1ANAZI ini, bazalwane (ngi kuluma nabaziyo umteto,) ukuti, umuntu u buswa umteto ngesikati sonke sokupila kwake?
2Umfazi oganileyo u botyiwe ngomteto endodeni, i se kona; kepa nxa indoda i file, u kululiwe emtetweni wendoda.
3Ngako, i se kona indoda, uma e gana kwenye indoda, u ya kutiwa isipingi, kepa nxa i file indoda, u kululekile emtetweni, a nge be isipingi, noma e gana kwenye indoda.
4Njalo, bazalwane bami, nani se ni file emtetweni ngomzimba ka Kristu; ukuze ni gana komunye, kulowo owa vuka kwabatileyo, si m vezele uTixo izitelo.
5Lapo sa si senyameni, ukukanuka okubi oku ngomteto, kwa sebenza emalungwini etu si ze si veze izitelo zokufa.
6Kepa kaloku si kululiwe emtetweni, si file ku loko, e be si botyiwe ngako, ukuze si konze ngomoya omutya, si nga konzi ngegama elidala.
7Si ya kutini na? umteto u ukona na? Ai! Kepa be ngi ngazi ukona, ku nge ngomteto, be ngi ngazi ukunxanela, u nga tyongo umteto ukuti, U nga nxaneli.
8Kepa ukona kwa tola ituba ngomyalo, kwa sebenza kimi ukuxanele konke. Ngapandhle komteto ukona kwa ku file.
9Nga ke nga pila, u nga ka bi ko umteto; kepa u su fikile umyalo, kwa vuka ukona, nga fa.
10Umyalo o bu ngowokupila, nga u fumana u ngowokufa.
11Ngokuba ukona kwa tola ituba ngomyalo, kwa ngi kohlisa, kwa ngi bulala ngawo.
12Njalo umteto u ingcwele, nomyalo u ingcwele, u lungile, muhle.
13Po, okulungileyo se ku ukufa kimi na? Ai, kepa ukona, ukuba ku bonakale ku ukona, ku ngenzela ukufa ngokulungileyo, ku ze ku ti ngomyalo ukona ku be ukona okusabekayo.
14Si yazi umteto u ngowomoya, kepa mina ngi ngowenyama, ngi tengiwe ukona.
15Ngokuba loku engi kwenzayo, a ngi kwazi; loku engi ku tandayo, a ngi kwenzi; kepa loku engi ku zondayo, ngi ya kwenza.
16Uma ngenza loku engi nga ku tandiyo, ngi ya vumela umteto, ngi ti u lungile.
17A si mina o kwenzayo, ku ukona oku hlala kimi.
18Ngi yazi, a ku hlali okulungileyo kimi, ngi tyo, enyameni wami: ku kona kimi ukutanda, kepa ukwenza okulungileyo a ngi ku fumani.
19Okulungileyo engi ku tandayo, a ngi kwenzi; kepa okubi engi nga ku tandiyo, ngi ya kwenza.
20Kepa, uma ngi kwenza loku, engi nga ku tandiyo, a simina o kwenzayo, ku ukona oku hlala kimi.
21Ku njalo ngi ya fumana umteto wokuti, nxa ngi tanda ukwenza okulungileyo, ku kona okubi kimi.
22Yebo, ngi ya tanda umteto ka Tixo ngokomuntu opakati;
23Kepa ngi bona omunye umteto emalungwini ami, u lwa nomteto wenhliziyo yami, u ngi bopa emtetweni wokona oku semalungwini ami.
24Ngi ngumuntu ohlupekayo. Ubani o ya kungikulula emzimbeni wa lokukufa na?
25Ngi ya bonga uTixo ngoJesu Kristu iNkosi yetu. Ku njalo, ngi lalela umteto ka Tixo ngenhliziyo; kepa ngenyama ngi lalela umteto wokona.