1KU NJALO a ku se ko ukulahlwa kwaba kuKristu Jesu, be nga hambi ngokwenyama, be hamba ngokoMoya;
2Ngokuba umteto womoya wokupila, oku ngoKristu Jesu, u ngi kulule emtetweni wokona nowokufa.
3Loko owahluleka ngako umteto, ngokuba ubutakataka ngayo inyama, wa kwenza uTixo, ngokutuma iNdodana yake, i fana nenyama yokona, i tunyelwe ukona, wa lahla ukona okusenyameni.
4Ukuze umyalo womteto u gcwaliseke kitina, esi nga hambi ngokwenyama; kodwa ngokuka Moya.
5Ngokuba abokwenyama ba naka okwenyama, kepa abaka Moya ba naka okuka Moya.
6Ukuzindhla kwenyama ku ukufa; ukuzindhla kuka Moya ku ukupila nokutula.
7Ngokuba ukuzindhla kwenyama ku zondana noTixo; a ku laleli umteto ka Tixo; ku nge lalele.
8Aba senyameni a ba nakukoleka kuTixo.
9Kepa a ni senyameni; ni kuye uMoya uma uMoya ka Tixo e hlala kini. Uma umuntu e nge naMoya ka Kristu, a siye owake.
10Kepa, uma uKristu e kinina, umzimba u file ngokona, kodwa Umoya u ukupila ngokulunga.
11Uma uMoya wa lowo owa m vusa uJesu kwabafileyo e hlala kini, yena owa m vusa uKristu kwabafileyo u ya kupilisa imizimba yenu ebubayo ngoMoya wake o hlala kini.
12Njalo, bazalwane, a si nacala enyameni lokuba si hambe ngokwenyama.
13Ngokuba uma ni hamba ngokwenyama, ni ya kufa; kepa uma ni bulala imisebenzi yomzimba ngoMoya, ni ya kupila.
14Ngokuba bonke aba holwa uMoya ka Tixo, ba ngabantwana baka Tixo.
15A namkeliswanga umoya wobugqili, wokuba ni buye nesabe; kepa na wamkeliswa umoya wobuntwana, esi memeza ngawo si ti, Abba, Baba.
16Iwo loMoya o hlangene nomoya wetu ukuqinisa ukuti, si ngabantwana baka Tixo;
17Uma si ngabantwana, si izindhlamafa futi; izindhlamafa zika Tixo, izindhlamafa kanye noKristu, uma si hlutywa kanye naye, si ze si dunyiswe naye.
18Ngokuba ngi ti, ukuhlupeka kwa lesisikati a ku nakulinganiswa nodumo olu ya kwambulelwa tina.
19Ngokuba ukulinda kokudatyuliweyo ku hlalela ukwambulwa kwamadodana ka Tixo.
20Ngokuba okudatyuliweyo kwa hlelwa pansi kobuze, ku nga tandi, kodwa kwenziwa uye owa ku hlelayo, ku netemba.
21Lokuti okudatyuliweyo ku ya ku kululwa ebugqilini bokonakala, ku ngene ekukululekeni kodumo lwabantwana baka Tixo.
22Si yazi okudatyuliweyo konke ku ya bubula, li nobuhlungu lonke, ku ze ku be manje.
23A siko loku kodwa, kepa nalabo aba nolibo luka Moya, ngi tyo tina uqobo, si ya bubula, si hlalela ukuma kwabantwana, ukukululwa komzimba wetu.
24Ngokuba si sindiswa ngetemba; kepa itemba eli bonwayo, a silo itema; loku umuntu a ku bonayo, u sa ku temba kanjani na?
25Kepa, uma si temba loko, esi nga ku boniyo, si ku hlalela si nesineke.
26Nanjalo uMoya u ya hlanganyela ubutakataka betu; ngokuba si nga kwazi okufaneleyo, si ku kulekele; kepa uMoya uqobo u ya si nxusela ngokububula oku nge nakupumiselwa.
27Lowo, o hlola izinhliziyo, u yazi ukuba ku ini ukuzindhla kuka Moya, ngokuba e ba nxusela abangcwele ngokuka Tixo.
28Si yazi, kwabamtandayo uTixo, konke ku hlangene ukwenza okuhle, kubo ababiziweyo ngokumisa kwake.
29Ngokuba labo a baziyo pambili, wa ba misa pambili, ba fuze ukuma kweNdodana yake, ukuba i be owamazibulo kwabaningi abazalwane.
30Labo a ba misayo pambili, wa ba biza na labo a ba bizayo wa ba tetelela; na labo a ba tetelelayo, wa ba kulisa.
31Si ya kutini ku loku na? Uma uTixo e mi nati, si ya kuvukelwa ubani na?
32O nga uqabanga neNdodana yake uqobo, wa i nikela tina sonke, a ka yi ku si nika nako konke na?
33Ubani o za kubamangalela abaketiweyo baka Tixo na? ku nguTixo o tetelelayo.
34Ubani o lahlayo? ku nguKristu owa fayo, yebo, wa vuka, u nga kwesokunene sika Tixo, u ya si nxusela.
35Ubani o za kusahlukanisa notando luka Kristu? Ukuhlupeka, Usizi, Ukuzingelwa, Indhlala, Ukuhambaze, Ingozi, Inkemba na?
36Njengokulotyiweyo, ukuti, Ngenxa yako si bulawa usuku lonke: ku tiwa si izimvu zokuhlatywa.
37Kepa ku ko konke loku si yahlula nokwahlula ngowa si tandayo.
38Ngi ya kolwa ngi ti, nakufa, nakupila, nazingelosi, nazikulu, namakosi, nako okukona, nako okuzayo,
39Nakudepa, nakujula, nanye into edatyuliweyo, a ku yi kuba namandhla okusahlukanisa notando luka Tixo, olu kuKristu Jesu, iNkosi yetu.