Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 22

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

U-Eksodusi 22

Imithetho yempahla eyebiweyo neyenikezwe ukulondolozwa

1“Uma umuntu eba inkabi noma imvu, ayihlabe, noma athengise ngayo, uyakukhokha inkabi ngezinkabi eziyisihlanu, nemvu ngezimvu ezine.

2“Uma isela lificwa lisafohla, lishaywe lize life, akuyikuba yicala legazi maqondana nalo. 3Uma ilanga lase liphumile phezu kwalo, kuyakuba yicala legazi phezu kwalo. Isela liyakukhokha nokukhokha; uma lingenalutho, kuyakuthengiswa ngalo ngenxa yokweba kwalo.

4“Uma okwebiweyo kufunyaniswa esandleni salo kuphilile, noma kuyinkabi, noma kuyimbongolo, noma kuyimvu, liyakukhokha kuphindwe kabili.

5“Uma umuntu eklabisa ensimini noma esivinini, aziyeke nje izinkomo zakhe zize zidle ensimini yomunye, uyakukhokha nokukhokha ngokuhle kwensimu yakhe nangokuhle kwesivini sakhe.

6“Uma kuvela umlilo, uvuthe emeveni kuze kushe izinhlanga zamabele, noma amabele angakavunwa, noma insimu, othungele umlilo uyakukhokha impela.

7“Uma umuntu enikeza kumakhelwane wakhe imali noma impahla ukuba ayilondoloze, bese yebiwa endlini yalowo muntu, isela, uma lifunyanwa, liyakukhokha kuphindwe kabili. 8Uma isela lingafunyanwa, umninindlu uyakusondela kuNkulunkulu, kubonwe ukuba akafakanga yini isandla sakhe empahleni yomakhelwane wakhe. 9Ngezindaba zonke zamacala, eyenkabi, neyembongolo, neyemvu, neyengubo, neyento elahlekileyo, umuntu asho ngayo ukuthi ngeyakhe, indaba yabo bobabili iyakuza phambi kukaNkulunkulu; olahlwa nguNkulunkulu uyakumkhokhela umakhelwane wakhe kuphindwe kabili.

10“Uma umuntu enikeza kumakhelwane wakhe imbongolo, noma inkabi, noma imvu, noma kungaba yisilwane sini, ukuba akulondoloze, bese kufa, noma kulimala, noma kuphangwa, kungabonwa muntu, 11kuyakunquma isifungo sikaJehova phakathi kwabo bobabili sokuthi akasifakanga yini isandla sakhe empahleni yomakhelwane wakhe; umniniyo uyakusamukela isifungo, angayikhokhi. 12Kepha uma yebiwe kuye impela, uyakumkhokhela umniniyo. 13Uma idweshuliwe, makayilethe ibe ngufakazi, angakhokhi okudweshuliweyo.

14“Uma umuntu etsheleka impahla yomunye, bese yilimala noma ifa, umniniyo engekho, nayo uyakuyikhokha nokuyikhokha. 15Uma umniniyo enayo, akayikuyikhokha; uma yayiqashiwe, imali yokuqasha makayikhokhe.

Imithetho yokuphatha izintandane, nabafokazi, nabampofu nokunye

16“Uma umuntu eyenga intombi engesiyo ingoduso, alale nayo, uyakuyilobola ibe ngumkakhe. 17Uma uyise ala impela ukumnika yona, uyakukhokha imali elingene nokulotsholwa kwezintombi.

18“Ungavumi ukuba umlumbikazi aphile.

19“Olala nesilwane wobulawa nokubulawa.

20“Ohlabela abanye onkulunkulu ngaphandle kukaJehova yedwa uyakubhujiswa nokubhujiswa.

21“Awuyikukhathaza umfokazi, ungamcindezeli, ngokuba naningabafokazi ezweni laseGibithe.

22“Aniyikuhlupha mfelokazi nentandane. 23Uma ubahlupha nakanjani, bakhale kimi nakancane, ngiyakuzwa nokuzwa ukukhala kwabo; 24ulaka lwami luyakuvutha, ngikubulale ngenkemba; omkenu babe ngabafelokazi, abantwana benu babe yizintandane.

25“Uma utsheleka ompofu wabantu bami okuwe imali, awuyikumphatha njengabatshelekisi; ningabizi nzalo kuye. 26Uma uthatha ingubo yomakhelwane wakho, ibe yisibambiso, uyakuyibuyisela kuye lingakashoni ilanga; 27ngokuba iyisimbozo sakhe esisodwa, iyisambatho somzimba wakhe; uyakulala ngani na? Kuzakuthi nxa ekhala kimi, ngizakumuzwa, ngokuba nginomusa.

28“Awuyikuthuka uNkulunkulu, ungaqalekisi induna yabantu bakini.

29“Awuyikulibala neminikelo yamabele neyewayini. Wonginika izibulo emadodaneni akho. 30Uyakwenze njalo nangezinkomo zakho nangezimvu zakho: liyakuhlala kunina izinsuku eziyisikhombisa; ngosuku lwesishiyagalombili wonginika lona.

31“Niyakuba ngabantu abangcwele kimi; ngalokho aniyikudla nyama yesilwane esidweshulwe endle, kepha anoyiphonsa ezinjeni.

U-Eksodusi 23

Imithetho yokulunga neyobumnene

1“Awuyikuthutha indaba yamanga, ungafaki isandla sakho kubo ababi, ube ngufakazi wamanga.

2“Awuyikulandela umbimbi ukuyokwenza okubi, ungafakazi ecaleni ngokulandela umbimbi, uphendukezele isahlulelo; 3nompofu awuyikumvuna ecaleni lakhe.

4“Uma ufumana inkabi yesitha sakho noma imbongolo yaso iduka, woyibuyisela nokuyibuyisela kuso. 5Uma ubona imbongolo yalowo okuzondayo ilele phansi komthwalo wayo, wena-ke bese wukhetha ukuyiyeka, woyikhumula nokuyikhumula ninaye.

6“Awuyikuphendukezela isahlulelo sompofu wakho ecaleni lakhe. 7Deda ube kude nendaba yamanga; ungambulali ongenacala nolungileyo, ngokuba angiyikumyeka owonileyo.

8“Awuyikwamukela isipho, ngokuba isipho siphuphuthekisa ababonayo, siphendukezele amazwi olungileyo. 9Awuyikumcindezela umfokazi, ngokuba niyazi inhliziyo yomfokazi, lokhu naningabafokazi ezweni laseGibithe.

10“Iminyaka eyisithupha uyakutshala izwe lakho, uvune izithelo zalo, 11kepha ngomnyaka wesikhombisa uyakuliyeka libe yifusi ukuba abampofu babantu bakho badle; abakushiyayo makudliwe yizilwane zasendle; wenze njalo nangesivini sakho nangeminqumo yakho.

12“Izinsuku eziyisithupha wosebenza umsebenzi wakho, uphumule ngosuku lwesikhombisa ukuba inkabi yakho nembongolo yakho ziphumule, bahlunyelelwe indodana yencekukazi yakho nomfokazi.

13“Qaphelani konke lokho engikushilo kini, ningaphathi igama labanye onkulunkulu; lingezwakali liphuma emlonyeni wakho.

Imithetho yemikhosi emikhulu

14“Kathathu ngomnyaka wongigcinela umkhosi.

15“Uzakugcina umkhosi wesinkwa esingenamvubelo, udle isinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa, njengalokho ngakuyala, ngesikhathi esinqunyiweyo senyanga ka-Abibi, ngokuba waphuma ngayo eGibithe, kungabonakali muntu phambi kwami ongaphethe lutho, 16nomkhosi wokuvuna wolibo lwemisebenzi yakho oyihlwanyelayo ensimini, nomkhosi wokubutha ngasekupheleni komnyaka, lapho ubutha imisebenzi yakho ensimini.

17“Kathathu ngomnyaka bonke abesilisa bakho bayakubonakala phambi kweNkosi uJehova.

18“Awuyikunikela ngegazi lomhlatshelo wami kanye nesinkwa esivutshelweyo. Amanoni omkhosi wami awayikusala bonke ubusuku kuze kuse.

19“Ukuqala kolibo lwezwe lakho wokuletha endlini kaJehova uNkulunkulu wakho. Awuyikupheka izinyane lembuzi obisini lukanina.

Isithembiso sezwe laseKhanani

20“Bheka, ngiyathuma ingelosi phambi kwakho ukuba ikulondoloze endleleni, ikuyise endaweni engiyilungisileyo. 21Yiqaphele, ulalele izwi layo, ungayicunuli, lokhu ayiyikuthethelela iziphambeko zenu, ngokuba igama lami likuyo. 22Kepha uma ulalela nokulalela izwi layo, ukwenze konke engikukhulumayo, ngiyakuba yisitha sezitha zakho, ngiphambane nabaphambana nawe. 23Ngokuba ingelosi yami izakuhamba phambi kwakho, ikuyise kuwo ama-Amori, namaHeti, namaPherizi, namaKhanani, namaHivi, namaJebusi. Ngiyakubachitha. 24Awuyikubakhothamela onkulunkulu babo, ungabakhonzi, ungenzi njengokwemisebenzi yabo, kepha wobachitha impela, ubhidlize izithombe zabo. 25Niyakumkhonza uJehova uNkulunkulu wenu, abusise ukudla kwenu namanzi enu; ngiyakususa izifo phakathi kwenu. 26Akuyikuba khona ophunzayo noyinyumba ezweni lakini; ngiyakuliphelelisa inani lezinsuku zakho.

27“Ngiyakuthuma ukwesabeka kwami phambi kwakho, ngibasanganise bonke abantu ozakufika kubo, ngenze ukuba zonke izitha zakho zikufulathele. 28Ngiyakuthuma iminyovu phambi kwakho eyakuxosha amaHivi, namaKhanani, namaHeti phambi kwakho. 29Angiyikubaxosha phambi kwakho ngomnyaka owodwa, funa izwe libe yihlane, izilwane zasendle zikwandele. 30Ngiyakubaxosha phambi kwakho kancane kancane, ukuze wande, udle ifa lezwe.

31“Ngiyakumisa imikhawulo yakho, kusukela eLwandle Olubomvu kuze kufike elwandle lamaFilisti, kusukela ehlane kuze kube semfuleni, ngokuba ngiyakunikela esandleni sakho abakhe kulelo zwe, wena ubaxoshe phambi kwakho. 32Awuyikwenza sivumelwano nabo nawonkulunkulu babo. 33Abayikuhlala ezweni lakini, funa bakwenze ukuba wone kimi, ngokuba uma ubakhonza onkulunkulu babo, kuyakuba lugibe kuwe.”

U-Eksodusi 24

Ukumiswa kwesivumelwano

1Wathi kuMose: “Khuphukela kuJehova, wena no-Aroni, noNadabi, no-Abihu, namalunga angamashumi ayisikhombisa akwa-Israyeli, nikhuleke nikude. 2UMose yedwa uyakusondela kuJehova, kepha bona abayikusondela; nabantu abayikukhuphuka naye.”

3UMose weza wabatshela abantu onke amazwi kaJehova nezahlulelo zonke; abantu bonke baphendula ngazwi linye, bathi: “Onke amazwi uJehova awakhulumileyo siyakuwenza.” 4UMose wabhala onke amazwi kaJehova, wavuka ekuseni ngakusasa, walakha i-altare phansi kwentaba, nezinsika eziyishumi nambili njengokwezizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli. 5Wathuma izinsizwa zabantwana bakwa-Israyeli, zanikela ngeminikelo yokushiswa, zahlabela uJehova imihlatshelo yokuthula yezinkunzi. 6UMose wathatha inxenye yegazi, wayithela ezitsheni; inxenye yegazi wafafaza ngayo i-altare. 7Wathatha incwadi yesivumelwano, wayifunda ezindlebeni zabantu; bathi: “Konke akukhulumileyo uJehova siyakukwenza, silalele.”

8UMose wayesethatha igazi, wafafaza ngalo abantu, ethi: “Bheka, nanti igazi lesivumelwano uJehova asenze nani ngawo onke lawa mazwi.”

UMose ukhuphukela eSinayi

9Khona bakhuphuka oMose, no-Aroni, noNadabi, no-Abihu, namalunga angamashumi ayisikhombisa akwa-Israyeli. 10Bambona uNkulunkulu ka-Israyeli; phansi kwezinyawo zakhe kwakungathi kugandayiwe ngamatshe amasafire,* kungathi yizulu uqobo ngokucweba. 11Akasibekanga isandla sakhe kuzo izikhulu zabantwana bakwa-Israyeli; sebembonile uNkulunkulu badla, baphuza.

12UJehova wayesethi kuMose: “Khuphukela kimi entabeni, uhlale khona, ngikunike izibhebhe zamatshe, nomthetho, nemiyalelo engiyibhalile ukuba ubafundise yona.”

13Wasuka uMose nenceku yakhe uJoshuwa; uMose wakhuphukela entabeni kaNkulunkulu. 14Wathi kumalunga: “Manisihlalele lapha, size sibuyele kini; bhekani, o-Aroni noHure bakini; yilowo nalowo onendaba makaye kubo.”

15UMose wayesekhuphukela entabeni, ifu lasibekela intaba. 16Inkazimulo kaJehova yahlala entabeni yaseSinayi, ifu layisibekela izinsuku eziyisithupha; ngosuku lwesikhombisa esefwini wambiza uMose. 17Ukubonakala kwenkazimulo kaJehova kwakunjengomlilo oqedayo esiqongweni sentaba emehlweni abantwana bakwa-Israyeli. 18UMose wangena efwini, wakhuphukela entabeni; uMose wayesentabeni izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane.

U-Eksodusi 22:1-24:18ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU