Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 112

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

Ihubo 70

Umkhuleko wocela ukusizwa

Kumholi wokuhlabelela. ElikaDavide. Elokukhumbuza.

1Nkulunkulu, phuthuma ungikhulule.

Jehova, phuthuma ungisize.

2Mabajabhe, bayangaze

abafuna umphefumulo wami.

Mababuyiselwe emuva,

bajabhiswe abangifisela umonakalo.

3Abathi ashila, ashila mababuyele emuva

ngenxa yokuhlazeka kwabo.

4Mabethabe, bajabule kuwe bonke abakufunayo;

abathanda insindiso yakho mabasho njalonjalo, bathi:

“Makabe mkhulu uNkulunkulu.”

5Ngokuba mina ngihluphekile, ngimpofu;

Nkulunkulu, ngiphuthumele.

Wena uyinsizakalo yami nomkhululi wami;

Jehova, ungalibali.

Ihubo 71

Umkhuleko wocela ukusizwa

1Jehova, ngiyethemba wena;

mangingajabhi naphakade.

2Ngikhulule ngokulunga kwakho, ungihlangulise;

beka indlebe yakho kimi, ungisindise.

3Yiba kimi idwala lokuhlala,

ukuze ngiye kulo njalonjalo;

ukuyalezile ukusindiswa kwami,

ngokuba uyidwala lami nenqaba yami.

4Nkulunkulu wami,

ngikhulule esandleni somubi,

esandleni songalungile nesonakeleyo.

5Ngokuba wena uyithemba lami, Nkosi Jehova,

ithemba lami kwasebusheni bami.

6Ngencike kuwe kwasesiswini;

nguwe owangikhipha ezibilinini zikamame;

ukudumisa kwami kuyakuba ngawe njalo.

7Nginjengesimangaliso kwabaningi,

kepha wena uyisiphephelo sami esinamandla.

8Umlomo wami uzakugcwala ukubonga wena,

nalo udumo lwakho usuku lonke.

9Ungangilahli esikhathini sobudala,

ungangishiyi ekupheleni kwamandla ami,

10ngokuba izitha zami zikhuluma ngami,

nabawuhlomele umphefumulo wami bayahlebelana,

11bathi: “UNkulunkulu umshiyile;

zingelani nimbambe,

ngokuba akakho osindisayo.”

12Nkulunkulu, ungabi kude nami;

Nkulunkulu, phuthuma ungisize.

13Abamelene nomphefumulo wami mabajabhe, baphele;

abangifunela umonakalo mabembathe

amahloni nenhlamba.

14Mina kodwa ngiyakwethemba njalo,

ngengeze ukudumisa ekudunyisweni kwakho.

15Umlomo wami uyakulanda ukulunga kwakho,

nensindiso yakho lonke usuku;

ngokuba anginakukubala.

16Ngiyakuletha izenzo ezinqabileyo zeNkosi uJehova;

ngiyakubonga ukulunga kwakho, okwakho kuphela.

17Nkulunkulu, ungifundisile kwasebusheni bami;

ngizilandile izimangaliso zakho kuze kube manje.

18Futhi mawungangishiyi,

nxa ngimdala, ngiyimpunga,

ngize ngishumayele ingalo yakho kuso isizukulwane,

amandla akho kubo bonke abezayo.

19Ukulunga kwakho, Nkulunkulu, kufinyelele ezulwini;

wena owenze izinto ezinkulu, Nkulunkulu,

ngubani onjengawe na?

20Wena owasizwisa izinhlupheko eziningi ezimbi,

uyakubuye usiphilise,

usikhuphule ezinzulwini zomhlaba.

21Yandisa udumo lwami,

ubuye ungiduduze.

22Yikhona nami ngizakububonga ubuqotho bakho,

Nkulunkulu wami,

ngogubhu lwezintambo;

ngizakukudumisa ngehabhu*

wena oNgcwele ka-Israyeli.

23Izindebe zami zizakujabula,

ngokuba ngizakukudumisa wena,

nomphefumulo wami owuhlengileyo.

24Ulimi lwami futhi luzakukhuluma lonke usuku ngokulunga;

ngokuba badunyaziwe, bajabhisiwe abangifunela umonakalo.

Ihubo 72

Ukukhulekela ogcotshiweyo kaNkulunkulu

ElikaSolomoni.

1Nkulunkulu, nika inkosi izahlulelo zakho

nendodana yenkosi ukulunga kwakho.

2Iyakwahlulela isizwe sakho

ngeqiniso nezihlupheki zakho ngemfanelo.

3Izintaba ziyakuletha ukuthula kubantu;

kanjalo namagquma, ngokulunga.

4Izakubahlulela abahluphekileyo kubantu,

isindise abantwana babampofu,

imphohloze onokhahlo.

5Bayakwesaba wena, kusekhona ilanga nenyanga,

izizukulwane ngezizukulwane.

6Iyakwehla njengemvula edlelweni,

njengesihlambi esimatisa umhlaba.

7Ezinsukwini zayo olungileyo uyakuqhakaza,

kuvame ukuthula, ize ingabikho inyanga.

8Iyakubusa kusukela elwandle kuze kube selwandle,

kusukela emfuleni kuze kube semikhawulweni yomhlaba.

9Abakhe ehlane bayakukhothama phambi kwayo;

izitha zayo zizakukhotha uthuli.

10Amakhosi aseTharishishi naweseziqhingini ayakuletha izipho;

amakhosi aseSheba naseSeba ayakwethula izipho.

11Onke amakhosi ayakuziwisa phambi kwayo;

zonke izizwe ziyakuyikhonza.

12Ngokuba iyakukhulula ompofu ozikhalela kuyo,

nohluphekayo ongenamsizi.

13Iyakuhawukela odangeleyo nompofu;

iyakusindisa imiphefumulo yabampofu.

14Iyakukhulula umphefumulo wabo okhahlweni nasendluzuleni;

igazi labo liyakuba yigugu emehlweni ayo.

15Iyakuphila, bayinike igolide laseSheba,

bayithandazele njalo,

bayibusise lonke usuku.

16Kuyakuba khona inala kakolweni ezweni

esiqongweni sezintaba;

ukudla kwalo kuyakuhashazela njengeLebanoni;

abemizi bayakukhahlela njengotshani bomhlaba.

17Igama layo liyakuma kuze kube phakade;

igama layo liyakuxhanta,

lisekhona ilanga;

bayakuzibusisa ngayo;

bonke abezizwe bayakuthi ibusisiwe.

18Makabongwe uJehova uNkulunkulu, uNkulunkulu ka-Israyeli,

onguye yedwa owenza izimangaliso.

19Malibongwe igama lakhe lenkazimulo kuze kube phakade,

umhlaba wonke ugcwale inkazimulo yakhe. Amen, Amen.

20Imikhuleko kaDavide indodana kaJese isaphelile.

Ihubo 73

INCWADI YESITHATHU

Amahubo 73 – 89

Umkhuleko wowethemba uNkulunkulu

Ihubo lika-Asafa.

1Impela uNkulunkulu umnene ku-Israyeli,

kubo abanenhliziyo ehlanzekileyo.

2Kepha mina, izinyawo zami zicishe zakhubeka;

kwaba kancane ukuba izinyathelo zami zishelele.

3Ngokuba ngaba nomhawu ngabazidlayo,

lapho ngibona ukubusa kwababi.

4Ngokuba abanabuhlungu kuze kube sekufeni kwabo,

namandla abo aqinile.

5Abahlupheki njengabanye abantu;

abahlushwa njengabanye abantu.

6Ngakho-ke iqholo lingumnaka wabo;

indluzula ibembesa njengengubo.

7Amehlo abo aphinqekile ngokunona;

imicabango yenhliziyo iyachichima.

8Bayaklolodela; ebubini bakhuluma ngokukhahla;

bakhuluma besekuphakamemi.

9Umlomo wabo bawuphakamisela ezulwini;

ulimi lwabo luhambela emhlabeni.

10Ngakho-ke isizwe sakhe sibuyela lapha;

amanzi amaningi bazimuncela wona.

11Bathi: “UNkulunkulu wazi kanjani na?

Imbala kukhona ukwazi koPhezukonke na?”

12Bheka, laba bayibo ababi;

bazinza njalo; bandisa imfuyo.

13Impela ngiyihlanzele ize inhliziyo yami,

ngahlamba izandla zami ngingenacala,

14ngokuba ngahlushwa usuku lonke;

kwasa ngijeziswa.

15Uma bengithe,

ngizakukhuluma kanjalo,

bheka, ngabe ngisikhohlisile isizukulwane sabantwana bakho.

16Kwathi ngicabanga ukuba ngikuqonde lokho,

kwaba luhlupho emehlweni ami,

17ngaze ngangena endlini engcwele kaNkulunkulu,

ngaqaphelisisa ukugcina kwabo.

18Impela ubabeka ezindaweni ezibushelezi;

ubawisa babe yincithakalo.

19Maye, bachithwa ngokuphazima kweso!

Bashona, babhubha benovalo.

20Njengephupho ekuphaphameni, Nkosi,

uyakudelela umfanekiso wabo ekuvukeni kwakho.

21Kwathi inhliziyo yami yaba nomunyu,

kuhlaba ezinsweni zami,

22ngaba yisiphukuphuku,

angaqonda lutho;

ngaba yisilwane kuwe.

23Kepha mina ngiyakube ngikuwe njalo;

ungibambile ngesandla sami sokunene.

24Uyakungihola ngesiluleko sakho,

andukuba ungamukele enkazimulweni.

25Nginobani ezulwini na?

Uma nginawe, angifuni lutho emhlabeni.

26Inyama yami nenhliziyo yami iyaphela;

nokho uNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yami

nesabelo sami kuze kube phakade.

27Ngokuba bheka, abakude nawe bayakubhubha;

uyabachitha bonke abahlubukayo kuwe ngokuphinga.

28Kepha mina kungilungele ukusondela kuNkulunkulu;

ngenzile iNkosi uJehova ibe yisiphephelo sami,

ukuze ngishumayele zonke izenzo zakho.

Ihubo 74

Ukukhala ngethempeli elingcolisiweyo

IMaskili* lika-Asafa.

1Nkulunkulu, usilahleleni kuze kube phakade na?

Intukuthelo yakho ithunqelelani izimvu zedlelo lakho na?

2Khumbula ibandla lakho owalizuza endulo,

owalikhulula ukuba libe yisifunda sefa lakho,

nentaba yaseSiyoni ohlala kuyo.

3Lulamisela izinyawo zakho emidilikweni yaphakade;

isitha sone konke endlini engcwele.

4Izitha zakho zibhongile phakathi kwendlu yakho yokubuthana,

zamisa izimpawu zazo zaba yizimpawu.

5Zaba sengathi abantu baphakamisa amazembe

emithini eminyeneyo.

6Konke okubaziweyo kwayo

sezikuphohloze ngembazo nangesando.

7Zayokhela indlu yakho engcwele;

indlu yegama lakho zayidumaza kwaze kwaba phansi emhlabathini.

8Zathi enhliziyweni yazo: “Masibachithe kanyekanye,”

zashisa zonke izindlu zokubuthana zikaNkulunkulu ezweni.

9Izimpawu zethu asiziboni;

akusekho mprofethi;

akakho kithina owaziyo ukuthi koze kube nini.

10Nkulunkulu, koze kube nini umcindezeli ethuka,

isitha sihlambalaza igama lakho njalo, na?

11Usihoshelani isandla sakho,

isandla sakho sokunene, na?

Sihoshe esifubeni sakho, uzichithe.

12Nokho uNkulunkulu uyiNkosi yami kwaphakade

eyenza insindiso emhlabeni.

13Nguwena owahlukanisa ulwandle ngamandla akho,

wachofoza amakhanda ezilo ezesabekayo emanzini.

14Nguwena owaphohloza amakhanda kaLeviyathani,*

wamnika abe ngukudla kwezidalwa zasehlane.

15Nguwena owaqhamukisa isiphethu nomfudlana;

nguwe owomisa imifula egobhoza njalo.

16Usuku ngolwakho,

nobusuku ngobakho;

nguwena owenza ukukhanya nelanga.

17Nguwena owamisa yonke imikhawulo yomhlaba;

nguwe owenza ihlobo nobusika.

18Khumbula lokhu, Jehova,

ukuthi isitha sithukile,

nesizwe esinobuwula silihlambalazile igama lakho.

19Ungawunikeli umphefumulo wejuba lakho esilwaneni;

ungakhohlwa ukuphila kwezihlupheki zakho njalo.

20Khumbula isivumelwano,

ngokuba izindawo ezimnyama zezwe zigcwele izindlu zobudlova.

21Ocindezelweyo makangabuyi ejabhile;

ohluphekayo nompofu mababonge igama lakho.

22Vuka, Nkulunkulu,

uyimele indaba yakho;

khumbula ukuthi uklolodelwa yiziwula usuku lonke.

23Ungakhohlwa izwi lezitha zakho,

ukuxokozela kwabakuvukelayo okwenyukela njalonjalo.

Ihubo 70:1-74:23ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU