Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 133

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

IzAga 1

Umgomo wezaga

1Nazi izaga zika Solomoni indodana kaDavide, inkosi yakwa-Israyeli,

2zokwazi ukuhlakanipha nokulaywa,

nokwahlukanisa amazwi okuqonda,

3nokwamukela ukulaywa kube ngukuhlakanipha,

nokulunga, nokwahlulela, neqiniso,

4nokunika abangenalwazi ukuhlakanipha,

nezinsizwa ukwazi namasu,

5ukuze ohlakaniphileyo ezwe,

aqhubeke ekufundeni,

noqondileyo athole iziluleko ezinhle

6ukuba aqonde izaga nezimfihlakalo,

namazwi abahlakaniphileyo nezimfumbe zabo.

7Ukumesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha;

iziwula ziyadelela ukuhlakanipha nokulaywa.

8Ndodana yami,

yizwa ukulaya kukayihlo,

ungawushiyi umthetho kanyoko,

9ngokuba kuyakuba ngumqhele omuhle wekhanda lakho,

nemigexo entanyeni yakho.

10Ndodana yami,

uma izoni zikuyenga, ungavumi.

11Uma zithi: “Hamba nathi, siqamekele igazi,

sibhacele ngeze ongenacala,

12sibagwinye besezwa njengendawo yabafileyo,

besaphilile njengabehlela egodini;

13yonke impahla eyigugu siyakuyifumana,

sigcwalise izindlu zethu ngempango;

14yenza inkatho yakho phakathi kwethu,

sibe nesikhwama sinye sonke,”

15ndodana yami,

ungahambi nazo endleleni,

unqande unyawo lwakho emikhondweni yazo,

16ngokuba izinyawo zazo zigijimela ebubini,

zishesha ukuchitha igazi.

17Ngokuba inetha lenekelwe ize emehlweni azo zonke izinyoni.

18Kepha laba baqamekela elabo igazi,

babhacela okwabo ukuphila.

19Zinjalo izindlela zabo bonke abaphanga impango;

iyasusa ukuphila komniniyo.

20Ukuhlakanipha kuyamemeza emigwaqweni,

kuyezwakalisa izwi lakho ezigcawini;

21emashashalazini emigwaqo kuyaduma;

ngasezikhaleni zamasango omuzi kuyakhuluma amazwi akho okuthi:

22“Koze kube nini iziwula zithanda ubuwula,

nezideleli zijabula ukudelela,

neziwula zizonda ukwazi, na?

23Buyani ngokusola kwami;

bhekani, ngiyakuthulula umoya wami phezu kwenu,

nginazise amazwi ami.

24Ngokuba ngibizile, nala nina;

ngelula isandla sami,

akubangakho onakayo;

25kepha nichithile konke ukululeka kwami,

anivumanga ukusola kwami;

26nami ngiyakuhleka ingozi yenu,

ngiklolodele ukufika kwenikwesabayo,

27lapho kufika njengesivunguvungu lokho enikwesabayo,

nengozi yenu iza njengesikhwishikhwishi,

lapho nehlelwa ngukuhlupheka nosizi.

28“Khona bayakungibiza,

kepha angiyikuphendula;

bayakungifunisisa, kepha abayikungifumana

29ngenxa yokuba babezonda ukwazi,

kabakhethanga ukwesaba uJehova,

30bengavumanga ukululeka kwami,

bedelela konke ukusola kwami.

31Ngalokho bayakudla izithelo zendlela yabo,

basuthe ngamacebo abo.

32Ngokuba ukuhlehla kwabangenalwazi kuyakubabulala,

nokunganaki kweziwula kuyakubabhubhisa.

33Kepha ongilalelayo uyakuhlala elondekile,

agcineke, angabi naluvalo ngokubi.”

IzAga 2

Isibusiso sokuhlakanipha

1Ndodana yami, uma wamukela amazwi ami,

uzibekelele imiyalo yami,

2ukuze ubeke indlebe yakho ekuhlakanipheni,

uthobisele ekuqondeni inhliziyo yakho,

3yebo, uma ukhala ngengqondo,

uzwakalisa izwi lakho ngokuqonda,

4uma ukufuna njengesiliva,

ukuphenya njengamagugu afihliweyo,

5khona uyakuqonda ukumesaba uJehova,

ufumane ukumazi uNkulunkulu.

6Ngokuba uJehova uyanika ukuhlakanipha;

emlonyeni wakhe kuphuma ukwazi nokuqonda.

7Uyabekela abaqotho isibusiso,

uyihawu kwabahamba bengenacala,

8egcina izindlela zokulunga,

elondoloza imikhondo yabathembekileyo bakhe.

9Khona uyakuqonda ukulunga nokwahlulela,

neqiniso,

yebo, nezindlela zonke ezinhle.

10Ngokuba ukuhlakanipha

kuyakungena enhliziyweni yakho,

ukwazi kube mnandi emphefumulweni wakho.

11Amasu ayakukulinda,

ukuqonda kukugcine,

12ukuze wophulwe endleleni yobubi

nakubantu abakhuluma okuphambeneyo,

13abashiya imikhondo yobuqotho,

ukuze bahambe ngezindlela zobumnyama;

14abathokoza ngokwenza okubi,

bajabulele ukuphambana kobubi;

15abazindlela zabo ziyisigwegwe,

nemikhondo yabo iphambene,

16ukuba wophulwe kowesifazane ondindayo

nakuye owezizwe onamazwi athophayo,

17oshiya umngane wobusha bakhe,

akhohlwe isivumelwano sikaNkulunkulu wakhe,

18ngokuba indlu yakhe ishonela ekufeni,

nasezithunzini izindlela zakhe.

19Bonke abangena kuye ababuyi,

bangafinyeleli ezindleleni zokuphila.

20Kanjalo uyakuhamba ezindleleni zabahle,

ugcine imikhondo yabalungileyo.

21Ngokuba abaqotho bayakuhlala ezweni,

abapheleleyo basale kulo.

22Kepha ababi bayakunqunywa ezweni,

nabambuluzayo bayakusishulwa kulo.

IzAga 3

Ukumethemba uJehova

1Ndodana yami, ungakhohlwa umthetho wami,

kepha inhliziyo yakho mayigcine imiyalo yami,

2ngokuba iyakwenezela kuwe

ubude bezinsuku,

neminyaka yokuphila, nokuthula.

3Isihhe neqiniso makungakushiyi;

kubophe entanyeni yakho,

ukulobe esibhebheni senhliziyo yakho,

4ukuze uthole umusa nodumo oluhle emehlweni kaNkulunkulu nabantu.

5Themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho,

ungenciki kokwakho ukuqonda.

6Mazise yena ezindleleni zakho zonke,

uyakuqondisa imikhondo yakho.

7Ungabi ngohlakaniphileyo emehlweni akho;

mesabe uJehova, udede ebubini.

8Lokho kuyakuba yimpilo emzimbeni wakho

nokuhlunyelelwa kwamathambo akho.

9Dumisa uJehova ngempahla yakho,

nangolibo lwazo zonke izithelo zakho,

10izinqolobane zakho zigcwale ngobuningi,

nezikhamo zakho zichichime ngewayini elisha.

11Ndodana yami,

ungadeleli ukulaya kukaJehova,

ungakhathazeki ngokusola kwakhe.

12Ngokuba uJehova uyamlaya amthandayo,

njengoyise indodana ayithandayo.

13Ubusisiwe umuntu othola ukuhlakanipha

nomuntu ozuza ingqondo,

14ngokuba inzuzo yakho inhle kunenzuzo yesiliva,

nokutholakalayo kukho kunegolide.

15Kuyigugu kunamarubi,*

nakho konke ongakufisa akunakulinganiswa nakho.

16Ubude bezinsuku busesandleni sakho sokunene,

nakwesokhohlo kukhona ingcebo nodumo.

17Izindlela zakho ziyizindlela zokumnandi;

yonke imikhondo yakho ingukuthula.

18Kungumuthi wokuphila kwabakubambayo,

nababambelela kukho babusisiwe.

19UJehova wasekela umhlaba ngokuhlakanipha;

wamisa amazulu ngokuqonda.

20Ngokwazi kwakhe izintwa zaqhekezwa,

namafu aconsa amazolo.

21Ndodana yami,

lokho makungasuki emehlweni akho,

ugcine ukuhlakanipha namasu,

22kube ngukuphila emphefumulweni wakho

nomusa entanyeni yakho.

23Khona uyakuhamba indlela yakho ngokulondeka,

ungaqhuzuli unyawo lwakho.

24Lapho ulala phansi,

awuyikwesaba lutho;

nanxa usulale phansi,

ubuthongo bakho buyakuba mnandi.

25Ungethuswa luvalo oluzumayo

nokuchithwa kwababi, lapho kufika,

26ngokuba uJehova uyakuba yithemba lakho,

agcine unyawo lwakho ukuba lungabhajwa.

27Ungagodleli abaninikho okuhle,

lapho kusemandleni esandla sakho ukukwenza.

28Ungasho kumakhelwane wakho ukuthi:

“Hamba, ubuye,

ngiyakukunika kusasa,”

lapho kukhona kuwe.

29Ungacebi okubi ngomakhelwane wakho,

lapho ehlezi nawe elondekile.

30Ungaphikisani namuntu ngeze,

uma engakonanga ngalutho.

31Ungabi namhawu ngomuntu oyisidlwangudlwangu,

ungakhethi neyodwa yezindlela zakhe,

32ngokuba ophambeneyo uyisinengiso kuJehova.

kepha abaqotho bayisifuba sakhe.

33Isiqalekiso sikaJehova sisendlini yababi,

kepha uyabusisa ikhaya labalungileyo.

34Izideleli uyazidelela,

kepha abathobekileyo ubapha umusa.

35Abahlakaniphileyo bayakudla ifa lodumo,

kepha iziwula ziyakuphiwa ihlazo.

IzAga 1:1-3:35ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU