Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 171

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UHoseya 9

10“Ngamfumana u-Israyeli njengezithelo zomvini ehlane,

ngabona oyihlo njengolibo emkhiwaneni

ngesikhathi sawo sokuqala.

Kepha bafika eBali Peyori,

bazahlukanisela okunezinhloni,

baba yizinengiso njengalokho abakuthandayo.

11Udumo luka-Efrayimi luyakundiza,

lumuke njengenyoni,

kungabikho ukuzala, nonesisu,

nokukhulelwa.

12Noma bekhulisa abantwana babo,

nokho ngiyakubaphuca bona kungasali muntu;

yebo, maye kubo,

lapho ngimuka kubo!

13U-Efrayimi, njengalokho ngibone eTire,

utshalwe endaweni emnandi,

kepha u-Efrayimi uyakukhiphela umbulali abantwana bakhe.

14“Banike, Jehova uyakunikani?

Banike isisu esiphuphumayo namabele omileyo.

15“Bonke ububi babo buseGiligali;

ngalokho ngabazonda khona;

ngenxa yobubi bezenzo zabo ngiyakubaxosha endlini yami,

angisayikubathanda;

zonke izikhulu zabo zingabahlubuki.

16U-Efrayimi ushayiwe,

impande yabo yomile,

abayikuthela izithelo.

Noma bezala,

ngiyakubulala okuthandekayo kwesisu sabo.”

17UNkulunkulu wami uyakubalahla,

ngokuba abamlalelanga,

babe ngabazulazulayo phakathi kwabezizwe.

UHoseya 10

Isijeziso ngokungathembeki kuka-Israyeli

1U-Israyeli wayengumvini owenabileyo,

ngokobuningi bezithelo zakhe wandisa ama-altare akhe;

ngokobuhle bezwe lakhe wenza izinsuku ezinhle.

2Inhliziyo yabo yayahlukene;

uyakuwaphula ama-altare abo,

achithe izinsika zabo.

3Yebo, manje bayakuthi:

“Asinankosi,

ngokuba asimesabanga uJehova;

kepha inkosi ingasenzelani na?”

4Bakhuluma amazwi nje,

befunga amanga,

benza isivumelwano;

bese kumila ukwahlulela njengenhlungunyembe emiseleni yamasimu.

5Abakhileyo eSamariya bayakuba novalo

ngenxa yamathole aseBeti Aveni,

ngokuba abantu balo bayakulila ngawo,

abapristi bezithombe bakhale ngawo ngenxa yodumo lwawo

ukuthi lumukile kuwo.

6Iyakuyiswa e-Asiriya ibe yisipho kuyo inkosi uJarebi;

u-Efrayimi uyakwamukela ihlazo,

u-Israyeli ajabhe ngeziluleko zakhe.

7Inyamalele inkosi yaseSamariya njengebazelo ebusweni bamanzi.

8Izindawo eziphakemeyo zase-Aveni,

isono sakwa-Israyeli, ziyakuchithwa;

ameva namakhakhasi ayakukhuphukela ema-altare abo;

bayakuthi kuzo izintaba: “Sisibekeleni,”

nakuwo amagquma: “Welani phezu kwethu.”

9“Kwasezinsukwini zaseGibeya wonile, Israyeli;

bema khona;

impi nabo abobubi ayiyikubafica eGibeya na?

10Lapho ngithanda, ngiyabajezisa;

abantu babahlanganyele ekubabopheleni ebubini obubili.

11U-Efrayimi uyisithole esifundisiweyo,

esithanda ukubhula amabele;

kepha mina ngiyekile intamo yaso enhle;

sengiyakumbophela u-Efrayimi,

uJuda alime,

uJakobe azidubele.

12Zihlwanyeleleni ngokulunga,

niyakuvuna ngomusa;

qathani umqatho wenu;

sekuyisikhathi sokumfuna uJehova,

aze afike, anise ukulunga phezu kwenu.

13Nilime ububi,

navuna okubi;

nidlile izithelo zamanga,

ngokuba nethemba endleleni yenu

nakubo ubuningi bamaqhawe enu.

14Kuyakuvela ukuxokozela phakathi kwabantu bakho,

zichithwe zonke izinqaba zakho,

njengalokho uShalimani achitha iBeti Aribeli ngosuku lokulwa,

unina echotshozwa phezu kwabantwana.

15Kanjalo iBethele liyakwenza kini ngenxa yobubi benu obukhulu;

ekuseni inkosi yakwa-Israyeli iyakunqunywa nokunqunywa.

UHoseya 11

Ukuthandwa kuka-Israyeli nguNkulunkulu

1“Lapho u-Israyeli esengumntwana ngamthanda,

ngayibiza indodana yami iphume eGibithe.

2Lapho bebabiza,

kwaba yilokhu besuka kubo;

babahlabela oBali,

bashisela izithombe ezibaziweyo impepho.

3Nokho mina ngamcathulisa u-Efrayimi;

ngabaphatha ngezingalo zami,

kepha abazanga ukuthi ngabaphulukisa.

4Ngabadonsa ngezintambo zomuntu,

ngamagoda othando;

ngaba kubo njengophakamisa ijoka entanyeni yabo,

ngagobela kubo, ngabanika ukudla.

5“Abayikubuyela ezweni laseGibithe,

owase-Asiriya abe yinkosi yabo,

ngokuba benqaba ukubuya, na?

6Inkemba iyakutheleka emizini yabo,

iqede imigoqo yayo,

ibadle ngenxa yeziluleko zabo.

7Abantu bami bahlose ukuhlehla kimi;

noma bebabizela kongaPhezulu kangakanani,

akakho oziphakamisayo.

8“Ngingakunikela kanjani, Efrayimi,

ngikukhaphele, Israyeli, na?

Ngingakwenza kanjani ube njenge-Adima,

ngikubeke ufane neSeboyimi, na?

Inhliziyo iyaphenduka phakathi kwami,

sonke isihawu sami sivusiwe.

9Angiyikwenza ukufutheka kwentukuthelo yami,

ngingabuyeli ukumchitha u-Efrayimi,

ngokuba nginguNkulunkulu,

angisiye umuntu;

ngingoNgcwele phakathi kwenu,

angiyikufika ngolaka.

10Bayakulandela uJehova oyakubhonga njengengonyama,

ngokuba uyakubhonga,

abantwana bakhe bavele entshonalanga ngokuthuthumela.

11Bayakuvela ngokuthuthumela eGibithe njengezinyoni,

nanjengejuba ezweni lase-Asiriya,

ngibahlalise ezindlini zabo,” usho uJehova.

12U-Efrayimi ungizungezile ngamanga,

nendlu yakwa-Israyeli ngenkohliso;

uJuda usazulazula kuNkulunkulu nakoNgcwele othembekileyo.

UHoseya 12

Ukungathembeki kuka-Efrayimi

1U-Efrayimi uyadla umoya,

ulandela umoya wasempumalanga;

uyandisa imihla yonke amanga nencithakalo;

benza isivumelwano ne-Asiriya,

namafutha ayiswa eGibithe.

2UJehova unokuphikisana noJuda futhi;

uyakuhambela uJakobe ngenxa yezindlela zakhe,

ambuyisele ngokwezenzo zakhe.

3Esiswini wabamba umfowabo ngesithende,

nasebudodeni bakhe walwa noNkulunkulu;

4walwa nengelosi, wanqoba;

wakhala, wanxusa kuyo;

yamfumana eBethele,

yakhuluma naye lapho.

5NguJehova uNkulunkulu Sebawoti,

nguJehova igama lakhe lodumo.

6Ngalokho buyela wena kuNkulunkulu wakho,

ugcine umusa nokulunga,

ulindele uNkulunkulu wakho njalonjalo.

7IKhanani linesilinganiso esikhohlisayo esandleni salo,

lithanda ukukhahlameza.

8U-Efrayimi uthi:

“Impela ngicebile, ngithole imfuyo;

kukho konke ukuzuza kwami abayikufumana bubi obuyisono.”

9“Kepha mina nginguJehova uNkulunkulu wakho kwasezweni laseGibithe;

ngisezakukuhlalisa ematendeni

njengasezinsukwini zemikhosi emisiweyo.

10Ngikhulumile kubaprofethi,

ngandisile imibono,

ngifanekisile ngesandla sabaprofethi.”

11Uma iGileyadi linobubi,

impela bayakuba ngabachithiwe;

uma behlabela izinkunzi eGiligali,

ama-altare abo ayakuba njengezinqwaba

ngasemiseleni yamasimu.

12UJakobe wabalekela ezweni lase-Aramu,

u-Israyeli wakhonzela umfazi,

walusa umhlambi ngenxa yomfazi.

13UJehova wakhuphula u-Israyeli eGibithe ngomprofethi,

wagcinwa ngomprofethi.

14U-Efrayimi ucunulile ngokubabisayo;

icala lakhe legazi liyakuphonswa phezu kwakhe;

iNkosi yakhe ibuyisele kuye ihlazo lakhe.

UHoseya 13

UNkulunkulu ulusizo olulodwa luka-Israyeli

1Lapho u-Efrayimi ekhuluma,

kwavela ukuthuthumela;

wayephakeme kwa-Israyeli,

kepha wazitholela icala ngoBali, wafa.

2Manje benezela ekoneni,

bazenzele imifanekiso ebunjiweyo ngesiliva labo

nezithombe ngokuqonda kwabo,

zonke ziyimisebenzi yezinyanga;

bakhuluma ngabo, bathi:

“Bahlaba abantu,

kepha banga amathole.”

3Ngalokho bayakuba njengamafu okusa,

nanjengamazolo amuka ekuseni,

nanjengamakhoba aphephethwa esibuyeni

nomusi ophuma ngefasitele.

4“Nokho nginguJehova uNkulunkulu wakho

kwasezweni laseGibithe;

ngaphandle kwami awazi Nkulunkulu,

nomsindisi akakho ngaphandle kwami.

5Mina ngakwazi ehlane ezweni lokoma.

6Basutha njengamadlelo abo;

basutha, nenhliziyo yabo yaphakama;

ngalokho bangikhohliwe.

7Ngase ngiba njengengonyama kubo,

ngiqamekela endleleni njengengwe.

8Ngitheleka phezu kwabo njengebhere*

elaphuciwe amawundlu alo,

ngidwengula ubhedu lwenhliziyo,

ngibadle njengengonyamakazi,

isilwane sasendle sibaqaqe.

9“Ngukuchithwa kwakho, Israyeli,

ngokuba uphambene nami,

usizo lwakho.

10Iphi inkosi yakho manje

ukuba ikusindise emizini yakho yonke;

nabahluleli bakho, wena owathi:

‘Ngiphe inkosi nezikhulu’?

11Ngikunike inkosi ngentukuthelo yami,

ngayisusa ngolaka lwami.

12Ububi buka-Efrayimi buboshiwe,

isono sakhe sibekelelwe.

13Imihelo yobelethayo iyakumehlela;

uyindodana engahlakaniphile,

ngokuba kuyisikhathi sokuba angemi lapho kuqhamuka abantwana.

14“Ngiyakubahlenga esandleni sendawo yabafileyo,

ngibahlawulele ekufeni;

ziphi izifo zakho, kufa,

kuphi ukuchitha kwakho,

ndawo yabafileyo, na?

Ukuguquka kufihlekile emehlweni ami.

15“Noma enezithelo phakathi kwabafowabo,

kuyakufika umoya wasempumalanga,

umoya kaJehova ovela ehlane;

besewujabha umthombo,

isiphethu sishe;

uyakuphanga ingcebo yakhe,

zonke izinto ezinxanelekayo.

16ISamariya liyakuthwala icala lalo,

ngokuba lihlubukile uNkulunkulu walo;

bayakuwa ngenkemba,

izingane zabo zichotshozwe,

abakhulelweyo babo baqaqwe.”

UHoseya 14

Ukuphenduka nomusa

1Buyela kuJehova uNkulunkulu wakho, Israyeli,

ngokuba ukhubekile ngobubi bakho.

2Thabathani amazwi,

nibuyele kuJehova,

nithi kuye:

“Susa konke okubi,

wamukele okuhle,

sinikele ngemilomo yethu njengangezinkunzi.

3I-Asiriya aliyikusisindisa,

asisayikukhwela amahhashi,

singasasho kuyo imisebenzi yezandla zethu ukuthi ngonkulunkulu bethu,

ngokuba intandane iphiwa umusa kuwe.”

4“Ngiyakuphulukisa ukuhlehla kwabo,

ngibathande ngesihle,

ngokuba intukuthelo yami ibuyile kubo.

5Ngiyakuba njengamazolo ku-Israyeli;

uyakukhahlela njengomnduze,

enabise izimpande zakhe njengeLebanoni.

6Imixhantela yakhe iyakuxhantela,

ubuhle bakhe bube njengomnqumo,

iphunga lakhe libe njengeLebanoni.

7Bayakubuya, bahlale emthunzini wakhe,

babuye baphile njengamabele,

bakhahlele njengomvini,

igama lakhe lodumo libe njengomvini waseLebanoni.

8Efrayimi, ngisenendabani nezithombe na?

Mina ngiyakumphendula, ngimbheke;

nginjengomsayipuresi* oluhlaza,

kimina izithelo zakho ziyafunyanwa.”

9Ngubani ohlakaniphile, aqonde lezi zinto;

ngubani onomqondo, azazi, na?

Ngokuba izindlela zikaJehova zilungile;

abalungileyo bayakuhamba ngazo,

kepha abaphambukayo bayakukhubeka ngazo.

UHoseya 9:10-14:9ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU