KuThithu 2
UThithu ufanele ukukhombisa abezimo zonke ukuba bazamele ukuhamba okungcwele
1Kepha wena khuluma lokhu okufanele isifundiso esiphilileyo 2sokuthi: Amadoda amadala mawabe ngazithibayo, azothileyo, aqondileyo, aphilile ekukholweni, nasothandweni, nasekubekezeleni; 3kanjalo nabesifazane abadala baziphathe ngokufanele abangcwele, bangabi ngabahlebi, bangabi yizigqila zewayini eliningi, babe ngabafundisi bokuhle, 4ukuze bafundise abesifazane abasha ukuthanda amadoda abo, bathande nabantwana babo; 5babe ngabaqondileyo, abamhlophe, abaphatha kahle amakhaya, abamnene, abathobela amadoda abo ukuba izwi likaNkulunkulu lingahlanjalazwa.
6Ngokunjalo ubayale abesilisa abasha ukuba babe ngabaqondileyo, 7uzibonakalise kukho konke ube yisibonelo semisebenzi emihle, nasekufundiseni kwakho ubonakalise ukungonakali, ube nesizotha, 8ukhulume okuqondileyo okungasolekiyo, ukuze omelana nathi abe namahloni, engenalutho olubi angalukhuluma ngathi.
9Yala izinceku ukuba zithobele amakhosi azo, zikholeke ezintweni zonke, zingaphiki nkani, 10zingantshontshi, zibonakalise konke ukwethemba okuhle, ukuze zihlobise isifundiso sikaNkulunkulu uMsindisi wethu ezintweni zonke.
11Ngokuba umusa kaNkulunkulu wokusindisa ubonakalisiwe kubantu bonke; 12uyasifundisa ukuba sidele ukungakholwa nezinkanuko zezwe, sihambe ngokuqonda, nangokulunga, nangokumesaba uNkulunkulu kulesi sikhathi samanje, 13sibheke ithemba elibusisiweyo nokuvela kwenkazimulo kaNkulunkulu omkhulu noMsindisi wethu uJesu Kristu 14owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge ebubini bonke, asihlambulule isizwe esingesakhe, sishisekele imisebenzi emihle.
15Khuluma lokho, uyale, ukhuze ngamandla onke. Ungadelelwa muntu.
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.