Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 109

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

Ihubo 51

Umkhuleko wowonileyo ebika isono, ecela umusa kuNkulunkulu

Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide ekufikeni komprofethi uNathani kuye emva kokuya kwakhe kuBati Sheba.

1Ngihawukele, Nkulunkulu,

ngokomusa wakho;

yesula iziphambeko zami ngokobubele bakho obukhulu.

2Ngigezisise ebubini bami,

ungihlanze esonweni sami.

3Ngokuba ngiyazazi iziphambeko zami;

isono sami siphambi kwami njalo.

4Ngonile kuwe wena wedwa,

ngakwenza okubi emehlweni akho,

ukuze uthiwe ulungile ekukhulumeni kwakho,

uchache ekwahluleleni kwakho.

5Bheka, ngazalelwa ebubini,

umame wangithabatha esonweni.

6Bheka, uthanda iqiniso

ngaphakathi enhliziyweni;

wongifundisa ukuhlakanipha ekujuleni kwenhliziyo.

7Ngihlanze ngehisopi,* ngihlambuluke;

ngigeze, ngibe mhlophe kuneqhwa.

8Ngizwise intokozo nenjabulo,

ukuze ethabe amathambo owachobozileyo.

9Fihla ubuso bakho ezonweni zami,

wesule zonke izenzo zami ezimbi.

10Nkulunkulu, dala kimi inhliziyo ehlanzekileyo,

uvuse umoya oqinileyo phakathi kwami.

11Ungangilahli ebusweni bakho,

ungangemuki uMoya wakho oNgcwele.

12Buyisela kimi ukuthokoza kwensindiso yakho,

ungiphase ngomoya ovumayo.

13Khona ngiyakufundisa abaphambukayo izindlela zakho;

nezoni ziyakuphendukela kuwe.

14Ngikhulule ecaleni legazi, Nkulunkulu,

Nkulunkulu wensindiso yami.

Khona ulimi lwami luyakuhubela ukulunga kwakho.

15Nkosi, vula izindebe zami,

ukuze umlomo wami ulande ngodumo lwakho.

16Ngokuba awuwuthandi umhlatshelo;

noma bengizakukunika uminikelo wokushiswa,

ubungayikuthokoza ngawo.

17Iminikelo kaNkulunkulu ingumoya owaphukileyo;

inhliziyo eyaphukileyo nedabukileyo,

Nkulunkulu, awuyikuyidelela.

18Lenzele iSiyoni okuhle ngokomusa wakho,

uzakhe izingange zaseJerusalema.

19Khona uyakuyijabulela iminikelo yokulunga eshiswayo neshiswa yonke;

khona bayakunikela ngezinkunzi phezu kwe-altare lakho.

Ihubo 52

Ukukhala ngobubi bomkhapheli ozigabisayo

Kumholi wokuhlabelela. IMaskili* likaDavide ekufikeni kukaDowegi wakwa-Edomi emazisa uSawule, ethi kuye: “UDavide ufikile endlini ka-Ahimeleki.”

1Uzigabiselani ngokubi wena siqhwaga na?

Umusa kaNkulunkulu umi njalo.

2Ulimi lwakho lusongoza okubi njengempuco eloliweyo,

wena owenza amacebo.

3Uthanda okubi kunokuhle,

namanga kunokukhuluma ukulunga. Sela*

4Uthanda onke amazwi okubhubhisa wena lulimi lwenkohliso.

5Ngakho-ke uNkulunkulu uyakukubhidliza kuze kube phakade;

uyakukubamba, akukhiphe etendeni lakho,

akusiphule ezweni labaphilayo. Sela*

6Abalungileyo bayakukubona, besabe;

bayakumhleka, bathi:

7“Bheka, nasi isiqhwaga esingamenzanga uNkulunkulu abe yinqaba yaso,

kepha sethemba ingcebo yaso enkulu, siziqinisa ebubini baso.”

8Kepha mina nginjengomnqumo oluhlaza

endlini kaNkulunkulu;

ngithemba umusa kaNkulunkulu njalonjalo

kuze kube phakade naphakade.

9Ngizakukudumisa kuze kube phakade, ngokuba ukwenzile;

ngizakulindela igama lakho,

ngokuba lihle phambi kwabangcwele bakho.

Ihubo 53

Ukukhala ngobuwula nobubi babantu

Kumholi wokuhlabelela. NgeMahalati.* IMaskili* likaDavide.

1Isiwula sithi enhliziyweni yaso:

“Akakho uNkulunkulu,”

iziphambeko zabo zimbi, ziyanengeka;

akakho owenza okuhle.

2UNkulunkulu esezulwini uyababheka abantwana babantu

ukubona uma kukhona yini onokuqonda,

ofuna uNkulunkulu.

3Baphambukile bonke,

bonakele bonke;

akakho owenza okuhle,

akakho noyedwa.

4Abanakwazi yini abenza okubi,

abadla abantu bami njengalokhu bedla isinkwa,

bengakhuleki kuNkulunkulu.

5Besaba nokwesaba,

lapho kungekho okwesabisayo;

ngokuba uNkulunkulu wasakaza amathambo akhe owamisa ngakuwe;

wena ubajabhisile,

ngokuba uNkulunkulu ubalahlile.

6Sengathi kungavela ukusindiswa kuka-Israyeli eSiyoni.

Kuyakuthi lapho uNkulunkulu eguqula ukuthunjwa kwabantu bakhe,

uJakobe ethabe, u-Israyeli ajabule.

Ihubo 54

Umkhuleko wocela ukusindiswa ezitheni

Kumholi wokuhlabelela. Ngogubhu. IMaskili* likaDavide ekufikeni kwabaseZifi bethi kuSawule: “UDavide ucashile kithina.”

1Nkulunkulu, ngisindise ngegama lakho,

ngahlulele ngamandla akho.

2Nkulunkulu, yizwa umkhuleko wami,

ubeke indlebe emazwini omlomo wami.

3Ngokuba abafo bangivukele;

izidlova zifuna umphefumulo wami;

azimbekile uNkulunkulu phambi kwazo. Sela*

4Bheka, uNkulunkulu ungumsizi wami;

iNkosi ikubo abaphasa umphefumulo wami.

5Uyabuyisela okubi ezitheni zami;

zibhubhise ngokweqiniso lakho.

6Ngizakunikela kuwe ngesihle;

ngizakulibonga igama lakho, Jehova,

ngokuba lihle.

7Ngokuba ungikhululile ekuhluphekeni konke;

neso lami libuka izitha zami, lidele.

Ihubo 55

Umkhuleko ngabazalwane abambumbulu

Kumholi wokuhlabelela. Ngogubhu. IMaskili* likaDavide.

1Lalela, Nkulunkulu,

umkhuleko wami,

ungazifihli ekunxuseni kwami.

2Ngizwele, ungiphendule;

ngiyayaluza ekukhaleni kwami, ngiyabubula

3ngenxa yezwi lesitha,

ngenxa yokucindezela komubi;

ngokuba bagingqela okubi phezu kwami;

bangizingela bethukuthele.

4Inhliziyo yami iyathuthumela phakathi kwami;

amavuso okufa angehlele.

5Ngifikelwe luvalo nokuqhaqhazela;

ngikhwelwe ngukwesaba okukhulu.

6Besengithi:

“Sengathi ngingaba namaphiko njengejuba;

ngabe ngindizela ekudeni,

ngihlale khona.”

7Bheka, bengiyakubaleka, ngiye kude,

ngingenise ehlane. Sela*

8Ngabe ngiphuthuma indawo yokuphepha

emoyeni ovunguzayo nasesiphephweni.

9Bachithe, Nkosi,

uphambanise ulimi lwabo,

ngokuba ngibonile ubudlwangudlwangu nokuxabana emzini.

10Imini nobusuku bahamba bezungeza phezu kwezingange zawo;

okubi nokushinga kuphakathi kwawo.

11Ububi buphakathi kwawo;

imbandezelo nenkohliso akusuki esigcawini sawo.

12Ngokuba akusiso isitha esingiklolodelayo;

ngabe ngiyakuthwala;

akusiye ongizondayo oziphakamise phezu kwami;

ngabe ngamcashela;

13kepha nguwe ntanga yami,

mhlobo wami nomngane wami.

14Sasihlalisana kamnandi;

sasiya endlini kaNkulunkulu kanye nebandla elithokozayo.

15Ukufa makubazume,

bashonele endaweni yabafileyo besezwa,

ngokuba ububi busezindlini zabo nasezinhliziyweni zabo.

16Mina ngizakukhala kuNkulunkulu;

uJehova uzakungisindisa.

17Kusihlwa nasekuseni nasemini ngizakuzikhalela, ngibubule,

abeselizwa izwi lami.

18Uyawuhlenga umphefumulo wami ngokuthula, bangasondeli kimi,

ngokuba baningi abamelene nami.

19UNkulunkulu uzakuzwa, abaphendule,

yena okhona kwaphakade. Sela*

Yibona kambe okungekho kubo ukuphenduka,

nabangamesabiyo uNkulunkulu.

20Ubeka isandla ngakuye ohlalisene kahle naye;

udumazile isivumelwano sakhe.

21Umlomo wakhe ubushelezi kunephehlwa,

kepha inhliziyo yakhe iyimpi;

amazwi akhe athambile kunamafutha;

nokho ayizinkemba ezikhokhiweyo.

22Phonsa phezu kukaJehova umthwalo wakho, uzakukuphasa;

akayikuvuma naphakade ukuba olungileyo azanyazanyiswe.

23Wena Nkulunkulu uyakubaphonsa egodini lokubhubhisa;

abantu begazi nenkohliso abayikufinyelela nasenxenyeni yezinsuku zabo;

kepha mina ngizakwethemba wena.

Ihubo 56

Umkhuleko wocela ukukhululwa ezitheni ezizungezayo

Kumholi wokuhlabelela. Indlela: Ijuba elithulayo emajukujukwini. ElikaDavide. IMiktamu,* ekubanjweni kwakhe ngamaFilisti eGati.

1Yiba nomusa kimi, Nkulunkulu,

ngokuba abantu bafuna ukungigwinya;

usuku lonke bayangicindezela belwa.

2Izitha zami zifuna ukungigwinya usuku lonke;

ngokuba baningi abalwa nami ngokuzidla.

3Mhla ngesabayo

ngiyakwethemba wena.

4KuNkulunkulu ngiyakudumisa izwi lakhe;

ngithemba uNkulunkulu, angiyikwesaba;

inyama ingangenzani na?

5Amazwi ami bawahlanekezela usuku lonke;

yonke imicabango yabo iqonde ukungona.

6Bayabuthana, baqamekele,

baqaphele izinyathelo zami,

njengokuba beqamekela umphefumulo wami.

7Bayakuphunyuka yini ebubini babo na?

Diliza izizwe ngentukuthelo, Nkulunkulu.

8Ukuzula kwami ukubalile wena;

yetha izinyembezi zami egabheni lakho;

azikho encwadini yakho na?

9Khona izitha zami ziyakubuyela emuva mhla ngikhalayo;

ngiyakwazi lokhu ukuthi uNkulunkulu unami.

10KuNkulunkulu ngiyakulidumisa izwi;

kuJehova ngiyakulidumisa izwi.

11Ngiyethemba kuNkulunkulu, angiyikwesaba;

umuntu angangenzani na?

12Nkulunkulu, izithembiso zami kuwe ziphezu kwami;

ngiyakunikela kuwe iminikelo yokubonga.

13Ngokuba uwukhululile umphefumulo wami ekufeni

nezinyawo zami ekuweni,

ukuze ngihambe ebusweni bukaNkulunkulu

ekukhanyeni kwabaphilayo.

Ihubo 57

Umkhuleko wocela ukuvikelwa ezitheni

Kumholi wokuhlabelela. Indlela: Ungachithi. ElikaDavide. IMiktamu,* mhla ebalekela uSawule emphandwini.

1Yiba nomusa kimi, Nkulunkulu;

yiba nomusa kimi.

Ngokuba umphefumulo wami uphephela kuwe;

ngifuna ukukhosela ethunzini lamaphiko akho,

zize zidlule izinhlupheko.

2Ngizakukhala kuNkulunkulu oPhezukonke,

kuNkulunkulu ongifezelayo.

3Uyakuthumela esezulwini, angisindise

mhla ofuna ukungigwinya ekloloda. Sela*

UNkulunkulu uyakuthuma umusa wakhe neqiniso lakhe.

4Umphefumulo wami uphakathi kwezingonyama;

ngilala kwabavutha umlilo,

abantwana babantu abamazinyo abo ayimikhonto nemicibisholo,

abalulimi lwabo luyinkemba ebukhali.

5Phakama, Nkulunkulu,

phezu kwezulu,

inkazimulo ibe phezu komhlaba wonke.

6Izinyathelo zami bazibekele ugibe;

umphefumulo wami ugobile;

bembile igebe phambi kwami,

kwakhalakathela bona kulo. Sela*

7Inhliziyo yami iduduzekile, Nkulunkulu;

inhliziyo yami iduduzekile;

ngizakuhlabelela, ngihube.

8Vuka, mphefumulo wami;

vukani, lugubhu nehabhu!*

Ngizakuvusa ukusa.

9Ngizakukubonga, Nkosi,

phakathi kwabantu,

ngikudumise phakathi kwezizwe.

10Ngokuba umusa wakho mkhulu kuze kube sezulwini,

nokuthembeka kwakho kuze kube semafwini.

11Phakama, Nkulunkulu,

phezu kwezulu,

inkazimulo yakho ibe phezu komhlaba wonke.

Ihubo 51:1-57:11ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU