Igama. Isihlabelelo kuwo amadodana ka Kora?
1MKULU uJehova nga e bongwa, kakulu yena, emzini ka Tixo wetu, intaba yake e yingcwele.
2I me kahle, i ukutokoza komhlaba wonke intaba iZioni, emacaleni a senyakato, umuzi weNkosi enkulu.
3uTixo u sezigodhlweni zalo, u yaziwa u yinqaba.
4Ngokuba, bheka, amakosi a hlangene; a dhlulele kanye.
5Ngo ku bona, a dumala; a tutumela, a baleka.
6Ukututumela kwa wehlela, nobuhlungu njengaye obeletayo.
7Wena u yapula imikumbi ya seTarshishi ngomoya wa sempumalanga.
8Njengaloku e si ku zwileyo, njalo si bonile emzini ka Jehova wamabandhla, emzini ka Tixo wetu; uTixo wo wu misa ku ze ku be pakade. Sela.
9Si ya kumbula, Tixo, umsa wako pakati kwetempeli lako.
10Njengalo igama lako, Tixo, ku njalo ukubongwa kwako ku ze ku be semikaulweni yomhlaba; isandhla sokunene sako si gcwele ukulunga.
11Intaba iZioni ma i jabule, namadodakazi a seJuda etabe ngenxa yokwahlulo kwako.
12Zungezani iZioni, ni li haqe; ni bale iziqongo zalo.
13Bhekani ngenhliziyo izako eziqinileyo zalo, ni dabule izigodhlo zalo; ukuze ni ku tyele kuso isizukulwane esi landelayo.
14Ngokuba lo uTixo u nguTixo wetu ku ze ku be pakade; wo si hola ku ze ku be sekufeni.