Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 164

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UJona 1

UJona ubalekela uNkulunkulu

1Izwi likaJehova lafika kuJona indodana ka-Amithayi, lathi: 2“Suka uye eNineve, umuzi omkhulu, umemeze phezu kwalo, ngokuba ububi balo benyukele ebusweni bami.”

3Kepha uJona wasuka ebusweni bukaJehova ukuba abalekele eTharishishi, wehlela eJopha, wafumana umkhumbi obuyakuya eTharishishi; wakhokha imali yawo, wakhwela kuwo, ukuba ahambe nawo, aye eTharishishi, asuke ebusweni bukaJehova.

4Kodwa uJehova waphonsa umoya omkhulu elwandle, kwaba yisiphepho esikhulu elwandle; kwacatshangwa ukuthi umkhumbi uyakwaphulwa. 5Khona amatilosi* esaba, akhala, kwaba yilelo nalelo kunkulunkulu walo, aphonsa elwandle impahla ebisemkhunjini ukuba ube lula kubo. Kepha uJona wayehlele phakathi komkhumbi, wayeselele ubuthongo. 6Kwase kusondela kuye induna yomkhumbi, yathi: “Unani wena olele ubuthongo na? Vuka, ubize uNkulunkulu wakho; mhlawumbe lo Nkulunkulu uyakusikhumbula ukuba singabhubhi.”

7Bathi, kwaba yilowo nalowo kumngane wakhe: “Wozani senze inkatho, sazi ukuthi kungenxa kabani lobu bubi buphezu kwethu.” Base benza inkatho; inkatho yamudla uJona.

8Base bethi kuye: “Ake usitshele ukuthi kungenxa kabani lobu bubi buphezu kwethu. Umsebenzi wakho uyini? Uvelaphi? Liphi izwe lakini, ungowasiphi isizwe na?”

9Wathi kubo: “NgingumHeberu; ngiyamesaba uJehova, uNkulunkulu wasezulwini, owenzile ulwandle nomhlabathi owomileyo.”

10Base besaba abantu ngokwesaba okukhulu, bathi kuye: “Kuyini lokhu okwenzileyo na?” Ngokuba base bazi ukuthi ubalekile ebusweni bukaJehova, lokhu ebatshelile.

11Base bethi kuye: “Siyakwenze njani kuwe, ukuze ulwandle luthule kithina,” ngokuba ulwandle luyaqhubeka lube nesivunguvungu.

12Wathi kubo: “Ngiphakamiseni, ningiphonse elwandle, bese luthula kini ulwandle, ngokuba ngiyazi ukuthi lesi siphepho esikhulu siphezu kwenu ngenxa yami.”

13Kepha amadoda agwedla ukuba abuyele emhlabathini, kepha ahluleka, ngokuba ulwandle lwaqhubeka lwaba nesiphepho kuwo. 14Ayesekhala kuJehova, athi: “Siyakuncenga: masingabhubhi ngenxa yalo muntu, ungabeki phezu kwethu igazi elingenacala, ngokuba wena Jehova wenzile njengokuhlosa kwakho.” 15Amphakamisa uJona, amphonsa elwandle; ulwandle lwase lupheza ukufutha. 16Amadoda ayesesaba uJehova ngokwesaba okukhulu; ahlabela uJehova umhlatshelo, enza izithembiso.

17UJehova wamisela inhlanzi enkulu ukuba imgwinye uJona; uJona wayesezibilinini zenhlanzi izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu.

UJona 2

Umkhuleko kaJona

1UJona wakhuleka kuJehova uNkulunkulu wakhe esezibilinini zenhlanzi, 2wathi:

“Ekuhluphekeni kwami ngakhala kuJehova,

wangiphendula;

ngisesiswini sendawo yabafileyo ngamemeza,

wezwa izwi lami.

3Wangiphonsa ekujuleni,

enhliziyweni yolwandle,

umfula wangihaqa;

onke amadlambi akho namaza akho adlula phezu kwami.

4Ngathi mina:

‘Ngixoshiwe emehlweni akho;’

nokho ngiyakubuye ngibheke ithempeli lakho elingcwele.

5Amanzi angihaqa kwaze kwaba nasekuphileni kwami,

utwa lwangikaka.

Umhlanga wathandela ekhanda lami.

6Ngehla ngasemikhawulweni yezintaba;

imigoqo yomhlaba yayisemva kwami kuze kube phakade.

Kepha wakhuphula ukuphila kwami egodini,

Jehova Nkulunkulu wami.

7“Lapho umphefumulo wami waphela amandla phakathi kwami,

ngamkhumbula uJehova;

umkhuleko wami wangena kuwe ethempelini lakho elingcwele.

8“Abagcina okungumoya nokuyize nje bashiya Othembekile kubo.

9Kepha mina ngiyakukuhlabela ngezwi lokudumisa,

ngigcwalise engikuthembisileyo.

Ukusindiswa kukuye uJehova.”

10UJehova wakhuluma kuyo inhlanzi, yamhlanzela uJona emhlabathini owomileyo.

UJona 3

Ukuphenduka kweNineve

1Izwi likaJehova lafika kuJona ngokwesibili, lathi: 2“Suka uye eNineve, umuzi omkhulu, umemezele kulo isimemezelo esikhulu engasikhuluma kuwe.”

3Wayesesuka uJona, waya eNineve njengezwi likaJehova. INineve lalingumuzi omkhulu kakhulu, uhambo lwezinsuku ezintathu. 4UJona waqala ukungena emzini, uhambo losuku lwaba lunye, wamemeza wathi: “Kusezakuba yizinsuku ezingamashumi amane, bese lichithwa iNineve.” 5Abantu baseNineve bakholwa nguNkulunkulu; bamemezela ukuzila ukudla, bembatha izindwangu zamasaka, kusukela kwabakhulu babo kwaze kwaba kwabancane.

6Kepha izwi lafinyelela enkosini yaseNineve; yasukuma esihlalweni sayo sobukhosi, yakhumula ingubo yayo, yazimboza ngendwangu yamasaka, yahlala phansi emlotheni. 7Yamemezela, yasho eNineve ngomthetho wenkosi nabakhulu bayo, yathi: “Makungabikho muntu onambitha utho, nasilwane, nankomo, namvu, bangadli, bangaphuzi manzi, 8kepha bambozwe ngendwangu yamasaka, umuntu nesilwane, kukhalwe kuNkulunkulu ngamandla, yebo, kubuyiswe yilowo nalowo endleleni yakhe embi nasebudloveni obusezandleni zakhe. 9Ngubani owaziyo uma uNkulunkulu engayikubuya, azisole, abuye ekufutheni kwentukuthelo yakhe, size singabhubhi, na?”

10Lapho uNkulunkulu esebona izenzo zabo ukuthi babuya endleleni yabo embi, uNkulunkulu wazisola ngokubi owayeshilo ukuthi uyakukwenza kubo, akakwenzanga.

UJona 4

Ukusola kukaJona

1Kepha lokho kwaba kubi kakhulu kuJona, wathukuthela. 2Wakhuleka kuJehova, wathi: “Ngiyakuncenga, Jehova; lokho kwakungesilo izwi lami ngisekhona ezweni lakithi na? Ngalokho ngakwandulela ngokubalekela eTharishishi, ngokuba ngiyazi ukuthi unguNkulunkulu onomusa nobumnene, wephuza ukuthukuthela, unesihe esikhulu, uzisola ngokubi; 3ngalokho, Jehova, ake ususe kimi ukuphila kwami, ngokuba kungcono kimi ukufa kunokuphila.”

4Wayesethi uJehova: “Wenza kahle ngokuthukuthela na?”

5UJona wayesephuma emzini, wahlala ngasempumalanga komuzi, wazenzela idokodo khona, wahlala phansi kwalo emthunzini, ukuze abone ukuthi kuyakwenziwa njani kuwo umuzi. 6UJehova uNkulunkulu walungisela umhlakuva, wawukhulisa phezu kukaJona ukuba ube ngumthunzi phezu kwekhanda lakhe ukumophula kokubi kwakhe. UJona wathokoza ngomhlakuva ngokuthokoza okukhulu.

7Kepha sekuzakuvela ukusa ngangomuso uNkulunkulu walungisela impehlwa; yawuphehla umhlakuva, wabuna. 8Kwathi ekuphumeni kwelanga uNkulunkulu walungisela umoya oshisayo wasempumalanga; ilanga lashaya ekhanda likaJona, waba nesiyezi, wazicelela ukuba afe, wathi: “Kungcono kimi ukufa kunokuphila.”

9Wayesethi uNkulunkulu kuJona: “Wenza kahle ngokuthukuthela ngenxa yomhlakuva na?”

Wathi: “Ngenza kahle ngokuthukuthela kuze kube sekufeni.”

10Wayesethi uJehova: “Wena wawuhawukela umhlakuva ongawukhandlekelanga nongawukhulisanga, owamila ebusuku bunye, wabhubha ebusuku bunye; 11mina-ke bengingayikulihawukela iNineve, umuzi omkhulu, okukuwo abantu abangaphezu kwezinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili abangakwazi ukwahlukanisa isandla sokunene nesokhohlo, kanye nezinkomo eziningi, na?”

UJona 1:1-4:11ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU