1OCITAYO u kupukile pambi kobuso bako, ukugcina inqaba; linda indhlela, qinisa izinkalo zako, qinisa amandhla ako kakulu.
2Ngokuba uJehova u buyisile ukupakama kwa seJakobe, njengokupakama kwa seIsraeli: ngokuba abatululayo ba ba tululile, ba bulalile amahlamvu ezinwazi zabo.
3Isihlangu samaqawe ake si guqulwe sa ba bomvu, amadoda a iziqwaga ambete okubomvu: izincwele zi nokucwazimula kwezinkemba ngosuku lokulungisa kwake, ko ti imikonto i zanyazanyiswe.
4Izincwele zo hlanya ezindhleleni, zo hambahamba emendweni ebanzi; ukubonakala kwazo ko ba njengezibane, zi gijima njengemibane.
5Wo kumbula izikulu zake: zi zo kubeka ekuhambeni kwazo; zo tyetyela ezindongeni zayo, isibekelo si zo lungiselwa.
6Amasango emifula a ya kuvulelwa, indhlu enkulu i ya kudilizwa.
7Ko ti uHuzabi wo zibukulwa, wo kutyulwa, nezincekukazi zawo zi bubula njengezwi lamajuba a beta pezu kwezifuba zawo.
8Kepa uNineva u njengecibi lamanzi kwa semihleni yamandulo: noko ba zo baleka, be ti, Yimani, yimani, ku ngeko o bheka emuva kodwa.
9Pangani isiliva, pangani igolide, kepa a kuko ukukaula kwengcebo, nokukazimula kuzo zonke izimpahla ezifunekayo.
10U ize, u tululile, u citekile, futi inhliziyo i ya ncibilika, amadolo a ya xega, ukututumela ku sezinkalweni zonke, imibuso yonke i ya zuza ukuvuta.
11Ipi inhlalo yezingonyama, nayo indawo yokudhla yezingonyama ezintya, lapo ingonyama e ibubesi elibodhlayo li zihambela kona, neundhlu lengonyama, ku ngeko o zetusayo?
12Ingonyama i ya dwengulela okwanele amaundhlu ayo, i pindisela izingo nyamakazi zayo, i gcwalise imigodi yayo okudatyuliweyo, nezinhlalo zayo okwapuliweyo.
13Bheka ngi nga kuwe, u tyo uJehova wamabandhla, ngo ti ngi tyise izincwele zawo emusini, futi inkemba i ya kudhla izingonyama ezintya zako: ngo nquma nempango yako emhlabeni, a li sa yi ku zwiwa pela izwi lezitunywa zako.