Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 172

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

2 AmaKhosi 16

U-Ahazi uyinkosi kwaJuda

1Ngomnyaka weshumi nesikhombisa kaPheka indodana kaRemaliya u-Ahazi indodana kaJothamu, inkosi yakwaJuda, waba yinkosi. 2U-Ahazi wayeneminyaka engamashumi amabili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nesithupha eJerusalema; akenzanga okulungile emehlweni kaJehova, uNkulunkulu wakhe, njengoDavide uyise. 3Kepha wahamba ngendlela yamakhosi akwa-Israyeli, yebo, wadabulisa nendodana yakhe emlilweni njengezinengiso zabezizwe uJehova abaxosha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli. 4Wahlaba, washisa impepho ezindaweni eziphakemeyo, nasemagqumeni, naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza.

5Ngaleso sikhathi uResini, inkosi yase-Aramu, noPheka indodana kaRemaliya, inkosi yakwa-Israyeli, benyukela eJerusalema ukulwa nalo; bamvimbezela u-Ahazi, kepha babengenakumahlula. 6Ngaleso sikhathi uResini inkosi yase-Aramu wabuyisela i-Elati e-Aramu, waxosha abaJuda e-Elati; ama-Aramu afika e-Elati, ahlala khona kuze kube namuhla.

7U-Ahazi wathuma izithunywa kuThigilati Phileseri inkosi yase-Asiriya ngokuthi: “Mina ngiyinceku yakho nendodana yakho: yenyuka, ungisindise esandleni senkosi yase-Aramu nasesandleni senkosi yakwa-Israyeli angivukelayo.” 8U-Ahazi wathatha isiliva negolide elafunyanwa endlini kaJehova nasengcebeni endlini yenkosi, walithuma enkosini yase-Asiriya laba yisipho. 9Inkosi yase-Asiriya yamlalela; inkosi yase-Asiriya yenyuka ukuhlasela iDamaseku, yalithatha, yathumbela abantu balo eKhiri, yambulala uResini.

10Inkosi u-Ahazi yaya eDamaseku ukumhlangabeza uThigilati Phileseri inkosi yase-Asiriya, yabona i-altare elaliseDamaseku; inkosi u-Ahazi yathumela ku-Uriya, umpristi, isimo se-altare nesifanekiso salo njengokwenziwa kwalo konke. 11U-Uriya, umpristi, wayesakha i-altare: njengakho konke inkosi u-Ahazi ebikuthumile iseDamaseku walenze njalo u-Uriya umpristi, yaze yabuya inkosi u-Ahazi eDamaseku. 12Inkosi isibuyile eDamaseku, inkosi yalibona i-altare; inkosi yasondela e-altare, yenyukela kulo. 13Yashisa umnikelo wayo wokushiswa nomnikelo wayo wempuphu, yathulula umnikelo wayo wokuphuzwa, yafafaza igazi leminikelo yokuthula e-altare. 14Kepha i-altare lethusi elaliphambi kukaJehova, yalisusa ngaphambi kwendlu phakathi kwe-altare nendlu kaJehova, yalibeka ohlangothini lwasenyakatho lwe-altare layo.

15Inkosi u-Ahazi yamyala u-Uriya umpristi ngokuthi: “Shisa e-altare elikhulu umnikelo wokushiswa wasekuseni, nomnikelo wempuphu wakusihlwa, nomnikelo wokushiswa wenkosi, nomnikelo wayo wempuphu kanye nomnikelo wokushiswa wabo bonke abantu bezwe, nomnikelo wabo wempuphu, neminikelo yabo yokuphuzwa, ulifafaze ngalo lonke igazi lomnikelo wokushiswa nalo lonke igazi lomhlatshelo; kodwa i-altare lethusi liyakuba ngelami ukubuza ngalo.” 16U-Uriya umpristi wenza njengakho konke inkosi u-Ahazi eyale ngakho.

17Inkosi u-Ahazi yanquma izindini zezinqe, yasusa kuzo umcengezi wokugeza, yehlisa ulwandle ezinkabini zethusi ezaziphansi kwawo, yawubeka endaweni egandayiwe ngamatshe. 18Indlela esibekelweyo yesabatha ababeyakhe endlini nendawo yokungena yenkosi engaphandle yakuphambukisela endlini kaJehova ngenxa yenkosi yase-Asiriya.

19Ezinye izindaba zika-Ahazi azenzayo angithi zilotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na? 20U-Ahazi wayeselala koyise, wembelwa koyise emzini kaDavide; uHezekiya indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.

2 AmaKhosi 17

Ukuchithwa kuka-Israyeli

1Ngomnyaka weshumi nambili ka-Ahazi inkosi yakwaJuda uHosheya indodana ka-Ela waba yinkosi eSamariya kwa-Israyeli, wabusa iminyaka eyisihiyagalolunye. 2Wenza okubi emehlweni kaJehova, nokho kungenjengamakhosi akwa-Israyeli ayephambi kwakhe.

3Kwenyuka ukulwa naye uShalimaneseri inkosi yase-Asiriya; uHosheya waba yisikhonzi sakhe, wathela intela kuye. 4Inkosi yase-Asiriya yafumana ugobe kuHosheya, ngokuba wayethume izithunywa kuSo inkosi yaseGibithe, engasenyusi ntela enkosini yase-Asiriya njengokwenza kwakhe imihla ngemihla; ngalokho inkosi yase-Asiriya yamvalela, yambopha etilongweni. 5Inkosi yase-Asiriya yayisenyuka, yadabula izwe lonke, yenyukela eSamariya, yalivimbezela iminyaka emithathu. 6Ngomnyaka wesishiyagalolunye kaHosheya, inkosi yase-Asiriya yalithatha iSamariya, yathumbela u-Israyeli e-Asiriya, yababeka eHala, naseHabori ngasemfuleni waseGozani, nasemizini yamaMede.

7Kwaba njalo, ngokuba abantwana bakwa-Israyeli babonile kuJehova uNkulunkulu wabo owabakhuphula ezweni laseGibithe esandleni sikaFaro inkosi yaseGibithe, besaba abanye onkulunkulu, 8bahamba ngezimiso zabezizwe uJehova abaxosha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli nezamakhosi akwa-Israyeli azenzileyo. 9Abantwana bakwa-Israyeli benza ngasese izinto ezingalungile kuJehova uNkulunkulu, bazakhela izindawo eziphakemeyo emizini yabo yonke ngasemibhoshongweni yabalindi nasemizini ebiyelweyo. 10Bazimisela izinsika nawo-Ashera* emagqumeni onke aphakemeyo naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza, 11bashisa khona impepho ezindaweni zonke eziphakemeyo njengokwenza kwabezizwe uJehova abaxosha phambi kwabo, benza izinto ezimbi ukumcunula uJehova, 12bakhonza izithombe uJehova ashilo ngazo kubo ukuthi: “Aniyikwenza le nto.” 13Nokho uJehova wayexwayisile o-Israyeli noJuda ngesandla sabo bonke abaprofethi nababoni ukuthi: “Phendukani ezindleleni zenu ezimbi, nigcine imiyalo yami nezimiso zami njengawo wonke umthetho engayala ngawo oyihlo nengawuthuma kini ngesandla sezinceku zami abaprofethi.”

14Kepha abalalelanga; benza lukhuni intamo yabo njengentamo yawoyise abangakholwanga nguJehova uNkulunkulu wabo. 15Badelela izimiso zakhe, nesivumelwano sakhe asenzayo nawoyise, nezixwayiso abaxwayisa ngazo, balandela okuyize, benza okuyize, balandela abezizwe ababebazungeza, uJehova abayale ngabo ukuthi abayikwenza njengabo.

16Bashiya yonke imiyalo kaJehova uNkulunkulu wabo, bazenzela izithombe ezibunjiweyo, amathole amabili, benza no-Ashera,* bakhuleka kulo lonke ibandla lasezulwini, bakhonza uBali. 17Badabulisa amadodana abo namadodakazi abo emlilweni, babhula, benza imilingo, bazithengisela ukwenza okubi emehlweni kaJehova ukumcunula.

18Ngalokho uJehova wathukuthelela u-Israyeli, wabasusa ebusweni bakhe; akusalanga muntu, isizwe sakwaJuda kuphela. 19Naye uJuda akagcinanga imiyalo kaJehova uNkulunkulu wabo, kepha wahamba ngezimiso zakwa-Israyeli azenzileyo. 20UJehova wala yonke inzalo ka-Israyeli, wayihlupha, wayinikela esandleni sabaphangi, waze wayilahla ebusweni bakhe.

21Ngokuba wahlwitha u-Israyeli endlini kaDavide; bambeka uJerobowamu indodana kaNebati inkosi; uJerobowamu wamqubula u-Israyeli ukuba angamlandeli uJehova, wamonisa ngesono esikhulu. 22Abantwana bakwa-Israyeli bahamba ezonweni zonke zikaJerobowamu azenzayo, abasukanga kuzo, 23uJehova waze wamsusa u-Israyeli ebusweni bakhe njengokukhuluma kwakhe ngesandla sazo zonke izinceku zakhe abaprofethi. Wayesethunjwa u-Israyeli ezweni lakubo, wayiswa e-Asiriya kuze kube namuhla.

AmaSamariya nokukhonza kwawo izithombe

24Inkosi yase-Asiriya yalanda abantu eBabele, naseKhutha, nase-Ava, naseHamati, naseSefarivayimi, yabahlalisa emizini yaseSamariya esikhundleni sabantwana bakwa-Israyeli; badla iSamariya, bahlala emizini yalo. 25Kwathi ekuqaleni kokuhlala kwabo khona abamesabanga uJehova; ngalokho uJehova wathuma izingonyama phakathi kwabo, zabulala abanye kubo. 26Base bekhuluma enkosini yase-Asiriya, bethi: “Abezizwe obasusileyo wabahlalisa emizini yaseSamariya abawazi umthetho kaNkulunkulu wezwe; ngalokho uthumile izingonyama phakathi kwabo; bheka, ziyababulala, ngokuba abawazi umthetho kaNkulunkulu wezwe.”

27Inkosi yase-Asiriya yayisiyala ngokuthi: “Yisani khona omunye wabapristi enibathumbile lapho, ahambe ahlale khona, abafundise umthetho kaNkulunkulu wezwe.” 28Wayesefika omunye wabapristi ababebathumbile eSamariya, wahlala eBethele, wabafundisa ukumesaba uJehova.

29Kodwa zonke izizwe zazenzela onkulunkulu bazo, zababeka ezindlini zezindawo eziphakemeyo ezazenziwe ngamaSamariya, kwaba yileso naleso sizwe emizini esasihlezi kuyo. 30Abantu baseBabele benza uSukoti Benoti, abantu baseKhuti benza uNerigali, abantu baseHamati benza u-Ashima, 31ama-Avi enza oNibihazi noTharithaki, amaSefarivayimi ashisa abantwana bawo ngomlilo ko-Adirameleki no-Anameleki, onkulunkulu bamaSefarivayimi. 32Kepha babemkhonza noJehova, bazenzela phakathi kwabo abapristi bezindawo eziphakemeyo ababahlabela ezindlini zezindawo eziphakemeyo. 33Bamesaba uJehova, bakhonza nawonkulunkulu babo njengomthetho wezizwe ababesuswe phakathi kwazo.

34Kuze kube namuhla benza njengemithetho yakuqala: abamesabi uJehova, abenzi njengezimiso, nezimemezelo zabo, nomthetho wabo, nemiyalo yabo uJehova ayala ngayo abantwana bakwaJakobe amutha u-Israyeli, 35uJehova enza nabo isivumelwano, wabayala wathi: “Aniyikwesaba abanye onkulunkulu, ningakhothameli kubo, ningabakhonzi, ningabahlabeli; 36kepha uJehova owanikhuphula ezweni laseGibithe ngamandla amakhulu nangengalo eyeluliweyo yena niyakumesaba, kuyena niyakukhothamela, nimhlabele yena; 37izimiso nezimemezelo nomthetho nemiyalo anilobela khona yikho eniyakukugcina ukuba nikwenze; ningesabi abanye onkulunkulu; 38aniyikukhohlwa isivumelwano engisenzile nani, ningesabi abanye onkulunkulu; 39kepha niyakwesaba uJehova uNkulunkulu wenu; yena uyakunophula esandleni sazo zonke izitha zenu.”

40Nokho abalalelanga, kodwa benza njengemithetho yabo yakuqala. 41Zesaba-ke lezo zizwe uJehova, kepha zakhonza izithombe zazo ezibaziweyo, kanjalo nabantwana bazo nabantwana babantwana bazo; njengalokho benzile oyise, benze njalo nabo kuze kube namuhla.

2 AmaKhosi 16:1-17:41ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

2 iziKronike 28

U-Ahazi uyinkosi kwaJuda

1U-Ahazi wayeneminyaka engamashumi amabili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nesithupha eJerusalema; akenzanga okulungile emehlweni kaJehova njengoDavide uyise, 2kepha wahamba ngezindlela zamakhosi akwa-Israyeli, wenzela oBali izithombe ezibunjiweyo. 3Washisa impepho esigodini sendodana kaHinomu, washisa abantwana bakhe emlilweni njengezinengiso zabezizwe uJehova abaxosha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli. 4Wahlaba, washisa impepho ezindaweni eziphakemeyo, nasemagqumeni, naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza.

5UJehova uNkulunkulu wakhe wayesemnikela esandleni senkosi yase-Aramu, bamshaya, bathumba kuye isixuku esikhulu sabathunjwa, babayisa eDamaseku. Naye wanikelwa esandleni senkosi yakwa-Israyeli eyamshaya ngokushaya okukhulu.

6Ngokuba uPheka indodana kaRemaliya wabulala kwaJuda izinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili ngalusuku lunye, bonke bengamadoda anamandla, ngokuba bebeshiyile uJehova uNkulunkulu wawoyise. 7UZikiri, iqhawe lakwa-Efrayimi, wabulala uMahaseya, indodana yenkosi, no-Azirikamu umbusi wendlu, no-Elkana owelama inkosi. 8Abantwana bakwa-Israyeli bathumba kubafowabo izinkulungwane ezingamakhulu amabili, abesifazane, namadodana, namadodakazi, besusa kubo nempango eningi, beyiyisa impango eSamariya.

9Kepha kwakukhona lapho umprofethi kaJehova ogama lakhe lalingu-Odedi; waphuma ukuhlangabeza impi eyayiza eSamariya, wathi kubo: “Bhekani, ngokuba uJehova uNkulunkulu wawoyihlo wayethukuthelele uJuda, wabanikela esandleni senu, kepha nina nibabulele ngokufutha okufinyelele nasezulwini. 10Manje-ke nithi niyakunyathela phansi abantwana bakwaJuda nabaseJerusalema babe yizigqila nezigqilakazi zenu. Kepha aniyikuba necala kuJehova uNkulunkulu wenu ngalokho kuphela na? 11Ngalokho ngizweni, nibuyise abathunjwa enibathumbile kubafowenu, ngokuba ulaka olushisayo lukaJehova luphezu kwenu.”

12Kwase kusukuma abezinhloko zabantwana bakwa-Efrayimi, u-Azariya indodana kaJohanani, noBerekiya indodana kaMeshilemoti, noJehizikiya indodana kaShalumi, no-Amasa indodana kaHadilayi, bamelana nabaphuma empini, 13bathi kubo: “Ningabangenisi abathunjwa lapha, ngokuba nicabanga okuyakuba yicala lethu kuJehova ukuba kwenezele ezonweni zethu nasecaleni lethu, ngokuba icala lethu selilikhulu namanje; ulaka olushisayo luphezu kuka-Israyeli.”

14Abahlomileyo base bebashiya abathunjwa nempango phambi kwezikhulu nebandla lonke. 15Namadoda abizwe ngamagama ayesesukuma, abathatha abathunjwa, abembathisa impango bonke ababehamba ze, abembathisa, abafaka izicathulo, abapha ukudla, abaphuzisa, abagcoba, abakhweza ezimbongolweni bonke ababebuthakathaka, abayisa eJeriko umuzi wamasundu kubafowabo; ayesebuyela eSamariya.

16Ngaleso sikhathi inkosi u-Ahazi yathumela emakhosini ase-Asiriya ukuba ayisize. 17Ngokuba phezu kwakho konke babefikile abakwa-Edomi, bashaya uJuda, bathumba abathunjwa. 18NamaFilisti ayengenele imizi yasehlanzeni neyaseningizimu yakwaJuda, athatha iBeti Shemeshi, ne-Ajaloni, neGederoti, neSoko kanye nemizana yalo, neThimna nemizana yalo, neGimizo nemizana yalo; ahlala khona. 19Ngokuba uJehova wathobisa uJuda ngenxa ka-Ahazi inkosi yakwa-Israyeli, ngokuba wayedlubulundile kwaJuda, waphambuka nokuphambuka kuJehova. 20Wayesefika kuye uThiligati Philineseri inkosi yase-Asiriya, wamhlupha, akamqinisanga. 21Ngokuba u-Ahazi waphanga indlu kaJehova nendlu yenkosi neyezikhulu, wakunika inkosi yase-Asiriya, kepha akumsizanga.

22Ngesikhathi sokuhlupheka kwakhe waqhubeka ekuphambukeni kuJehova, yona leyo nkosi u-Ahazi. 23Wahlabela onkulunkulu baseDamaseku ababemshayile, wathi: “Ngokuba onkulunkulu bamakhosi ase-Aramu bawasiza, ngiyakubahlabela ukuba bangisize nami.” Kepha baba yisikhubekiso kuye nakuye wonke u-Israyeli.

24U-Ahazi waqoqa izinto zendlu kaNkulunkulu, wazihlahlela izinto zendlu kaNkulunkulu, wavala izivalo zendlu kaJehova, wazenzela ama-altare emagumbini onke aseJerusalema. 25Nakuyo yonke imizi yakwaJuda, imizi ngemizi, wenza izindawo eziphakemeyo zokuba ashisele abanye onkulunkulu impepho, wamcunula uJehova uNkulunkulu wawoyise.

26Ezinye izindaba zakhe nazo zonke izindlela zakhe, ezokuqala nezokugcina, bheka, zilotshiwe encwadini yamakhosi akwaJuda nakwa-Israyeli. 27U-Ahazi wayeselala koyise; bammbela emzini, iJerusalema, ngokuba abamyisanga emathuneni amakhosi akwa-Israyeli; uHezekiya indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.

2 iziKronike 28:1-27ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU