lukaJehova luseduze;

luyakuba lusuku lwamafu nesikhathi sabezizwe.

4Inkemba iyakulehlela iGibithe,

kube yimihelo eKushe,

lapho abagwaziweyo bewa eGibithe;

bayakususa ingcebo yalo,

kudilizwe izisekelo zalo.

5IKushe, noPhuthi, noLude,

nayo yonke ingxubevange yezizwe,

neKhubi, nabamazwe ahlangeneyo bayakuwa nabo ngenkemba.

6“ ‘Usho kanje uJehova, uthi:

“ ‘Nabo abaliphasa iGibithe bayakuwa,

ukukhukhumala kwamandla alo kuyakwehla;

kusukela eMigidoli kuze kube seSevene

bayakuwa kulo ngenkemba,

isho iNkosi uJehova.

7“ ‘Bayakuchithakala phakathi kwamazwe achithekileyo,

imizi yalo ibe phakathi kwemizi echithekileyo.

8Bayakwazi ukuthi nginguJehova,

lapho sengiphembe umlilo eGibithe,

bachotshozwe bonke abasizi balo.

9“ ‘Ngalolo suku kuyakuphuma izithunywa phambi kwami ngemikhumbi ukwesabisa amaKushe anokwethemba, kube yimihelo phezu kwawo ngosuku lweGibithe, ngokuba bheka, luyeza.

10“ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi:

“ ‘Ngiyakuqeda isixuku saseGibithe

ngesandla sikaNebukadinesari,

inkosi yaseBabele.

11Yena nabantu bakhe kanye naye,

abesabekayo bezizwe,

bayakulethwa ukuba bachithe izwe,

bahoshele iGibithe izinkemba zabo,

bagcwalise izwe ngabagwaziweyo.

12Ngiyakwenza imifula ishe,

ngithengise ngezwe esandleni sababi,

ngichithe izwe nokugcwala kwalo ngesandla sabafokazi;

mina Jehova ngikukhulumile.

13“ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi:

“ ‘Ngiyakuzichitha izithombe,

ngiqede onkulunkulu eNofi;

akusayikubakho sikhulu esivela ezweni laseGibithe,

ngibeke ukwesaba ezweni laseGibithe.

14Ngiyakwenza ize iPhatirosi,

ngiphembe umlilo eSowani,

ngenze ukwahlulela eNo.

15Ngiyakuthulula ukufutheka kwami phezu kweSini,

inqaba yaseGibithe,

nginqume isixuku saseNo.

16Ngiyakuphemba umlilo eGibithe,

iSini libe nemihelo emikhulu,

iNo lifohlwe,

iNofi lihlaselwe emini.

17Izinsizwa zase-Aveni nasePhi Beseti ziyakuwa ngenkemba,

imizi iye ekuthunjweni.

18EThehafenehesi usuku luyakuba mnyama,

lapho ngaphula khona amajoka aseGibithe,

nokukhukhumala kwamandla kuyakuphela kulo;

lona-ke, ifu liyakulisibekela,

namadodakazi alo ayakuya ekuthunjweni.

19Ngiyakwenza-ke izahlulelo eGibithe,

bazi ukuthi nginguJehova.’ ”

20Kwathi ngomnyaka weshumi nanye ngenyanga yokuqala ngolwesikhombisa lwenyanga lafika kimi izwi likaJehova, lathi: 21“Ndodana yomuntu, ngaphulile ingalo kaFaro inkosi yaseGibithe; bheka, ayiboshiwe ukuba kuthelwe imithi, kufakwe umzongolozelo wokubopha, ukuze iqiniselwe ukubamba inkemba. 22Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngimelene noFaro inkosi yaseGibithe; ngiyakwaphula izingalo zakhe, eqinileyo neyaphukileyo, ngenze ukuba inkemba iwe esandleni sakhe. 23Ngiyakubahlakazela abaseGibithe ezizweni, ngibasabalalisele emazweni. 24Ngiyakuqinisa izingalo zenkosi yaseBabele, ngibeke inkemba yami esandleni sayo; kepha ngiyakwaphula izingalo zikaFaro, abubule phambi kwami ngokububula kogwaziweyo. 25Yebo, ngiyakuqinisa izingalo zenkosi yaseBabele, izingalo zikaFaro ziwe, bazi ukuthi nginguJehova, lapho ngibeka inkemba yami esandleni senkosi yaseBabele; yona iyakuyelula phezu kwezwe laseGibithe. 26Ngiyakubahlakazela abaseGibithe ezizweni, ngibasabalalisele emazweni, bazi ukuthi nginguJehova.”

UHezekeli 31

1Kwathi ngomnyaka weshumi nanye ngenyanga yesithathu ngolokuqala lwenyanga lafika kimi izwi likaJehova, lathi: 2“Ndodana yomuntu, thana kuFaro inkosi yaseGibithe nasesixukwini sakhe:

“ ‘Ufana nobani ebukhulwini bakho na?

3Bheka, ungumkhoba,

ungumsedari* waseLebanoni;

unamagatsha amahle,

namaqabunga anomthunzi,

nesiqu esiphakemeyo;

isihloko sawo siphakathi kwamafu.

4Amanzi awukhulisa,

utwa lwawuphakamisa;

imifula yawo yahamba yazungeza indawo yokutshalwa kwawo;

yayisithuma imisele yayo kuyo yonke imithi yasendle.

5Ngalokho isiqu sawo sasiphakeme kunayo yonke imithi yasendle;

izingatsha zawo zandiswa,

namagatsha awo elulwa

ngamanzi amaningi ekuwaxhantiseni kwawo.

6Zonke izinyoni zezulu zakha emagatsheni awo,

zonke izilwane zasendle zazalela phansi kwezingatsha zawo;

emthunzini wawo zahlala zonke izizwe ezinkulu.

7Wawusumuhle ebukhulwini bawo,

ngobude bamagatsha awo,

ngokuba impande yawo yayingasemanzini amaningi.

8Imisedari* yasensimini kaNkulunkulu yayingenakuwusitha,

imisayipuresi* yayingafani nezingatsha zawo,

nemipelatani* yayingenjengamagatsha awo,

futhi kwakungekho nowodwa umuthi ensimini kaNkulunkulu ofana nawo ngobuhle.

9Ngawenza waba muhle ngobuningi bamagatsha awo,

imithi yonke yase-Edene eyayisensimini kaNkulunkulu

yaze yaba nomhawu.

10“ ‘Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngenxa yokuba uphakeme ngobude, wabeka isihloko sawo phakathi kwamafu, nenhliziyo yakhukhumala ngokuphakama kwawo, 11ngiyakuwunikela esandleni sonamandla wezizwe uyakwenza nokwenza kuye njengobubi bawo ngiwuxoshe. 12Abafokazi, abesabekayo bezizwe, bawunqumile, bawushiya. Amagatsha awo awele ezintabeni nasezigodini, nezingatsha zawo zaphukile kuyo yonke imifudlana yezwe, nabo bonke abantu behlile emthunzini wawo, bawushiya. 13Encithakalweni yawo kuyakuhlala zonke izinyoni zezulu, zonke izilwane zasendle zibe semagatsheni awo 14ukuba kungabikho muthi ngasemanzini okhukhumala ngokuphakama kwawo, ungabeki isihloko sawo emafwini, yebo, nenamandla ingemi ngokuziphakamisa, yonke ephuze amanzi; ngokuba yonke inikelwe ekufeni kokuphansi komhlaba phakathi kwabantwana babantu, kwabehlelayo egodini.

15“ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngosuku owehlela ngalo endaweni yabafileyo ngalwenza utwa ukuba lulile, ngalusibekela, ngavimba imifula yalo, namanzi amaningi avalelwa; ngalenza iLebanoni libe mnyama ngenxa yawo; imithi yonke yasendle yadangala ngenxa yawo. 16Ngomdumo wokuwa kwawo ngathuthumelisa izizwe, lapho ngiwehlisela endaweni yabafileyo kanye nabehlela egodini; yonke imithi yase-Edene ekhethekileyo nemihle yaseLebanoni, yonke ephuze amanzi, yaduduzwa kokuphansi komhlaba. 17Nayo yehlela kanye nawo endaweni yabafileyo kwabagwaziweyo ngenkemba, ababe yingalo yawo, ababehlela emthunzini wawo phakathi kwezizwe.

18“ ‘Pho, ufana nobani ngodumo nangobukhulu phakathi kwemithi yase-Edene na? Nokho uyakwehliselwa kokuphansi komhlaba kanye nemithi yase-Edene, ulale phakathi kwabangasokile nabagwazwe ngenkemba. Lo unguFaro nesixuku sakhe sonke, isho iNkosi uJehova.’ ”

UHezekeli 28:1-31:18ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU