Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 168

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

2 AmaKhosi 15

U-Azariya uyinkosi kwaJuda

1Ngomnyaka wamashumi amabili nesikhombisa kaJerobowamu inkosi ka-Israyeli u-Azariya indodana ka-Amasiya inkosi yakwaJuda waba yinkosi. 2Wayeneminyaka eyishumi nesithupha ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka engamashumi ayisihlanu nambili eJerusalema; igama likanina lalinguJekoliya waseJerusalema. 3Wenza okulungile emehlweni kaJehova njengakho konke akwenzileyo uyise u-Amasiya. 4Nokho izindawo eziphakemeyo azisuswanga; abantu babesahlaba, besashisa impepho ezindaweni eziphakemeyo.

5UJehova wayishaya inkosi, yaba ngonochoko kwaze kwafika usuku lokufa kwayo, yahlala endlini eyahlukanisiweyo. UJothamu, indodana yenkosi, wayephezu kwendlu ahlulela abantu bezwe.

6Ezinye izindaba zika-Azariya nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na? 7U-Azariya wayeselala koyise; bammbela koyise emzini kaDavide; uJothamu, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.

Amanye amakhosi akwa-Israyeli

8Ngomnyaka wamashumi amathathu nesishiyagalombili ka-Azariya inkosi yakwaJuda, uZakariya, indodana kaJerobowamu, wayeyinkosi kwa-Israyeli eSamariya izinyanga eziyisithupha. 9Wenza okubi emehlweni kaJehova njengalokho benzile oyise, kasukanga ezonweni zikaJerobowamu, indodana kaNebati, onisa ngazo u-Israyeli.

10UShalumi, indodana kaJabeshi, wamenzela ugobe, wamgenca phambi kwabantu, wambulala, waba yinkosi esikhundleni sakhe.

11Ezinye izindaba zikaZakariya, bheka, zilotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli. 12Yilelo izwi likaJehova alikhuluma kuJehu ngokuthi: “Amadodana akho kuze kube sesizukulwaneni sesine ayakuhlala esihlalweni sakwa-Israyeli.” Kwaba njalo.

13UShalumi indodana kaJabeshi waba yinkosi ngomnyaka wamashumi amathathu nesishiyagalolunye ka-Uziya inkosi yakwaJuda, wabusa inyanga eSamariya. 14UMenahemu, indodana kaGadi, wenyuka eTirisa, wafika eSamariya, wagenca uShalumi, indodana kaJabeshi, eSamariya, wambulala, wabusa esikhundleni sakhe.

15Ezinye izindaba zikaShalumi nogobe lwakhe alwenzayo, bheka, kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli.

16Ngaleso sikhathi uMenahemu wachitha iThifisa, nakho konke okwakukulo, nemikhawulo yalo, kusukela eTirisa; ngokuba bengamvulelanga, ngalokho walichitha; nabo bonke abesifazane abakhulelweyo abakulo wabaqaqa.

17Ngomnyaka wamashumi amathathu nesishiyagalolunye ka-Azariya inkosi yakwaJuda uMenahemu indodana kaGadi waba yinkosi kwa-Israyeli, wabusa iminyaka eyishumi eSamariya. 18Wenza okubi emehlweni kaJehova, kasukanga zonke izinsuku zakhe ezonweni zikaJerobowamu indodana kaNebati onisa ngazo u-Israyeli.

19Kwafika ukuhlasela izwe uPhuli inkosi yase-Asiriya; uMenahemu wamnika uPhuli amatalenta* ayinkulungwane esiliva ukuba isandla sakhe sibe naye ukuwuqinisa umbuso esandleni sakhe. 20UMenahemu wakhiphisa u-Israyeli imali, bonke abantu abacebileyo, kwaba yilowo nalowo amashekeli* angamashumi ayisihlanu esiliva ukuwanika inkosi yase-Asiriya. Yayisibuyela emuva inkosi yase-Asiriya, ayihlalanga khona ezweni.

21Ezinye izindaba zikaMenahemu nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na? 22UMenahemu wayeselala koyise; uPhekaya waba yinkosi esikhundleni sakhe.

23Ngomnyaka wamashumi ayisihlanu ka-Azariya inkosi yakwaJuda, uPhekaya, indodana kaMenahemu, waba yinkosi kwa-Israyeli eSamariya, wabusa iminyaka emibili. 24Wenza okubi emehlweni kaJehova, kasukanga ezonweni zikaJerobowamu indodana kaNebati onisa ngazo u-Israyeli. 25UPheka, indodana kaRemaliya, induna yakhe wamenzela ugobe, wamgenca eSamariya enqabeni yendlu yenkosi kanye no-Arigobi no-Ariye; wayenabantu bakwaGileyadi abangamashumi ayisihlanu; wambulala, waba yinkosi esikhundleni sakhe.

26Ezinye izindaba zikaPhekaya nakho konke akwenzayo, bheka, kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli.

27Ngomnyaka wamashumi ayisihlanu nambili ka-Azariya inkosi yakwaJuda uPheka indodana kaRemaliya waba yinkosi kwa-Israyeli eSamariya, wabusa iminyaka engamashumi amabili. 28Wenza okubi emehlweni kaJehova, kasukanga ezonweni zikaJerobowamu indodana kaNebati onisa ngazo u-Israyeli.

29Emihleni kaPheka inkosi yakwa-Israyeli kwafika uThigilati Phileseri inkosi yase-Asiriya, wathatha i-Ijoni, ne-Abela Beti Mahakha, neJanowa, neKedeshi, neHasori, neGileyadi, neGalile, lonke izwe lakwaNafetali, wabathumbela e-Asiriya. 30UHosheya, indodana ka-Ela, wamenzela ugobe uPheka indodana kaRemaliya, wamgenca, wambulala, waba yinkosi esikhundleni sakhe ngomnyaka wamashumi amabili kaJothamu indodana ka-Uziya.

31Ezinye izindaba zikaPheka nakho konke akwenzayo, bheka, kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli.

32Ngomnyaka wesibili kaPheka indodana kaRemaliya, inkosi yakwa-Israyeli, uJothamu indodana ka-Uziya, inkosi yakwaJuda, waba yinkosi. 33Wayeneminyaka engamashumi amabili nanhlanu ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nesithupha eJerusalema; igama likanina lalinguJerusha, indodakazi kaSadoki. 34Wenza okulungile emehlweni kaJehova, wenza njengakho konke akwenzileyo uyise u-Uziya. 35Nokho izindawo eziphakemeyo azisuswanga; abantu babesahlaba, besashisa impepho ezindaweni eziphakemeyo. Wakha isango lasenhla endlini kaJehova.

36Ezinye izindaba zikaJothamu nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na? 37Ngalezo zinsuku uJehova waqala ukuthuma kuJuda uResini, inkosi yase-Aramu noPheka indodana kaRemaliya. 38UJothamu wayeselala koyise, wembelwa koyise emzini kaDavide; u-Ahazi, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.

2 AmaKhosi 15:1-38ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

2 iziKronike 26

U-Uziya uyinkosi kwaJuda. Impi yakhe namandla akhe. Uchoko lwakhe

1Bonke abantu bakwaJuda bathatha u-Uziya owayeneminyaka eyishumi nesithupha, bambeka inkosi esikhundleni sikayise u-Amasiya. 2Yena wakha i-Eloti, walibuyisela kuJuda, inkosi isilele koyise.

3U-Uziya wayeneminyaka eyishumi nesithuha ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka engamashumi ayisihlanu nambili eJerusalema; igama likanina lalinguJekoliya waseJerusalema. 4Wenza okulungile emehlweni kaJehova njengakho konke akwenzileyo uyise u-Amasiya. 5Wayelokhu emfuna uNkulunkulu emihleni kaZakariya owafundisa ekumesabeni uJehova; emihleni yokumfuna kwakhe uJehova, uNkulunkulu wamhlahlamelisa.

6Waphuma walwa namaFilisti, wadiliza ugange lwaseGati, nogange lwaseJabine, nogange lwase-Ashidodi; wakha imizi kwelase-Ashidodi naphakathi kwamaFilisti. 7UNkulunkulu wamsiza kumaFilisti, nakwabase-Arabiya ababehlala eGuri Bali, nakumaMehuni. 8Abakwa-Amoni bathela intela ku-Uziya; igama lakhe lahamba laze lafika nasekuyeni eGibithe, ngokuba waba namandla kakhulu.

9U-Uziya wakha nemibhoshongo eJerusalema ngaseSangweni Lasegumbini, nangaseSangweni Lasesigodini, nangaseNqutshini, wayiqinisa. 10Wakha imibhoshongo ehlane, wemba imigodi eminingi yamanzi, ngokuba wayenezinkomo eziningi ehlanzeni nasethafeni, wayenabalimi nabaphathi bezivini ezintabeni naseKarmeli, ngokuba wayengothanda umhlabathi.

11U-Uziya wayenempi elwayo eyaphuma ukulwa ngamaviyo njengomumo wokubalwa kwabo ngesandla sikaJehiyeli, umbhali, noMahaseya, umbusi phansi kwesandla sikaHananiya, enye yezinduna zenkosi. 12Umumo wonke wezinhloko zawoyise, amaqhawe anamandla, wawuyizinkulungwane ezimbili namakhulu ayisithupha. 13Phansi kwezandla zabo kwakukhona impi enamandla eyizinkulungwane ezingamakhulu amathathu nezinkulungwane eziyisikhombisa namakhulu ayisihlanu, eyalwa ngamandla amakhulu ukuba isize inkosi ezitheni. 14U-Uziya walungisela impi yonke izihlangu, nemikhonto, nezigqoko, namabhantshi, neminsalo, namatshe endwayimana. 15Wenza eJerusalema imishini eyaqanjwa ngokuhlakanipha ukuba ibe phezu kwemibhoshongo nasezingosini, kuphonswe ngayo imicibisholo namatshe amakhulu. Igama lakhe laphumela ekudeni, ngokuba wasizwa ngokumangalisayo waze waba namandla.

16Kepha lapho eseziqinisile, inhliziyo yakhe yazikhukhumeza kwaze kwaba ngukubhubha kwakhe, waphambuka kuJehova uNkulunkulu wakhe, wangena ethempelini likaNkulunkulu ukuba ashise impepho e-altare lempepho. 17U-Azariya umpristi wangena emva kwakhe, bekhona kanye naye abapristi bakaJehova abangamashumi ayisishiyagalombili, amadoda anamandla; 18bamelana no-Uziya inkosi, bathi kuye: “Akusikho okwakho, Uziya, ukushisela uJehova impepho, kungokwabapristi, amadodana ka-Aroni, abangcweliselwe ukushisa impepho; phuma endlini engcwele, ngokuba wenze isiphambeko; futhi awuyikuba nodumo oluvela kuJehova uNkulunkulu.”

19Wayesethukuthela u-Uziya; wayenomcengezi womlilo esandleni sakhe ukuba ashise impepho; esabathukuthelele abapristi, kwaqhamuka uchoko ebunzini lakhe phambi kwabapristi endlini kaJehova eceleni kwe-altare lempepho. 20U-Azariya, umpristi omkhulu, nabo bonke abapristi bambuka; bheka, wayenochoko ebunzini lakhe; bashesha bamkhipha khona; naye waphuthuma ukuphuma, ngokuba uJehova wayemshayile.

21U-Uziya, inkosi, wayesengonochoko kwaze kwafika usuku lokufa kwakhe, wahlala endlini eyahlukanisiweyo, lokhu engonochoko, ngokuba wanqunywa endlini kaJehova. UJothamu indodana yakhe wayephezu kwendlu yenkosi, ahlulela abantu bezwe.

22Ezinye izindaba zika-Uziya, ezokuqala nezokugcina, zalotshwa ngu-Isaya umprofethi, indodana ka-Amose. 23U-Uziya wayeselala koyise; bammbela koyise ngaphandle kwamathuna amakhosi, ngokuba bathi: “Ungonochoko.” UJothamu, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.

2 iziKronike 27

UJothamu uyinkosi kwaJuda

1UJothamu wayeneminyaka engamashumi amabili nanhlanu ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nesithupha eJerusalema; igama likanina lalinguJerusha indodakazi kaSadoki. 2Wenza okulungile emehlweni kaJehova njengakho konke akwenzileyo u-Uziya, kepha akangenanga ethempelini likaJehova. Abantu babesasebenza ukonakala. 3Wakha iSango Lasenhla lendlu kaJehova; nasogangeni lwase-Ofeli wakha okuningi. 4Wakha imizi ezintabeni zakwaJuda; emahlathini wakha izinqaba nemibhoshongo.

5Walwa nenkosi yabantwana bakwa-Amoni, wabahlula. Abantwana bakwa-Amoni bamnika ngawo lowo mnyaka amatalenta* ayikhulu esiliva, namakhora* ayizinkulungwane eziyishumi kakolweni, nawebhali* ayizinkulungwane eziyishumi. Lokho-ke abantwana bakwa-Amoni bakuyisa kuye nangomnyaka wesibili nangowesithathu.

6UJothamu waba namandla, ngokuba walungisa izindlela zakhe phambi kukaJehova uNkulunkulu wakhe.

7Ezinye izindaba zikaJothamu, nakho konke ukulwa kwakhe, nezindlela zakhe, bheka, zilotshiwe encwadini yamakhosi akwa-Israyeli nakwaJuda. 8Wayeneminyaka engamashumi amabili nanhlanu ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nesithupha eJerusalema. 9UJothamu wayeselala koyise; bammbela emzini kaDavide; u-Ahazi indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.

2 iziKronike 26:1-27:9ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU