Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 158

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

2 AmaKhosi 6

Indlala yaseSamariya

24Kwathi emva kwalokho uBeni Hadadi, inkosi yase-Aramu, wabutha yonke impi yakhe, wenyuka, wavimbezela iSamariya. 25Kwaba khona indlala enkulu eSamariya; bheka, balivimbezela kwaze kwathengiswa ngekhanda lembongolo ngezinhlamvu ezingamashumi ayisishiyagalombili zesiliva nokwesine kwesigaxa somswani wejuba ngezinhlamvu eziyisihlanu zesiliva.

26Kwathi inkosi yakwa-Israyeli idlula phezu kogange, kwamemeza kuyo owesifazane, wathi: “Siza, nkosi yami, nkosi.”

27Kepha yathi: “Uma uJehova engakusizi, mina ngingatholaphi usizo na? Esibuyeni noma esikhamweni sewayini na?” 28Yayisithi inkosi kuye: “Unani na?”

Wathi: “Lo wesifazane wathi kimi: ‘Letha indodana yakho ukuba siyidle namuhla, sidle indodana yami kusasa.’ 29Sase siyipheka indodana yami, sayidla; ngase ngithi kuye ngosuku olulandelayo: ‘Letha indodana yakho ukuba siyidle;’ wayeseyifihlile indodana yakhe.”

30Kwathi inkosi isizwile amazwi alo wesifazane, yaklebhula izingubo zayo isadlula phezu kogange; abantu babuka, bheka, yayinendwangu yamasaka phansi emzimbeni wayo. 31Yathi: “UNkulunkulu makenze njalo, enezele futhi, uma ikhanda lika-Elisha, indodana kaShafati, liyakube lisekuye namuhla.”

32Yayisithuma umuntu phambi kwayo, u-Elisha esahlezi endlini yakhe, namalunga ehlezi naye; kepha, singakafiki kuye isithunywa, wathi emalungeni: “Niyabona yini ukuthi le ndodana yombulali ithumele ukunquma ikhanda lami na? Bhekani, ekufikeni kwesithunywa manivale isivalo, nisibuyisele emuva isithunywa ngesivalo; angithi izigqi zezinyawo zenkosi yaso zisemva kwaso na?”

33Esakhuluma nawo, bheka, inkosi yehlela kuye; yathi: “Bheka, lobu bubi buvela kuJehova; ngisamhlalelelani uJehova na?”

2 AmaKhosi 7

1Wayesethi u-Elisha: “Zwanini izwi likaJehova; usho kanje uJehova, uthi: ‘Kusasa ngalesi sikhathi iseya* lempuphu ecolekileyo liyakuthengiswa ngeshekeli,* namaseya amabili ebhali* ngeshekeli esangweni laseSamariya.’ ”

2Induna inkosi eyencika esandleni sayo yaphendula umuntu kaNkulunkulu, yathi: “Bheka, uma uJehova enza amafasitele ezulwini, le nto ingenzeka kanjani na?”

Wathi: “Bheka, uyakukubona ngamehlo akho, ungadli kukho kodwa.”

Abanochoko basemnyango waseSamariya. Ukubaleka kwama-Aramu

3Kwakukhona esikhaleni sesango abantu abane abanochoko; bathi omunye komunye: “Sihlalelani lapha size sife na? 4Uma sithi: ‘Siyakungena emzini,’ indlala isemzini, siyakufela khona; uma sihlezi lapha, siyakufa futhi. Ngalokho masihambe sisukele ikamu* lama-Aramu; uma esiyeka, siyakuphila; uma esibulala, siyakufa.”

5Basuka kuhwelela, baya ekamu* lama-Aramu; sebefike emaphethelweni ekamu lama-Aramu, bheka, kwakungekho muntu lapho. 6INkosi ibiyizwisile impi yama-Aramu umsindo wezinqola, nomsindo wamahhashi, nomsindo wempi enkulu aze akhuluma omunye komunye ngokuthi: “Bheka, inkosi yakwa-Israyeli isiqashele amakhosi amaHeti namakhosi aseGibithe ukuba asifikele.” 7Ayesesuka, abaleka kuhwelela, ashiya amatende awo, namahhashi awo, nezimbongolo zawo, nekamu* linjengalokhu linjalo, abaleka ukuba asinde.

8Labo abanochoko sebefike emaphethelweni ekamu,* bangena kwelinye itende, badla, baphuza, basusa khona isiliva, negolide, nezingubo, baya bakuthukusa; babuya, bangena kwelinye itende, basusa nakhona, baya bakuthukusa.

9Base bethi omunye komunye: “Asenzi kahle. Lolu suku lwanamuhla lungusuku lwentokozo; uma sithula nje silinda kuze kube sekuntweleni kokusa, siyakuficwa yicala; ngalokho masihambe, sitshele indlu yenkosi.”

10Base behamba, babiza abalindisango bomuzi, babatshela ukuthi: “Sike safika ekamu* lama-Aramu; bheka, kwakungekho muntu lapho, nazwi lomuntu, kuphela ngamahhashi aboshiweyo, nezimbongolo eziboshiweyo, namatende enjengalokhu enjalo.” 11Abalindisango bamemeza, babikela indlu yenkosi ngaphakathi.

12Inkosi yavuka phakathi kobusuku, yathi ezincekwini zayo: “Ake nginitshele lokhu ama-Aramu asenzela khona. Ayazi ukuthi silambile; ngalokho aphumile ekamu* ukuba acashe, ethi: ‘Lapho bephuma emzini, siyakubabamba besezwa, singene emzini.’ ”

13Enye yezinceku zayo yaphendula yathi: “Makuthathwe amahhashi ayisihlanu aseleyo, asele lapha bheka, anjengesixuku sonke sakwa-Israyeli esisele lapha, anjengesixuku sonke sakwa-Israyeli esesiphelile sithumele, sibone.”

14Bathatha izinqola ezimbili namahhashi; inkosi yathumela emva kwempi yama-Aramu ngokuthi: “Hambani nibone.” 15Bawalandela baze bafika eJordani; bheka, yonke indlela yayigcwele izingubo nezimpahla ama-Aramu ayezilahlile ekubalekeni kwawo. Izithunywa zabuya, zayitshela inkosi. 16Abantu baphuma, baphanga ikamu* lama-Aramu. Iseya* lempuphu ecolekileyo lathengiswa ngeshekeli,* namaseya amabili ebhali* ngeshekeli njengezwi likaJehova.

17Inkosi yabeka esangweni induna eyencika esandleni sayo; abantu bayinyathela esangweni, yafa njengokusho kwalowo muntu kaNkulunkulu akukhuluma ekwehleleni kwenkosi kuye. 18Kwathi lowo muntu kaNkulunkulu esekhulumile enkosini ngokuthi: “Kuyakuba ngamaseya amabili ebhali ngeshekeli neseya lempuphu ecolekileyo ngeshekeli ngalesi sikhathi kusasa esangweni laseSamariya,” 19induna yaphendula umuntu kaNkulunkulu, yathi: “Bheka, noma uJehova ewenza amafasitele ezulwini, le nto ingenzeka na?” Wathi: “Bheka, uyakukubona ngamehlo akho, ungadli kukho kodwa.” 20Kwaba njalo kuyo: abantu bayinyathela esangweni, yafa.

2 AmaKhosi 8

Iminyaka eyisikhombisa yendlala

1U-Elisha wayekhulumile nowesifazane ondodana yakhe ayivusile ngokuthi: “Suka uhambe wena nabendlu yakho, uhlale lapho ungahlala khona, ngokuba uJehova umemezele indlala, futhi iyakufika ezweni iminyaka eyisikhombisa.” 2Wasuka lowo wesifazane, wenza njengezwi lomuntu kaNkulunkulu; wahamba nabendlu yakhe, wagogobala ezweni lamaFilisti iminyaka eyisikhombisa.

3Kwathi ngasekupheleni kweminyaka eyisikhombisa lowo wesifazane wabuya ezweni lamaFilisti; waphuma, wazikhalela enkosini ngendlu yakhe nangezwe lakhe. 4Inkosi yayisilokhu ikhuluma noGehazi inceku yomuntu kaNkulunkulu ukuthi: “Ake ungilandise zonke izinto ezinkulu azenzileyo u-Elisha.” 5Kwathi esayilandisa inkosi ukuthi uvusile ofileyo, bheka, owesifazane ondodana yakhe ayivusileyo wakhala enkosini ngendlu yakhe nangezwe lakhe. Wayesethi uGehazi: “Nkosi yami, nkosi, yilo owesifazane, yile indodana yakhe u-Elisha ayivusileyo.” 6Inkosi yayisimbuza owesifazane, wayilandisa. Inkosi yammisela induna ethile ngokuthi: “Buyisa konke okwakungokwakhe nazo zonke izithelo zensimu, kusukela osukwini owasuka ngalo ezweni kuze kube manje.”

UHazayeli uyinkosi e-Aramu

7Wayesefika u-Elisha eDamaseku; uBeni Hadadi inkosi yase-Aramu wayegula; watshelwa ukuthi: “Umuntu kaNkulunkulu ufikile lapha.” 8Inkosi yayisithi kuHazayeli: “Zithathele ngesandla sakho izipho, uhambe umhlangabeze lowo muntu kaNkulunkulu, ubuze kuJehova ngaye ukuthi: ‘Ngiyakusinda kulesi sifo na?’ ”

9Wayesehamba uHazayeli ukumhlangabeza, wazithathela ngesandla sakhe izipho ezintweni zonke ezinhle zaseDamaseku, imithwalo yamakamela angamashumi amane, weza wema phambi kwakhe, wathi: “Indodana yakho uBeni Hadadi, inkosi yase-Aramu, ingithumile kuwe ngokuthi: ‘Ngiyakusinda kulesi sifo na?’ ”

10U-Elisha wathi kuye: “Hamba, uthi kuye: ‘Uyakusinda nokusinda,’ kodwa uJehova ungibonisile ukuthi ngempela uyakufa nokufa.” 11U-Elisha wayesemgqolozela, UHazayeli waze waba namahloni. Wayeseqhumuka ekhala umuntu kaNkulunkulu.

12UHazayeli wathi: “Inkosi yami ikhalelani na?”

Yathi: “Ngokuba ngiyazi okubi oyakukwenza kubantwana bakwa-Israyeli; uyakuthungela izinqaba zabo ngomlilo, ubulale izinsizwa zabo ngenkemba, uphahlaze izingane zabo, uqaqe abesifazane babo abakhulelweyo.”

13Kepha uHazayeli wathi: “Kodwa iyini inceku yakho eyinja nje ukuba yenze le nto enkulu na?”

Wathi u-Elisha: “UJehova ungibonisile ukuthi uyakuba yinkosi e-Aramu.”

14Wayesesuka ku-Elisha, weza enkosini yakhe; yathi kuye: “Utheni kuwe na?” Wathi: “Uthe kimi uyakusinda nokusinda.” 15Kepha kwathi ngangomuso wathatha indwangu embozayo, wayicwilisa emanzini, wayimboza ubuso ngayo, yafa; uHazayeli waba yinkosi esikhundleni sayo.

OJehoramu no-Ahaziya bangamakhosi kwaJuda

16Ngomnyaka wesihlanu kaJoramu indodana ka-Ahabi inkosi yakwa-Israyeli, uJehoshafati eyinkosi kwaJuda, uJehoramu, indodana kaJehoshafati, inkosi yakwaJuda, waba yinkosi. 17Wayeneminyaka engamashumi amathathu nambili ekuqaleni kwakhe ukubusa; wabusa iminyaka eyisishiyagalombili eJerusalema. 18Wahamba ngendlela yamakhosi akwa-Israyeli njengokwenza kwendlu ka-Ahabi, ngokuba indodakazi ka-Ahabi yayingumkakhe; wenza okubi emehlweni kaJehova. 19Kepha uJehova akathandanga ukuchitha uJuda ngenxa kaDavide inceku yakhe njengokusho kwakhe kuye ukuthi uyakumnika yena nabantwana bakhe isibani izinsuku zonke.

20Emihleni yakhe u-Edomi wahlubuka phansi kwesandla sakwaJuda, wazibekela inkosi. 21UJoramu wayesewelela eSayiri, nazo zonke izinqola zakhe zinaye; wavuka ebusuku, wamchitha u-Edomi omhaqileyo nxazonke, nezinduna zezinqola, kepha abantu babalekela ematendeni abo. 22Wahlubuka-ke u-Edomi phansi kwesandla sakwaJuda kuze kube namuhla. Khona lahlubuka neLibina ngasona leso sikhathi.

23Ezinye izindaba zikaJoramu nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na? 24UJoramu wayeselala koyise, wembelwa koyise emzini kaDavide; u-Ahaziya indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.

25Ngomnyaka weshumi nambili kaJoramu indodana ka-Ahabi inkosi yakwa-Israyeli u-Ahaziya indodana kaJehoramu inkosi yakwaJuda waba yinkosi. 26U-Ahaziya waba yinkosi eneminyaka engamashumi amabili nambili, wabusa umnyaka eJerusalema; igama likanina lalingu-Athaliya, indodakazi ka-Omri inkosi yakwa-Israyeli. 27Wahamba ngendlela yendlu ka-Ahabi, wenza okubi emehlweni kaJehova njengokwenza kwendlu ka-Ahabi, ngokuba wayengumkhwenyana wendlu ka-Ahabi.

28Wahamba noJoramu, indodana ka-Ahabi, ukuba alwe noHazayeli inkosi yase-Aramu eRamoti Gileyadi; ama-Aramu amlimaza uJoramu. 29Inkosi uJoramu yabuyela ukwelashwa eJizreyeli emanxebeni ayo ayemlimaze wona ama-Aramu eRama ekulweni kwayo noHazayeli inkosi yase-Aramu. U-Ahaziya, indodana kaJehoramu, inkosi yakwaJuda, wehlela ukumbona uJoramu, indodana ka-Ahabi eJizreyeli, ngokuba wayegula.

2 AmaKhosi 6:24-8:29ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU