Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 114

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

Ihubo 79

Isililo sososizini olukhulu nomkhuleko wokusizwa

Ihubo lika-Asafa.

1Nkulunkulu, abezizwe bangenile efeni lakho;

bangcolisile ithempeli lakho elingcwele;

benze iJerusalema libe yincithakalo.

2Bazinikile izidumbu zezinceku zakho

zibe ngukudla kwezinyoni zezulu,

inyama yabakwesabayo kuzo izilo zomhlaba.

3Bachithile igazi labo njengamanzi nxazonke zeJerusalema,

akwababikho obembelayo.

4Sesiyisihlamba kubakhelwane bethu,

umbhinqo nenhlekiso kwabasiphahlileyo.

5Koze kube nini, Jehova,

uthukuthele njalo,

ukushisekela kwakho kuvutha njengomlilo, na?

6Thela ulaka lwakho phezu kwabezizwe abangakwaziyo

naphezu kwemibuso engakhulekeli igama lakho.

7Ngokuba sebemdlile uJakobe,

umuzi wakhe sebewuchithile.

8Mawungasibaleli amacala akuqala;

umusa wakho mawusheshe usihlangabeze,

ngokuba sesibuthakathaka kakhulu.

9Sisize, Nkulunkulu wensindiso yethu,

ngenxa yenkazimulo yegama lakho;

usikhulule, usithethelele izono zethu

ngenxa yegama lakho.

10Bangasholoni abezizwe ukuthi:

“Uphi uNkulunkulu wabo na?”

Makwazeke kwabezizwe emehlweni ethu

ukuphindiselwa kwegazi lezinceku zakho elichithiweyo.

11Ukububula kwesiboshwa makuze phambi kwakho;

londoloza ngobukhulu bengalo

yakho asebengabantwana bokufa.

12Buyisela kubakhelwane bethu,

kuphindwe kasikhombisa esifubeni sabo

inhlamba abakuhlambalaza ngayo, Nkosi.

13Khona thina bantu bakho,

izimvu zedlelo lakho,

siyakukubonga kuze kube phakade,

sishumayele udumo lwakho ezizukulwaneni ngezizukulwane.

Ihubo 80

Umkhuleko wokusizwa kuka-Israyeli

Kumholi wokuhlabelela. Indlela: Iminduze; ubufakazi. Elika-Asafa. Ihubo.

1Yizwa, malusi ka-Israyeli,

ohola uJosefa njengomhlambi,

ohlezi phezu kwamakherubi;*

mawubonakale ngokukhazimula.

2Vusa amandla akho phambi kuka-Efrayimi noBenjamini noManase,

uze ukusisindisa.

3Sibuyise, Nkulunkulu,

ukhanyise ubuso bakho,

khona siyakusindiswa.

4Jehova Nkulunkulu Sebawoti,

koze kube nini uthunqela ngolaka umkhuleko wabantu bakho na?

5Wabapha isinkwa sezinyembezi,

wabaphuzisa izinyembezi ngesilinganiso esikhulu.

6Usenza sibe yinto ebangwa ngabakhelwane bethu,

nezitha zethu zisihleka usulu.

7Sibuyise, Nkulunkulu Sebawoti,

ukhanyise ubuso bakho,

khona siyakusindiswa.

8Wakhipha umvini eGibithe,

waxosha abezizwe, watshala wona.

9Wawulungisela indawo phambi kwawo,

wagxila, wagcwalisa umhlaba.

10Izintaba zambozwa ngumthunzi wawo,

nemisedari* kaNkulunkulu ngamagatsha awo.

11Wenabisa amagatsha awo,

aze afika elwandle,

namaxhantela awo, aze afika emfuleni.

12Uzidilizeleni izintango zawo,

baze bawukhe bonke abadlula ngendlela, na?

13Ingulube yasehlathini iyawudla,

nezilwane zasendle ziyawuqothula.

14Nkulunkulu Sebawoti, mawubuye;

bheka usezulwini, ubone,

unakekele lo mvini,

15yebo, lo mvini otshalwe ngesokunene sakho,

nendodana ozikhulisele yona.

16Ushiswe ngumlilo, unqunyiwe;

bayakubhubha ngokukhuza kobuso bakho.

17Isandla sakho masibe phezu kwendoda yesokunene sakho,

phezu kwendodana yomuntu ozikhulisele yona;

18khona asisayikuhoshekela emuva kuwe;

siphilise, khona siyakukhuleka egameni lakho.

19Sibuyise, Jehova Nkulunkulu Sebawoti;

ukhanyise ubuso bakho,

khona siyakusindiswa.

Ihubo 81

Ihubo lomkhosi

Kumholi wokuhlabelela. NgeGititi.* Elika-Asafa.

1Halalisani uNkulunkulu amandla ethu,

nimemeze ngokujabula kuNkulunkulu kaJakobe.

2Hlabani ihubo,

nithathe isigubhu nehabhu* elihle nogubhu.

3Bethani icilongo ekwethwaseni kwenyanga

nasekuhlanganeni kwenyanga ngosuku lomkhosi wethu.

4Ngokuba kuyisimiso kwa-Israyeli

nomthetho kaNkulunkulu kaJakobe.

5Kungubufakazi abumisayo kwaJosefa mhla ephuma ezweni laseGibithe.

Ngizwa ulimi ebengingalwazi luthi:

6“Ngasusa ihlombe lakhe emthwalweni,

izandla zakhe zakhululeka eqomeni lokuthwala.

7Wakhuleka usosizini, ngakukhulula;

ngakuphendula ngisekusithekeni kokuduma,

ngakuvivinya ngasemanzini aseMeriba. Sela*

8“Zwanini, bantu bami,

ngizakufakaza kini ukuthi:

O Israyeli, sengathi ungangilalela!

9Makungabikho kuwe unkulunkulu omunye,

ungakhuleki kunkulunkulu wabezizwe.

10Mina nginguJehova uNkulunkulu wakho

owakukhuphula ezweni laseGibithe;

khamisa umlomo wakho, ngiwugcwalise.

11“Kepha abantu bami abalalelanga izwi lami,

u-Israyeli akanginakanga.

12Ngase ngibayeka enkanini yenhliziyo yabo

ukuba bahambe ngokuthanda kwabo.

13“Sengathi abantu bami bangangizwa,

u-Israyeli ahambe ezindleleni zami.

14Bengiyakuthobisa masinyane izitha zabo,

ngiselulele isandla sami kwabamelene nabo.

15Abazondi bakaJehova bebeyakuzithobela kuye,

kepha isikhathi sabantu bami besiyakuba khona kuze kube phakade.

16Ubeyakubapha ukolweni omuhle;

yebo, bengiyakubasuthisa ngezinyosi zasesiweni.”

Ihubo 82

UNkulunkulu ungumahluleli oyenayena

Ihubo lika-Asafa.

1UNkulunkulu umi emhlanganweni wawonkulunkulu;

uyahlulela phakathi kwawonkulunkulu.

2Koze kube nini nahlulela ngokungalungile

nikhetha ubuso bababi na? Sela*

3Yahlulelani ompofu nentandane,

nimenzele okufaneleyo olusizi noswelayo.

4Khululani oswelayo nompofu,

nibophule esandleni sababi.

5Abanakwazi, abanakuqonda,

bahamba ebumnyameni;

izisekelo zonke zomhlaba ziyazamazama.

6Mina ngathi: “Ningonkulunkulu nina,”

nonke ningamadodana oPhezukonke.

7Kanti nokho niyakufa njengabantu nje,

niwe njengesinye sezikhulu.

8Vuka, Nkulunkulu,

wahlulele umhlaba,

ngokuba wena uyindlalifa yezizwe zonke.

Ihubo 83

Umkhuleko wokuba zichithwe izitha zika-Israyeli

Igama. Ihubo lika-Asafa.

1Nkulunkulu, ungathuli, ungalibali,

ungali ukukhuluma, Nkulunkulu.

2Ngokuba bheka,

izitha zakho ziyaxokozela,

nabakuzondayo baphakamisa ikhanda.

3Ngobuqili benza uzungu ngabantu bakho,

bacebisana ukulwa nabathukusiweyo bakho.

4Bathi: “Wozani sibaqothule,

bangabe besaba yisizwe,

negama lika-Israyeli lingabe lisakhunjulwa.”

5Baceba nganhliziyonye,

benza isivumelwano ngawe:

6amatende ka-Edomi naka-Ishmayeli,

nakaMowabi nakaHagari,

7noGebali, no-Amoni, no-Amaleki,

neFilistiya nabakhile eTire.

8Ne-Asiriya lahlangana nabo,

laba yingalo yabantwana bakaLoti. Sela*

9Yenza kubo njengakuMidiyani,

nakuSisera,

nakuJabini ngasemfuleni iKishoni,

10ababhubhela e-Eni Dori,

baba ngumquba womhlabathi.

11Amakhosana abo wenze abe njengo-Orebi noZebi,

nabakhulu babo bonke njengoZeba noSalimuna

12ababethi: “Masizithabathele amadlelo kaNkulunkulu.”

13Nkulunkulu wami, benze babe njengezibi ezikhwishizayo,

njengamakhoba amuka nomoya.

14Njengomlilo oshisa ihlathi,

njengelangabi elithungela izintaba,

15baxoshe kanjalo ngesivunguvungu sakho,

ubethuse ngesiphepho sakho.

16Thela ubuso babo ngehlazo,

baze bafune igama lakho, Jehova.

17Mabahlazeke, baphele amandla kuze kube phakade;

mabahluleke, babhubhe,

18bazi ukuthi nguwe wedwa ogama lakho linguJehova;

ungoPhezukonke emhlabeni wonke.

Ihubo 84

Izindlu zikaJehova ziyathandeka

Kumholi wokuhlabelela. NgeGititi.* Elamadodana kaKora. Ihubo.

1Zithandeka kangaka izindlu zakho, Jehova Sebawoti.

2Umphefumulo wami ulangazelela,

womela amagceke kaJehova;

inhliziyo yami nomzimba wami kuyahuba ngokwethaba kuNkulunkulu ophilayo.

3Ngokuba umzwilili ufumene indlu,

nenkonjane isidleke sayo,

lapho ibeka khona amazinyane ayo,

ngisho ama-altare akho,

Jehova Sebawoti,

Nkosi yami, Nkulunkulu wami.

4Babusisiwe abahlala endlini yakho;

bayakuhlala bebonga wena. Sela*

5Ubusisiwe umuntu omandla akhe akuwe,

abazindlela zakho zisezinhliziyweni zabo.

6Bedabula imfunda yezinyembezi

bayenza ibe yindawo yeziphethu;

yebo, nemvula yokuqala iyayisibekela ngezibusiso.

7Baqhubeka emandleni,

baze babonakale phambi kukaNkulunkulu eSiyoni.

8Jehova Nkulunkulu Sebawoti,

yizwa umkhuleko wami,

ubeke indlebe,

Nkulunkulu kaJakobe. Sela*

9Wena Nkulunkulu, siHlangu sethu,

bheka, ubuke ubuso bogcotshiweyo wakho.

10Ngokuba usuku lunye emagcekeni akho

luhle kunezinye eziyizinkulungwane.

Ngiyakhetha ukulinda emnyango wendlu kaNkulunkulu wami

kunokuhlala ematendeni ababi.

11Ngokuba uJehova uNkulunkulu uyilanga nesihlangu;

uJehova uyakupha umusa nodumo;

akayikubenqabela okuhle abahamba ngobuqotho.

12Jehova Sebawoti,

ubusisiwe umuntu okwethembayo.

Ihubo 85

Isizwe sikaNkulunkulu sicelelwa isibusiso esisha

Kumholi wokuhlabelela. Elamadodana kaKora; Ihubo.

1Jehova, wabusisa izwe lakho,

wambuyisa uJakobe ekuthunjweni.

2Wasusa icala labantu bakho,

wasibekela zonke izono zabo. Sela*

3Wamukisa yonke intukuthelo yakho,

waphenduka ekuvutheni kolaka lwakho.

4Sibuyise, Nkulunkulu wensindiso yethu,

ulahle ukusicanukela kwakho.

5Uyakusithukuthelela njalonjalo na?

Uyakwelulela ulaka lwakho ezizukulwaneni ngezizukulwane na?

6Awuzukusivusa, sibuye siphile,

ukuze abantu bakho bathokoze ngawe, na?

7Sitshengise umusa wakho, Jehova,

usiphe insindiso yakho.

8Mangizwe lokho uNkulunkulu uJehova azakukukhuluma;

uyakhuluma ukuthula kubantu bakhe

nakubo abamesabayo;

mabangabuyeli ebuwuleni.

9Impela insindiso yakhe iseduze nabamesabayo,

ukuze kuhlale udumo ezweni lethu.

10Kuyakuhlangabezana umusa neqiniso,

kwangane ukulunga nokuthula.

11Kuyakuhluma iqiniso emhlabeni,

kulunguzele phansi nokulunga kwasezulwini.

12Yebo, uJehova uyakuveza okuhle;

izwe lethu liyakuthela izithelo zalo.

13Ukulunga kuyakuhamba phambi kwakhe,

kwenzele izinyawo zakhe indlela.

Ihubo 79:1-85:13ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU