Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 123

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

Ihubo 133

Isibusiso esisekuhlanganeni kwabazalwane

Igama lokukhuphuka. ElikaDavide.

1Bheka, kuhle, kumnandi kangaka

ukuba abazalwane bahlalisane ndawonye bemunye.

2Kufana namafutha amahle ekhanda ehlela esilevini,

isilevu sika-Aroni,

ehlela nasemphethweni wezambatho zakhe.

3Kufana namazolo aseHermoni

ehlela ezintabeni zaseSiyoni.

Ngokuba uJehova wayaleza khona isibusiso,

yebo, ukuphila kuze kube phakade.

Ihubo 134

Isibusiso sikaJehova phezu kwabambongayo uJehova

Igama lokukhuphuka.

1Bhekani, nibonge uJehova

nina nonke zinceku zikaJehova

enimi endlini kaJehova ebusuku.

2Phakamiselani izandla zenu endlini engcwele,

nimbonge uJehova.

3UJehova makakubusise eseSiyoni,

yena owenzile izulu nomhlaba.

Ihubo 135

Indumiso kuJehova ngezimangaliso zakhe

1Haleluya!

Dumisani igama likaJehova;

mdumiseni nina zinceku zikaJehova

2enimi endlini kaJehova

emagcekeni endlu kaNkulunkulu wethu.

3Dumisani uJehova,

ngokuba uJehova muhle;

hubelani igama lakhe,

ngokuba limnandi.

4Ngokuba uJehova uzikhethele uJakobe,

no-Israyeli ukuba abe yimfuyo yakhe.

5Impela ngiyazi ukuthi uJehova mkhulu

nokuthi iNkosi yethu iphezu kwabo bonke onkulunkulu.

6Konke uJehova akuthandayo uyakwenza

ezulwini nasemhlabeni,

emanzini nasezinzulwini zonke.

7Ukhuphula izinkungu emikhawulweni yomhlaba,

wenza imibani kube yimvula;

ukhipha umoya ezingotsheni zakhe.

8Washaya amazibulo aseGibithe,

awabantu kanye nawezilwane.

9Wathuma izibonakaliso nezimangaliso

phakathi kwakho, Gibithe,

phezu kukaFaro nezinceku zakhe zonke.

10Washaya izizwe ezinkulu,

wabulala amakhosi anamandla:

11uSihoni inkosi yama-Amori,

no-Ogi inkosi yaseBashani,

nemibuso yonke yaseKhanani.

12Wanika izwe labo laba yifa,

laba yifa lika-Israyeli, isizwe sakhe.

13Jehova, igama lakho limi phakade;

isikhumbuzo sakho, Jehova, sisezizukulwaneni ngezizukulwane.

14Ngokuba uJehova uyakwahlulela abantu bakhe,

ahawukele izinceku zakhe.

15Izithombe zabezizwe ziyisiliva negolide,

umsebenzi wezandla zomuntu.

16Umlomo zinawo, kepha azikhulumi;

amehlo zinawo, kodwa aziboni.

17Izindlebe zinazo, kepha azizwa,

nomoya awukho emlonyeni wazo.

18Abazenzayo bayafana nazo,

bonke abazethembayo.

19Wena ndlu ka-Israyeli,

mbonge uJehova;

wena ndlu ka-Aroni,

mbonge uJehova.

20Wena ndlu kaLevi, mbonge uJehova;

nina enimesabayo uJehova,

mbongeni uJehova.

21UJehova makabongwe eSiyoni,

yena owakhe eJerusalema.

Haleluya!

Ihubo 136

Ukubonga uJehova ngezimangaliso zakhe nomusa wakhe ongunaphakade

1Bongani uJehova, ngokuba muhle,

ngokuba umusa wakhe umi phakade.

2Bongani uNkulunkulu wawonkulunkulu,

ngokuba umusa wakhe umi phakade.

3Bongani iNkosi yamakhosi,

ngokuba umusa wayo umi phakade;

4yona engoyedwa owenza izimangaliso ezinkulu,

ngokuba umusa wakhe umi phakade;

5owenzile izulu ngokuhlakanipha,

ngokuba umusa wakhe umi phakade;

6owendlala umhlaba phezu kwamanzi,

ngokuba umusa wakhe umi phakade;

7owenza izinkanyiso ezinkulu,

ngokuba umusa wakhe umi phakade;

8ilanga ukuba libuse emini,

ngokuba umusa wakhe umi phakade;

9inyanga nezinkanyezi ukuba zibuse ebusuku,

ngokuba umusa wakhe umi phakade;

10owalishaya iGibithe, amazibulo alo,

ngokuba umusa wakhe umi phakade;

11owamkhipha u-Israyeli phakathi kwabo,

ngokuba umusa wakhe umi phakade;

12ngesandla esinamandla nangengalo eyeluliweyo,

ngokuba umusa wakhe umi phakade;

13owahlukanisa kabili uLwandle Olubomvu,

ngokuba umusa wakhe umi phakade;

14owawelisa u-Israyeli phakathi kwalo,

ngokuba umusa wakhe umi phakade;

15owachitha uFaro nempi yakhe eLwandle Olubomvu,

ngokuba umusa wakhe umi phakade;

16owahola abantu bakhe ehlane,

ngokuba umusa wakhe umi phakade;

17owashaya amakhosi amakhulu,

ngokuba umusa wakhe umi phakade;

18owabulala amakhosi adumileyo,

ngokuba umusa wakhe umi phakade;

19uSihoni inkosi yama-Amori,

ngokuba umusa wakhe umi phakade;

20no-Ogi inkosi yaseBashani,

ngokuba umusa wakhe umi phakade;

21owanika izwe labo laba yifa,

ngokuba umusa wakhe umi phakade;

22laba yifa lika-Israyeli inceku yakhe,

ngokuba umusa wakhe umi phakade;

23owasikhumbula sisephansi,

ngokuba umusa wakhe umi phakade;

24owasikhulula ezitheni zethu,

ngokuba umusa wakhe umi phakade;

25onika inyama yonke ukudla,

ngokuba umusa wakhe umi phakade.

26Bongani uNkulunkulu wezulu,

ngokuba umusa wakhe umi phakade.

Ihubo 137

Ngasemifuleni yaseBabele

1Ngasemifuleni yaseBabele

sahlala khona, sakhala,

lapho sikhumbula iSiyoni.

2Amahabhu* ethu sawaphanyeka

eminyezaneni ephakathi kwalo.

3Ngokuba abasithumbileyo bacela ukuba sihlabelele igama,

nabahluphi bethu bafuna injabulo, bethi:

“Sihlabeleleni elinye lamagama aseSiyoni.”

4Siyakuhlabelela kanjani ihubo likaJehova

kwelinye izwe na?

5Uma ngikhohlwa wena Jerusalema,

masizikhohlwe isandla sami sokunene.

6Ulimi lwami malunamathele olwangeni lwami,

uma ngingakukhumbuli,

uma ngingaphakamisi iJerusalema

phezu kwentokozo yami enkulu.

7Khumbula, Jehova,

usuku lweJerusalema,

ngenxa yabantwana bakwa-Edomi

abathi: “Dilizani, dilizani,

kuze kube sesisekelweni salo.”

8Ndodakazi yaseBabele,

wena oyakubhujiswa,

ubusisiwe oyakuphindisela kuwe

izenzo zakho owazenza kithina.

9Ubusisiwe oyakubamba abancane bakho,

abaphahlaze edwaleni.

Ihubo 138

Ukubonga uJehova omkhulu omnene

ElikaDavide.

1Ngiyakukubonga ngenhliziyo yami yonke;

phambi kwawonkulunkulu ngiyakukuhubela.

2Ngiyakukhuleka phambi kwethempeli lakho elingcwele,

ngibonge igama lakho ngenxa yomusa wakho neqiniso lakho,

ngokuba phezu kwakho konke uphakamisile igama lakho nezwi lakho.

3Ngosuku engakhala ngalo wangiphendula;

wangiqunga isibindi,

wangipha amandla emphefumulweni wami.

4Onke amakhosi omhlaba ayakukubonga, Jehova,

lapho ezwile amazwi omlomo wakho.

5Yebo, ayakuhlabelela ngezindlela zikaJehova,

ngokuba inkulu inkazimulo kaJehova.

6Ngokuba noma uJehova ephakeme,

uyanakekela nokho ophansi;

uyamazi ozidlayo ekude.

7Noma ngihamba phakathi kwenhlupheko,

uyakungiphilisa;

uyakwelulela isandla sakho olakeni lwezitha zami,

esokunene sakho singisindise.

8UJehova uyakufeza okwami;

Jehova, umusa wakho umi phakade;

ungashiyi imisebenzi yezandla zakho.

Ihubo 139

UJehova uyazi konke, ukhona ezindaweni zonke

Kumholi wokuhlabelela. ElikaDavide. Ihubo.

1Jehova, uyangihlolisisa, uyangazi.

2Uyakwazi ukuhlala kwami nokuvuka kwami,

uqonda umcabango wami ukude.

3Uyaphenya ukuhamba kwami nokulala kwami,

wazana nezindlela zonke zami.

4Ngokuba alikho izwi olimini lwami, Jehova,

ongalaziyo ngokupheleleyo.

5Ungizungezile ngasemuva nangaphambili,

wabeka isandla sakho phezu kwami.

6Ukwazi okunjalo kuyangimangalisa;

kuphakeme, anginakufinyelela kukho.

7Ngiyakuyaphi,

ngisuke emoyeni wakho, na?

Ngiyakubalekelaphi,

ngimuke ebusweni bakho, na?

8Uma ngikhuphukela ezulwini,

wena ulapho;

uma ngendlala icansi lami endaweni yabafileyo, nangu wena.

9Uma ngithabatha amaphiko okusa,

ngiye ngihlale emikhawulweni yolwandle,

10nalapho isandla sakho siyakungihola,

esokunene sakho singibambe.

11Uma bengithi: “Ubumnyama mabungehlele,

ukukhanya kube ngubusuku kimi,”

12ubumnyama bebungayikuba mnyama kuwe,

ngokuba ubusuku bebuyakukhanya njengemini,

ubumnyama bufane nokukhanya.

13Ngokuba wena uzenzile izinso zami,

wangaluka esiswini sikamame.

14Ngiyakukubonga,

ngokuba ngenziwa ngokwesabekayo nangokumangalisayo;

imisebenzi yakho iyamangalisa;

umphefumulo wami uyakwazi kahle.

15Amathambo ami ayengafihlekile kuwe,

lapho ngenziwa ekusithekeni,

ngibunjwa ezindaweni ezijulileyo zomhlaba.

16Amehlo akho angibona ngiseyihlule;

zonke izinsuku zami zalotshwa encwadini yakho,

zanqunywa, lungakafiki nolulodwa kuzo.

17Imicabango yakho, Nkulunkulu, ingamagugu kimi;

bukhulu kangaka ubuningi bayo.

18Uma bengiyakuyibala,

miningi kunesihlabathi;

lapho ngivuka, bengiyakuba nawe.

19Sengathi ungabulala ababi, Nkulunkulu;

ngalokho sukani kimi nina bantu begazi.

20Bakhuluma ngamacebo ngawe,

baliphatha ngeze igama lakho.

21Jehova, angibazondi abakuzondayo na?

Anginengwa ngabakuvukelayo na?

22Ngiyabazonda ngenzondo epheleleyo;

bayizitha kimi.

23Ngihole, Nkulunkulu,

wazi inhliziyo yami;

ngilinge, wazi imicabango yami,

24ubone, uma kukhona indlela yosizi kimi,

ungiholele endleleni yaphakade.

Ihubo 140

Umkhuleko wokulondolozwa

Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide.

1Ngikhulule, Jehova, kumuntu omubi,

ngilondoloze kumuntu oyisidlwangudlwangu.

2Baceba okubi enhliziyweni yabo;

izinsuku zonke baviva impi.

3Bayalola ulimi lwabo njengenyoka;

isihlungu samabululu siphansi kwezindebe zabo. Sela*

4Ngilondoloze ezandleni zomubi,

ngilinde kumuntu oyisidlwangudlwangu,

oceba ukukhuba izinyawo zami.

5Abazidlayo bangifihlela ugibe;

ngezintambo bendlala inetha;

eceleni kwendlela bangibekela izihibe. Sela*

6Ngathi kuJehova:

“UnguNkulunkulu wami wena.”

Yizwa, Jehova, izwi lokunxusa kwami.

7Jehova Nkosi yami, mandla ensindiso yami,

uvikela ikhanda lami ngosuku lokulwa.

8Ungazivumeli, Jehova, izifiso zababi;

ungaphumelelisi amacebo abo,

funa baziphakamise. Sela*

9Maqondana nesihlungu sabangizungezayo

mabambozwe ngububi bomlomo wabo.

10Amalahle ashisayo mawawele phezu kwabo;

mabaphonswe emlilweni

nasemigodini ejulileyo,

bangabe besavuka.

11Umuntu wamanga makangamiswa emhlabeni;

ububi mabuzingele umuntu oyisidlwangudlwangu, abhujiswe.

12Ngiyazi ukuthi uJehova uyakumela udaba lohluphekayo

nokufaneleyo kwabampofu.

13Impela abalungileyo bayakubonga igama lakho;

abaqotho bayakuhlala ebusweni bakho.

Ihubo 133:1-140:13ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU