Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 224

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UHezekeli 25

Iziprofetho ngo-Amoni, noMowabi, no-Edomi, namaFilisti

1Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: 2“Ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bakho kwabakwa-Amoni, uprofethe ngabo, 3uthi kubantwana bakwa-Amoni: ‘Zwanini izwi leNkosi uJehova; isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngokuba wathi ashila ngendlu yami engcwele lapho yangcoliswa, nangezwe lapho lachithwa, nangendlu yakwaJuda lapho beya ekuthunjweni, 4bheka, ngalokho ngiyakukunikela kwabasempumalanga, ube yifa labo, bamise amakamu* abo phakathi kwakho, babeke amakhaya abo kuwe, badle isithelo sakho, baphuze ubisi lwakho. 5Ngiyakwenza iRaba libe yindawo yokuhlala amakamela, abantwana bakwa-Amoni babe yindawo yokubuthisa kwezimvu, nazi ukuthi nginguJehova. 6Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngokuba ushaye ihlombe, wadubhuza ngezinyawo, wathokozela izwe lakwa-Israyeli ngawo onke amafundululu akho emphefumulweni, 7bheka, ngalokho ngiyakwelulela isandla sami kuwe, ngikunikele ukuba ube yimpango yezizwe, ngikunqume kubantu, ngikuchithe emazweni, ngikuqothule, wazi ukuthi nginguJehova.’ ”

8“Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: ‘Ngenxa yokuba oMowabi noSeyiri besho ukuthi: “Bheka, indlu yakwaJuda injengazo zonke izizwe,” 9bheka, ngalokho ngiyakuvula umthambeka kaMowabi angabe esaba nemizi, kusukela emizini yasemikhawulweni, ubukhosi bezwe: iBeti Jeshimoti, neBali Mehoni, neKiriyatayimi, 10ngiwunike abasempumalanga kanye nabantwana bakwa-Amoni, ube yifa labo, ukuze abantwana bakwa-Amoni bangabe besakhunjulwa phakathi kwezizwe, 11ngenze ukwahlulela kuMowabi, bazi ukuthi nginguJehova.’ ”

12“Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: ‘Ngenxa yokuba u-Edomi ephathe indlu yakwaJuda ngokuphindisela, wacunula nokucunula, waziphindisela kubo, 13ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngiyakwelulela isandla sami ku-Edomi, nginqume kuye abantu nezilwane, ngimenze ize kusukela eThemani, bawe ngenkemba kuze kube seDedani. 14Ngiyakubeka impindiselo yami phezu kuka-Edomi ngesandla sabantu bami u-Israyeli, benze kwa-Edomi njengentukuthelo yami nokufutheka kwami, bazi impindiselo yami, isho iNkosi uJehova.’ ”

15“Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: ‘Ngenxa yokuba amaFilisti enze impindiselo, ephindisele nokuphindisela ngamafundululu emphefumulweni ukuchitha ngobutha obungapheliyo, 16ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngiyakwelulela isandla sami kumaFilisti, nginqume amaKhereti, ngichithe insali yasogwini lolwandle. 17Ngiyakwenza impindiselo enkulu kubo ngezijeziso ezifuthayo, bazi ukuthi nginguJehova, lapho ngibeka impindiselo yami kubo.’ ”

UHezekeli 26

Isiprofetho ngeTire

1Kwathi ngomnyaka weshumi nanye ngolokuqala lwenyanga izwi likaJehova lafika kimi, lathi: 2“Ndodana yomuntu, ngenxa yokuba iTire lishilo ngeJerusalema ukuthi: ‘Ashila; laphukile ebe liyisango labantu; seliphendukele kimi; ngiyakugcwala lapho selichithekile,’ 3ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngiphezu kwakho, Tire; ngiyakwenyusela kuwe izizwe eziningi njengolwandle lukhuphula amaza alo. 4Ziyakuchitha izingange zaseTire, zibhidlize imibhoshongo yalo; ngiyakukhukhuza umhlabathi walo kulo, ngilenze idwala eliyinyabule. 5Liyakuba yindawo yokweneka amanetha phakathi kolwandle, ngokuba mina ngikukhulumile, isho iNkosi uJehova; liyakuba yimpango yezizwe. 6Amadodakazi alo asendle ayakubulawa ngenkemba, bazi ukuthi nginguJehova.

7“Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngiyakuyisa eTire uNebukadinesari inkosi yaseBabele, evela enyakatho, eyinkosi yamakhosi, enamahhashi, nezinqola, nabamahhashi, nesixuku sabantu abaningi. 8Uyakubulala amadodakazi akho endle ngenkemba, enze inqaba ngakuwe, akunqwabele iduli, akumisele ihawu. 9Uyakubekisa izinqama zakhe zokungqubuza ezingangeni zakho, abhidlize imibhoshongo yakho ngamazembe akhe. 10Ngenxa yobuningi bamahhashi akhe ibhuqu lawo liyakukusibekela, izingange zakho zizamazame ngomdumo wabamahhashi, nowokunamasondo, nowezinqola, lapho engena esangweni lakho njengalokhu kungenwa emzini ofohliweyo. 11Ngezinselo zamahhashi akhe uyakunyathela zonke izitaladi zakho, abulale abantu bakho ngenkemba, kuwe phansi izinsika zemandla akho. 12Bayakuphanga imfuyo yakho, bagcugce impahla yakho ethengiswayo, babhidlize izingange zakho, badilize izindlu zakho ezinhle, babeke amatshe akho nemithi yakho nesihlabathi sakho phakathi kwamanzi. 13Ngiyakwenza ukuba isiho sezihlabelelo zakho siphele, nezwi lamahabhu* akho alisayikuzwakala. 14Ngiyakukwenza idwala eliyinyabule, ube yindawo yokweneka amanetha; awusayikwakhiwa, ngokuba mina Jehova ngikukhulumile, isho iNkosi uJehova.

15“Isho kanje iNkosi uJehova kulo iTire, ithi: Ngomdumo wokuwa kwakho, lapho abagwaziweyo bebubula nabafayo bebulawa phakathi kwakho, iziqhingi ziyakuzamazama. 16Zonke izikhulu zolwandle ziyakwehla ezihlalweni zazo zobukhosi, zikhumule izingubo zazo, zihlubule izambatho zazo ezifekethisiweyo, zembathe ukuthuthumela, zihlale emhlabathini, zithuthumele njalonjalo, zimangale ngawe. 17Ziyakwenza isililiselo ngawe, zithi kuwe:

“Yeka ukuchitheka kwakho,

wena owahlalwa ngabasolwandle,

muzi odumileyo,

owawunamandla olwandle,

wena nabakhileyo kuwe,

owenza ukuba besatshwe bonke abakhileyo kuwe.

18Manje iziqhingi ziyakuzamazama ngosuku lokuwa kwakho;

iziqhingi ezisolwandle ziyakuphela amandla

ngokumuka kwakho.

19“Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Lapho ngiyakukwenza umuzi ochithekileyo njengemizi engahlalwayo, nalapho ngiyakukhuphulela utwa phezu kwakho, amanzi amaningi akusibekele, 20ngiyakukwehlisa nabehlela egodini, kubantu basendulo, ngikuhlalise ekujuleni komhlaba kanye nabehlela egodini njengasezindaweni ezichithekileyo kwasendulo, ukuze ungahlalwa, ngisabeka udumo ezweni labaphilayo. 21Ngiyakukwenza incithakalo, ungabe usabakho; uyakufunwa, kepha awusayikufunyanwa kuze kube phakade, isho iNkosi uJehova.”

UHezekeli 27

1Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: 2“Wena ndodana yomuntu, yenza isililiselo ngeTire, 3uthi kulo iTire: Wena ohlala ekungeneni kolwandle, ongumthengi wabantu eziqhingini eziningi, iNkosi uJehova isho kanje, ithi:

“ ‘Tire, wena ushilo ukuthi:

“Ngiphelele ebuhleni.”

4Imikhawulo yakho isenhliziyweni yolwandle;

abakhi bakho baphelelisile ubuhle bakho.

5Ngemisayipuresi* yaseSeniri benzile onke amapulangwe akho;

balandile umsedari* eLebanoni ukwenza insika yakho.

6Ngama-oki* aseBashani benzile amaphini akho;

indeki* yakho bayenzile ngophondo lwendlovu,

lufakelwe emthini womkhoba ovela eziqhingini zaseKitimi.

7Ilineni elicolekileyo elifekethisiweyo elivela eGibithe

lalinguseyili* wakho,

laze laba yibhanela* kuwe;

isimbozo sakho sasiluhlaza sibubende,

sivela eziqhingini zase-Elisha.

8Abakhileyo eSidoni nase-Arvadi babe ngabagwedli bakho;

izihlakaniphi zakho, Tire,

zazikuwe, zazingabashayeli bakho.

9Amalunga aseGebali nezihlakaniphi zalo

babe ngabavimbi zimfa bakho kuwe.

Yonke imikhumbi yaselwandle namatilosi* ayo

babe kuwe ukuba bathengise ngempahla yakho.

10“ ‘AbasePheresiya noLude noPhuthi babe sempini yakho, amadoda empi yakho; baphanyeka izihlangu nezigqoko kuwe; baveza ubuhle bakho. 11Abantu base-Arvadi kanye nempi yakho babe sezingangeni zakho nxazonke, nabaseGamadi babe semibhoshongweni yakho; baphanyeka izihlangu zabo ezingangeni zakho nxazonke; baphelelisa ubuhle bakho.

12“ ‘ITharishishi lalingumthengi wakho ngenxa yobuningi bayo yonke ingcebo yakho; benana impahla yakho ngesiliva nangensimbi nangethini* nangomthofu.

13“ ‘IJavani noThubali noMesheke bona babe ngabathengi bakho, benana abantu boqobo nezitsha zethusi ngempahla yakho.

14“ ‘Abendlu yaseThogarma benana impahla yakho ngamahhashi nangamahhashi empi nangeminyuzi.*

15“ ‘Abantu baseDedani babe ngabathengi bakho, iziqhingi eziningi zaziyizindawo zokuthengelana zesandla sakho; babuyisela kuwe uphondo lwendlovu ne-eboni,* kwaba yisipho sakho.

16“ ‘I-Aramu lalingumthengi wakho ngenxa yobuningi bemisebenzi yakho; benana impahla yakho ngama-emeralidu,* nangokububende, nangokufekethisiweyo, nangelineni elicolekileyo, nangekorali,* nangamarubi.*

17“ ‘UJuda nezwe lakwa-Israyeli babe ngabathengi bakho; benana impahla yakho ngokolweni waseMiniti, nangawojeqe, nangezinyosi, nangamafutha, nangebhalisamu.*

18“ ‘IDamaseku lalingumthengi wakho ngenxa yobuningi bemisebenzi yakho, ngobuningi bayo yonke ingcebo, linewayini laseHeliboni noboya obumhlophe bezimvu.

19“ ‘IVedani neJavani enana impahla yakho ngotwayibana; insimbi ekhandiweyo, nekasiya,* nomhlanga kwakuphakathi kwempahla yakho.

20“ ‘IDedani lalingumthengi wakho ngezindwangu ezinhle zokugibela.

21“ ‘I-Arabiya nazo zonke izikhulu zaseKedari zazingabathengi besandla sakho; zazingabathengi bakho ngamawundlu, nangezinqama, nangezimpongo.

22“ ‘Abathengi baseSheba naseRama babe ngabathengi bakho, benana impahla yakho ngawo onke amakha aphambili, nangawo onke amatshe anqabileyo, nangegolide.

23“ ‘IHarana neKhane ne-Edene, abathengi baseSheba, ne-Asiriya, neKilimadi babe ngabathengi bakho. 24Bona babe ngabathengi bakho ngempahla enhle, ngezambatho eziluhlaza nezifekethisiweyo, nangezindwangu ezimibalabala, nangezintambo ezalukiweyo eziqinileyo, ezindaweni zakho zokuthengelana.

25“ ‘Imikhumbi yaseTharishishi yayihambisa impahla yakho.

Wagcwaliswa, wadunyiswa kakhulu enhliziyweni yolwandle.

26Abagwedli bakho bakuyisa emanzini amaningi;

umoya wasempumalanga wawusukwaphula

usenhliziyweni yolwandle.

27Ingcebo yakho, nempahla yakho,

nentutho yakho,

amatilosi* akho, nabashayeli bakho,

abavimbi zimfa bakho, nabaphathi bakho bokuthenga,

nawo onke amadoda akho empi akuwe, naso sonke isixuku esiphakathi kwakho

kuyakuwela enhliziyweni yolwandle ngosuku lokuwa kwakho.

28Ngezwi lokukhala kwabashayeli bakho amaza ayazamazama.

29Bonke ababambe amaphini,

amatilosi* nabo bonke abashayeli baselwandle,

bayakwehla emikhunjini yabo,

beme emhlabathini,

30bezwakalise izwi labo phezu kwakho,

bakhale ngomunyu,

bathele uthuli emakhanda abo,

bahuquzele emlotheni,

31baziphucule izimpandla ngenxa yakho,

babhince izindwangu zamasaka,

bakukhalele izinyembezi ngomunyu womphefumulo.

32Ekulileni kwabo bayakwenza isililiselo ngawe,

bakulilele, bathi:

“Ngubani onjengeTire,

njengalo eselithulisiwe phakathi kolwandle, na?”

33Ekuphumeni kwempahla yakho elwandle

wasuthisa abantu abaningi;

ngobuningi bengcebo yakho nempahla yakho

wacebisa amakhosi omhlaba.

34Ngesikhathi sokwaphulwa kwakho ngamanzi

ekujuleni kolwandle

impahla yakho naso sonke isixuku sakho kwawela phakathi kwakho.

35Bonke abakhileyo eziqhingini bamangala ngawe;

amakhosi azo ayaqhakanyeka,

aphaphatheke ebusweni.

36Abathengi phakathi kwabantu bayakuncimfela;

usuyincithakalo;

awusayikubakho kuze kube phakade.’ ”

UHezekeli 25:1-27:36ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU