Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 14

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UGenesise 44

UJosefa uyavivinya abafowabo

1Wayala inceku yendlu yakhe, wathi: “Gcwalisa amasaka alawa madoda ngokudla okulingene namandla abo okuthwala, ufake imali yalowo nalowo emlonyeni wesaka lakhe. 2Ufake indebe yami, indebe yesiliva, emlonyeni wesaka lomncane kanye nemali yamabele akhe.” Yenza-ke njengezwi likaJosefa alishilo.

3Ngakusasa nxa sekusile, amadoda amukiswa, wona nezimbongolo zawo. 4Esephumile emzini, engakabi kude, uJosefa wathi encekwini yakhe: “Suka ulandele lawo madoda; nxa uwafica, yisho kuwo ukuthi: ‘Niphindiseleni okuhle ngokubi na? 5Lena akusiyo indebe inkosi yami ephuza ngayo, ebhula ngayo, na? Nenze kabi ngokwenze njalo.’ ”

6Yawafica, yakhuluma kuwo lawa mazwi. 7Ayesethi kuyo: “Inkosi yami ikhulumelani amazwi anjengalawa? Akube kude nezinceku zakho ukwenze njalo. 8Bheka, imali esayifumana emilonyeni yamasaka ethu sayibuyisa ezweni laseKhanani, sayiletha kuwe; pho, besingeba kanjani endlini yenkosi yakho isiliva noma igolide na? 9Lowo wasezincekwini zakho eyakutholwa kuye, makafe yena, thina sibe yizigqila zenkosi yami.”

10Yathi: “Kalokhu makube njengamazwi enu; lowo ezakutholakala kuye makabe yisigqila sami, nina ningabi nacala.”

11Ayeseshesha ukwehlisela phansi, kwaba yileyo naleyo isaka layo, yileyo naleyo yavula isaka layo. 12Yanyalula, yaqala ngenkulu yagcina ngencane; indebe yatholwa esakeni likaBenjamini. 13Ayeseklebhula izingubo zawo, yileyo naleyo yethwesa imbongolo yayo, abuyela emzini.

14UJuda nabafowabo bafika endlini kaJosefa; wayesekhona lapho; bawa phansi phambi kwakhe. 15UJosefa wayesethi kubo: “Isenzo sini lesi enisenzileyo na? Beningazi yini ukuthi umuntu onjengami angabhula nokubhula na?”

16Wathi uJuda: “Sizakuthini enkosini yami na? Sizakukhulumani? Sizakuzihlanguza kanjani? UNkulunkulu ufumene ububi bezinceku zakho; bheka, siyizigqila zenkosi yami thina naye etholakele esandleni sakhe indebe.”

17Wathi: “Makube kude kimi ukwenze njalo; umuntu etholakele esandleni sakhe indebe uyakuba yisigqila sami, kepha nina manihambe kahle, nenyuke, niye kuyihlo.”

18UJuda wayesesondela kuye, ethi: “O nkosi yami, inceku yakho mayikhulume izwi ezindlebeni zenkosi yami, ungavuthi ulaka ngenceku yakho, ngokuba ungangoFaro wena. 19Inkosi yami yabuza izinceku zayo, yathi: ‘Ninoyihlo, ninomfowenu, na?’ 20Sase sithi enkosini yami: ‘Sinobaba, ixhegu, nomntwana wobuxhegu bakhe omncane; umnewabo ufile, usesele yedwa kwabakanina; uyise uyamthanda.’

21“Wawusuthi ezincekwini: ‘Mehliseni kimi ukuba ngimbone ngamehlo ami.’ 22Sathi enkosini: ‘Umfana akanakumshiya uyise; uma emshiya, uyise uzakufa.’ 23Wathi wena ezincekwini zakho: ‘Uma umfowenu omncane engehli nani, anisayikubuye nibone ubuso bami.’ 24Kwathi sesikhuphukele encekwini yakho ubaba, samlandisa amazwi enkosi.

25“Wathi ubaba: ‘Buyelani, nisithengele ukudlana.’ 26Sathi thina: ‘Asinakwehla. Uma umfowethu omncane enathi, siyakwehla, ngokuba asinakubona ubuso balowo muntu, uma umfowethu omncane engenathi.’

27“Yayisithi kithi inceku yakho ubaba: ‘Niyazi ukuthi umkami wangizalela amadodana amabili. 28Enye yaphuma kimi; ngathi: Impela idatshuliwe nokudatshulwa; angiyiboni kuze kube manje. 29Nanxa nithatha nalena, niyisuse kimi, yehlelwa yingozi, niyakwehlisela izimvi zami endaweni yabafileyo ngosizi.’

30“Kalokhu nxa ngifika encekwini yakho ubaba, umfana engenathi, lokhu inhliziyo yakhe ibambelele enhliziyweni yomfana, 31kuzakuthi lapho ebona ukuthi umfana akakho, afe, izinceku zakho zibe zehlisela endaweni yabafileyo izimvi zenceku yakho ubaba ngosizi. 32Ngokuba inceku yakho yaba yisibambiso somfana kubaba, yathi: ‘Uma ngingambuyiseli kuwe, ngiyakuba necala kubaba kuze kube phakade.’

33“Ngalokho inceku yakho ake ihlale esikhundleni somfana, ibe yisigqila senkosi, umfana akhuphuke nabafowabo. 34Ngokuba ngingakhuphukela kanjani kubaba, umfana engenami, funa ngibone okubi okuzakumehlela ubaba, na?”

UGenesise 45

UJosefa uyaziveza kubafowabo

1Khona uJosefa wayengasenakuzibamba phambi kwabo bonke ababemi naye, wakhala wathi: “Phumisani kimi abantu bonke.” Kwakungemi muntu naye, uJosefa esazazisa kubafowabo. 2Wayesephakamisa izwi ngokukhala, abaseGibithe bakuzwa, nendlu kaFaro yakuzwa.

3Wathi uJosefa kubafowabo: “NginguJosefa; ubaba usekhona na?” Abafowabo babengenakumphendula, ngokuba bashaqeka ebusweni bakhe.

4UJosefa wayesethi kubafowabo: “Ake nisondele kimi.” Basondela-ke. Wayesethi: “NginguJosefa umfowenu enathengisa ngaye eGibithe. 5Manje ningabi buhlungu, ningazithukutheleli ukuthi nathengisa ngami lapha, ngokuba uNkulunkulu wangithuma phambi kwenu ukulondoloza impilo. 6Ngokuba isimibili iminyaka indlala ikhona ezweni; kusasele iminyaka eyisihlanu okungayikulinywa, kuvunwe ngayo. 7UNkulunkulu wangithuma ngaphambi kwenu ukunilondoloza, nibe yinsali emhlabeni, nisindiswe kube ngukukhululwa okukhulu.

8“Kalokhu akuyinina enangithuma lapha, kepha uNkulunkulu; ungibeke uyise kaFaro, nenkosi yendlu yakhe yonke, nombusi wezwe lonke laseGibithe. 9Sheshani nikhuphuke, niye kubaba, nithi kuye: ‘Uthe uJosefa indodana yakho: UNkulunkulu ungibeke inkosi yalo lonke iGibithe; yehla, uze kimi, ungalibali. 10Uyakuhlala ezweni laseGosheni, ube seduze nami, wena nabantabakho, nabantwana babantabakho, nezimvu zakho, nezinkomo zakho, nakho konke onakho, 11ngikondlele khona, ngokuba kuseyiminyaka eyisihlanu yendlala, funa uswele, wena nomuzi wakho, nakho konke onakho.’

12“Bhekani, amehlo enu ayabona kanye namehlo omfowethu uBenjamini ukuthi yiwo umlomo wami okhuluma kinina. 13Niyakumlandisa ubaba yonke inkazimulo yami eGibithe, nakho konke enikubonileyo, nisheshe nehlise ubaba, nimlethe lapha.”

14Wayesewa entanyeni yomfowabo uBenjamini, wakhala; noBenjamini wakhala ngasentanyeni yakhe. 15Wabanga bonke abafowabo, wakhalela kubo; emva kwalokho abafowabo bakhuluma naye.

Abafowabo bakaJosefa babuyela ekhaya

16Leli zwi lezwakala endlini kaFaro, lithi: “Abafowabo bakaJosefa bafikile.” Kwaba kuhle emehlweni kaFaro nasemehlweni ezinceku zakhe. 17UFaro wayesethi kuJosefa: “Yisho kubafowenu ukuthi: ‘Yenzani lokhu: thwesani izimbongolo zenu, nihambe niye ezweni laseKhanani, 18nithathe uyihlo nemizi yenu, nize kimi, nginiphe okuhle kwezwe laseGibithe, nize nidle amanoni ezwe.’

19“Usuyaliwe: ‘Yenzani lokhu: Nithathele izingane zenu nawomkenu izinqola ezweni laseGibithe, nilethe uyihlo, bese niza. 20Futhi ningakhathaleli impahla yenu, ngokuba okuhle kwezwe lonke laseGibithe kungokwenu.’ ”

21Enze njalo amadodana ka-Israyeli. UJosefa wabapha izinqola njengesiyalo sikaFaro, wabanika nomphako wendlela. 22Kubo bonke, kwaba yilowo nalowo, wanika izingubo zokuphendulela; kepha uBenjamini wamupha izinhlamvu ezingamakhulu amathathu zesiliva nezingubo eziyisihlanu zokuphendulela. 23Kuyise wathuma kanje: izimbongolo eziyishumi, zithwesiwe izinto ezinhle zaseGibithe, nezimbongolokazi eziyishumi, zithwesiwe amabele, nesinkwa, nomphako kayise endleleni. 24Wayesebamukisa abafowabo, bahamba; wathi kubo: “Ningaxabani endleleni.”

25Bakhuphuka eGibithe, bafika ezweni laseKhanani kuJakobe uyise. 26Bamtshela bathi: “UJosefa usekhona, ungumbusi ezweni lonke laseGibithe.” Inhliziyo yakhe yayisiphela amandla, ngokuba akakholwanga yibo. 27Bamlandisa onke amazwi kaJosefa abewashilo kubo; lapho esebona izinqola abezithumile uJosefa zokumthwala, umoya kaJakobe uyise wavuselelwa. 28Wathi u-Israyeli: “Kwanele; uJosefa indodana yami usekhona; ngizakuhamba ngimbone ngingakafi.”

UGenesise 46

UJakobe uya eGibithe

1U-Israyeli wasuka nakho konke okwakhe, wafika eBeri Sheba, wanikela iminikelo kuNkulunkulu kayise u-Isaka.

2UNkulunkulu wakhuluma ku-Israyeli ngemibono yasebusuku, wathi: “Jakobe, Jakobe!”

Wathi: “Ngilapha.”

3Wayesethi: “NginguNkulunkulu, uNkulunkulu kayihlo; ungesabi ukwehlela eGibithe, ngokuba ngiyakukwenza khona isizwe esikhulu. 4Mina ngiyakwehla, ngiye nawe eGibithe; impela ngizakubuye ngikukhuphule futhi. UJosefa uyakubeka isandla sakhe phezu kwamehlo akho.”

5UJakobe wayesesuka eBeri Sheba; amadodana ka-Israyeli amthwala uJakobe uyise, nezingane zawo, nawomkawo ezinqoleni abezithumile uFaro zokumthwala. 6Bathatha imfuyo yabo nempahla yabo ababeyizuze ezweni laseKhanani, bafika eGibithe, uJakobe nayo yonke inzalo yakhe kanye naye. 7Amadodana akhe, namadodana amadodana akhe, namadodakazi akhe, namadodakazi amadodana akhe, nayo yonke inzalo yakhe wayiletha kanye naye eGibithe.

Inzalo kaJakobe

8Lawa angamagama abantwana bakwa-Israyeli abafika eGibithe, uJakobe namadodana akhe: nguRubeni izibulo likaJakobe. 9Amadodana kaRubeni: ngoHanoki, noPhalu, noHesironi, noKarmi. 10Amadodana kaSimeyoni: ngoJemuweli, noJamini, no-Ohade, noJakini, noSohari, noShawule, indodana yowesifazane waseKhanani. 11Amadodana kaLevi: ngoGereshoni, noKohati, noMerari. 12Amadodana kaJuda: ngo-Eri, no-Onani, noShela, noPheresi, noZera; kepha o-Eri no-Onani bafela ezweni laseKhanani. Amadodana kaPheresi ayengoHesironi noHamule. 13Amadodana ka-Isakare: ngoThola, noPhuva, noJobe noShimroni. 14Amadodana kaZebuloni: ngoSeredi, no-Eloni, noJaleli. 15Yilawo angamadodana kaLeya amzalela wona uJakobe ePhadani Aramu kanye noDina indodakazi yakhe; yonke imiphefumulo yamadodana akhe namadodakazi akhe yayingamashumi amathathu nantathu. 16Amadodana kaGadi: ngoSifijoni, noHagi, noShuni, no-Esiboni, no-Eri, no-Arodi, no-Areli. 17Amadodana ka-Asheri: ngoJimna, no-Ishiva, no-Ishivi, noBeriya, kanye noSera udadewabo; amadodana kaBeriya: ngoHebere noMalikiyeli. 18Yilawo angamadodana kaZilipa uLabani amnika yena uLeya indodakazi yakhe; wamzalela wona uJakobe, abantu abayishumi nesithupha. 19Amadodana kaRaheli umkaJakobe: ngoJosefa noBenjamini. 20KuJosefa kwazalelwa ezweni laseGibithe oManase no-Efrayimi, amzalela bona u-Asenati indodakazi kaPotifera umpristi wase-Oni. 21Amadodana kaBenjamini: ngoBela, noBekeri, no-Ashibeli, noGera, noNahamani, no-Ehi, noRoshe, noMuphimi, noHuphimi, no-Arida.

22Yilawo angamadodana kaRaheli azalelwa wona uJakobe; bonke abantu babe yishumi nane. 23Amadodana kaDani: nguHushimi. 24Amadodana kaNafetali: ngoJaseli, noGuni, noJeseri, noShilemi.

25Yilawo angamadodana kaBiliha uLabani amnika uRaheli indodakazi yakhe; wamzalela wona uJakobe; bonke abantu babe yisikhombisa.

26Bonke abantu abeza noJakobe eGibithe abaphuma okhalweni lwakhe, ngaphandle kwabafazi bamadodana kaJakobe, bonke abantu babe ngamashumi ayisithupha nesithupha. 27Amadodana kaJosefa azalelwa wona eGibithe ayengabantu ababili; bonke abantu bendlu kaJakobe abeza eGibithe babe ngamashumi ayisikhombisa.

UJakobe uhlangana noJosefa

28Wathuma uJuda ngaphambi kwakhe kuJosefa ukuyokhomba phambi kwakhe indlela eya eGosheni. 29UJosefa wayesebophela inqola yakhe, wakhuphuka ukumhlangabeza u-Israyeli uyise eGosheni; wazibonakalisa kuye, wawa entanyeni yakhe, wakhala ngasentanyeni yakhe isikhathi eside.

30U-Israyeli wayesethi kuJosefa: “Sengingafa, lokhu ngibone ubuso bakho ukuthi usekhona.”

31UJosefa wathi kubafowabo nakuyo indlu kayise: “Ngizakukhuphuka, ngimtshele uFaro, ngithi kuye: ‘Abafowethu nendlu kababa ababesezweni laseKhanani sebefike kimi. 32Lawa madoda angabelusi bezimvu, ngokuba ayengamadoda emfuyo; aselethile izimvu zawo, nezinkomo zawo, nakho konke anakho.’ 33Kuyakuthi lapho uFaro enibiza athi: ‘Uyini umsebenzi wenu,’ 34anothi: ‘Izinceku zakho zingabantu bemfuyo kwasebusheni bethu kuze kube manje, thina nawobaba,’ ukuze nihlale ezweni laseGosheni, ngokuba wonke umalusi wezimvu uyanengeka kwabaseGibithe.”

UGenesise 47

UJakobe ephambi kukaFaro

1UJosefa wayesengena, wamtshela uFaro, wathi: “Ufikile ubaba nabafowethu, nezimvu zabo, nezinkomo zabo, nakho konke abanakho, bephuma ezweni laseKhanani; bheka, sebesezweni laseGosheni.” 2Phakathi kwabafowabo wathatha amadoda ayisihlanu, wawabeka phambi kukaFaro.

3UFaro wayesethi kubafowabo: “Uyini umsebenzi wenu na?”

Bathi kuFaro: “Izinceku zakho zingabelusi, thina nawobaba.” 4Bathi kuFaro: “Size ukugogobala ezweni, ngokuba akukho dlelo lemihlambi yezinceku zakho, lokhu indlala inzima ezweni laseKhanani; ngalokho izinceku zakho mazakhe ezweni laseGosheni.”

5Wayesekhuluma uFaro kuJosefa, ethi: “Uyihlo nabafowenu beze kuwe; 6izwe laseGibithe lisebusweni bakho; mhlalise uyihlo nabafowenu ezweni elihle kunalo lonke, ubahlalise ezweni laseGosheni; uma uwazi phakathi kwabo amadoda anamandla, wabeke abe yizinduna zezinkomo zami.”

7UJosefa wayesemngenisa uJakobe uyise, wambeka phambi kukaFaro; uJakobe wambusisa uFaro. 8Wathi uFaro kuJakobe: “Zingaki izinsuku zeminyaka yokuhamba kwakho na?”

9UJakobe wathi kuFaro: “Izinsuku zeminyaka yokugogobala kwami ziyiminyaka eyikhulu namashumi amathathu; ziyingcosana, zimbi izinsuku zeminyaka yokuhamba kwami, azifinyelelanga ezinsukwini zeminyaka yokuhamba kwawobaba emihleni yokugogobala kwabo.” 10UJakobe wayesembusisa uFaro, wasuka ebusweni bukaFaro.

11UJosefa wabahlalisa uyise nabafowabo, wabapha indawo ezweni laseGibithe, izwe elihle kunalo lonke, izwe likaRamesesi, njengalokho uFaro ebayalile. 12UJosefa wamondla uyise, nabafowabo, nendlu yonke kayise ngokudla ngokwemilomo yezingane zabo.

UGenesise 44:1-47:12ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU