Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 165

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

U-Amose 1

Iziprofetho ngokwahlulelwa kwezizwe

1Amazwi ka-Amose owayephakathi kwabelusi baseThekhowa, owabonayo ngo-Israyeli emihleni ka-Uziya, inkosi yakwaJuda, nasemihleni kaJerobowamu indodana kaJowashi, inkosi yakwa-Israyeli, iminyaka emibili ngaphambi kokuzamazama komhlaba. 2Wathi:

“UJehova uyaduma eseSiyoni,

ezwakalise izwi lakhe eseJerusalema;

amadlelo abelusi ayakulila,

nesiqongo saseKarmeli siyakubuna.”

3Usho kanje uJehova, uthi:

“Ngenxa yeziphambeko ezintathu zaseDamaseku,

yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka,

ngokuba babhula iGileyadi ngezibhulo ezibukhali zensimbi.

4Kepha ngiyakuthuma umlilo endlini kaHazayeli,

uqede izindlu zobukhosi zikaBeni Hadadi.

5Ngiyakwaphula imigoqo yaseDamaseku,

nginqume abakhileyo eBikati Aveni,

nophethe intonga eBeti Edene,

abantu base-Aramu bathunjelwe eKhiri,” usho uJehova.

6Usho kanje uJehova, uthi:

“Ngenxa yeziphambeko ezintathu zaseGaza,

yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka,

ngokuba bathumba abantu ngokuthumba okupheleleyo

ukuba babakhaphele ku-Edomi.

7Kepha ngiyakuthuma umlilo ogangeni lwaseGaza,

uqede izindlu zalo zamakhosi.

8Ngiyakunquma abakhileyo e-Ashidodi,

nophethe intonga e-Ashikeloni,

ngiphendulele isandla sami e-Ekroni;

nensali yamaFilisti iyakuphela,” isho iNkosi uJehova.

9Usho kanje uJehova, uthi:

“Ngenxa yeziphambeko ezintathu zaseTire,

yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka,

ngokuba bakhaphela abantu ngokuthumba okupheleleyo ku-Edomi,

bangakhumbuli isivumelwano sabazalwane.

10Kepha ngiyakuthuma umlilo ogangeni lwaseTire,

uqede izindlu zalo zamakhosi.”

11Usho kanje uJehova, uthi:

“Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwa-Edomi,

yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka,

ngokuba wamxosha umfowabo ngenkemba,

walahla isihe sakhe,

wagcina ulaka lwakhe,

wayilondoloza intukuthelo yakhe.

12Kepha ngiyakuthuma umlilo eThemani,

uqede izindlu zamakhosi zaseBosira.”

13Usho kanje uJehova, uthi:

“Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabantwana bakwa-Amoni,

yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka,

ngokuba baqaqile abakhulelweyo kwaGileyadi

ukuba bayenze banzi imikhawulo yabo.

14Kepha ngiyakuphemba umlilo ogangeni lwaseRaba,

uqede izindlu zalo zamakhosi ngokumemeza ngosuku lokulwa,

nangesiphepho ngosuku lwesivunguvungu.

15Inkosi yabo iyakuya ekuthunjweni,

yona nezikhulu zayo kanyekanye,” usho uJehova.

U-Amose 2

1Usho kanje uJehova, uthi:

“Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwaMowabi,

yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka,

ngokuba washisa amathambo enkosi yakwa-Edomi

aba ngumcako.

2Kepha ngiyakuthuma umlilo kwaMowabi,

uqede izindlu zamakhosi zaseKeriyote,

uMowabi afe ngokuxokozela,

nangokumemeza,

nangokukhala kwecilongo.

3Ngiyakunquma umahluleli phakathi kwakhe,

ngibulale zonke izikhulu zakhe kanye naye,” usho uJehova.

4Usho kanje uJehova, uthi:

“Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwaJuda,

yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka,

ngokuba bawulahlile umthetho kaJehova,

abagcinanga izimiso zakhe,

namanga abo abadukisile,

abawalandelayo nawoyise.

5Kepha ngiyakuthuma umlilo kwaJuda,

uqede izindlu zamakhosi zaseJerusalema.”

6Usho kanje uJehova, uthi:

“Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwa-Israyeli,

yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka,

ngokuba bathengisile olungileyo ngesiliva,

nompofu ngamabhangqa ezicathulo.

7Bazondelela amakhanda abampofu ukuba abe sothulini lomhlabathi,

bachezukisa indlela yabathobileyo;

indoda noyise baya entombininye,

ukuze balihlambalaze igama lami elingcwele,

8bacambalale ezingutsheni ezithathwe zaba yisibambiso

eceleni kwawo onke ama-altare,

baphuze iwayini labahlawulisiweyo endlini kaNkulunkulu wabo.

9“Nokho mina ngachitha ama-Amori ebusweni babo,

akuphakama kwawo kwakunjengokuphakama kwemisedari,*

ayenamandla njengama-oki;*

kepha ngachitha nokho izithelo zawo phezulu

nezimpande zawo phansi.

10“Futhi mina nganikhuphula ezweni laseGibithe,

nganihambisa iminyaka engamashumi amane ehlane

ukuba nidle ifa lezwe lama-Amori.

11Ngavusa kumadodana enu abaprofethi

nasezinsizweni zenu amaNaziri.*

Akunjalo, nina bantwana bakwa-Israyeli, na?” usho uJehova.

12“Kepha naphuzisa amaNaziri iwayini,

ngokuthi: ‘Ningaprofethi.’

13“Bhekani, ngiyakunicindezela endaweni yenu

njengengqukumbane icindezela,

igcwele izithungu.

14Onejubane uyakuswela ukubaleka;

onamandla akayikuqinisa amandla akhe,

neqhawe aliyikuzikhulula.

15Obambe umnsalo akayikuma;

onejubane ngezinyawo zakhe kayikuzikhulula,

nokhwele ihhashi akayikuzikhulula;

16onesibindi phakathi kwamaqhawe

uyakubaleka ze ngalolo suku,” usho uJehova.

U-Amose 3

Ukujeziswa kuka-Israyeli

1Yizwani leli zwi uJehova alikhulumile ngani bantwana bakwa-Israyeli, ngawo wonke umndeni engawukhuphula ezweni laseGibithe, ngokuthi:

2“Nginazile nina kuphela emindenini yonke yomhlaba;

ngalokho ngiyakunihambela ngabo bonke ububi benu.”

3Kuhamba ababili kanyekanye,

uma bengavumelananga, na?

4Ingonyama iyabhodla ehlathini,

ingenampango, na?

Ibongo lengonyama liyezwakalisa izwi lalo emphandwini walo,

uma lingabambanga lutho, na?

5Inyoni iwela ogibeni emhlabathini,

ingenasihibe, na?

Ugibe luyaxhuma emhlabathini,

lungabambanga nokubamba, na?

6Kungabethwa icilongo emzini,

bangesabi abantu, na?

Umuzi ungehlelwa ngokubi,

engakwenzamga uJehova, na?

7Ngokuba iNkosi uJehova ayenzi lutho,

ingayambulanga imfihlakalo yayo ezincekwini zayo abaprofethi.

8Ingonyama ibhongile,

ngubani ongayikwesaba na?

INkosi uJehova ikhulumile,

ngubani ongayikuprofetha na?

Ukwahlulelwa kweSamariya

9Zwakalisani ezindlini zamakhosi zase-Ashidodi,

nasezindlini zamakhosi zasezweni laseGibithe, nithi:

“Buthanani ezintabeni zaseSamariya,

nibone izidumo ezinkulu eziphakathi kwalo,

nokucindezelwa okukulo.”

10“Ngokuba abakwazi ukwenza okulungileyo,” usho uJehova;

“babekelela ubudlova nokuphanga ezindlini zabo zamakhosi.”

11Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi:

“Isitha siyakulihaqa izwe,

sehlise kini izinqaba zenu,

ziphangwe izindlu zenu zamakhosi.”

12Usho kanje uJehova, uthi:

“Njengalokhu umalusi ophula emlonyeni wengonyama

imilenze emibili noma inxenye yendlebe,

kanjalo abantwana bakwa-Israyeli bayakophulwa,

abahlala eSamariya ezingosini zezihlalo

naphezu kwezingubo zikasilika* zemibhede.”

13“Yizwani, nifakaze ngendlu kaJakobe, isho iNkosi uJehova, uNkulunkulu Sebawoti.

14“Ngokuba mhla ngiyakumhambela u-Israyeli

ngeziphambeko zakhe,

ngiyakuhambela nama-altare aseBethele,

kunqunywe izimpondo ze-altare,

ziwe phansi.

15Ngiyakushaya indlu yasebusika kanye nendlu yasehlobo,

kuphele izindlu zophondo lwendlovu,

yebo, izindlu eziningi ziyakuphela,” usho uJehova.

U-Amose 1:1-3:15ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU