Kumholi wokuhlabelela nguDavida. Isihlabelelo. Igama.
1UTIXO ma ka vuke, ma zi hlakazwe izita zake; ma ba baleke ebusweni bake a ba m zondayo.
2Njengokuxotywa komusi, wena wo ba xotya, njengokuncibilika kwengcina pambi komlilo, ababi bo citwa pambi kuka Tixo.
3Kepa abalungileyo ma ba jabule; ma betabe pambi kuka Tixo; ma beqe ngenjabulo.
4Vumani kuTixo, hlabelelani igama lake; lungiselani yena o hamba e kwela ehlane, ngegama lake uJa, netabe pambi kwake.
5uYise wezinkedama, umvikeli wabafelokazi uTixo endhlini yake e ingcwele.
6uTixo u ya hlalisa aba bodwa ngendhlu; u ya pumisela ababotywa emhlabeni; kauti abahlubukayo ba hlezi ezweni elomileyo.
7Tixo ekupumeni kwako pambi kwabantu, ekuhambeni kwako ehlane; Sela;
8Umhlaba wa zamazama, izulu la tonsa ngapambi kuka Tixo; iSinai lona la zamazama pambi kuka Tixo, uTixo ka Israeli.
9Tixo wena wa nisa imvula eningi; wa qinisa ifa lako se li pela mandhla.
10Abapilayo bako ba hlezi kulo; u lungisele abatobekileyo izipo ezilungileyo zako Tixo.
11iNkosi ya nika izwi, abaleti bendaba enhle ba ibandhla elikulu.
12Amakosi empi a baleka! a baleka! ku ti isifazana e si hlezi ekaya si yabela impango.
13Sengati nga ni lele pansi ezigcawini, ni njengamapiko ejuba a sibekelwa isiliva, nezimpape zalo igolide elimpofu.
14Ekuciteni amakosi pakati kwayo nguye Onamandhla onke, ya ba mhlope njengonqoqane eZalmoni.
15I yintaba ka Tixo intaba ya seBashane, I yintaba yezicongo intaba ya seBashane.
16Nina zintaba zezicongo, yini ni bekelane ngomona intaba uTixo a tanda i be isihlalo sake na? nembala uJehova wo hlala ku ze ku be pakade.
17Izincwele zika Tixo zi yizinkulungwane ezingamashumi amabili, izinkulungwane ezipindiweyo; iNkosi i pakati kwazo endaweni e yingcwele e seSinai.
18Wena wenyukele ngapezulu, u tumbile abatunjiweyo; u tabatele abantu izipo, yebo nabahlubuki ukuze uTixo uJa a hlale kubo.
19I busisiwe iNkosi e si twalise ngemihla, e uTixo wokusindiswa kwetu. Sela.
20U nguTixo wetu, uTixo wezinkululo, futi kuJehova iNkosi ku kona ukupuma ekufeni.
21Impela uTixo wo coboza ikanda lezita zake, ukakayi olu nezinwele lwake o hamba ezipambekweni zake.
22iNkosi ya ti, Ngo ba buyisa eBashane, ngo ba buyisa ekujuleni kolwandhle.
23Ukuze unyawo lwako lu cwile egazini lezita zako, nalo ulimi lwezinja zako.
24Ba ya bona izindwendwe zako, Tixo, izindwendwe zako, Tixo wami. Nkosi yami, endaweni e ingcwele.
25Abahlabeleli ba ya hamba nga pambili, emuva aba tyaya ogubwini; pakati izintombi zi beta.
26Bongani uTixo emabandhleni, iNkosi emtonjeni wa seIsraeli.
27U kona uBenjamini omncane, nombusi wabo; amakosi abaJuda nebuto labo, amakosi abaZebuloni, amakosi aba Naftali.
28uTixo wako u misile amandhla ako; qinisa Tixo loku o kwenzele tina.
29Ngenxa yetempeli lako eJerusalema, amakosi o leta izipo kuwe.
30Kuza izilo zomhlanga, umhlambi wezinkunzi, nezinkonyana zabantu, zi ziwise pansi ngezinxenye zesiliva; cita abantu aba tokoza ekulweni.
31Izikulu zi ya kuza zi vele Egipite; amaKushi a tyetye ukuyisa izandhla zawo kuTixo.
32Nina mibuso yomhlaba hlabelelani kuTixo; ni tyaye ugubu kuyo iNkosi; Sela.
33Kuye o kwela pezu kwezulu lezulu la sendulo; bheka u ya nikela izwi lake, izwi eli namandhla.
34Nikani amandhla kuTixo; ukukazimula kwake ku pezu kwabaIsraeli; amandhla ake a semafwini futi.
35U yesabeka, Tixo, kuko oku yingcwele kwako; uTixo ka Israeli uyena o nika amandhla nokuqina kubantu. U busisiwe uTixo.