Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 132

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

2 iziKronike 7

Umlilo wasezulwini

1USolomoni eseqedile ukukhuleka, kwehla umlilo ezulwini, wadla umnikelo wokushiswa nemihlatshelo; inkazimulo kaJehova yagcwalisa indlu. 2Abapristi babengenakungena endlini kaJehova, ngokuba inkazimulo kaJehova yagcwalisa indlu kaJehova. 3Lapho abantwana bakwa-Israyeli bebona ukwehla komlilo, nenkazimulo kaJehova iphezu kwendlu, bakhothama phansi ngobuso phezu kwendawo egandaywe ngamatshe, bakhuleka, babonga uJehova, ngokuba muhle nangokuba umusa wakhe umi phakade. 4Inkosi nabo bonke abantu base benikela ngomhlatshelo phambi kukaJehova. 5Inkosi uSolomoni yanikela ngomhlatshelo wezinkunzi eziyizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili nezimvu eziyizinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili. Inkosi nabo bonke abantwana bakwa-Israyeli bahlambulula-ke indlu kaJehova. 6Abapristi bema njengezikhundla zabo kanye namaLevi, benezinto zokubethwa ayezenzile uDavide inkosi ukuba babonge uJehova, ngokuba umusa wakhe umi phakade, lapho uDavide edumisa ngezandla zabo; abapristi bakhalisa amacilongo ngaphambi kwabo, esemi wonke u-Israyeli.

7USolomoni wangcwelisa ingaphakathi legceke elalingaphambi kwendlu kaJehova, ngokuba wanikela lapho ngeminikelo yokushiswa namanoni eminikelo yokuthula, ngokuba i-altare lethusi ayelenzile uSolomoni lalingenakwanela umnikelo wokushiswa, nomnikelo wempuphu, namanoni.

8USolomoni wagubha-ke umkhosi ngaleso sikhathi izinsuku eziyisikhombisa, wonke u-Israyeli enaye, ibandla elikhulu kakhulu, kusukela ekuyeni eHamati kuze kube semfuleni waseGibithe. 9Ngosuku lwesishiyagalombili benza umhlangano ozothileyo ngokuba ukuhlanjululwa kwe-altare bakwenza izinsuku eziyisikhombisa nomkhosi izinsuku eziyisikhombisa. 10Ngosuku lwamashumi amabili nantathu lwenyanga yesikhombisa wabamukisa abantu baya ematendeni abo, bethokoza benezinhliziyo ezenamileyo ngobuhle uJehova abenzele oDavide noSolomoni no-Israyeli abantu bakhe.

UNkulunkulu uyabonakala ngokwesibili kuSolomoni

11USolomoni waqeda-ke indlu kaJehova nendlu yenkosi; konke okwangena enhliziyweni kaSolomoni ukukwenza endlini kaJehova nasendlini yakhe, wakuphumelelisa. 12UJehova wabonakala kuSolomoni, wathi kuye: “Ngiwuzwile umkhuleko wakho, ngizikhethele le ndawo ukuba ibe yindlu yomhlatshelo.

13“Uma ngivala izulu ukuba kungabikho mvula, noma ngiyaleza isikhonyane ukuba sidle izwe, noma ngithuma isifo phakathi kwabantu bami, 14bazithobe abantu bami ababizwa ngegama lami, bakhuleke, bafune ubuso bami, baphenduke ezindleleni zabo ezimbi, ngiyakuzwa ezulwini, ngithethelele isono sabo, ngiphilise izwe labo. 15Manje amehlo ami ayakuvuleka, izindlebe zami zilalele umkhuleko owenziwa kule ndawo. 16Manje sengiyikhethile ngayingcwelisa le ndlu ukuba igama lami libe khona lapho kuze kube phakade; amehlo ami nenhliziyo yami kuyakuba khona lapho isikhathi sonke.

17“Wena-ke, uma uyakuhamba phambi kwami njengokuhamba kukaDavide uyihlo, wenze njengakho konke engikuyale ngakho, ugcine izimiso zami nezahlulelo zami, 18ngiyakusimisa isihlalo sobukhosi sombuso wakho njengesivumelwano sami noDavide uyihlo ngokuthi: ‘Akuyikunqunywa muntu kuwe ukuba kungabikho mbusi kwa-Israyeli.’

19“Kepha uma nibuya, nishiye izimiso zami nemiyalo yami engikubeke phambi kwakho, nihambe nikhonze abanye onkulunkulu, nikhuleke kubo, 20ngiyakubasiphula ezweni lami engibanike lona, nale ndlu engiyingcwelisele igama lami ngiyakuyilahla ebusweni bami, ngiyenze isaga nesifenqo phakathi kwabantu bonke. 21Le ndlu ephakeme kangaka, yilowo nalowo odlula kuyo uyakumangala athi: ‘UJehova wenzeleni kanje kuleli zwe nakule ndlu na?’ 22Bayakuphendula bathi: ‘Kungokuba bamshiya uJehova uNkulunkulu wawoyise owabakhipha ezweni laseGibithe, babambelela kwabanye onkulunkulu, bakhuleka kubo, babakhonza; ngalokho ubehlisele konke lokho okubi.’ ”

2 iziKronike 8

Izisebenzi nezindlu zikaSolomoni

1Kwathi ngasekugcineni kweminyaka engamashumi amabili uSolomoni akhe ngayo indlu kaJehova nendlu yakhe, 2imizi uHiramu anike yona uSolomoni, uSolomoni wayivusa, wahlalisa khona abantwana bakwa-Israyeli. 3USolomoni waya eHamati Soba, walahlula. 4Wakha iTadimori ehlane, nayo yonke imizi yokubekelela ayakha eHamati. 5Wakha neBeti Horoni laseNhla, neBeti Horoni laseNzansi, imizi ebiyelweyo enezingange, namasango, nemigoqo, 6kanye neBalati nayo yonke imizi yokubekelela uSolomoni ayenayo, nayo yonke imizi yezinqola zakhe, nemizi yabamahhashi bakhe, nakho konke uSolomoni ayefisa ukukwakha eJerusalema, naseLebanoni, nasezweni lonke lokubusa kwakhe.

7Abantu bonke abaseleyo kumaHeti, nama-Amori, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi, abangesibo abakwa-Israyeli, 8abantwana babo abasala emva kwabo ezweni, abangaqedwanga ngabantwana bakwa-Israyeli, kubona uSolomoni wabiza izisebenzi kuze kube namuhla. 9Kepha kubantwana bakwa-Israyeli uSolomoni akakhiphanga izigqila zomsebenzi wakhe, ngokuba babengamadoda empi, nabakhulu bezinduna zakhe, nezinduna zezinqola zakhe, nabamahhashi bakhe. 10Lezo zaziyizinduna ezinkulu zenkosi uSolomoni; zazingamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, zazibusa phezu kwabantu.

11USolomoni wakhuphula indodakazi kaFaro emzini kaDavide, wayiyisa endlini ayakhele yona, ngokuba wathi: “Akuyikuhlala owesifazane endlini kaDavide inkosi yakwa-Israyeli, ngokuba ingcwele, lapho kufike khona umphongolo kaJehova.”

12Khona uSolomoni wanikela ngeminikelo yokushiswa kuJehova e-altare likaJehova ayelakhe phambi kompheme 13njengokudingekayo imihla ngemihla, enikela njengemiyalo kaMose ngamasabatha, nangokwethwasa kwenyanga, nangemikhosi emisiweyo, kathathu ngomnyaka: ngomkhosi wesinkwa esingenamvubelo, nangomkhosi wamasonto, nangomkhosi wamadokodo. 14Wamisa njengomthetho kaDavide uyise izigaba zabapristi enkonzweni yabo, namaLevi ezikhundleni zawo ukuba adumise, akhonze phambi kwabapristi njengokudingekayo imihla ngemihla, nabalindisango ngezigaba zabo emasangweni ngamasango, ngokuba uDavide umuntu kaNkulunkulu wayeyale kanjalo. 15Abaphambukanga emiyalweni yenkosi kubapristi namaLevi ngalutho, nangengcebo.

16Wonke umsebenzi kaSolomoni walungiswa kwaze kwaba lusuku lokubeka isisekelo sendlu kaJehova, yaze yaphela. Yayisiphelile indlu kaJehova.

Imikhumbi kaSolomoni

17Khona uSolomoni waya e-Esiyoni Geberi, nase-Elito, ogwini lolwandle ezweni lakwa-Edomi. 18UHiramu wathuma kuye ngezandla zezinceku zakhe imikhumnbi nezinceku ezazilwazi ulwandle; zafika nezinceku zikaSolomoni e-Ofiri, zalanda khona amatalenta* angamakhulu amane namashumi ayisihlanu egolide, zawayisa enkosini uSolomoni.

2 iziKronike 9

Inkosikazi yaseSheba

1Inkosikazi yaseSheba isizwile udumo lukaSolomoni yeza ukumvivinya uSolomoni eJerusalema ngezimfumbe, inehele elikhulu kakhulu, namakamela ethwele amakha, negolide eliningi, namatshe ayigugu; isifikile kuSolomoni yakhuluma naye ngakho konke okusenhliziyweni yayo. 2USolomoni wayiphendula ezindabeni zayo zonke; kwakungekho nto eyayifihlelwe uSolomoni angayitshelanga yona. 3Inkosikazi yaseSheba isibonile ukuhlakanipha kukaSolomoni, nendlu ayakhileyo, 4nokudla kwasetafuleni lakhe, nokuhlala kwezinceku zakhe, nokuma kwezikhonzi zakhe, nezambatho zazo, kanye nabaphathizitsha nezambatho zabo, nesikhwelo sakhe akhuphukela ngaso endlini kaJehova, akwabe kusabakho moya kuyo. 5Yathi enkosini: “Yayiqinisile indaba engayizwa ezweni lami ngamazwi akho nangokuhlakanipha kwakho. 6Kepha angikholwanga ngamazwi abo, ngaze ngafika, kwabona amehlo ami; bheka, angitshelwanga nanxenye yobukhulu bokuhlakanipha kwakho; uyadlula udumo engaluzwayo. 7Babusiswe abantu bakho, zibusisiwe lezi zinceku zakho ezimi njalo phambi kwakho, zizwa ukuhlakanipha kwakho. 8Makabongwe uJehova uNkulunkulu wakho owenamele wena ukuba akubeke esihlalweni sakhe sobukhosi ukuba ube yinkosi kuJehova uNkulunkulu wakho; ngokuba uNkulunkulu wakho wamthanda u-Israyeli waze wammisa kuze kube phakade, ngalokho wakubeka inkosi phezu kwabo ukuba wenze ukwahlulela nokulunga.”

9Yanika inkosi amatalenta* ayikhulu namashumi amabili egolide, namakha amaningi kakhulu, namatshe ayigugu; awazange abe khona amakha anjengalawo inkosi uSolomoni eyaphiwa wona yinkosikazi yaseSheba.

10Izinceku zikaHiramu nezinceku zikaSolomoni ezabuya negolide e-Ofiri zaletha imi-alimugi* namatshe ayigugu. 11Ngemi-alimugi* inkosi yenzela indlu kaJehova nendlu yenkosi izikhwelo, kanye namahabhu,* nezingubhu zabahlabeleli; akuzange kubonwe phambili okunjengakho ezweni lakwaJuda.

12Inkosi uSolomoni yanika inkosikazi yaseSheba konke ekufunayo nekucelayo ngaphandle kwalokho ebikulethele inkosi. Yayisibuya, yaya ezweni layo, yona nezinceku zayo.

Ukuceba kukaSolomoni nobukhosi bakhe; ukuhlakanipha kwakhe nobukhulu bakhe

13Isisindo segolide elafika kuSolomoni iminyaka yonke sasingamatalenta* angamakhulu ayisithupha namashumi ayisithupha nesithupha egolide 14ngaphandle kokuvela kubahwebi nabathengisi; onke amakhosi ase-Arabiya nababusi bezwe baletha igolide nesiliva kuSolomoni.

15Inkosi uSolomoni yenza izihlangu ezingamakhulu amabili zegolide elikhandiweyo, kwaba ngamashekeli* angamakhulu ayisithupha egolide elikhandiweyo kuso isihlangu sinye, 16kanjalo nezihlangu ezingamakhulu amathathu egolide elikhandiweyo, amashekeli angamakhulu amathathu egolide kuso isihlangu sinye; inkosi yazibeka endlini yehlathi laseLebanoni.

17Inkosi yenza nesihlalo sobukhosi esikhulu sezimpondo zendlovu, yasinameka ngegolide elicwengekileyo. 18Isihlalo sobukhosi sasinezikhwelo eziyisithupha, sinesenabelo segolide esasinamathelisiwe esihlalweni sobukhosi, nemikhono ngalapha nangalapha kwendawo yokuhlala, kumi izingonyama ezimbili ngaseceleni kwemikhono. 19Kwakumi izingonyama eziyishumi nambili ngalapha nangalapha ezikhwelweni eziyisithupha. Okunjalo akwenziwanga komunye umbuso. 20Zonke izitsha zokuphuza zenkosi uSolomoni zaziyigolide, nazo zonke izitsha zendlu yehlathi laseLebanoni zaziyigolide elicwengekileyo, isiliva lingento yalutho emihleni kaSolomoni. 21Ngokuba inkosi yayinemikhumbi eyaya eTharishishi kanye nezinceku zikaHiramu; kanye ngeminyaka emithathu yafika imikhumbi yaseTharishishi iletha igolide, nesiliva, nezimpondo zendlovu, nezimfene, namapikoko.*

22Inkosi uSolomoni yaba nkulu kunawo onke amakhosi omhlaba ngengcebo nangokuhlakanipha. 23Onke amakhosi omhlaba afuna ubuso bukaSolomoni ukuba ezwe ukuhlakanipha kwakhe, uNkulunkulu akubekile enhliziyweni yakhe. 24Baletha, kwaba yilowo nalowo isipho sakhe, izitsha zesiliva, nezitsha zegolide, nezingubo, nezikhali, namakha, namahhashi, neminyuzi,* okwenziwa iminyaka ngeminyaka.

25USolomoni wayenezipani* eziyizinkulungwane ezine zamahhashi nezinqola, nabamahhashi abayizinkulungwane eziyishumi nambili, owababeka emizini yezinqola nasenkosini eJerusalema. 26Wabusa phezu kwawo onke amakhosi kusukela emfuleni kuze kube sezweni lamaFilisti nasemkhawulweni waseGibithe. 27Inkosi yenza isiliva livame eJerusalema njengamatshe, nemisedari* yayenza ibe njengemithombe ehlanzeni ngobuningi. 28Bamlethela uSolomoni amahhashi evela eGibithe nasemazweni onke.

29Ezinye izindaba zikaSolomoni, ezokuqala nezokugcina, angithi zilotshiwe ezindabeni zikaNathani umprofethi, nasesiprofethweni sika-Ahiya waseShilo, nasemibonweni ka-Ido umboni ngoJerobowamu indodana kaNebati na? 30USolomoni wabusa eJerusalema phezu kuka-Israyeli wonke iminyaka engamashumi amane. 31USolomoni wayeselala koyise, wembelwa emzini kaDavide uyise; uRehobowamu indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.

2 iziKronike 7:1-9:31ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU