KuThithu 3
Ukulalela amakhosi
1Bakhumbuze ukuba bathobele ababusi neziphathimandla, balalele, balungele imisebenzi yonke emihle, 2bangahlambalazi muntu, bangabi yizilwi, babe ngabavileyo, bebonakalisa ubumnene obukhulu kubantu bonke.
3Ngokuba nathi kade sasiyiziwula, abangalaleliyo, abadukiswayo, sikhonza izinkanuko nokutamasa okuyizinhlobonhlobo, sihlezi ebubini nangomhawu, sizondekile sizondana. 4Kepha lapho sekubonakalisiwe ububele bukaNkulunkulu uMsindisi wethu nothando lwakhe kubantu, 5wasisindisa kungengamisebenzi yokulunga esayenzayo thina kepha ngokwesihawu sakhe ngesigezo sokuphindukuzalwa nokwenziwa sibe basha ngoMoya oNgcwele, 6amthelayo kakhulu phezu kwethu ngaye uJesu Kristu uMsindisi wethu, 7ukuze silungisiswe ngomusa wakhe, sibe yizindlalifa zokuphila okuphakade ngokwethemba.
Xwaya izifundiso zamanga
8Lithembekile leli zwi. Ngithanda ukuba uqinise impela ngalezo zinto, ukuze abakholwa nguNkulunkulu bakhuthalele ukwenza imisebenzi emihle. Lezo zinto zinhle, zinosizo kubantu; 9kepha gwema imibuzo yobuwula, nezindaba zolibo lokuzalana, nokubanga nokuphikisana ngomthetho; ngokuba lokho akusizi, kuyize. 10Umuntu onezifundiso ezidukisayo, eselulekwe kanye nakabili male, 11wazi ukuthi onjalo uphambukile, uyona, ezahlulela yena.
Isigcino
12Nxa sengithuma u-Arethema noma uThikhiku kuwe, woshesha ukuza kimi eNikopholi; ngokuba nginqumile ukuthi ngizakuhlala lapho ubusika. 13UZena, ummeli, no-Apholo wobahambisa ngokunakekela, bangasweli lutho. 14Nabakithi mabafunde ukukhuthalela imisebenzi emihle njengokuswelekileyo, ukuze bangabi ngabangenazithelo.
15Bonke abanami bayakhonza kuwe. Khonza kwabasithandayo ekukholweni.
Umusa mawube nani nonke.
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.