Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 157

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

2 AmaKhosi 5

U-Elisha uphilisa uNahamani

1UNahamani induna yempi yenkosi yase-Aramu wayengumuntu omkhulu phambi kwenkosi yakhe, otusekayo, ngokuba uJehova wayenikile i-Aramu ukunqoba ngaye; futhi wayeyiqhawe elinamandla, kepha wayenochoko.

2Ama-Aramu ayephumile ngamaviyo, abuya ezweni lakwa-Israyeli enentombazana encane; yayiyincekukazi yomkaNahamani. 3Yathi enkosikazini yayo: “Sengathi inkosi yami ingaba phambi komprofethi oseSamariya; khona ibiyakuphiliswa ochokweni lwayo.”

4Yangena, yatshela inkosi yayo, yathi: “Intombazana yasezweni lakwa-Israyeli yasho ukuthi nokuthi.”

5Inkosi yase-Aramu yayisithi: “Yiya khona; ngizakuthuma incwadi enkosini yakwa-Israyeli.” Wasuka, wahamba namatalenta* ayishumi esiliva nezinhlamvu eziyizinkulungwane eziyisithupha zegolide, nezingubo eziyishumi zokuphendulela. 6Waletha incwadi enkosini yakwa-Israyeli, ethi: “Manje, lapho le ncwadi ifika kuwe, bheka, ngithumile uNahamani inceku yami kuwe ukuba umphilise ochokweni lwakhe.”

7Kwathi inkosi yakwa-Israyeli isiyifundile incwadi, yaklebhula izingubo zayo, yathi: “Mina nginguNkulunkulu yini ukuba ngibulale, ngiphilise, ukuze lo athumele kimi umuntu ukumphilisa ochokweni lwakhe, na? Ake niqonde, nibone ukufuna kwakhe ithuba lokulwa nami.”

8Kwathi u-Elisha umuntu kaNkulunkulu esezwile ukuthi inkosi yakwa-Israyeli iklebhulile izingubo zayo, wathumela enkosini, wathi: “Uklebhuleleni izingubo zakho na? Makeze kimi, aze azi ukuthi kukhona umprofethi kwa-Israyeli.” 9Wayesefika uNahamani namahhashi akhe nezinqola zakhe, wema ngasemnyango wendlu ka-Elisha. 10U-Elisha wathuma isithunywa kuye ngokuthi: “Hamba ugeze kasikhombisa eJordani; kuyakuthi inyama ibuyele kuwe, uhlambuluke.”

11Kepha uNahamani wathukuthela, wahamba, wathi: “Bheka, bengithi uyakuphumela nokuphumela kimi, eme abize igama likaJehova uNkulunkulu wakhe, aphunge ngesandla sakhe phezu kwaleyo ndawo, aphilise onochoko. 12O-Abana noFariphari, imifula yaseDamaseku, abangcono kunawo onke amanzi akwa-Israyeli na? Ngingegeze kuyo yini, ngihlambuluke, na?” Wayesephenduka, wahamba ethukuthele.

13Kepha izinceku zasondela, zakhuluma kuye, zathi: “Baba, uma umprofethi ebekhulume kuwe into enkulu, ngabe ungayenzanga na? Kakhulu kangakanani, uma ethi kuwe: ‘Geza, uhlambuluke,’ na?” 14Wayesehla, wazicwilisa kasikhombisa eJordani njengezwi lomuntu kaNkulunkulu; inyama yakhe yabuya yaba njengenyama yomntwana omncane, wahlambuluka.

15Wayesebuyela kulowo muntu kaNkulunkulu, yena nabantu bakhe bonke, weza, wema phambi kwakhe, wathi: “Bheka, sengiyazi ukuthi akakho uNkulunkulu emhlabeni wonke, kwa-Israyeli kuphela; ngakho ake wamukele isipho encekwini yakho.”

16Kepha wathi: “Kuphila kukaJehova engimi phambi kwakhe, angiyikwamukela lutho.” Wamncengisisa ukuba asamukele, wenqaba kodwa.

17Wayesethi uNahamani: “Uma kunjalo, inceku yakho mayinikwe umthwalo weminyuzi* emibili womhlabathi, ngokuba inceku yakho ayisayikunikela ngomnikelo wokushiswa nomhlatshelo kwabanye onkulunkulu, kuJehova kuphela. 18Kule nto uJehova makayithethelele inceku yakho: ekungeneni kwenkosi yami endlini kaRimoni ukukhuleka khona, isencika esandleni sami, ngiguqe nami endlini kaRimoni, lapho ngiguqa endlini kaRimoni, uJehova makayithethelele inceku yakho le nto.”

19Wathi kuye: “Hamba ngokuthula.” Wahamba, wasuka kuye ibangana.

Isono sikaGehazi nesijeziso sakhe

20Kepha uGehazi inceku ka-Elisha umuntu kaNkulunkulu wathi: “Bheka, inkosi yami imyekile uNahamani lo wase-Aramu ngokungamukeli ezandleni zakhe akulethayo; kuphila kukaJehova, ngiyakugijima, ngimlandele, ngithathe into kuye.”

21UGehazi wamlandela-ke uNahamani. UNahamani wathi ukumbona umuntu egijima emva kwakhe, wehlika enqoleni ukumhlangabeza, wathi: “Nisahlezi kahle na?”

22Wathi: “Sisahlezi kahle. Inkosi yami ingithumile ngokuthi: ‘Bheka, manje kufike kimi izinsizwa ezimbili zamadodana abaprofethi zivela ezintabeni zakwa-Efrayimi; ake uzinike italenta* lesiliva nezingubo ezimbili zokuphendulela.’ ”

23UNahamani wathi: “Vuma, wamukele amatalenta* amabili.” Wamncengisisa, wabopha amatalenta amabili esiliva ezinqalathini ezimbili kanye nezingubo ezimbili zokuphendulela, wakunikela ezincekwini zakhe ezimbili; zakuthwala phambi kwakhe. 24Esefike egqumeni wakuthatha esandleni sazo, wakubeka endlini, wavumela abantu ukuba bahambe; basuka. 25Kepha yena wangena, wema phambi kwenkosi yakhe. U-Elisha wathi kuye: “Uvelaphi, Gehazi?”

Wathi: “Inceku yakho ayiyanga ndawo.”

26Wayesethi: “Ayiyanga yini inhliziyo yami, lapho lowo muntu ephenduka enqoleni yakhe ukukuhlangabeza, na? Sekuyisikhathi sokwamukela izingubo, neminqumo, nezivini, nezimvu, nezinkabi, nezinceku, nezincekukazi, na? 27Uchoko lukaNahamani luyakunamathela kuwe nasenzalweni yakho kuze kube phakade.” Wayesephuma yena ebusweni bakhe enochoko, emhlophe njengeqhwa.

2 AmaKhosi 6

U-Elisha nembazo elahlekileyo. Impi nama-Aramu

1Amadodana abaprofethi athi ku-Elisha: “Bheka, indawo esihlezi kuyo phambi kwakho, siminyene kuyo. 2Masihambe siye eJordani, sithathe khona, kube yilowo nalowo umshayo ube munye, senzele khona indawo esingahlala kuyo.”

Wathi: “Hambani.”

3Kepha omunye wathi: “Vuma uhambe nezinceku zakho.”

Wathi: “Ngiyakuhamba.” 4Wayesehamba nabo. Sebefike eJordani bagawula imithi. 5Kwathi lapho omunye esegawula umshayo, insimbi yawela emanzini; wakhala wathi: “Maye, nkosi! Ibitshelekiwe!”

6Wathi lowo muntu kaNkulunkulu: “Iwelephi na?” Wamkhombisa indawo. Wayesenquma uthi, waluphonsa khona, insimbi yantanta. 7Wayesethi: “Yikhuphule.” Welula isandla sakhe, wayithatha.

8Inkosi yase-Aramu yayisilokhu ilwa no-Israyeli; yelulekana nezinceku zayo ngokuthi: “Ukumisa kwami kuyakuba sekuthinithini.”

9Umuntu lowo kaNkulunkulu wathumela enkosini yakwa-Israyeli, wathi: “Qaphela ukuba ungadluli kuleyo ndawo, ngokuba ama-Aramu aseyaphumula khona.” 10Inkosi yakwa-Israyeli yayisithuma umuntu kaNkulunkulu kuleyo ndawo ayishoyo, wayixwayisa ngayo, yaqaphela kungekanye, kungekabili kuphela.

11Inhliziyo yenkosi yase-Aramu yayiphethwe yitwetwe ngale ndaba, yabiza izinceku zayo, yathi kuzo: “Ningengitshele yini ukuthi ngobani abakithi abavuma inkosi yakwa-Israyeli na?”

12Enye yezinceku zayo yathi: “Hhayi, nkosi yami, nkosi, kodwa u-Elisha, umprofethi wakwa-Israyeli, uyayitshela inkosi yakwa-Israyeli amazwi owakhulumayo ekamelweni lakho lokulala.”

13Yayisithi: “Hamba ubone ukuthi uphi ukuba ngithumele ngimlande.” Watshelwa ukuthi: “Bheka, useDothani.” 14Wathuma khona amahhashi, nezinqola, nempi enkulu; bafika ebusuku, bakaka umuzi nxazonke.

15Isikhonzi somuntu kaNkulunkulu sesivukile ekuseni, saphuma, bheka, impi enamahhashi nezinqola yayiwukakile umuzi. Yayisithi inceku kuye: “Maye, nkosi! Sesiyakwenze njani?”

16Wathi: “Ungesabi, ngokuba abanathi baningi kunabanabo.”

17U-Elisha wakhuleka, wathi: “Jehova, ake uvule amehlo ayo ukuba ibone.” UJehova wavula-ke amehlo aleyo nceku, yabona; bheka, intaba yayigcwele amahhashi nezinqola zomlilo nxazonke zakhe u-Elisha.

18Sebehlela kuye, u-Elisha wakhuleka kuJehova, wathi: “Mawushaye lesi sizwe ngobumpumputhe.” Wasishaya ngobumpumputhe njengezwi lika-Elisha.

19Wayesethi u-Elisha kubo: “Le akusiyo indlela, nalona akusiwo umuzi; ngilandeleni, nginiyise kumuntu enimfunayo.” Wabayisa eSamariya.

20Kwathi sebefike eSamariya, u-Elisha wathi: “Jehova, vula amehlo alaba bantu ukuba babone.” UJehova wavula amehlo abo, babona; bheka, base bephakathi kweSamariya.

21Inkosi yakwa-Israyeli yathi ku-Elisha, isibabonile: “Baba, ngibabulale na? Ngibabulale na?”

22Kepha wathi: “Awuyikubabulala; ungababulala yini labo obathumbile ngenkemba yakho nangomnsalo wakho na? Beka isinkwa namanzi phambi kwabo ukuba badle, baphuze, baye enkosini yabo.” 23Yayisibalungisela idili, badla, baphuza; yabavumela ukuba bahambe, baya enkosini yabo. Amaviyo ama-Aramu awabe esaphinda ukungena ezweni lakwa-Israyeli.

2 AmaKhosi 5:1-6:23ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU