Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 116

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

Ihubo 90

Ubuphakade bukaNkulunkulu nokuphela komuntu

Umkhuleko kaMose, umuntu kaNkulunkulu.

1Nkosi, wena uyisiphephelo sethu ezizukulwaneni ngezizukulwane.

2Kungakaveli izintaba,

ungakawenzi umhlaba nezwe,

kuthi kusukela phakade kuze kube phakade

wena Nkulunkulu ukhona.

3Uyambuyisela umuntu othulini, uthi:

“Buyani, bantwana babantu.”

4Ngokuba iminyaka eyinkulungwane emehlweni akho injengezolo selidlulile,

nanjengomlindo ebusuku.

5Uyabamukisa njengesikhukhula, banjengobuthongo;

ekuseni banjengotshani obuhlumayo;

6ekuseni buyakhahlela, buhlume;

kusihlwa bunqunywe, bubune.

7Ngokuba siyaqedwa yintukuthelo yakho,

nangolaka lwakho siyabhubha.

8Ubekile amacala ethu phambi kwakho,

izono zethu ezifihliweyo ekukhanyeni kobuso bakho.

9Ngokuba izinsuku zethu ziyadlula ngentukuthelo yakho;

siyafeza iminyaka yethu njengephefu.

10Izinsuku zeminyaka yethu zineminyaka engamashumi ayisikhombisa;

kuthi uma ziziningi, zineminyaka engamashumi ayisishiyagalombili;

nokho ukuvama kwazo kungukuhlupheka nelize,

ngokuba zidlula masinyane,

thina siyandiza, simuke.

11Ngubani owaziyo amandla entukuthelo yakho

nolaka lwakho olunjengakho ukwesabeka kwakho na?

12Sifundise, Nkosi, ukubala izinsuku zethu,

sizuze inhliziyo enokuhlakanipha.

13Buya, Jehova! Koze kube nini na?

Hawukela izinceku zakho.

14Sisuthise ngomusa wakho,

kuse sekuseni,

ukuze sithokoze, sijabule izinsuku zethu zonke.

15Sithokozise ngangezinsuku owasihlupha ngazo,

nangangeminyaka esabona okubi ngayo.

16Izenzo zakho mazibonakale kuzo izinceku zakho,

nenkazimulo yakho kubantwana bazo.

17Yebo, ubuhle beNkosi uNkulunkulu wethu abube phezu kwethu,

umise umsebenzi wezandla zethu phezu kwethu;

yebo, umsebenzi wezandla zethu uwumise.

Ihubo 91

UJehova ungumlondolozi

1Yena owakhile ekusithekeni koPhezukonke

nohlezi emthunzini kaSomandla

2uthi kuJehova: “Uyisiphephelo sami nenqaba yami

noNkulunkulu wami engimethembayo.”

3Ngokuba yena uyakukhipha ogibeni lomcuphi

nasobhadaneni olubhubhisayo.

4Ngezimpaphe zakhe uyakukusibekela,

uphephele phansi kwamaphiko akhe;

ukuthembeka kwakhe kuyisihlangu nehawu.

5Awuyikwesaba ivuso lasebusuku,

nomcibisholo ondizayo emini,

6nobhadane oluhamba ebumnyameni,

nesifo esibhubhisayo emini enkulu.

7Bayakuwa abayizinkulungwane ngaseceleni kwakho,

nabayizinkulungwane eziyishumi ngakwesokunene sakho,

kepha akuyikufinyelela kuwe.

8Uyakubuka nje ngamehlo akho,

ubone ukuphindiselwa kwababi,

9ngokuba uthi:

Jehova, uyisiphephelo sami;

oPhezukonke umenzile abe yinqaba yakho.

10Awuyikwehlelwa ngokubi,

nesifo asiyikusondela etendeni lakho.

11Ngokuba uyakuyaleza izingelosi zakhe ngawe,

zikulondoloze ezindleleni zakho zonke.

12Ziyakukuthwala ngezandla,

ungaqhuzuki ngonyawo lwakho etsheni.

13Uyakunyathela ingonyama nebululu,

unyathele phansi ibhongo lengonyama nodrako.*

14Ngenxa yokuba enamathele kimi, ngakho ngiyamkhulula;

ngiyamphakamisa ngokuba elazi igama lami.

15Uyakungibiza, ngimphendule;

ngiyakuba naye esosizini,

ngimkhulule, ngimdumise.

16Ngiyakumsuthisa ngobude bezinsuku,

ngimbonise insindiso yami.

Ihubo 92

Ukubonga ubumnene nokulunga kukaJehova

Ihubo. Igama losuku lwesabatha.

1Kuhle ukumbonga uJehova nokuhubela igama lakho wena oPhezukonke;

2ukushumayela umusa wakho ekuseni nokuthembeka kwakho ebusuku,

3ngokubetha ugubhu olunezintambo eziyishumi,

nomqangala, kanye nehabhu* elizwakala kamnandi.

4Ngokuba ungithokozisile, Jehova, ngezenzo zakho;

ngiyakumemeza ngokujabula.

5Yeka ubukhulu bezenzo zakho, Jehova.

Imicabango yakho ijulile kakhulu.

6Umuntu oyisilima angekucabange,

nesiwula asikuboni.

7Noma ababi behluma njengotshani,

nezigangi noma ziqhakaza zonke,

kuyenzeka ukuba babhujiswe kuze kube phakade.

8Kepha wena Jehova uphakeme kuze kube phakade.

9Ngokuba bheka, izitha zakho, Jehova,

bheka, izitha zakho, ziyakubhubha;

bonke abenza okubi bayakuhlakazwa.

10Kepha uphondo lwami uyaluphakamisa njengolwenyathi,

ngigcotshwa ngamafutha amasha.

11Iso lami liyakubona ngokujabula izitha zami,

nezindlebe zami ziyakuzwa ngokuthokoza ngababi abangivukelayo.

12Olungileyo uyahluma njengesundu,

uyakhula njengomsedari* eLebanoni.

13Batshaliwe endlini kaJehova,

bamila emagcekeni kaNkulunkulu wethu.

14Nasebudaleni bayakuthela izithelo,

bahlume babe luhlaza,

15ukuze bashumayele ukuthi uJehova ulungile;

uyidwala lami okungekho kuye ukungalungi.

Ihubo 93

UJehova uyinkosi

1UJehova uyinkosi,

wembethe ubukhosi;

uJehova wembethe, ubhince amandla.

Nezwe limi liqinile, lingazanyazanyiswa.

2Isihlalo sakhe sobukhosi simi siqinile kwasendulo;

wena ukhona kwaphakade.

3Imifula iphakamisile, Jehova,

imifula iphakamisile ukuholoba kwayo;

imifula iphakamisa ukuduma kwayo.

4UJehova ophakeme unamandla

kunokuholoba kwamanzi amaningi,

kunokuduma kwamadlambi olwandle.

5Ukufakaza kwakho kuqinisekile kakhulu.

Ubungcwele buyifanele indlu yakho, Jehova,

kuze kube phakade.

Ihubo 94

Izitha zesizwe sikaNkulunkulu ziyakuphindiselwa

1Nkulunkulu wempindiselo,

Jehova, Nkulunkulu wempindiselo, vela ukhanye.

2Phakama, Mahluleli womhlaba,

uphindisele kwabazidlayo izenzo zabo.

3Jehova, koze kube nini ababi,

koze kube nini ababi bethaba na?

4Bayampompoza,

bakhuluma amagangangozi;

bayazidla bonke abenza okubi.

5Isizwe sakho, Jehova, bayasiphohloza,

nefa lakho balinyathela phansi.

6Bayabhubhisa umfelokazi nomfokazi,

nezintandane bayazibulala.

7Bathi: “UJehova akaboni,

uNkulunkulu kaJakobe akanaki.”

8Qaphelani nina zithutha phakathi kwabantu;

nani ziwula, niyakuqonda nini na?

9Owenza indlebe kanakuzwa na?

Owadala iso kanakubona na?

10Othethisa abezizwe,

yena ofundisa abantu ukwazi, kanakujezisa na?

11UJehova uyayazi imicabango yabantu ukuba ingumoya nje.

12Jehova, ubusisiwe lowo muntu omyalayo,

omfundisayo ngomthetho wakho,

13wenzela ukuba umphumuze ezinsukwini ezimbi,

aze ambelwe umgodi lowo ongenamthetho.

14Ngokuba uJehova akayikulahla abantu bakhe,

nefa lakhe akayikulishiya.

15Ngokuba ukulunga kuyakubuyela ekwahluleleni,

bonke abaqotho ngenhliziyo bakulandele.

16Ngubani oyakungimela phambi kwababi na?

Ngubani oyakungelekelela kwabenza okubi na?

17Uma uJehova ebengesilo usizo lwami,

umphefumulo wami ubuyakushesha ukuhlala ekuthuleni kokufa.

18Lapho ngithe unyawo lwami luyashelela,

umusa wakho, Jehova, wangiphasa.

19Kubo ubuninginingi bemicabango yenhliziyo yami

ukududuza kwakho kwathokozisa umphefumulo wami.

20Isihlalo sobubi singahlanganyela nawe yini,

leso esisebenza okubi kungathi ngomthetho na?

21Bahlangana ukuvukela umphefumulo wolungileyo;

igazi elingenacala bayalilahla.

22Kepha uJehova waba yinqaba yami,

uNkulunkulu wami waba yiwa engiphephela kulo.

23Uyaphindisela kubo ukushinga kwabo,

abaqede ngobubi babo;

uJehova uNkulunkulu wethu uyakubaqeda.

Ihubo 95

Ukubonga nokulalela uNkulunkulu

1Wozani simhubele uJehova,

sihlabelele ngenjabulo kulo idwala lensindiso yethu.

2Masize phambi kobuso bakhe ngokubonga,

sihlabelele kuye ngamahubo.

3Ngokuba uJehova unguNkulunkulu omkhulu,

uyinkosi enkulu phezu kwawonkulunkulu bonke.

4Esandleni sakhe kukhona ukujula komhlaba;

iziqongo zezintaba ngezakhe nazo.

5Ulwandle ngolwakhe, walwenza;

nomhlabathi owomileyo izandla zakhe zawubumba.

6Wozani; masikhuleke, sikhothame,

siguqe phambi kukaJehova,

uMenzi wethu.

7Ngokuba yena unguNkulunkulu wethu,

thina singabantu bedlelo lakhe nezimvu zesandla sakhe.

Namuhla, uma nilizwa izwi lakhe,

8ningayenzi lukhuni inhliziyo yenu njengaseMeriba,

njengasosukwini lwaseMasa ehlane,

9lapho oyihlo bangilinga khona, bangivivinya,

babona umsebenzi wami.

10Iminyaka engamashumi amane nganengwa yileso sizukulwane,

ngaze ngathi: “Bangabantu abanhliziyo zabo zidukile,

abazazanga izindlela zami,”

11engafunga ngabo olakeni lwami, ngathi:

“Abasoze bangena ekuphumuleni kwami.”

Ihubo 96

Ukudunyiswa kukaNkulunkulu yizizwe zonke

1Hlabelelani kuJehova ihubo elisha,

nihlabelele kuJehova,

mhlaba wonke.

2Hlabelelani kuJehova, nibonge igama lakhe,

nimemeze insindiso yakhe imihla ngemihla.

3Landani inkazimulo yakhe phakathi kwabezizwe,

izimangaliso zakhe phakathi kwabantu bonke.

4Ngokuba mkhulu uJehova, udumisekile kakhulu;

uyesabeka phezu kwabo bonke onkulunkulu.

5Ngokuba bonke onkulunkulu babezizwe bayizithombe,

kepha uJehova walenza izulu.

6Udumo nobukhosi kusebusweni bakhe;

amandla nenkazimulo kusendlini yakhe engcwele.

7Mnikeni uJehova nina mindeni yabantu,

mnikeni uJehova inkazimulo namandla.

8Mnikeni uJehova inkazimulo yegama lakhe,

nilethe umnikelo,

ningene emagcekeni akhe.

9Khulekani kuJehova,

nihlobe ubungcwele;

thuthumela ebusweni bakhe,

mhlaba wonke.

10Thanini phakathi kwabezizwe: “UJehova uyinkosi,”

izwe lihlala liqinile, lingenakushukunyiswa;

uthetha amacala ezizwe ngobuqotho.

11Malijabule izulu, umhlaba uthokoze;

maluhlokome ulwandle nokugcwala kwalo.

12Mawename amasimu nakho konke okukuwo,

ijabule imithi yonke yehlathi

13ebusweni bukaJehova, ngokuba uyeza,

yebo, uyeza ukwahlulela umhlaba;

uyakwahlulela izwe ngokulunga,

nezizwe ngokuthembeka kwakhe.

Ihubo 90:1-96:13ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU