1MAYE kumuzi wezingazi: u gcwele inkohliso nokwamuka; a u dedi empangeni.
2Umsindo wesiswepu, nomsindo wokuzamazisa kwamasondo, nokuzungeleza kwamahashi, nezincwele ezeqayo.
3Abakwela ehashini ba ya pakamisa inkemba ecwazimlayo, nomkonto okazimulayo futi baningi abahlatyiweyo, zi yamile izibili zabafileyo, a kuko nokukaula kwezidumbu, ba ya kubeka ezidumbwini zabo.
4Ngokuvama kokupinga kompingikazi obukekayo, umnikazi wokutakata, o tengisa ngezizwe ngokupinga kwake, nemindeni ngokutakata kwake.
5Bheka, Ngi nga kuwe, u tyo uJehova wamabandhla; ngi ya kuti ngi zibukule izambato zako ebusweni bako, ngi bonise izizwe ubunqunu bako, nemibuso ihlazo lako.
6Ngo ponsa pezu kwako okunengiweyo, ngi ku hlazise, ngi ku beke u be njengombonelo.
7Ku ya kuti pela ukuba bonke aba ku bonayo, ba baleke kuwe, be ti, uNineva u citekile: ubani wo wu haukela? ngo ba funelapi wena abaduduzi na?
8U lungile wena ku noNo-Amoni yini, o be u hlezi ngasemifuleni u pahlwa amanzi, okubiyelwa kwawo kwa ku ngulwandhle nodonga lwawo lwa ba selwandhle?
9Amandhla awo a be uKushi noEgipite, futi ukukala kwawo kwa ku ngeko; abasizayo bako ba be uPuti noLubimi.
10Wona nawo u hambile u dedela ekutunjweni, futi abantwana bawo ba fohlozwa esihlokweni kuzo zonke izindhlela; ba ti ba ponsela abadumileyo bako ngenkato, futi izikulu zonke zako za botywa ngamaketanga.
11Wena u ya dakwa; u zo siteka; futi wo funa indawo ebiyiweyo ngabo abazondi.
12Izinqaba zako zonke zi njengemiti yomkiwane i namakiwane a vutiwe kuqala: uma a zamaziswa a ya kuwela na semlonyeni wodhlayo.
13Bheka abantu bako ba izifazana pakati kwako: amasango ezwe lako a vulelwe kakulu kuzo izita zako; umlilo u dhlile imivalo yako.
14Ma u zakele amanzi a be a okubiyela, qinisa izinqaba zako, ngena ebumbeni, u xove udaka, wake incwaba yesitini yokutyiswa.
15Lapo umlilo wo ku dhla wena, inkemba yo ku nquma, yo ku dhla njengezinkasa; ma u zandise njengezinkasa, u zandise njengezinkumbi.
16Wena wandisile abatengi bako njengezinkanyezi zezulu: isikonyana si zidhlela, zi buye si ndize.
17Abahlobileyo bako ba njengezinkumbi, ababusi bako ba njengesikonyana esihlezi odongeni ngosuku olu makaza, kepa ilanga li puma, si ya suka, a yaziwa indawo yaso lapo si kona.
18Abalusi bako ba lele, Nkosi ya se Ashuri, izikulu zako zo hlala otulini; abantu bako ba ya hlakazeka ezintabeni, a kuko no ba butayo.
19A kuko ukupolisa ukucobozwa kwako, ukugalelwa kwako ku buhlungu: bonke a bezwa indaba yako ba zo tyaya izandhla pezu kwako ngokuba pezu ku kabani ukonakala kwako a ku dhlulelanga njalo na?