Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 141

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

IzAga 26

1Njengeqhwa ehlobo nemvula ngesikhathi sokuvuna,

kanjalo udumo alufanele isiwula.

2Njengomzwilili ekuhambeni kwawo

nanjengenkonjane ekundizeni kwayo,

kanjalo isiqalekiso esingenasizathu asizi.

3Isiswebhu singesehhashi,

netomu lingelembongolo,

noswazi lungolomhlane weziwula.

4Ungasiphenduli isiwula njengobuwula baso,

funa ufane naso.

5Phendula isiwula njengobuwula baso,

funa sibe ngohlakaniphileyo emehlweni aso.

6Othuma izwi ngesandla sesiwula

unquma izinyawo zakhe,

uphuza ingozi.

7Imilenze yonyonga iyalengalenga;

zinjalo izaga emilonyeni yeziwula.

8Njengobopha itshe endwayimaneni,

unjalo onika isiwula udumo.

9Njengeva elingena esandleni sesidakwa,

sinjalo isaga emlonyweni weziwula.

10Ingqongqo yenza konke yodwa;

oqasha isiwula uqasha abadlulayo nje.

11Njengenja ebuyela ebuhlanzweni bayo,

kanjalo isiwula siphinda ubuwula baso.

12Uyabona umuntu ohlakaniphile emehlweni akhe na?

Kukhona ithemba ngesiwula kunaye.

13Ivila lithi: “Kukhona ingonyama endleleni

nebhubesi esigcawini.”

14Isicabha siphenduka ngezingibe zaso,

nevila ecansini lalo.

15Ivila liyafaka isandla salo esitsheni;

kuyamkhathaza ukusibuyisela emlonyeni walo.

16Ivila lihlakaniphile emehlweni alo

kunabayisikhombisa abaphendula ngokuhlakanipha.

17Odlula nje ehlanganyela ukuxabana okungesikho okwakhe

unjengobamba inja ngezindlebe zayo.

18Njengohlanya oluphonsa izikhuni

nemicibisholo ebulalayo,

19unjalo umuntu okhohlisa umakhelwane wakhe,

ethi: “Angithi ngintelile nje na?”

20Ngokuphela kwezinkuni umlilo uyacimeka,

nalapho kungekho abancethezi, kuyabodla ukuxabana.

21Njengamalahle othuthwini nezinkuni emlilweni,

unjalo umuntu ophikisa ukuvusa inkani.

22Amazwi omncethezi anjengesibiliboco:

ayehlela kokuphakathi komuntu.

23Izindebe ezishisayo nenhliziyo embi

kunjengesitsha sebumba esinamekwe ngamanyela esiliva.

24Ozondayo uyazenzisa ngezindebe zakhe,

ubekelela inkohliso enhliziyweni yakhe.

25Lapho enza izwi lakhe libe mnandi, ungakholwa nguye,

ngokuba kukhona izinengiso eziyisikhombisa enhliziyweni yakhe.

26Noma inzondo yakhe isibekelwa ngenzondo,

ububi bakhe buyakwambulwa ebandleni.

27Omba umgodi uyakuwela kuwo,

nogingqa itshe, liyakubuyela phezu kwakhe.

28Ulimi lwamanga luyazonda olubachobozileyo,

nomlomo othophayo usebenza incithakalo.

IzAga 27

1Ungazigabisi ngolwakusasa,

ngokuba awukwazi okungavela ngosuku.

2Makakudumise omunye,

kungabi ngumlomo wakho,

kube ngumfokazi,

kungabi yizindebe zakho.

3Itshe liyasinda nesihlabathi sinzima,

kepha ukukhathaza kwesiwula kuyasinda kunakho kokubili.

4Ulaka lulunya nentukuthelo iyisikhukhula,

kepha ngubani ongema phambi komhawu na?

5Ukusola okusobala kungcono

kunothando olufihliweyo.

6Amanxeba othandayo athembekile,

kepha ukwanga kwesitha kuyachichima.

7Umphefumulo osuthiyo uyanengwa yizinyosi,

kepha emphefumulweni olambileyo konke okubabayo kumnandi.

8Njengenyoni esuka ibaleka esidlekeni sayo,

unjalo umuntu obalekele indawo yakhe.

9Amafutha nempepho kuyathokozisa inhliziyo;

bunjalo ubumnandi bomuntu ngokululeka ngenhliziyo.

10Ungashiyi umngane wakho nomngane kayihlo,

ungangeni endlini yomfowenu ngosuku lwengozi yakho;

ungcono umakhelwane oseduze kunomfowenu okude.

11Ndodana yami, hlakanipha,

uthokozise inhliziyo yami

ukuba ngiphendule ongisolayo.

12Oqondileyo uyabona ububi, acashe,

kepha abangenalwazi badlula nje, bahlupheke ngakho.

13Thatha ingubo yoyisibambiso somfokazi,

umbambe abe yisibambiso omela abezizwe.

14Obusisa umngane wakhe ngezwi elikhulu, evuka ekuseni,

kuyakubalelwa kuye ukuthi kuyisiqalekiso.

15Ukuconsa okunganqamukiyo ngosuku lwemvula

nowesifazane oxabanayo kuyafana.

16Omvimbela yena uvimbela umoya;

isandla sakhe sokunene sihlangana namafutha nje.

17Insimbi ilola insimbi,

nomuntu ubuso bomunye.

18Olonda umkhiwane uyakudla izithelo zawo,

nolinda inkosi yakhe uyakudunyiswa.

19Njengasemanzini ubuso bubhekana nobuso,

injalo inhliziyo yomuntu kumuntu.

20Indawo yabafileyo nokubhubha akusuthi,

namehlo omuntu awasuthi.

21Ukhamba lokuncibilikisela lungolwesiliva,

nesithando ngesegolide,

nomuntu unjengodumo lwakhe.

22Noma ugqula isiwula ngembokodwe

etsheni lokusila phakathi komqhazulo,

ubuwula baso abuyikusuka kuso.

23Yazi nokwazi ukuma kwezimvu zakho,

ubeke inhliziyo yakho emihlambini yakho.

24Ngokuba ingcebo ayiyikuhlala kuze kube phakade;

umqhele uyahlala izizukulwane ngezizukulwane na?

25Lapho utshani bumuka,

nohlaza lubonakala,

nemifino yezintaba ibuthwa,

26kukhona izimvu zokuba wembathe,

nezimpongo ukuba zibe yintengo yomhlaba.

27Kuyakuba khona ubisi lwezimbuzi

olwanele ukudla kwakho nokudla kwendlu yakho,

nokuphila kwamantombazana akho.

IzAga 28

1Ababi bayabaleka, noma kungekho obaxoshayo,

kepha abalungileyo banesibindi njengengonyama.

2Ngesiphambeko salo izwe linezikhulu eziningi,

kepha ngabantu abaqondileyo nabanokwazi liyakuma.

3Umuntu oswelayo ocindezela abampofu

unjengemvula ekhukhulayo engashiyi ukudla.

4Abashiya umthetho badumisa ababi,

kepha abagcina umthetho balwa nabo.

5Abantu ababi abaqondi ukwahlulela,

kepha abafuna uJehova baqonda konke.

6Ungcono ompofu ohamba ekupheleleni kwakhe

kunocebileyo ophambene ngezindlela zakhe.

7Ogcina umthetho uyindodana eqondileyo,

kepha ongumngane weziminzi uhlazisa uyise.

8Owandisa imfuyo yakhe ngenzalo nangenzuzo

uyibuthela onomusa kwabampofu.

9Ophendula indlebe yakhe ekuzweni umthetho,

nomkhuleko wakhe uyisinengiso.

10Odukisela abaqotho endleleni embi

uyakuwela emgodini wakhe,

kepha abapheleleyo bayakudla ifa lokuhle.

11Isicebi sihlakaniphile emehlweni aso,

kepha ompofu oqondileyo uyakusifica.

12Lapho abalungileyo bethokoza,

udumo lukhulu,

kepha ekuvukeni kwababi abantu bamelwe ukufunwa.

13Ofihla iziphambeko zakhe akayikuphumelela,

kepha ozivumayo azishiye uyakuthola umusa.

14Ubusisiwe umuntu owesaba njalo,

kepha oyenza lukhuni inhliziyo yakhe uyakuwela ebubini.

15Njengengonyama ebhongayo nebhere* elihahayo,

unjalo umbusi omubi phezu kwabantu abampofu.

16Wena sikhulu esingenakuqonda nesicindezelayo,

ozonda inzuzo engalungile uyakwandiza izinsuku zakhe.

17Umuntu osindwa yigazi lomunye

uyakubalekela egodini;

makangasizwa muntu.

18Ohamba ekupheleleni uyakusinda,

kepha ophambene ngezindlela zakhe uyakuwa kwenye yazo.

19Olima insimu yakhe uyakusutha ngokudla,

kepha olandela amayiyane uyakusutha ngobumpofu.

20Umuntu othembekileyo uyakuvama izibusiso,

kepha oshesha ukuceba akayikuyekwa.

21Ukukhetha ubuso akukuhle;

ngomthamo wesinkwa umuntu angenza isiphambeko.

22Umuntu oneso elibi ushesha ukuba athole imfuyo;

akazi ukuthi ukuswela kuyakumehlela.

23Osola umuntu uyakuthola ngasemuva isisa

kunothopha ngolimi lwakhe.

24Ophanga uyise nonina, ethi:

“Akusiso isiphambeko,”

yena ungumngane wochithayo.

25Onomoya ohahayo uyavusa ukuxabana,

kepha owethemba kuJehova uyakukhuluphaliswa.

26Owethemba enhliziyweni yakhe uyisiwula;

kepha ohamba ngokuhlakanipha uyakhululwa.

27Opha ompofu akayikuswela,

kepha ositheza amehlo akhe uyakuba neziqalekiso eziningi.

28Lapho ababi bevuka, umuntu uyacasha,

kepha ngokubhubha kwabo abalungileyo bayanda.

IzAga 26:1-28:28ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU