Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 13

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UGenesise 42

Uhambo lokuqala lwabafowabo bakaJosefa beya eGibithe

1UJakobe esezwile ukuthi kukhona amabele eGibithe, uJakobe wathi emadodaneni akhe: “Nibukanelani na?” 2Wathi: “Bhekani, ngizwile ukuthi kukhona amabele eGibithe; yehlani, niye lapho, nisithengele khona, ukuze siphile, singafi.”

3Base behla abafowabo bakaJosefa abayishumi, baya kuthenga amabele eGibithe. 4Kepha uBenjamini umfowabo kaJosefa uJakobe akamthumanga nabafowabo, ngokuba wathi: “Angahle ehlelwe ngokubi.” 5Ayesefika amadodana ka-Israyeli ukuthenga phakathi kwalabo ababefika, ngokuba kwakukhona indlala ezweni laseKhanani.

6UJosefa wayengumbusi ezweni; nguyena owathengisela abantu bonke bezwe; bafika-ke abafowabo bakaJosefa, bamkhothamela ngobuso phansi. 7UJosefa wabona abafowabo, wabazi, kepha wazishaya ongabaziyo kubo, wakhuluma kalukhuni kubo, wathi kubo: “Nivelaphi na?”

Bathi: “Sivela ezweni laseKhanani, size ukuthenga ukudla.”

8UJosefa wabazi abafowabo, kepha bona abamazanga. 9UJosefa wayesekhumbula amaphupho awaphupha ngabo, wathi kubo: “Niyizinhloli; nize ukubona ubuze bezwe.”

10Bathi kuye: “Qha, nkosi, izinceku zakho zize ukuba zithenge ukudla. 11Sonke singamadodana andodanye; singabantu abaqotho; izinceku zakho aziyizo izinhloli.”

12Wathi kubo: “Qhabo, nize ukubona ubuze bezwe.”

13Base bethi kuye: “Thina zinceku zakho ziyizelamani eziyishumi nambili, amadodana andodanye ezweni laseKhanani; bheka, encane ikubaba manje, enye ayisekho.”

14UJosefa wathi kubo: “Yikho lokhu engikushilo kini ukuthi niyizinhloli. 15Niyakuvivinywa ngalokhu, kuphila kukaFaro, aniyikumuka lapha, kuphela uma umfowenu omncane efika lapha. 16Thumani omunye wenu, amlande umfowenu; nizakuboshwa, ukuze kuvivinywe amazwi enu ukuba iqiniso likini yini; uma kungenjalo, kuphila kukaFaro, niyizinhloli.” 17Wababutha bonke ukuba balindwe izinsuku ezintathu.

18Wayesethi kubo uJosefa ngosuku lwesithathu: “Yenzani lokhu, niphile, ngokuba ngiyamesaba uNkulunkulu. 19Uma ningabaqotho, makuboshwe omunye wabafowenu endlini yokulindwa kwenu, kepha hambani nina, nibuyele namabele endlala yezindlu zenu, 20nilethe umfowenu omncane kimi, kuqiniswe amazwi enu, nize ningafi.” Benze njalo.

21Base bethi omunye komunye: “Impela sitholile icala ngomfowethu, njengokuba sabona usizi lwenhliziyo yakhe, esincenga, kasamlalela; ngalokho lolu sizi selufike phezu kwethu.”

22URubeni wabaphendula wathi: “Angikhulumanga yini kini ukuthi: ‘Ningamoni umfana,’ kanangilalela, na? Bhekani, ngalokho seliyabizwa igazi lakhe.” 23Babengazi ukuthi uJosefa uyabezwa, ngokuba kwakukhona ihumusha phakathi kwabo.

24Wabafulathela, wakhala; wabuye waphendukela kubo, wakhuluma nabo; wayesemsusa uSimeyoni phakathi kwabo, wambopha phambi kwamehlo abo.

25UJosefa wayeseyala ukuba amasaka abo agcwaliswe ngamabele, kubuyiselwe imali yalowo nalowo esakeni lakhe, baphiwe umphako endleleni; kwenziwa njalo kubo. 26Base bethwesa izimbongolo zabo ngamabele abo, bamuka khona.

27Kwathi omunye evula isaka lakhe ukuba ayinike imbongolo yakhe ukudla endlini yezihambi, wabona imali yakhe; bheka, yayisemlonyeni wesaka lakhe. 28Wayesethi kubafowabo: “Imali yami ibuyiselwe; bhekani, isesakeni lami.” Baphela amandla, babhekana omunye nomunye bethuthumela, bethi: “Kuyini lokhu uNkulunkulu asenzele khona na?”

29Bafika-ke kuJakobe uyise ezweni laseKhanani, bamtshela konke okubehleleyo, bathi: 30“Lowo muntu, inkosi yezwe, ukhulume kalukhuni kithina, wasishaya izinhloli zezwe. 31Sase sithi kuye: ‘Singabaqotho; asiyizo izinhloli; 32siyizelamani eziyishumi nambili, amadodana kababa; enye ayisekho, encane ikubaba ezweni laseKhanani manje.’

33“Lowo muntu, inkosi yezwe, wayesethi kithi: ‘Ngalokhu ngiyokwazi ukuthi ningabaqotho: shiyani kimi omunye wabafowenu, niphathele indlala yezindlu zenu ukudla, nimuke, 34nilethe kimi umfowenu omncane; yikhona ngiyokwazi ukuthi aniyizo izinhloli kepha ningabaqotho, ngininike umfowenu, nihambe izwe.’ ”

35Kwathi sebethulula amasaka abo, bheka, isikhwama semali salowo nalowo sasisesakeni lakhe; lapho bona noyise bebona izikhwama zabo zemali, bashaywa luvalo. 36UJakobe uyise wayesethi kubo: “Niyangaphuca abantwana bami; uJosefa akasekho, noSimeyoni kasekho; senizakuthatha noBenjamini; kuphezu kwami konke lokhu.”

37Wayesekhuluma uRubeni kuyise, ethi: “Bulala amadodana ami omabili, uma ngingambuyiseli kuwe; mnikele esandleni sami, ngizakumbuyisela kuwe.”

38Wathi: “Indodana yami ayiyikwehla nani, ngokuba umfowabo ufile, kusele yona yodwa; uma yehlelwa yingozi endleleni eniyihambayo, niyakwehlisela endaweni yabafileyo izimvi zami ngosizi.”

UGenesise 43

Uhambo lwesibili lwabafowabo bakaJosefa beya eGibithe

1Indlala yayinzima ezweni. 2Kwathi sebeqedile amabele ababewathengile eGibithe, uyise wathi kubo: “Buyelani, nisithengele ukudlana.”

3UJuda wakhuluma kuye, wathi: “Lowo muntu wagoma nokugoma kithina, wathi: ‘Aniyikubona ubuso bami, kuphela uma umfowenu enani.’ 4Uma umthuma nathi umfowethu, sizakwehla, sithenge ukudla; 5kepha uma ungamthumi, asizukwehla, ngokuba lowo muntu wathi kithina: ‘Aniyikubona ubuso bami, kuphela uma umfowenu enani.’ ”

6Wayesethi u-Israyeli: “Ningenzeleni okubi ngokumtshela lowo muntu ukuthi ukhona omunye umfowenu na?”

7Bathi: “Wabuza nokubuza lowo muntu ngathi nangezihlobo zethu, wathi: ‘Usekhona uyihlo na? Ninomunye umfowenu na?’ Samlandisa njengalawa mazwi; sasingakwazi kanjani ukuba uyakuthi: ‘Yehlisani umfowenu,’ na?”

8UJuda wathi ku-Israyeli uyise: “Thuma umfana nami, size sisuke, sihambe ukuba siphile, singafi, thina nawe kanye nezingane zethu. 9Mina ngiyakuba yisibambiso sakhe; uzakumbiza esandleni sami; uma ngingambuyiseli kuwe, ngimbeke ebusweni bakho, ngiyakuba necala kuze kube phakade, 10ngokuba uma sasingalibalanga, impela nga sesibuyile manje ngokwesibili.”

11Uyise u-Israyeli wayesethi kubo: “Uma kunjalo, yenzani lokhu; phathani izithelo ezikhethiweyo zezwe emasakeni enu, nimehlisele lowo muntu isipho, ibhalisamu* eliyingcosana, nezinyosi eziyingcosana, namakha, nemure,* namapisitakiyo,* nama-alimondi,* 12niphathe esandleni senu imali iphindwe kabili; naleyo mali eyabuyiselwa emilonyeni yamasaka enu, niyihambise ngesandla senu; mhlawumbe kwenzeka iphutha. 13Nithathe futhi umfowenu, nisuke nibuyele kulowo muntu. 14UNkulunkulu uSomandla aniphe umusa ebusweni balowo muntu, ukuze anikhululele umfowenu lowo omunye kanye noBenjamini; kepha mina, uma ngaphucwa abantwana, ngiyaphucwa.”

15Amadoda ayesethatha leso sipho nemali ephindwe kabili esandleni sawo kanye noBenjamini, asuka ehlela eGibithe, ema ebusweni bukaJosefa. 16UJosefa esembona uBenjamini enabo, wathi kophezu kwendlu yakhe: “Ngenisa lawa madoda endlini, uhlabe, ulungise, ngokuba lawa madoda ayakudla nami emini.”

17Lowo muntu wenza njengalokho eshilo uJosefa; inceku yawangenisa amadoda endlini kaJosefa. 18Amadoda esaba, ngokuba angeniswa endlini kaJosefa, athi: “Singeniswe lapha ngenxa yemali eyabuyiselwa emasakeni ethu kuqala ukuba asizume, asehlele, asenze izigqila kanye nezimbongolo zethu.”

19Asondela-ke encekwini yendlu kaJosefa, akhuluma kuyo ngasemnyango wendlu, 20athi: “O nkosi, ngempela safika kuqala ukuthenga ukudla. 21Kwathi sesifike endlini yezihambi, savula amasaka ethu; bheka, imali yalowo nalowo yayisemlonyeni wesaka lakhe, imali yethu ngokulinganiswa kwayo; sesiyibuyisile ngesandla sethu. 22Sehle nenye imali esandleni sethu ukuba sithenge ukudla; asazi ukuthi ngubani owayifaka imali yethu emasakeni ethu.”

23Yayisithi kubo: “Ukuthula makube kinina; ningesabi; uNkulunkulu wenu noNkulunkulu kayihlo uniphe igugu emasakeni enu; imali yenu ngayithola.” Yaphumisa uSimeyoni, yamletha kubo.

24Inceku yayisingenisa amadoda endlini kaJosefa, yawanika amanzi; ageza izinyawo zawo; yazipha izimbongolo zawo ukudla. 25Alungisela uJosefa isipho, ezofika emini, ngokuba ayezwile ukuthi ayakudla khona.

26UJosefa esefike ekhaya, ayisa kuye endlini isipho esasisesandleni sawo, akhothamela phansi kuye. 27Wabuza impilo yabo, wathi: “Usaphila uyihlo, ixhegu enanikhuluma ngalo, na? Usekhona na?”

28Bathi-ke: “Inceku yakho ubaba isaphila, isekhona.” Bamkhothamela, bamkhonza.

29Wayesephakamisa amehlo akhe, wambona uBenjamini umfowabo, indodana kanina, wathi: “Nguye lo ongumfowenu omncane enakhuluma ngaye kimi na?” Wathi: “UNkulunkulu makabe nomusa kuwe ndodana yami.” 30Wakhawuleza uJosefa, ngokuba ngaphakathi kwakhe kwavutha isihe ngomfowabo; wafuna lapho angakhala khona, wangena ekamelweni lakhe, wakhala khona.

31Wageza ubuso bakhe, waphuma; wazibamba, wathi: “Lethani ukudla.”

32Bambekela ukudla ngokwakhe, nalabo ngokwabo, nabaseGibithe abadla naye ngokwabo, lokhu abaseGibithe bangedle namaHeberu, ngokuba kuyanengeka kubo abaseGibithe. 33Bahlala phambi kwakhe, izibulo njengobuzibulo balo nomncane njengobuncane bakhe; abantu bamangala omunye nomunye. 34Wabathathela izabelo kulokho okwakuphambi kwakhe, kepha isabelo sikaBenjamini saphindwa kahlanu silinganiswa nesabo. Baphuza, bathokoza naye.

UGenesise 42:1-43:34ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU