Konke kuyize leze
1Amazwi oMshumayeli indodana kaDavide, inkosi yaseJerusalema.
2“Ize leze,” usho uMshumayeli,
“ize leze, konke kuyize.”
3Kuyinzuzoni kumuntu ngawo wonke umshikashika wakhe
awushikashikayo phansi kwelanga na?
4Isizukulwane siyamuka,
isizukulwane siyeza,
kepha umhlaba umi phakade.
5Ilanga liyaphuma, ilanga liyashona,
lishesha ukuya endaweni yalo lapho liphuma khona.
6Umoya uya ngaseningizimu,
uzungeze, uye ngasenyakatho;
uzungazungeza njalo ekuhambeni kwawo,
nasekuzungezeni kwawo umoya uyabuyela.
7Yonke imifula iyangena elwandle,
kepha ulwandle alugcwali;
endaweni eya kuyo imifula,
ibuye iye khona njalo.
8Zonke izinto ziyakhandleka,
akakho ongakuphimisa;
iso alisuthi ngokubona,
nendlebe ayigcwali ngokuzwa.
9Okwake kwaba khona yikho okuyakuba khona,
nokwake kwenziwa yikho okuyakwenziwa;
akukho okusha phansi kwelanga.
10Kukhona yini into okuthiwa ngayo:
“Bheka, intsha le.”
Yayikhona nasemandulo ayengaphambi kwethu.
11Akukho ukukhunjulwa kwase bephelile,
nabalandelayo abayakufika abayikukhunjulwa nabo
phakathi kwabalandela bona.
Nokufuna ukuhlakanipha kuyize
12Mina Mshumayeli ngangiyinkosi phezu kuka-Israyeli eJerusalema. 13Nganikela inhliziyo yami ukufuna nokuvivinya ngokuhlakanipha konke okwenziwa phansi kwezulu; kungumshikashika omubi uNkulunkulu awunikile amadodana abantu ukuba awushikashike. 14Ngiyibonile yonke imisebenzi eyenziwayo phansi kwelanga; bheka, konke kuyize nokufuna umoya. 15Okuyisigwegwe akunakuqondiswa, nokungekho akunakubalwa.
16Ngakhuluma mina nenhliziyo yami, ngathi: “Bheka, ngenzile ukuhlakanipha kube kukhulu, ngikwandisile kunabo bonke phambi kwami eJerusalema, yebo, inhliziyo yami ibonile kakhulu ukuhlakanipha nokwazi.” 17Nganikela inhliziyo yami ukwazi ukuhlakanipha nokwazi ubuhlanya nobuwula. Ngase ngibona ukuthi nalokho kwakungukufuna umoya. 18Ngokuba ekuhlakanipheni okuningi kukhona ukukhathazeka okuningi; owandisa ukwazi wandisa usizi.