Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 139

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

IzAga 20

1Iwayini liyisideleli,

uphuzo olunamandla lungumxokozeli;

bonke abaduka ngalo abahlakaniphile.

2Ingebhe ngenkosi injengokubhonga kwengonyama;

oyithukuthelisayo wona umphefumulo wakhe.

3Kuludumo kumuntu ukuhlala kude nokuxabana,

kepha zonke iziwula ziyaphikisana.

4Ngenxa yobusika ivila aliyikulima;

ngalokho uyakuthekela ngesikhathi sokuvuna, kungekho lutho.

5Isiluleko enhliziyweni yomuntu sinjengamanzi ajulileyo,

kepha umuntu oqondileyo uyakusikhipha.

6Abantu abaningi bayamemezela,

kube yilowo nalowo umusa wakhe,

kepha ngubani ongafumana umuntu othembekileyo na?

7Olungileyo ohamba ekupheleleni kwakhe,

babusisiwe abantwana bakhe emva kwakhe.

8Inkosi ehlezi esihlalweni sokwahlulela

ihlakaza konke okubi ngamehlo ayo.

9Ngubani ongasho ukuthi:

“Ngihlanzile inhliziyo yami,

sengihlambulukile ezonweni zami, na?”

10Izisindo ezimbili nama-efa* amabili,

kokubili kuyisinengiso kuJehova.

11Naye umntwana uyaziwa ngezenzo zakhe,

uma isenzo sakhe sihlanzekile,

noma siqotho.

12Indlebe ezwayo neso elibonayo,

uJehova wenzile kokubili.

13Ungathandi ubuthongo,

funa ufikelwe ngubumpofu;

vula amehlo akho,

uyakusutha ngesinkwa.

14“Kubi, kubi,” kusho umthengi;

kepha esehambile uyazigabisa.

15Kukhona igolide namarubi* amaningi,

kepha ukwazi kwezindebe kuyigugu elinqabileyo.

16Thatha ingubo yoyisibambiso somfokazi,

umbambe abe yisibambiso omela abezizwe.

17Isinkwa samanga simnandi kumuntu,

kepha ngasemuva umlomo wakhe uyakugcwaliswa ngohlalwane.

18Amacebo onke ayaqiniswa

ngokululekana;

yilwa impi ngamasu.

19Ohamba encetheza uyambula izimfihlakalo;

ngalokho ungahlangani naye ovula kakhulu umlomo wakhe.

20Oqalekisa uyise nonina,

isibani sakhe siyakucimeka esigayegayeni.

21Imfuyo ingatholwa ngokushesha ekuqaleni,

kepha ukuphela kwayo akuyikubusiswa.

22Ungasho ukuthi:

“Ngiyakuphindisela okubi,”

yethemba kuJehova, uyakukusindisa.

23Izisindo ezimbili ziyisinengiso kuJehova,

nesilinganiso senkohliso asilungile.

24Izinyathelo zomuntu zingezikaJehova;

pho, umuntu angaqonda kanjani indlela yakhe na?

25Kulugibe ukusho ngamawala ukuthi:

“Kungcwele,”

abesebuya acabange emva kwezithembiso zakhe.

26Inkosi ehlakaniphileyo iyahlakaza ababi,

iphindisele phezu kwabo ukushinga kwabo.

27Umoya womuntu uyisibani sikaJehova,

siphenya konke okuphakathi komuntu.

28Umusa neqiniso kuyalonda inkosi;

isihlalo sayo sobukhosi sisekelwa ngomusa.

29Udumo lwabasha lungamandla abo,

nesivunulo sabadala singubumpunga.

30Imivimbo elimazayo ihlanza ububi,

nezishayo okuphakathi komuntu.

IzAga 21

1Inhliziyo yenkosi isesandleni sikaJehova njengemifula yamanzi;

uyayiphendulela lapho ethanda khona.

2Zonke izindlela zomuntu zilungile emehlweni akhe,

kepha uJehova ulinganisa izinhliziyo.

3Ukwenza ukulunga nokwahlulela

kukhethekile kuJehova kunemihlatshelo.

4Ukuzidla kwamehlo nokuziqhenya kwenhliziyo,

isibani sababi, kuyisono.

5Imicabango yokhutheleyo isenzuzweni,

kepha eyabo bonke abaphangisayo isekusweleni kuphela.

6Ukuthola ingcebo ngolimi lwamanga

kuyize elizulazuliswa,

nezingibe zokufa.

7Ukuchitha kwababi kuyabaqothula,

ngokuba benqaba ukwenza ukulunga.

8Indlela yothweswe icala iyinsongensonge,

kepha ohlanzekileyo,

isenzo sakhe silungile.

9Kungcono ukuhlala egumbini lophahla

kunokuhlala nowesifazane oxabanayo endlini ehlanganyelweyo.

10Umphefumulo womubi ufisa okubi;

umakhelwane wakhe kafumani isisa emehlweni akhe.

11Lapho isideleli sihlawuliswa,

ongenalwazi uyahlakanipha,

nalapho ohlakaniphileyo efundiswa,

uyathola ukwazi.

12Olungileyo uyaqaphela indlu yomubi;

ababi bayachithelwa ebubini.

13Ovala indlebe yakhe ngokukhala kompofu

naye uyakukhala angaphendulwa.

14Isipho ekusithekeni siyadambisa ulaka,

nomvuzo esifubeni ukufutheka okunamandla.

15Kuyintokozo kolungileyo ukwenza ukwahlulela,

kepha kwabenza ukona kuyincithakalo.

16Umuntu oduka endleleni yokuhlakanipha

uyakuphumula ebandleni lezithunzi.

17Othanda injabulo uyakuba mpofu,

nothanda iwayini namafutha kayikuceba.

18Omubi uyihlawulo lolungileyo,

nombuluzayo usesikhundleni sabaqotho.

19Kungcono ukuhlala ezweni lasehlane

kunokuhlala nowesifazane oxabanayo nothethayo.

20Kukhona ingcebo enxanelekayo

namafutha endlini yohlakaniphileyo,

kepha umuntu oyisiwula uyakugwinya.

21Olandela ukulunga nomusa

uyafumana ukuphila, nokulunga, nodumo.

22Ohlakaniphileyo angenyukela emzini wamaqhawe,

awise phansi inqaba ayethembayo wona.

23Ogcina umlomo wakhe nolimi lwakhe

ulonda umphefumulo wakhe ezinsizini.

24Ozidlayo nozigabisayo,

yisideleli igama lakhe,

yena osebenza ngokuziphakamisa okukhulu.

25Isifiso sevila siyalibulala,

ngokuba izandla zalo ziyenqaba ukusebenza.

26Kuyafiswa nokufiswa usuku lonke,

kepha olungileyo uyaphana engancishi.

27Umhlatshelo wababi uyisinengiso;

kakhulu kangakanani uma ulethwa ngomgomo omubi.

28Ufakazi wamanga uyabhujiswa,

kepha umuntu ozwileyo angakhuluma njalo.

29Umuntu omubi uyenza lukhuni ubuso bakhe,

kepha oqotho uyanaka indlela yakhe.

30Akukho ukuhlakanipha,

akukho ukuqonda,

nesiluleko, okungamelana noJehova.

31Ihhashi lilungiselwa usuku lokulwa,

kepha ukusindiswa kungokukaJehova.

IzAga 22

1Igama elihle likhethekile kunengcebo enkulu,

nomusa kunesiliva negolide.

2Abacebileyo nabampofu bahlangene;

uJehova ungumenzi wabo bonke.

3Qqondileyo uyabona ububi, acashe,

kepha abangenalwazi badlula nje, bahlupheke ngakho.

4Umvuzo wokuthobeka kokumesaba uJehova

uyingcebo, nodumo, nokuphila.

5Ameva nezingibe kusendleleni yabaphambeneyo,

kepha ogcina umphefumulo wakhe uyakudedela kude nakho.

6Khulisa umntwana ngendlela eyakuba ngeyakhe;

kuyakuthi lapho esekhulile,

angasuki kuyo.

7Isicebi sibusa phezu kwabampofu,

nobolekayo uyisigqila somtshelekileyo.

8Ohlwanyela ububi uyakuvuna usizi,

nenduku yolaka lwakhe iyakuphela.

9Oneso elimnene uyakubusiswa,

ngokuba uyapha ompofu okwesinkwa sakhe.

10Xosha isideleli,

besekuphuma ukuxabana,

kuphele ukuphikisana nehlazo.

11Othanda inhlanzeko ngenhliziyo

nonomusa emlonyeni wakhe ungumngane wenkosi.

12Amehlo kaJehova anaka onokwazi,

kepha uyachitha amazwi ombuluzayo.

13Ivila lithi: “Kukhona ingonyama ngaphandle;

ngiyakubulawa phandle esigcawini.”

14Umlomo wowesifazane ondindayo ungumgodi ojulileyo;

othukuthelelwayo nguJehova uyakuwela kuwo.

15Ubuwula buboshelwe enhliziyweni yomntwana,

kepha induku yokulaya iyabudedisela kude naye.

16Ocindezela ompofu ukuba azandisele

nophayo isicebi bayakuba ngabokuswela kuphela.

Amazwi ezihlakaniphi: isigaba sokuqala

17Beka indlebe yakho,

uzwe amazwi ezihlakaniphi,

ubeke ukufundisa kwami enhliziyweni yakho.

18Ngokuba kumnandi, uma ukugcina phakathi kwakho,

kubekwe kanyekanye ezindebeni zakho.

19Ukuba ithemba lakho libe kuJehova,

ngikwazisile khona namuhla,

yebo, wena.

20Angithi ngilobile kuwe nangaphambili

ngeziluleko nangokwazi,

21ukuze ngikwazise ukuthembeka kwamazwi eqiniso

ukuba ubuyisele kwabakuthumileyo amazwi eqiniso, na?

22Ungamphangi ompofu ngokuba empofu,

ungamchobozi oswelayo esangweni,

23ngokuba uJehova uyakumela indaba yabo,

aphuce ababaphucayo umphefumulo wabo.

24Ungabi ngumngane womuntu onolaka,

ungahambi nomuntu onokufutheka,

25funa ufunde izindlela zakhe,

uthole ugibe lomphefumulo wakho.

26Ungabi ngowabaxhawulanayo,

nowabayizibambiso zezikwenetu;

27uma kungekho ongakhokha ngakho,

ubuyakususelwani umbhede wakho phansi kwakho na?

28Ungasusi isikhonkwane esidala

oyihlo abasimisileyo.

29Uyambona umuntu ehlakaniphile emsebenzini wakhe na?

Uyakuma phambi kwamakhosi,

akayikuma phambi kwabantukazana nje.

IzAga 20:1-22:29ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU