Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 186

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

U-Isaya 37

Isiprofetho sika-Isaya ngabase-Asiriya

1Kwathi inkosi uHezekiya ikuzwile lokho, yaklebhula izingubo zayo, yazembesa indwangu yamasaka, yangena endlini kaJehova. 2Yathuma u-Eliyakimi owayephezu kwendlu, noShebina umbhali, namalunga abapristi, bembeswe izindwangu zamasaka, ku-Isaya umprofethi, indodana ka-Amose. 3Bathi kuye: “Usho kanje uHezekiya, uthi: Lolu suku lungusuku losizi nolokusolwa nolokudelelwa, ngokuba abantwana sebefikile ekuzalweni, kepha amandla okubeletha awakho. 4Mhlawumbe uJehova uNkulunkulu wakho uyakuzwa amazwi kaRabi Shake othunywe yinkosi yase-Asiriya, inkosi yakhe, ukweyisa uNkulunkulu ophilayo, asole amazwi uJehova uNkulunkulu wakho awezwileyo; ngalokho phakamisela insali esafunyanwayo umkhuleko wakho.”

5Izinceku zenkosi uHezekiya sezifikile ku-Isaya, 6u-Isaya wathi kuzo: “Niyakusho kanje enkosini yenu, nithi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Ungesabi lawo mazwi owezwileyo, izinceku zenkosi yase-Asiriya ezingithuke ngawo. 7Bhekani, ngiyakubeka umoya kuyo, izwe amahemuhemu, ibuyele ezweni lakubo, ngiyiwise ngenkemba ezweni lakubo.’ ”

8Wayesebuya uRabi Shake, wafumana inkosi yase-Asiriya ilwa neLibina, ngokuba wayezwile ukuthi isukile eLakishi.

9Kepha isizwile ngoTirahaka, inkosi yaseKushe, ukuthi: “Uphumile ukulwa nawe,” lapho ikuzwa lokho, yathuma izithunywa kuHezekiya, yathi: 10“Niyakukhuluma kanje kuHezekiya, inkosi yakwaJuda, nithi: UNkulunkulu wakho omethembayo makangakukhohlisi ngokuthi iJerusalema aliyikunikelwa esandleni senkosi yase-Asiriya. 11Bheka, wena uzwile okwenziwa ngamakhosi ase-Asiriya kuwo onke amazwe ngokuwachitha; pho, wena uyakophulwa na? 12Onkulunkulu balezo zizwe ezachithwa ngobaba, iGozani, neHarana, neResefi, nabantwana base-Edene ababeseThelasari bazophula na? 13Iphi inkosi yaseHamati, nenkosi yase-Aripadi, nenkosi yomuzi waseSefarivayimi, naseHena, nase-Iva na?”

14UHezekiya wayamukela incwadi esandleni sezithunywa, wayifunda; uHezekiya wayesenyukela endlini kaJehova, wayeneka phambi kukaJehova. 15UHezekiya wakhuleka phambi kukaJehova, wathi: 16“Jehova Sebawoti, Nkulunkulu ka-Israyeli, ohlezi phezu kwamakherubi,* wena unguNkulunkulu, wena wedwa, wemibuso yonke yomhlaba, wena wenzile izulu nomhlaba. 17Beka indlebe yakho, Jehova, uzwe; vula amehlo akho, Jehova, ubone, uzwe onke amazwi kaSaneheribi athume ukweyisa ngawo uNkulunkulu ophilayo.

18“Yiqiniso, Jehova; amakhosi ase-Asiriya achithile izizwe zonke namazwe azo, 19alahlile onkulunkulu bawo emlilweni, ngokuba babengesibo onkulunkulu, babe ngumsebenzi wezandla zomuntu kuphela, umuthi namatshe; ngalokho abachithile. 20Manje, Jehova Nkulunkulu wethu, sisindise esandleni sakhe ukuba yonke imibuso yomhlaba yazi ukuthi wena unguJehova, wena wedwa.”

21U-Isaya indodana ka-Amose wathumela kuHezekiya, wathi: “Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Njengalokhu ukhuleke kimi ngoSaneheribi inkosi yase-Asiriya, 22nanti izwi uJehova alikhulume ngaye ukuthi:

“Ikudelele, yakuhleka usulu intombi,

indodakazi yaseSiyoni;

ikunikinele ikhanda indodakazi yaseJerusalema.

23Weyise bani, wethuka bani, na?

Uphakamisele bani izwi lakho,

wabhekisa phezulu amehlo akho, na?

NgoNgcwele ka-Israyeli!

24Ngesandla sezinceku zakho

uyijivazile iNkosi, wathi:

‘Ngobuningi bezinqola zami

ngenyuke mina phezulu ezintabeni

ngaphakathi kweLebanoni;

ngigawula imisedari* yalo emide

nemisayipuresi* yalo ekhethekileyo

ngangena ekuphakameni kwalo kokugcina

nasehlathini lalo eliminyeneyo.

25Ngemba, ngaphuza amanzi;

ngomisa ngamathe onyawo lwami

yonke imifula yaseGibithe.’

26“Awuzwanga ukuthi kade ngakwenza na?

Emihleni yasendulo ngakunquma;

manje sengikulethile

ukuba uchithe imizi ebiyelweyo ibe yizinqwaba.

27Abakhe kuyo babe namandla amancane,

besaba, bajabha;

baba njengotshani basendle,

nembali notshani obuluhlaza,

nokuluhlaza ezimpahleni zezindlu,

namabele ahamukile engakakhuli.

28“Kepha ukuhlala kwakho,

nokuphuma kwakho,

nokungena kwakho ngiyakwazi,

nokubhovumula kwakho ngami.

29Ngenxa yokubhovumula kwakho ngami,

nangokuba ukuzidla kwakho

kwenyukele ezindlebeni zami,

ngiyakufaka ingwegwe yami emakhaleni akho

netomu lami emlonyeni wakho,

ngikubuyise ngendlela oweza ngayo.

30“Lokhu kuyakuba yisibonakaliso kuwe:

“Niyakudla ngalo mnyaka okuzikhulelayo,

nangomnyaka wesibili isihlabane,

nangomnyaka wesithathu hlwanyelani,

nivune, nitshale izivini,

nidle izithelo zazo.

31Abasindileyo bendlu yakwaJuda abaseleyo

bayakubuye bagxile phansi,

bathele izithelo phezulu.

32Ngokuba kuyakuphuma eJerusalema insali

nasentabeni yaseSiyoni abayakusinda;

ukushisekela kukaJehova Sebawoti kuyakufeza lokho.

33“Ngalokho usho kanje uJehova ngenkosi yase-Asiriya, uthi:

“Ayiyikungena kulo muzi,

ayiyikucibishela mcibisholo khona;

ayiyikubhekisa kuwo isihlangu,

ayiyikunqwabela iduli ngakuwo.

34Indlela eyafika ngayo iyakubuya ngayo;

ayiyikungena kulo muzi,” usho uJehova.

35“Ngiyakuwuvikela lo muzi ukuba ngiwusindise

ngenxa yami nangenxa yenceku yami uDavide.”

36Kwaphuma ingelosi kaJehova, yabulala ekamu* labase-Asiriya abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili nanhlanu; sekuvukwa ngakusasa, bheka, kwakuyizidumbu ezifileyo zodwa. 37Wayesesuka uSaneheribi inkosi yase-Asiriya, wahamba, wabuya, wahlala eNineve.

38Kwathi ekhuleka endlini kaNisiroki unkulunkulu wakhe, o-Adirameleki noSareseri amadodana akhe bambulala ngenkemba, babalekela ezweni lase-Ararati. U-Esari Hadoni indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.

U-Isaya 38

Ukugula nokusinda kukaHezekiya

1Ngalezo zinsuku uHezekiya wagula, wayephansi kokufa. Kwafika kuye u-Isaya umprofethi, indodana ka-Amose, wathi kuye: “Usho kanje uJehova, uthi: Yalela indlu yakho, ngokuba uyakufa, awuyikusinda.”

2UHezekiya wayesephendulela ubuso bakhe odongeni, wakhuleka kuJehova, 3wathi: “Ngiyacela, Jehova: ake ukhumbule ukuthi ngihambile phambi kwakho ngeqiniso nangenhliziyo epheleleyo, ngenzile okuhle emehlweni akho.” Wayesekhala uHezekiya ngokukhala okukhulu.

4Lafika ku-Isaya izwi likaJehova, lathi: 5“Hamba, uthi kuHezekiya: ‘Usho kanje uJehova uNkulunkulu kaDavide uyihlo, uthi: Ngizwile umkhuleko wakho, ngibonile izinyembezi zakho; ngiyakwenezela ezinsukwini zakho iminyaka eyishumi nanhlanu. 6Ngiyakophula wena nalo muzi esandleni senkosi yase-Asiriya, ngiwuvikele lo muzi.

7“ ‘Lesi siyakuba yisibonakaliso kuwe esivela kuJehova sokuthi uJehova uyakukwenza lokho akukhulumileyo: 8bheka, isithunzi sezinyathelo ilanga elizehlile ezinyathelweni zelanga zika-Ahazi ngiyakusibuyisa izinyathelo eziyishumi.’ ” Ilanga labuya-ke izinyathelo eziyishumi ezinyathelweni elizehlileyo.

Ihubo likaHezekiya

9Ihubo likaHezekiya inkosi yakwaJuda lapho wayekade egula, wasinda ekuguleni kwakhe:

10Ngathi: “Ngiphakathi nezinsuku zami

ngiyakungena emasangweni endawo yabafileyo,

ngaphuciwe inxenye yeminyaka yami.”

11Ngathi: “Angiyikumbona uJehova,

uJehova ezweni labaphilayo;

angisayikubuka muntu nginabakhileyo bezwe.

12Idokodo lami lisishuliwe,

lasuswa kimi njengetende lomalusi;

ngisongile ukuphila kwami njengomaluki;

uyanginquma esalukweni;

kusukela emini kuze kube sebusuku uyangiqeda.

13Ngakhala kwaze kwaba sekuseni;

njengengonyama uyaphula onke amathambo ami;

kusukela emini kuze kube sebusuku uyangiqeda.

14Ngatshiyozisa okwenkonjane,

ngaliliselisa okwejuba;

amehlo ami aphela ngokubheka phezulu;

Nkosi, ngiyacindezelwa;

yiba yisibambiso sami.”

15Ngingakhuluma ngithini na?

Ukhulumile kimi, ukwenzile yena.

Ngiyakubinyabinyeka yonke iminyaka

ngomunyu womphefumulo wami.

16Nkosi, abantu baphila ngalokho,

nokuphila komoya wami kukulokho kuphelele;

ngalokho mawungiphulukise, ungiphilise.

17Bheka,

kwakungokuhle kimi ukuthi nganginomunyu;

wena wawuthanda umphefumulo wami,

waze waphuma egodini lokubhujiswa,

ngokuba uzilahlile nyovane zonke izono zami.

18Ngokuba indawo yabafileyo ayikubongi,

nokufa akukudumisi;

abehlela egodini ababheki ukuthembeka kwakho.

19Abaphilayo,

abaphilayo bayakubonga njengami namuhla;

uyise uyabazisa abantwana ukuthembeka kwakho.

20UJehova uyakungisindisa;

ngalokho siyakubetha ngezingubhu ezinezintambo

zonke izinsuku zokuhamba kwethu endlini kaJehova.

21U-Isaya wathi: “Mabathathe isigaxa samakhiwane, basibeke ethumbeni, uyakusinda.”

22Kepha uHezekiya wathi: “Yisibonakaliso sini sokuba ngiyakwenyukela endlini kaJehova na?”

U-Isaya 39

Izithunywa ezivela kuMerodaki Baladani

1Ngaleso sikhathi uMerodaki Baladani indodana kaBaladani inkosi yaseBabele wathuma abanezincwadi nesipho kuHezekiya, lapho ezwile ukuthi kade egula, kepha usesimamile. 2UHezekiya wathokoza ngabo, wababonisa indlu yengcebo yakhe, isiliva, negolide, namakha, namafutha amahle, nayo yonke indlu yezikhali zakhe, nakho konke okwafunyanwa engcebeni yakhe; akubangakho nto endlini yakhe nasembusweni wakhe wonke uHezekiya angababonisanga yona.

3Wayesefika u-Isaya, umprofethi, enkosini uHezekiya, wathi kuye: “Batheni labo bantu; beze kuwe bevelaphi na?”

Wathi uHezekiya: “Bavela ezweni elikude, iBabele, beze kimi.”

4Wayesethi: “Baboneni endlini yakho na?”

UHezekiya wathi: “Babone konke okusendlini yami; akukho nto phakathi kwengcebo yami engingababonisanga yona.”

5U-Isaya wathi kuHezekiya: “Yizwa izwi likaJehova Sebawoti. 6Bheka, izinsuku ziyeza, lapho konke okusendlini yakho nalokho oyihlo abakubekelele khona kuze kube namuhla kuyakuyiswa eBabele; akuyikusala lutho, usho uJehova. 7Nasemadodaneni akho ayakuphuma kuwe, oyakuwazala, bayakuwathatha abe yizinceku endlini yobukhosi yenkosi yaseBabele.”

8Wayesethi uHezekiya ku-Isaya: “Lihle izwi likaJehova olikhulumileyo.” Wathi futhi: “Ngokuba kuyakuba khona ukuthula nokulondeka emihleni yami.”

U-Isaya 37:1-39:8ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU