Inkulumo yokuqala ka-Elifazi isaqhubeka: ukubhubha koyisiwula; ukuphakanyiswa kolungileyo
1“Ake umemeze; ukhona okuphendulayo na?
Uyakuphendukela kumuphi kwabangcwele na?
2Ngokuba isiwula siyabulawa ngukukhathazeka,
nomhawu uyachitha oyisiphukuphuku.
3Mina ngibonile isiwula sigxilile,
kepha ngaqalekisa indlu yaso ngokuzumayo.
4Abantwana baso bakude nokusindiswa,
bachotshozwa esangweni;
akakho obophulayo,
5abakuvuna kwabo kudliwa ngabalambileyo,
bakukhipha nasemeveni;
abanxanelayo basezela impahla yabo.
6Ngokuba usizi aluveli othulini,
nokuhlupheka akuphumi emhlabathini,
7ngokuba umuntu uzalelwa ukuhlupheka,
njengokuba izinhlansi ziqhashela phezulu.
8“Kodwa mina bengiyakumfuna uNkulunkulu;
kuNkulunkulu bengiyakubeka indaba yami,
9yena owenza izinto ezinkulu ezingaphenyekiyo,
izimangaliso ezingenakubalwa,
10yena onisa imvula emhlabeni,
athume amanzi ebusweni bamasimu,
11ukuze aphakamise abayizimpofana nabadabukileyo
baphakanyiselwe ukusindiswa.
12Uyachitha amacebo abanobuqili,
ukuze izandla zabo zingabi nakufeza umgomo wabo.
13Uyabamba abahlakaniphileyo ebuqilini babo;
isiluleko soyisigwegwe siyachithwa ngokuphuthuma.
14Emini bahlangana nobumnyama,
baphumputha emini njengasebusuku.
15Uyasindisa enkembeni yemilomo yabo,
yebo, abampofu esandleni sonamandla.
16Ompofu usenethemba;
ububi buvala umlomo wabo.
17“Bheka, ubusisiwe lowo muntu uNkulunkulu amlayayo;
ngalokho ungadeleli ukukhuzwa nguSomandla.
18Ngokuba uma ezwisa ubuhlungu,
ubuye abophe;
uyalimaza, kepha izandla zakhe zibuye zelaphe.
19Uyakophula ezinhluphekweni eziyisithupha;
yebo, nakweziyisikhombisa awuyikuthintwa ngokubi.
20Endlaleni uyakukuhlenga ekufeni
nasempini emandleni enkemba.
21Uyakufihlwa enkalivasini* yolimi;
awuyikwesaba lapho kufika ukuchitha.
22Uyakuhleka incithakalo nendlala,
nezilo zomhlaba awuyikuzesaba.
23Ngokuba unesivumelwano namatshe asendle;
izilo zasendle zihlalisana kahle nawe.
24Uyakwazi ukuthi itende lakho linokuthula;
uyakuhambela indlu yakho,
awuyikusilalelwa lutho.
25Uyakwazi ukuthi inzalo yakho iyakuba nkulu,
abantwana bakho babe njengotshani bomhlaba.
26Uyakufika ethuneni usuthi ngobudala
njengeqhinqa lamabele ngesikhathi salo.
27Bheka, lokho sikuphenyile; kunjalo;
kuzwe, uzazele khona.”