1KWA ti ngesabata lesibili emva kwelokuqala, wa dabula emasimini abafundi bake ba zika izikwebu, ba dhla, be zi hlikihla ngezandhla.
2Kepa abanye abaFarisi ba ti kubo, Nenzelani okungafanele ukwenziwa ngesabata na?
3uJesu wa ti kubo, A ni fundanga ini okwenziwa uDavida, msukwana e lambile, yena naba be naye?
4Ukuti wa ngena endhlini ka Tixo, wa tabata izinkwa zokubhekelwa, wa dhla wa ba pa aba be naye, ezi nga fanele ukudhliwa umuntu, abapristi kupela?
5Wa ti kubo, Indodana yomuntu i Nkosi neyesabata.
6Kwa ti ngelinye isabata wa ngena endhlini yokusonta, wa fundisa; kwa ku kona umuntu osandhla sake sokunene si shwabene.
7Ababali nabaFarisi ba m linda, uma u ya kupilisa ngesabata, ukuba ba m tolise icala.
8Kepa wazi ukuzindhla kwabo, wa ti kumuntu o nesandhla esishwabeneyo, Suka u me ngapakati. Wesuka wema.
9uJesu wa ti kubo, Ngi ya buza ngi ti, I kupi okufaneleyo ngesabata na? ukwenza okulungileyo nokwenza okubi? ukusindisa umuntu nokubulala na?
10Wa ba bhekisisa bonke, wa ti ku lomuntu, Yelula isandhla sako. Wenze njalo; isandhla sake sa piliswa, sa ba njengesinye.
11Ba tukutela kakulu, ba buzana ukuba ba za kwenzani kuJesu.
12Kwa ti nga lezozinsuku wa puma wa ya entabeni ukukuleka: wa e kona ubusuku bonke ekukulekeni kuTixo.
13Se ku sile wa bizela kuye abafundi bake, wa keta kubo aba ishumi nambili, a ba qamba igama lokuti abapostoli;
14uSimone, a m qamba igama lokuti uPetro, noAndrea umfo wabo, uJakobe noJohane, uFilipu noBartolome,
15uMateu noTomasi, uJakobe ka Alfeu noSimone o tiwa uZelote.
16uJuda umfo wabo ka Jakobe noJuda uIskarioti, owa m nikela.
17Wehla nabo wema endaweni e itafa, nabafundi bake abaningi, nesixuku esikulu sabantu aba vela kulo lonke iJudia, na seJerusalema, na sezweni la seTire neSidone nga selwandhle, aba be zile ukumuzwa nokupiliswa ezifweni zabo.
18Nabakwelwe omoya ababi; ba piliswa.
19Abantu bonke ba funa ukumpata, ngokuba kwa puma kuye amandhla, a ba pilisa bonke.
20Wa bheka abafundi bake, wa ti, Ni busisiwe nina bampofu; ngokuba umbuso ka Tixo u ngowenu.
21Ni busisiwe nina balambileyo kaloku; ngokuba ni ya kusutiswa. Ni busisiwe nina bakalayo kaloku; ngokuba ni ya kuhleka.
22Ni busisiwe nxa abantu be ni zonda, ba ni lahle, ba ni tuke, ba li dele igama lenu kungati libi, ngenxa yeNdodana yomuntu.
23Jabulani nga lolusuku, ni tokoze, ngokuba umvuzo wenu umkulu ezulwini; oyise babo benza okunjalo kubaprofeti.
24Kodwa nako kinina bacebileyo; ngokuba se ni yamkele intokozo yenu.
25Nako kinina basutiyo, ngokuba ni ya kulamba. Nako kinina bahlekayo kaloku; ngokuba ni ya kukala ni lile.
26Nako kinina, nxa abantu bonke be kuluma kahle ngani; oyise babo benza okunjalo kubaprofeti bamanga.
27Kepa ngi ti kinina enizwayo, Tandani izita zenu, ni pate kahle abanizondayo.
28Ni busise abanitukayo, ni ba kulekele abanihlebayo.
29O ku tyaya esihlatini, m nikele nesinye; o kwamuka ingubo, u nga m nqabeli nebantyi.
30Ba pe bonke abacelayo kuwe; nokwamuka okwako, u nga buyi u ku bize kuye.
31Njengaloku ni tanda ukuba abantu benze kinina, nenze njalo kubona.
32Uma ni tanda aba ni tandayo, ni nokubongwa kuni na? izoni zi tanda aba zi tandayo.
33Uma ni pata kahle aba ni pata kahle, ni nokubongwa kuni na? zenze njalo nezoni.
34Uma ni ba tyeleka labo e netemba ni ti, ni ya kupiwa ibo, ni nokubongwa kuni na: izoni zi tyeleka izoni, zi ti, zi ya kupiwa okunjalo.
35Kodwa tandani izita zenu, nenze okuhle, ni tyeleke, ni ngetembi ukwamkeliswa luto; umvuzo wenu u ya kuba mkulu, ni be abantwana boPezulu konke: u mnene yena kwabangabongiyo nababi.
36A ke ni be nomusa njengoYihlo wenu u nomusa.
37Ni nga zindhlekeli, kona a ni yi kuzindhlekelwa; ni nga lahli, kona a ni yi kulahiwa; tetelelani, kona ni ya kutetelelwa;
38Yipani, kona ni ya kupiwa; ko nikelwa esifubeni senu isilinganiso esihle, si cindezelwe, si zanyazanyisiwe, si qongile; ngalesosilinganiso eni linganisa ngaso, nani ni ya kulinganiselwa ngaso.
39Wa shumayela umfanekiso kubo, eti, Impumpute i nga hola impumpute na? a zi yi kukalakatela emgodini zombili na?
40Umfundi a ka pezu komfundisi wake; kepa ilowo opeleleyo u ya kuba njengomfundisi wake.
41U bhekelani isibi esi sesweni lomfo wenu, u nga boni ugongolo olu sesweni lako na?
42U nga tyo kanjani kumfo wenu ukuti, Mfo wetu, a ke ngi kipe isibi esweni lako, u nga boni wena ugongolo olu sesweni lako? Mzenzisi, qala u kipe ugongolo esweni lako, kona u ya kubonisisa ukukipa isibi esweni lomfo wenu.
43A ku ko umuti omuhle o tela isitelo esibi, nomuti omubi o tela isitelo esihle.
44Imiti yonke i yaziwa ngezitelo zayo; amakiwane a ka kiwa emeveni, ne zinhlamvu zevini a zi vunwa ogaganeni.
45Umuntu olungileyo u veza okulungileyo emfuyweni elungileyo yenhliziyo yake; nomuntu omubi, emfuyweni embi yenhliziyo yake u veza okubi; ngokuba umlomo u shumayela ngokuvama kwenhliziyo.
46Ni ngi bizelani ngokuti, Nkosi, Nkosi, ni nga kwenzi engi ku tyoyo na?
47O suka e ze kimi, e zwe amazwi ami, a wenze, ngo ni bonisa lowo a fana naye.
48U fana nomuntu owaka indhlu, wemba wa tyonisa, wa beka isisekelo edwaleni; kwa fika uzamcolo, umfula wa tyaya leyondhlu, kepa wa u nge nakuizamazamisa, ngokuba i bi sekelwe idwala.
49Kepa ozwayo e ngenzi, u njengomuntu owaka indhlu emhlabatini, i nge nasisekelo, umfula wa i tyaya, ya wa masinyane; kwa ba kukulu ukuciteka kwa leyondhlu.