UJobe uqalekisa usuku lwakhe lokuzalwa; ufisa ukufa
1Emva kwalokho uJobe wavula umlomo wakhe, waqalekisa usuku lwakhe.
2UJobe wathatha wathi:
3“Makubhubhe usuku engazalwa ngalo,
nobusuku obathi: ‘Ukhulelwe umntwana wesilisa.’
4Lolo suku malube ngubumnyama;
uNkulunkulu makangalunaki ephezulu,
ukukhanya makungakhanyiswa kulo.
5Ubumnyama nethunzi lokufa maluphiwe khona,
kuhlale ifu phezu kwalo;
okwenza mnyama usuku makulwesabise.
6Ubusuku lobo isigayegaye masibubambe;
mabungajabuli phakathi kwezinsuku zomnyaka,
bungangeni phakathi komumo wezinyanga.
7Bheka,
lobo busuku mabungabi nalutho,
kungangeni ukujabula kubo.
8Mababuqalekise abathuka amalanga,
abalungele ukuvusa uLeviyathani.
9Izinkanyezi zokuhwelela kwabo maziphenduke ubumnyama;
mabulinde ukukhanya kungabikho,
bungaboni izinkophe zokusa,
10ngokuba abuvalanga izivalo zesizalo sikamame,
abufihlanga ukuhlupheka emehlweni ami.
11“Angifanga ngani esizalweni na?
Angibhubhanga ngani ekuphumeni kwami esiswini na?
12Amadolo angamukeleleni,
namabele ukuba ngincele, na?
13Ngokuba kalokhu ngakube ngilele, ngithule;
khona ngakube ngilele ubuthongo nginokuphumula
14kanye namakhosi nabeluleki bomhlaba
abazakhela izinqaba zamathuna,
15noma kanye nezikhulu ezinegolide
ezazigcwalisa izindlu zazo ngesiliva,
16noma ngangingekho njengokuphuphumileyo
okuthukusiweyo,
njengezingane ezingazange zibone ukukhanya.
17Lapho amashinga ayekile ukudlova;
lapho baphumule abaphelile amandla.
18Lapho iziboshwa ziyatabhaya kanyekanye;
azizwa izwi labazicindezelayo.
19Lapho nabancane nabakhulu bayafanana;
isigqila sikhululekile enkosini yaso.
20“Odiniweyo unikelwani ukukhanya nabanomunyu
emphefumulweni ukuphila;
21abalinda ukufa kungafiki,
abakumba kunengcebo;
22abathokoza baze bethabe,
bajabule, uma belithola ithuna,
23nomuntu ondlela yakhe isithekile,
uNkulunkulu ambiyeleyo nxazonke zakhe, na?
24Ukugquma kwami kufika phambi kwesinkwa sami,
nokububula kwami kuthululwa njengamanzi,
25ngokuba engikwesabayo sekuyangifikela,
nenginovalo ngakho sekuyangehlela.
26Anginakuthula, angizolile, anginakuphumula;
kepha ukuyaluza kuyafika.”