Kumholi wokuhlabelela, kuwo amadodana ka Kora. Isihlabelelo.
1YIZWANI loku nonke nina bantu; ni beke indhlebe nonke nina eni hleziyo emhlabeni.
2Nina madodana abantu, nani madodana amakosi, ocebileyo kanye nompofu.
3Umlomo wami wo kuluma ukuhlakanipa; ko ti ukucabanga kwenhliziyo yami ku be amazwi a qondileyo.
4Ngo nika indhlebe yami kuso isiga; ngo qala igama lami ngogubu.
5Nga ngi saba ngani ezinsukwini ezimbi na? nxa ukonakala kwabangiqamelayo ku ngi haqa na?
6Bona a betemba kuyo imfuyo yabo; be zigabise ngengcebo yabo,
7Amuko umuntu kubo o nga hlaula ngokuhlaulela umfo wabo; amuko o nga nika kuTixo isikululo sake.
8(Kanti isihlaulelo sompefumlo wabo sikulu; a si be si sa bako ku ze ku be pakade.)
9Ukuba a pile ku be pakade, a nga ku boni ukubola.
10Ngokuba u ya bona ukuba abahlakanipileyo ba ya fa; isiula nesipukupuku zi ya buba kanye, zi ba shiyele abasemuva kwabo, imfuyo yabo.
11Ku umzindhlo wabo ukuba izindhlu zabo zi ya kuba kona ku ze ku be pakade; nezindhlu zabo zo ba kona kuzo izizukulwane nezizukulwane; ba ya yi ta imihlabati yabo ngamagama abo.
12Kodwa umuntu o dumileyo a ka yi kuhlala; u ya fana nezilwane ezibubayo.
13Lendhlela yabo i ubuula babo, kepa abasemuva kwabo ba ya kolwa ngomlomo wabo. Sela.
14Njengezimvu ba ya bekwa esheoli; ukufa ko ba dhla; abaqoto bo nyatela pezu kwabo ekuseni; ko ti isimo sabo si bole esheoli si nga be si sa bako ezindhlini zabo.
15Kanti uTixo wo hlaulela umpefumlo wami esandhleni sesheoli, ngokuba yena wo ngamkela. Sela.
16U nge sabi uma umuntu e cebile, uma udumo lwendhlu yake lwandile;
17Ngokuba ekufeni kwake a ka yi kupata luto; udumo lwake a lu yi kwehla emva kwake.
18Noma ekupileni kwake wa bonga umpefumlo wake; (ko ti ba ku bonge uma u z'enzele okuhle.)
19Wo ya esizukulwaneni sa oyise, a ba yi ku bona ukukanya ku ze ku be pakade.
20Umuntu odumileyo, e nga qondi, u ya fana nezilwane ezibubayo.