Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 21

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

U-Eksodusi 18

UJetiro uyahambela uMose

1UJetiro umpristi wakwaMidiyani, umukhwe kaMose, wezwa konke uNkulunkulu abenzele khona oMose no-Israyeli abantu bakhe, ukuthi uJehova wayemkhiphile u-Israyeli eGibithe.

2UJetiro umukhwe kaMose wathatha uSipora umkaMose, yena esekade embuyisile, 3namadodana akhe omabili, igama lenye linguGereshomu, ngokuba wayethe: “Ngangingumfokazi kwelinye izwe,” 4igama lenye lalingu-Eliyezeri, ngokuba wathi: “UNkulunkulu kababa ubelusizo lwami, wangophula enkembeni kaFaro.”

5UJetiro umukhwe kaMose wafika namadodana akhe nomkakhe kuMose ehlane, lapho wayemise khona ngasentabeni kaNkulunkulu. 6Wathi kuMose: “Mina mukhwe wakho uJetiro ngize kuwe, kanye nomkakho, namadodana akhe omabili enaye.”

7UMose waphuma ukumhlangabeza umukhwe wakhe, wamkhothamela, wamanga; babuzana impilo, bangena etendeni. 8UMose wayesemlandisa umukhwe wakhe konke uJehova abekwenzile kuFaro nakubo abaseGibithe ngenxa ka-Israyeli, konke ukushikashikeka okwabehlela endleleni, nokuthi uJehova wabophula.

9UJetiro wathokoza ngakho konke okuhle uJehova akwenzile ku-Israyeli, ebophulile esandleni sabaseGibithe. 10Wathi uJetiro: “Makabongwe uJehova onophulile esandleni sabaseGibithe nasesandleni sikaFaro, ebophulile abantu phansi kwesandla sabaseGibithe. 11Kalokhu ngiyazi ukuthi uJehova mkhulu kunabo bonke onkulunkulu, yebo, kulokhu ababebagabisela ngakho.” 12UJetiro umukhwe kaMose wamthathela uNkulunkulu umnikelo wokushiswa nemihlatshelo; weza u-Aroni kanye nawo onke amalunga akwa-Israyeli ukuyokudla nomukhwe kaMose phambi kukaNkulunkulu.

Abahluleli bamiswa kwa-Israyeli

13Kwathi ngangomuso uMose wayehlala ukwahlulela abantu; abantu babemi ngakuMose kusukela ekuseni kwaze kwahlwa. 14Umukhwe kaMose esebona konke abenzela khona abantu, wathi: “Kuyini lokhu obenzela khona bantu na? Uhlalelani wedwa, abantu bonke bemi ngakuwe kusukela ekuseni kuze kuhlwe na?”

15UMose wathi kumukhwe wakhe: “Kungokuba abantu beza kimi ukuyombuza uNkulunkulu. 16Uma benendaba, beza kimi; ngiyahlulela phakathi komuntu nomakhelwane wakhe, ngibazise izimiso zikaNkulunkulu nemithetho yakhe.”

17Umukhwe kaMose wathi kuye: “Lokhu okwenzayo akukuhle. 18Uyakudinwa nokudinwa, wena nalaba bantu abanawe, ngokuba lokhu kuyakusinda; awunakukwenza uwedwa. 19Kalokhu lalela izwi lami, ngikululeke, uNkulunkulu abe nawe; ngithi: ‘Yiba ngumkhulumeli wabantu phambi kukaNkulunkulu, ulethe izindaba kuNkulunkulu, 20ubafundise izimiso nemithetho, ubatshengise indlela abayakuhamba ngayo, nomsebenzi abayakuwenza. 21Futhi-ke wozifunela phakathi kwabantu bonke amadoda anamandla amesabayo uNkulunkulu, amadoda athembekileyo, azonda inzuzo engalungile, uwabeke phezu kwabo, abe yizinduna zezinkulungwane, nezinduna zamakhulu, nezinduna zamashumi ayisihlanu, nezinduna zamashumi. 22Akube yizona ezahlulela abantu ngezikhathi zonke, kulethwe kuwe zonke izindaba ezinkulu; kepha zonke izindaba ezincane zahlulelwe yizo uqobo, kuze kube lula kuwe, zithwalisane nawe. 23Uma wenza lokhu, noNkulunkulu ekuyala kanje, uzakuba namandla okuma, nabo bonke laba bantu bayakubuyela ezindaweni zabo benokuthula.’ ”

24UMose walalela izwi lomukhwe wakhe, wakwenza konke akushilo. 25UMose wakhetha amadoda anamandla phakathi kuka-Israyeli wonke, wawabeka aba yizinhloko phezu kwabantu, izinduna zezinkulungwane, nezinduma zamakhulu, nezinduna zamashumi ayisihlanu, nezinduna zamashumi. 26Zahlulela abantu ngezikhathi zonke; izindaba ezilukhuni zazidlulisela kuMose, kepha zonke izindaba ezincane zahlulelwa yizo uqobo.

27UMose wamvalelisa umukhwe wakhe; wasuka wabuyela ezweni lakubo.

U-Eksodusi 19

Ukufika eSinayi

1Ngenyanga yesithathu emva kokuphuma kwabantwana bakwa-Israyeli ezweni laseGibithe, ngalona lolo suku, bafika ehlane laseSinayi. 2Sebesukile eRefidimi, befike ehlane laseSinayi, bamisa ehlane; u-Israyeli wahlala khona phambi kwentaba.

3UMose wakhuphukela kuNkulunkulu; uJehova esentabeni wamemeza kuye, wathi: “Yisho kuyo indlu kaJakobe, ubatshele abantwana bakwa-Israyeli, uthi: 4‘Nibonile lokhu engikwenzile kwabaseGibithe nokuthi nganithwala ngamaphiko okhozi, nganisondeza kimi. 5Kalokhu uma nilalela nokulalela izwi lami, nigcine isivumelwano sami, niyakuba yigugu kimi kunazo zonke izizwe, ngokuba umhlaba wonke ungowami, 6nibe ngumbuso wabapristi kimi, nesizwe esingcwele. Yilawo mazwi ozakuwakhuluma kubantwana bakwa-Israyeli.’ ”

7UMose wafika, wabiza amalunga abantu, wabeka phambi kwabo onke lawo mazwi uJehova amyale ngawo. 8Bonke abantu baphendula kanyekanye, bathi: “Konke akukhulumileyo uJehova siyakukwenza.” UMose wabuyisela kuJehova amazwi abantu.

9UJehova wathi kuMose: “Bheka, ngiza kuwe ngefu elinzima ukuba abantu bezwe, nxa ngikhuluma nawe, bakholwe nguwe kuze kube phakade.” UMose walandisa uJehova amazwi abantu.

10UJehova wayesethi kuMose: “Hamba uye kubantu, ubangcwelise namuhla nakusasa, bahlanze izingubo zabo, 11babe sebelungile ngosuku lwesithathu; ngokuba ngosuku lwesithathu uJehova uyakwehlela entabeni yaseSinayi emehlweni abantu bonke. 12Wena-ke wobamisela abantu umkhawulo nxazonke, uthi: ‘Xwayani ukuba ningakhuphukeli entabeni, ningathinti umkhawulo wayo. Lowo othinta intaba uyakubulawa impela; 13makangaphathwa ngesandla, kepha impela uyakukhandwa ngamatshe nokuba ahlatshwe ngemicibisholo; noma kuyinkomo noma kungumuntu, akuyikuphila.’ Nxa icilongo likhala linganqamuki, bayakukhuphukela entabeni.”

14UMose wehla entabeni, wabuyela kubantu, wabangcwelisa abantu; bahlanza-ke izingubo zabo. 15Wayesethi kubantu: “Anoba senilungile ngosuku lwesithathu; ningasondeli kowesifazane.”

16Kwathi ngosuku lwesithathu sekusile, kwaba khona ukuduma nokunyazima kombani, nefu elinzima phezu kwentaba, nezwi lecilongo elizwakala kakhulu; bonke abantu abasekamu* bathuthumela. 17UMose wayesebakhipha abantu ekamu* ukuba bahlangane noNkulunkulu; bema phansi kwentaba. 18Yonke intaba yaseSinayi yathunqa umusi, ngokuba uJehova wehlela phezu kwayo ngomlilo; umusi wayo wenyuka njengomusi wesithando; intaba yonke yazamazama kakhulu. 19Kwathi izwi lecilongo lalilokhu lizwakala kakhulu kunakuqala; uMose wakhuluma, uNkulunkulu wamphendula ngezwi elikhulu.

20UJehova wehlela phezu kwentaba yaseSinayi esiqongweni sentaba; uJehova wambiza uMose ukuba eze esiqongweni sentaba; uMose wakhuphuka-ke. 21UJehova wayesethi kuMose: “Yehla, ubaxwayise abantu, funa bafohle ukuba babone uJehova, kufe abaningi kubo. 22Nabapristi abasondela kuJehova mabazingcwelise, funa uJehova abadumele.”

23UMose wathi kuJehova: “Abantu abanakukhuphukela entabeni yaseSinayi, ngokuba usiyalisisile, wathi: ‘Yimisele intaba umkhawulo, uyingcwelise.’ ”

24Wayesethi uJehova kuye: “Hamba wehle, uze ubuye ukhuphuke, wena no-Aroni enawe; kepha abapristi nabantu mabangafohli, bakhuphukele kuJehova, funa abadumele.”

25UMose wayesehla, waya kubantu, wabatshela.

U-Eksodusi 20

Imiyalelo eyishumi

1UNkulunkulu wakhuluma onke lawa mazwi, wathi:

2“NginguJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibithe, indlu yobugqila.

3“Ungabi nabanye onkulunkulu ngaphandle kwami.

4“Ungazenzeli izithombe ezibaziweyo, namfanekiso wokusezulwini ngaphezulu, nowokusemhlabeni phansi, nowokusemanzini phansi komhlaba; 5ungazikhothameli, ungazikhonzi, ngokuba mina Jehova uNkulunkulu wakho nginguNkulunkulu onomhawu, ngihambela ububi bawoyise kubantwana kuso isizukulwane sesithathu nesesine sabangizondayo, 6kepha ngibenzela umusa abayizinkulungwane abangithandayo, bagcine imiyalelo yami.

7“Ungaliphathi ngeze igama likaJehova uNkulunkulu wakho, ngokuba uJehova akayikumyeka oliphatha ngeze igama lakhe.

8“Khumbula usuku lwesabatha, ulungcwelise. 9Izinsuku eziyisithupha uyakusebenza, uwenze wonke umsebenzi wakho; 10kepha usuku lwesikhombisa luyisabatha likaJehova uNkulunkulu wakho; awuyikusebenza msebenzi ngalo, wena nendodana yakho, nendodakazi yakho, nenceku yakho, nencekukazi yakho, nezinkomo zakho, nomfokazi osemzini wakho; 11ngokuba ngezinsuku eziyisithupha uJehova wenza izulu nomhlaba, nolwandle, nakho konke okukukho, waphumula ngosuku lwesikhombisa; ngalokho uJehova walubusisa usuku lwesabatha, walungcwelisa.

12“Yazisa uyihlo nonyoko, ukuze izinsuku zakho zibe zinde ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona.

13“Ungabulali.

14“Ungaphingi.

15“Ungebi.

16“Ungafakazi amanga ngomakhelwane wakho.

17“Ungafisi indlu yomakhelwane wakho; ungafisi umfazi womakhelwane wakho, nenceku yakhe, nencekukazi yakhe, nenkabi yakhe, nembongolo yakhe, nokunye okomakhelwane wakho.”

Ukwesaba kwabantu

18Bonke abantu babona ukuduma nokunyazima kombani, nezwi lecilongo, nentaba ithunqa; kwathi abantu sebebonile, bathuthumela, bema kude. 19Bathi kuMose: “Khuluma wena kithi, sizwe; kepha uNkulunkulu makangakhulumi kithi, funa sife.”

20UMose wayesethi kubantu: “Ningesabi, ngokuba uNkulunkulu uze ukuba anivivinye, ukumesaba kube semehlweni enu, ukuze ningoni.”

21Abantu bema kude; uMose wasondela ebumnyameni obunzima, lapho ekhona uNkulunkulu.

Umthetho we-altare

22UJehova wayesethi kuMose: “Yisho kanje kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Nibonile nani uqobo ukuthi ngikhulumile kini ngisezulwini. 23Aniyikwenza lutho olungaphandle kwami; onkulunkulu besiliva nawonkulunkulu begolide aniyikuzenzela bona.

24“ ‘Wongenzela i-altare lomhlabathi, unikele phezu kwalo iminikelo yakho yokushiswa neminikelo yakho yokuthula, izimvu zakho nezinkomo zakho; ezindaweni zonke lapho ngilenza ukuba likhunjulwe khona igama lami, ngiyakuza kuwe, ngikubusise. 25Uma ungenzela i-altare ngamatshe, awuyikulakha ngamatshe abaziweyo, ngokuba uma uphakamisela kulo ingwedo yakho, ulingcolisile. 26Awuyikukhwela e-altare lami ngezikhwelo, funa kwambulwe ubunqunu bakho.’

U-Eksodusi 21

1“Yilezi izahlulelo ozakuzimisa phambi kwabo.

2“Uma uthenga isigqila esingumHeberu, siyakusebenza iminyaka eyisithupha; ngowesikhombisa siyakuphuma sikhululekile ngesihle. 3Uma singena sisodwa, siyakuphuma sisodwa; uma siganiwe, umkaso uyakuphuma naso. 4Uma inkosi yaso isinika umfazi, yena esizalela amadodana noma amadodakazi, umfazi nabantwana bakhe bayakuba ngabenkosi yakhe, sona siphume sodwa.

5“Uma isigqila siyakusho nokusho ukuthi: ‘Ngiyathanda inkosi yami, nomkami, nabantwana bami, angiyikuphuma ngikhululekile,’ 6khona inkosi yaso iyakusiyisa kuNkulunkulu, isimise emnyango noma ensikeni yomnyango, inkosi yaso ibhoboze indlebe yaso ngosungulo, size simkhonze kuze kube phakade.

7“Uma umuntu ethengisa ngendodakazi yakhe, ibe yisigqilakazi, ayiyikuphuma njengalokhu ziphuma izigqila. 8Uma sisibi emehlweni enkosi yaso ezimisele sona, yovuma ukuba sihlengwe; ayiyukuba namandla okuthengisa ngaso kubo abafokazi, njengokuba isiphathe ngenkohliso. 9Uma isimisela indodana yayo, yosiphatha njengamadodakazi. 10Uma iyithathela esinye, ayiyikunciphisa ukudla kwaso, nezingubo zaso, namalungelo omshado. 11Uma ingasenzeli lokho okuthathu, siyakuphuma ngesihle ngaphandle kwemali.

12“Oshaya umuntu aze afe, wobulawa nokubulawa. 13Kepha uma ebengamqamekeli, uNkulunkulu emnikela nje esandleni sakhe, ngiyakukumisela indawo ayakubalekela kuyo. 14Uma umuntu esukela umakhelwane wakhe, ambulale ngobuqili, womsusa nase-altare lami ukuba afe.

15“Oshaya uyise nonina wobulawa nokubulawa.

16“Oweba umuntu, athengise ngaye, noma efunyanwa esesesandleni sakhe, wobulawa nokubulawa.

17“Othuka uyise nonina wobulawa nokubulawa.

18“Nxa abantu belwa, omunye ashaye omunye ngetshe noma ngenqindi yakhe, angafi kepha alale embhedeni, 19khona-ke, uma elulama, ahambahambe phandle ngenduku yakhe, owamshayayo uyakuyekelwa, amkhokhele nokho isikhathi sakhe esaphukileyo, elashwe nokwelashwa.

20“Uma umuntu eshaya isigqila sakhe noma isigqilakazi sakhe ngenduku, size sife phansi kwesandla sakhe, wojeziswa nokujeziswa. 21Kepha uma sihlala usuku lube lunye noma zibe zimbili, akayikujeziswa, ngokuba siyimali yakhe.

22“Uma abantu belwa, balimaze owesifazane okhulelweyo, size siphuphume isisu sakhe, kungaveli enye ingozi kodwa, wohlawuliswa impela njengalokho indoda yomfazi iyakubeka kuye, akhokhe njengesinqumo sabahluleli. 23Uma kuvela ingozi, wokwenana ukuphila ngokuphila: 24iso ngeso, izinyo ngezinyo, isandla ngesandla, unyawo ngonyawo, 25ukushiswa ngokushiswa, inxeba ngenxeba, umvimbo ngomvimbo.

26“Uma umuntu eshaya iso lesigqila sakhe noma iso lesigqilakazi sakhe, alibulale, wosikhulula ngenxa yeso laso. 27Uma eshaya izinyo lesigqila sakhe noma izinyo lesigqilakazi sakhe, wosikhulula ngenxa yezinyo laso.

28“Uma inkabi iqhubukusha owesilisa noma owesifazane baze bafe, inkabi yokhandwa ngamatshe impela, inyama yayo ingadliwa; kepha umnininkabi uyakuyekelwa. 29Kepha uma inkabi ibizinge ihlaba nangaphambili, futhi lokhu kufakaziwe kumniniyo, engayigcinanga kodwa, inkabi isibulele owesilisa noma owesifazane, leyo nkabi yokhandwa, abulawe nomniniyo. 30Uma kubekwa phezu kwakhe ihlawulo, uyakukhokha konke okubekwa phezu kwakhe, kube yisihlengo sokuphila kwakhe. 31Noma iqhubukusha indodana noma iqhubukusha indodakazi, makwenziwe kuye njengaleso sahlulelo. 32Uma inkabi iqhubukusha isigqila noma isigqilakazi, uyakunika inkosi yaso amashekeli* angamashumi amathathu esiliva, inkabi ikhandwe ngamatshe.

33“Uma umuntu evula umgodi, noma emba umgodi engawusibekeli, kukhalakathele kuwo inkabi noma imbongolo, 34umninimgodi uyakukhokha, amnike umniniyo imali, efileyo ibe ngeyakhe.

35“Uma inkabi yomuntu ihlaba eyomunye ize ife, bayakuthengisa ngenkabi ephilayo, bahlukaniselane imali yayo, bahlukaniselane nefileyo futhi. 36Kodwa uma kwaziwa ukuthi inkabi ibizinge ihlaba nangaphambili, umniniyo engayigcinanga kodwa, uyakuyikhokha nokuyikhokha inkabi ngenkabi, efileyo ibe ngeyakhe.

U-Eksodusi 18:1-21:36ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU