IZIHLABELELO 67
Kumholi wokuhlabelela ngogubu. Isihlabelelo. Igama.
1UTIXO ma ka be nomusa kiti, a si busise; ma ka kanyise ubuso bake kiti. Sela.
2Ukuze indhlela yako yaziwe emhlabeni ukusindiswa kwako ezizweni zonke.
3Ma ba ku bonge abantu, Tixo, ma ba ku bonge abantu bonke.
4Izizwe ma zi jabule zetabe; ngokuba wena wo dhlula abantu ngokufaneleyo u hole izizwe emhlabeni. Sela.
5Ma ba ku bonge abantu, Tixo; ma ba ku bonge abantu bonke.
6Umhlaba wo nika isitelo sawo; uTixo, uTixo wetu wo si busisa.
7uTixo wo si busisa; imikaulo yonke yomhlaba yo m esaba futi.
Bible Society of South Africa 1893