1KWA ti ngosuku lwamashumi amabili lwa leyo nyanga abantwana ba ka Israeli ba be butene, be zile ukudhla, be gqoke izindwangu zokulila, be zitele ngomhlabati.
2Inzalo ka Israeli ya zahlukanisa kwabezizwe bonke, besuka bema be bika izono zabo, nokona kwa okoko babo.
3Besuka bema ezindaweni zabo, be funda encwadini yomteto ka Jehova uTixo wabo, inxenye yesine yosuku ngenye inxenye yesine yosuku ba vuma, ba m dumisa uJehova uTixo wabo.
4Besuka bema endaweni epakamileyo kubaLevi, uJeshua, uBani, uKadmieli, uShebania, uBuni, uSherebia, uBani, uKenani, ba memeza ngezwi elikulu kuye uJehova uTixo wabo.
5Kona abaLevi, noJeshua, noKadmieli, uBani, uHashabania, uSherebia, uHodija, uShebania, uPetahia, ba ti, Sukani, ni me ni bonge uJehova uTixo wenu ku ze ku be nini; ma li bongwe igama lako elikazimulayo, elipakanyisiwe nga pezulu kwako konke okubongiweyo nokudunyisiweyo.
6Wena, u nguJehova wedwa, wena u lenzile izulu, izulu lamazulu, namabandhla onke awo, umhlaba, nako konke oku kuwo, ulwandhle, nako konke oku kulo, wena u londa konke; amabandhla ezulu a dumisa wena.
7Wena u nguJehova uTixo owa m keta uAbrama wa m kipa eUri lamaKaldi, wa muta igama lokuti uAbrahama.
8Wa yi fumana inhliziyo yake i qinisile kuwe, wa senza isivumelwano naye ukuba a m nike izwe lamaKanani, ne lamaHiti, ne lamaAmori, ne lamaPerizi, ne lamaJebusi, ne lamaGirgashi, enzalweni yake, wa wa feza amazwi ako; ngokuba wena u lungile.
9Wa ku bona ukuhlupeka kwa okoko betu, Egipite, wa ku zwa ukukala kwabo elwandhle olubomvu;
10Wa zenza iziboniso nemimangaliso kuFaro, na kuzo zonke izinceku zake, na kubo bonke abantu bezwe lake; ngokuba wa be wazi ukuba ba beyisa. Ku njalo wa zenzela igama lako li be likulu njengokuba li kona namhlanje.
11Wa lwahlukanisa ulwandhle pambi kwabo, ba dabula elwandhle, be hamba emhlabatini owomileyo; aba be ba hlupa wa ba ponsa elwandhle njengetye li ponseka emanzini amakulu.
12Wa ba hola emini ngensika yefu; na sebusuku ngensika yomlilo, ukubakanyisela endhleleni aba hamba ngayo.
13Wehlela entabeni iSinai, wa kuluma nabo u sezulwini wena wa ba nika izimiso ezifaneleyo, nemiteto elungileyo, nemiyalo emihle; nezimemezelo.
14Wa bazisa isabata lako elingcwele, wa ba luleka ngemiyalo na ngezimiso na ngemiteto ngesandhla senceku yako uMosi;
15Wa ba nika isinkwa sa sezulwini ngokulamba kwabo, wa ba kipela amanzi etyeni ngokoma kwabo, wa tyo kubo ukuti ba ya kufuya izwe o bu fungile ukuti u za ku ba nika lona.
16Kepa bona nokoko betu ba zeyisa ba qinisa izintamo zabo, ka ba lalelanga imiyalo yako.
17Ba nqaba ukulalela a ba kumbulanga izimangaliso obu zenzile pakati kwabo be bona; ba qinisa izintamo zabo na ngokuhlubuka kwabo ba mise inkosi ukuba ba buyele ekubotyweni kwabo; kepa wena u nguTixo o vumayo ukutetela, o nomusa, o nobubele, o puza ukutukutela, o haukelayo njalo, ka u ba shiyanga.
18Yebo, na lapo se be lenzile itole elikandiweyo be ti, Iloku uTixo wenu, o ni kupulileyo Egipite, ba kweisa kakulu.
19Noko wena, ngawo umusa wako omkulu a u ba shiyanga ehlane; insika yefu a i ba shiyanga emini ya ba hola endhleleni, nensika yomlilo ebusuku ya ba kanyisela ukuba ba bone indhlela aba hamba ngayo.
20Wa ba pa futi umoya wako omuhle ukubafundisa a u ba ncityanga imana lako emilonyeni yabo, wa ba pa namanzi uma bomile.
21Yebo, wa bondhla iminyaka emashumi mane ehlane ka ba dinganga luto; izingubo zabo a zi guganga, nezinyawo zabo a zi vuvukalanga.
22Futi wa ba pa imibuso nezizwe, wa ba hlukanisela ngezindawo; njaloke ba tola izwe lika Sihoni, nezwe lenkosi ya seHeshbone nezwe lika Hogi, inkosi ya seBashani.
23Wa bandisa abantwana babo ba ze ba ba ngangezinkanyezi zezulu, wa ba zisa ezweni o bu li tyilo ngalo koyise babo ukuti ba za kungena ba li fuye.
24Njalo abantwana ba ngena ba li fuye izwe, wa nqoba pambi kwabo abantu bezwe, amaKanani, wa wa nikela ezandhleni zabo, kanye namakosi awo, nabantu abakileyo ezweni, ukuba benze kubona njengentando yabo.
25Ba tabata imizi e izinqaba, nezwe elivundileyo, ba be nezindhlu eza zigcwele impahla yonke imigodi yamanzi embiweyo, nezivini, nesihlwati, nemiti eminingi enezitelo zokudhla; ba dhla, besuta, ba kulupala, ba zijabulisa ngobunene bako obukulu.
26Noko ba nqaba ukulalela, ba hlubuka kuwe, ba u dela umteto wako, ba bulala abaprofeti bako aba ba sola ngamacala abo, ba cunula kakulu.
27Ngako wa ba nikela ezandhleni zezita zabo, eza ba hlupa; ngesikati sokuhlupeka kwabo, lapo be kulekayo kuwe, wa bezwa u sezulwini; na njengomusa wako omkulu wa ba nika abasindisi, aba ba sindisayo ezandhleni zezita zabo.
28Kepa se be nokutula ba buye, bona pambi kwako; ngako wa ba yeka be sezandhleni zezita zabo, zona za bahlula; kepa lapo ba buya ba kuleka kuwe, wa bezwa u sezulwini, wa ba kulula izikati eziningi njengomusa wako;
29Wa fakaza ngabo, ukuze u ba buyisele pansi komteto wako; kepa bona ba kweisa a ba yi lalelanga imiteto yako, kepa bapula imiyalo yako, loko uma umuntu e yenza, u ya pila ngayo, ba kipe ihlombe, ba qinise izintamo zabo, bala ukuzwa.
30Kepa iminyaka eminingi wa ba haukela, wa ba sola, ngomoya wako, na ngabaprofeti bako; ba nqaba ukuzwa noko; ngako wa ba nikela ezandhleni zabezizwe.
31Kepa ngenxa yomusa wako omkulu, ka u ba qedanga ukuti nya, ka u ba shiyanga; ngoba wena u nguTixo o nomusa, o hankelayo.
32Njaloke wena Tixo wetu, u uTixo omkulu, o namandhla, o sabekayo, o gcinayo isivumelwano nomusa, ukuhlupe ka konke loku, ma ku nga bi ku ncane emehlweni ako, oku sehleleyo tina, namakosi etu, namakosana etu, nabapristi betu, nabaprofeti betu, nobaba betu, nabantu bonke bako, kwa sesikatini samakosi a seAsiria, ku ze ku be namhlanje.
33Ku sehlela kahle kodwa konke loku o ku sehleleyo, ngoba wena wenzile kahle, kodwa tina sonile.
34Amakosi etu, namakosana etu, nabapristi betu, nobaba betu, kanye a ba gcinayo umteto wako, a ba lalelayo imiyalo yako, nezimemezelo zako, owa ba solayo ngazo.
35A ba ku konzanga embusweni wabo, na semuseni wako, o wa ba nika wona, na sezweni elikulu elivundileyo o wa ba pa lona, a ba yi delanga imisebenzi yabo emibi.
36Bheka, tina si izinceku namhlanje; nezwe o wa li nika obaba betu ukuba ba dhle izitelo zalo, nokuhle kwalo, tina si izigqili kulo impela.
37Li ya wa telela kakulu amakosi owa misileyo ukuba a si buse ngenxa yezono zetu, futi a busa nemizimba yetu, nezinkomo zetu, ngentando yawo; tina si sekuhlupekeni okukulu.
38Ngako konke loku senze isivumelwano esiqinileyo, si ya si loba; amakosana etu, kanye nabaLevi, nabapristi betu, ba ya si qinisa.