1ABA si qinisayo kwa ku oNehemia, umbusi, indodana ka Hakalia, noZidikija,
2uSeraia, uAzaria, uJeremia,
3uPashure, uAmaria, uMalkija,
4uHatushe, uShebenia, uMaluka,
5uHarimo, uMeremote, uObadia,
6uDanyeli, uGinetone, uBaruki,
7uMeshulamu, uAbija, uMijamina,
8uMazia, uBilgai, uShemaia, laba ba be abapristi.
9AbaLevi, uJeshua, indodana ka Azania, uBinui wamadodana ka Henadade, nKadmieli;
10Abafo wabo, oShebania, uHodija, uKelita, uPelaia, uHanani,
11uMika, uRehobi, uHashabia,
12uZakuri, uSherebia, uShebania,
13uHodija, uBani, uBeninu,
14Abaizikulu kubantu; uParoshe, uPahatemoabi, uElami, uZatu, uBani,
15uBuni, uAzgade, uBehai
16uAdonija, uBigvai, uAdine,
17uAtere, uHizkija, uAzure,
18uHodija, uHashume, uBezai,
19uHarifa, uAnatoti, uNebai,
20uMagpiasha, uMeshulamu, uHezire,
21uMeshezabeli, uZadoki, uJadua,
22uPelatia, uHanani, uAnaia,
23uHoshea, uHanania, uHashube,
24uHalohesha, uPileha, uShobeka,
25uRehuma, uHashabua, uMaseia,
26Nabo oAhija, noHanani, noAnani,
27uMaluka, uHarimo, uBana,
28Nabaseleyo kubantu ba ngabapristi, nabaLevi, nabalindi bamasango, nabahlabeleli, namaNetini, nabo bonke aba be zahlukanisile kubantu bezizwe, ba zinikela emtetweni ka Jehova; abafazi babo, amadodana abo, amadodakazi abo bonke aba nokwazi, nengqondo;
29Ba namatela kubafo wabo, izinduna za kubo, ba ngena esifungweni nasesivumelwaneni ukuba ba hambe emtetweni ka Tixo, nokugcina, nokwenza njengemiyalo yonke ka Jehova uTixo wetu, nezimiso zake nezimemezelo zake;
30Ukuba si nga niki izintombi zetu abantu bezwe, si nga tateli abafana betu izintombi zabo.
31Noma abantu bezwe be leta impahla nokudhla ngesabata be funa ukutengisa ngako, ukuba si nga ku tengi ngesabata na ngosuku olu ingcwele; si yeke umuyaka wesikombisa si nga mangaleli muntu ngecala.
32Futi si zenzele umteto, ukuba si tele iminyaka ngeminyaka okwesitatu kweshekeli, si telele umsebenzi wendhlu ka Tixo wetu;
33Nezinkwa zokubhekela, neminikelo wokudhla imihla ngemihla, nomnikelo wokutya imihla ngemihla wamasabata, okwetwasa kwezinyanga wemihlangano emisiweyo, wezinto ezingcwele, weminikelo yezono, ukuhlaulela abaIsraeli, nowomisebenzi wonke wendhlu ka Tixo wetu.
34Senza inkato pakati kwabapristi, nabaLevi, kanye nabantu, ngawo umnikelo wezinkuni ukuba si zilete endhlini ka Tixo wetu, njengezindhlu za obaba, ngezikati ezimisiweyo iminyaka ngeminyaka ukubasa pezu kwelati lika Jehova uTixo wetu, njengokulotyiwe emtetweni.
35Nokuba si lete imilibo yomhlabati wetu, nemilibo yezitelo zemiti yonke, iminyaka ngeminyaka, endhlini ka Jehova;
36Namazibulo amadodana etu, na wezilwane zetu njengokulotyiweyo emtetweni; nowamazibulo emihlambi yetu, uku i leta endhlini ka Tixo wetu, kubapristi aba konzayo endhlini ka Tixo wetu;
37Nokuba si lete okokuqala kwempupo yetu, neminikelo yetu, nezitelo zemiti yezinhlobo zonke, lwami, namafuta kubapristi, emakamelweni endhlu ka Tixo wetu; nokweshumi komhlabati wetu kubaLevi ukuze labo baLevi ba tole okweshumi emizini yonke yetu.
38Umpristi wenzalo ka Aroni u ya kuba ndawonye nabaLevi, lapo abaLevi bamkela okweshumi; AbaLevi ba ya kuleta okweshumi lamashumi endhlini ka Tixo wetu, emakamelweni endhlini yemfuyo.
39Ngoba abantwana baka Israeli kanye nabantwana baka Levi ba ya kuleta umnikelo wamabele, nowewami elitya, nowamafuta ezindhlini, lapo ku kona izitya ezingcwele, nabapristi aba konzayo, nabalindi bamasango, nabahlabeleli; tina a si yi ku yi shiya indhlu ka Tixo wetu.