1KWA ti abantu be sa m cindezela ukuba ba li zwe izwi lika Tixo, wema nga selwandhle lwa seGenesareta.
2Wa bona imikumbi emibili i mi nga selwandhle, abalobi ba be pumile kuyo be hlanza amaneta abo.
3Wa ngena komunye kuyo, o ngoka Simone, wa m nxusa ukuba a suke ogwini a qubeke incozana. Wa hlala pansi, wa ba fundisa abantu e semkunjini.
4Se e qedile ukushumayela wa ti kuSimone, Qubekela emanzini, ni wehlise amaneta enu, ni bambe.
5uSimone wa pendula wa ti kuye, Nkosi, se si sebenzile ubusuku bonke, a si bambanga luto; kepa ngezwi lako ngi ya kwehlisa ineta.
6Se be kwenzile loko, ba bamba izinhlanzi eziningi kakulu, la dabuka ineta labo.
7Ba qweba abahlanganyele nabo be semkunjini omunye, ukuba beze, ba bambisane nabo. Beza, ba gcwalisa imikumbi yombili, ya za ya ti a i tyone.
8uSimone Petro se e bone loku, wa wa nga semadolweni ka Jesu, wa ti, Suka kimi, Nkosi, ngi ngumuntu o isoni.
9Wa mangala yena, nabo bonke aba be naye ngezinhlanzi, aba be zi bambile.
10Ba be njalo nabo oJakobe noJohane; amadodana ka Zebedi, abahlanganyele noSimone. uJesu wa ti kuSimone, U ngesabi; kaloku se u za kubamba abantu.
11Se be zisile imikumbi nga sogwini, ba shiya konke ba m landela.
12Kwa ti e semzini otile, bheka, umuntu o kwelwa ubulepero emzimbeni wonke, e m bona uJesu, wa wa ngobuso, wa kuleka kuye, e ti, Nkosi, uma u tanda, u nga ngi hlambulula.
13Wa selula isandhla sake, wa m pata, e ti, Ngi ya tanda; hlambululeka. Ubulepero besuka kuye masinyane.
14Wa m yala ukuba a nga tyeli muntu; kodwa wa ti, Hamba, u zibonise kumpristi, u nikele ngokuhlanjululwa kwako njengomteto ka Mosi ku be ukuqinisa kubo.
15Kodwa indaba yake yezwakala kakulu; abantu abaningi ba butana ukumuzwa nokusindiswa uye izifo zabo.
16Wemuka wa ya ehlane, wa kuleka.
17Kwa ti ngolunye usuku, e sa fundisa, ba be hlezi kona abaFarisi nabafundisi bomteto, aba be vela emizini yonke ya seGalile, neJudia, neJerusalema; amandhla eNkosi a e kona ukubapilisa.
18Bheka, abantu ba be twele umuntu ngombede, o iparalio, ba funa ukumngenisa nokumbeka pambi kwake.
19A ba fumananga ituba lokumngenisa ngenxa yabantu, ba kwela pezu kopahla, ba bobosa isitini, ba m ehlisela kanye nombede ngapakati pambi kuka Jesu.
20Se e bonile ukukolwa kwabo, wa ti kuye, Ndoda, u tetelelwe izono zako.
21Ababali nabaFarisi ba qala ukuzindhla, be ti, Ubani lo o shumayela inhlamba na? Ubani o nga tetelele izono, ka siye uTixo yedwa na?
22Kepa uJesu e kwazi ukuzindhla kwabo, wa pendula wa ti kubo, Ni zindhlelani ezinhliziyweni zenu na?
23Ikupi okukulu, ukuti, U tetelelwe izono zako; nokuti, Suka u hambe, na?
24Kepa ukuze nazi ukuba iNdodana yomuntu i namandhla emhlabeni okutetelela izono, wa ti ko iparalio, Ngi ti kuwe, Suka, u tabate umbede wako, u ye endhlini yako.
25Masinyane wesuka pambi kwabo, wa tabata umbede, a be lele kuwo, wa ya endhlini yake, e bonga uTixo.
26Ba mangala bonke, ba m dumisa uTixo, besaba kakulu ba ti, Si bonile izimangaliso namhla.
27Emva kwaloku wa puma, wa bona umtelisi, igama lake uLevi, e hlezi endaweni yokutela imali, wa ti kuye, Ngi landele.
28Wa shiya konke, wesuka, wa m landela.
29uLevi wa m enzela idili endhlini yake; kwa ku kona, abantu abaningi abatelisi nabanye aba be cambalala nabo ekudhleni.
30Ababali nabaFarisi ba konona kubafundi bake, be ti, Ini ukuba ni dhle ni puze nabatelisi nezoni na?
31uJesu wa pendula wa ti kubo, Abapilileyo a ba dingi inyanga, abagulayo bodwa.
32A ngi zanga ukubiza abalungileyo, ngi ze ukubiza izoni zi penduke.
33Ba ti kuye, Ini ukuba abafundi baka Johane ba zile ukudhla kaningi, ba kuleke, njalo naba kubaFarisi, kepa abako ba dhle, ba puze?
34Wa ti kubo, Ni nga benza ba zile abayeni, e se nabo umyeni na?
35Kodwa ku za kufika izinsuku, lapo umyeni e ya kususwa kubo, bandu kuzila nga lezozinsuku.
36Wa shumayela kubo umfanekiso wokuti, A ku ko umuntu o bekela isiziba esitya engutyeni endala; ku nga ti esitya si i dabule, isiziba esitya si nga lungelani nengubo endala.
37A ku ko umuntu o tela iwaini elitya ezimvabeni ezindala; ku nga ti iwaini elitya li qumise izimvaba, li citeke, izimvaba zonakale.
38Kodwa iwaini elitya nga li telwa ezimvabeni ezintya.
39A ku ko umuntu, se e puzile iwaini elidala, o suka a fune elitya; u ti, Li mnandi elidala.