Intokozo nokufuna intokozo kuyize
1Ngase ngithi mina enhliziyweni yami: “Woza, ngizakukulinga ngentokozo; mawubone okuhle nje.” Kepha nalokho kwakuyize. 2Ngathi ngokuhleka: “Ngubuhlanya,” nangentokozo: “Yenzani na?” 3Ngaphenya enhliziyweni yami ukuba ngiyakuthokozisa kanjani umzimba wami ngewayini, inhliziyo ingihole nokho ngokuhlakanipha, nokuba ngibambe ubuwula, ngize ngibone ukuthi kuyini okuhle kumadodana abantu ukuba akwenze phansi kwezulu ezinsukwini zonke zokuphila kwawo.
4Ngazenzela imisebenzi emikhulu, ngazakhela izindlu, ngazitshalela izivini, 5ngazenzela izivande namahlathi, ngatshala khona imithi enezithelo zezinhlobo zonke, 6ngazenzela amachibi amanzi ukuba kuniselwe ngawo ihlathi lemithi emilayo. 7Ngathenga izinceku nezincekukazi, nganginazo ezazalwa endlini; yebo, nganginemfuyo enkulu yezinkomo neyezimvu phezu kwakho konke okwakuphambi kwami eJerusalema. 8Ngazibuthela futhi isiliva negolide, nemfuyo yamakhosi, nezifunda; ngathola abahlabeleli, abesilisa nabesifazane, nalokho athokoza ngakho amadodana abantu: isancinza, yebo, izancinza eziningi. 9Ngase ngikhula ngaba mkhulu kunabo bonke ababe phambi kwami eJerusalema. Nokuhlakanipha kwami kwakumi ngakimi.
10Konke amehlo ami akufisayo angikugodlanga kuwo; angenqabelanga inhliziyo yami neyodwa intokozo, ngokuba inhliziyo yami yathokoza ngawo wonke umshikashika wami; lokho kwakuyisabelo sami kuwo wonke umshikashika wami. 11Ngase ngibhekana nemisebenzi yonke ezaziyenzile izandla zami, nomshikashika engangishikashikile ukuwenza; bheka, konke kwakuyize nokufuna umoya, akukho nzuzo phansi kwelanga.
12Ngase ngiphenduka ukuba ngibone ukuhlakanipha, nokuhlanya, nobuwula, ngokuba angenzani umuntu olandela inkosi ngaphandle kwalokho okwenziweyo ngaphambili na? 13Ngase ngibona ukuthi ukuhlakanipha kudlula ubuwula njengalokhu ukukhanya kudlula ubumnyama. 14Ohlakaniphileyo unamehlo ekhanda lakhe, kepha isiwula sihamba ebumnyameni; nokho ngabona ukuthi umehlo munye wehlela bonke. 15Ngase ngithi enhliziyweni yami: “Njengokwehlelwa kwesiwula ngiyakwehlelwa nami; ngisidluleleni ngokuhlakanipha na?” Ngathi-ke enhliziyweni yami ukuba nalokho kwakuyize. 16Ngokuba akukho ukukhunjulwa kohlakaniphileyo nokwesiwula kuze kube phakade, lokhu ezinsukwini ezizayo konke kuyakube sekukhohlakele. Nohlakaniphileyo akafi njengesiwula na?
17Ngase ngizonda ukuphila, ngokuba umsebenzi owenziwa phansi kwelanga mubi kimi, lokhu konke kuyize nokufuna umoya nje. 18Yebo, ngazonda wonke umshikashika wami engangiwushikashika phansi kwelanga, lokhu ngabona ukuthi ngizakuwushiya kumuntu ofika emva kwami. 19Ngubani owaziyo, uma eyakuba ngumuntu ohlakaniphileyo noma isiwula na? Nokho uyakubusa phezu kwawo wonke umshikashika wami engiwushikashikile nengihlakaniphele kuwo phansi kwelanga. Nalokho kuyize. 20Ngase ngibuye ngaphela ithemba ngawo wonke umshikashika engangiwushikashikile phansi kwelanga. 21Ngokuba kukhona umuntu omshikashika wakhe wenziwe ngokuhlakanipha, nangokwazi, nangekhono, kepha nokho uyakuwunikeza kumuntu ongawushikashikanga kube yisabelo sakhe. Nalokho kuyize nobubi obukhulu. 22Ngokuba umuntu unanzuzoni yawo wonke umshikashika wakhe nokukhandleka kwenhliziyo yakhe akushikashikile phansi kwelanga na? 23Ngokuba zonke izinsuku zakhe zinobuhlungu, nomsebenzi wakhe ulusizi; yebo, nasebusuku inhliziyo yakhe ayiphumuli; nalokho kuyize.
24Akukho okuhle kumuntu kunalokhu kokuba adle, aphuze, abonise umphefumulo wakhe okuhle emshikashikeni wakhe, kepha nalokho ngakubona ukuthi kuvela esandleni sikaNkulunkulu. 25Ngokuba ngubani ongadla, ngubani ongajabula ngaphandle kwakhe na? 26Ngokuba umuntu omuhle kuNkulunkulu uyamnika ukuhlakanipha, nokwazi, nentokozo, kepha isoni usinika usizi lokuba sibuthe, siqongelele, ukuze simnike yena omuhle kuNkulunkulu. Nalokho kuyize nokufuna umoya.